30 Oct
30Oct

Yi Zazi Team

Sekufike isikhathi lapho sibona kufanele makhosi aseNdlunkulu  ka Zulu nezizwe eniziholayo siniqwashise manje ngokuthi kuqhubekani ngokubulawa kwenu kwelikaMthaniya. Labo abalandela ucwaningo nokuhlaziya kwethu kulesi sizindalwazi bazosheshe bakwazi ukuqondanisa izigameko eziwubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi amakhosi abulawelani futhi abulawa wobani...

Inkosi yamaNtungwa ebulewe uSiphamandla Khumalo

Sisungule iphephandaba ezaseMsinga ngowezi-2015, ngaphambidlana nje kokuhlala kweKhomishana kaNhlapho mayelana nombango wobukhosi bamaBomvu aseMsinga, eyahlala eTugela Ferry, eSifundeni sasebaThenjini. Leyo Khomishana yayiholwa wuSolwazi uJabulani Maphalala noMmeli wasemaJajini, uBasil Sikhakhane SC. Sizokwenza isibonelo ngokwavela kulesi sithangami ngombango wobukhosi bamaBomvu ukucacisela nonomlanga esweni ukuthi isizwe sikaZulu sibulawelwa amakhosi nje kungenxa yani.

Imithombo efana nawo-SABC neminye eyimixhantela, noma phecelezi le ebizwa nge-mainstream media, ivamise ukuthi uma ilubika udaba lokubulawa kwamakhosi kwelikaMthaniya ilukhwashuze ngamabomu ngenhloso yokudukisa umphakathi ngokubandakanyeka kukahulumeni kanye nabelungu abangamasela omhlaba ekubulawenu kwenu makhosi oselwa.

Nizokhumbula ukuthi sike sakuveza ekhasini lethu lika-Facebook ukuthi iqembu leNkatha elihola uMasipala waseMsinga lazama ngazo zonke izindlela ukuthi iphephandaba ezaseMsinga lingasukumi nhlobo phansi, lindize. Ukube kuya ngabo ngabe asikhiphanga ngisho olulodwa ushicilelo lolu. Sekuyasicacela manje ukuthi inkinga yabo ngokufika kukaSbu Ngubane oThukela (Tugela Ferry) ngowezi-2015 ezosungula iphephandaba lo mphakathi waseMsinga kwakumayelana nokushanelela ngaphansi kwezinyawo onke amabibi ayezovela ngeqembu leNkatha kuleKhomishana kaNhlapho ngenyanga elandelayo. Ukube iphephandaba ezaseMsinga alisungulwanga nhlobo, lo mlando ngokuxoveka kobukhosi bamaBomvu aseMsinga ngabe awaziwa muntu.

Kunomfana onobuso obukhulu, omfomayo nje lokhu kwesinana, esagcina esebenza kwaCogta owazama ukuthi enze kube nzima ukuthi ezaseMsinga zibike ngalolu daba. Wayelokhu ekhwishiza kuhlezi iKhomishana evungazela into engathi shu. Lo mfana kugcine kuvelile ukuthi uyisigebengu okudala sigila imikhuba eMnywangweni wakwaCogta. Yizo lezi zimpisi ezangena kwahulumeni kusaphethe iqembu leNkatha eSifundazweni ngowe-1994, kwathi uma sekuthatha uKhongolose ngowezi-2004 awabaxosha, ukuze baqhubeke badlalele iNkatha noma ingasaphethe. Akubuzwa ukuthi kwaCogta kukhona abaholi abakuKhongolose abasebenzisana nobuholi beqembu leNkatha ukwenza intando kaButhelezi.

Lokhu kucace bha ngokuthi uCogta wemukele igama likaMntwana uMisuzulu  njengeSilo sikaZulu, nobethwelwe ngeqoma owayenguNdunankulu kaZulu uMangosuthu Buthelezi yize iNdlunkulu ka Zulu, abanikazi bezwe, babephakamise igama leSilo esingakabekwa wuhulumeni, uSimakade ka Zwelithini. Noma iyiphi inkosi eyinkosi ngokuqondile kwelikaMthaniya iyazi ukuthi uNdunankulu wesizwe akanalo ilungelo lokuqoka iSilo noma inkosi ezophatha uma sekukhotheme uyise. Lowo kuba wumsebenzi weNdlunkulu. Umsebenzi kaNdunankulu ukuthatha isinqumo seNdlunkulu asedlulisele esizweni.

Namanje zibuze ukuthi kungani iphephandaba leNkatha elihlala lizishaya isifuba njengomthombo obhekelele ezamasiko nesintu Ilanga, lingazishicileli izithangami ngemibango yobukhosi kwelikaMthaniya. Nephephandaba likaNhlanhla Mtaka imbala, leli okuthiwa yiBayede, asilibonanga nhlobo kulesi sithangami esasihleli eBaThenjini ngobukhosi bamaBomvu, yize lizishaya isifuba nalo ngokuthi liyiso ngezindaba ezithinta ubukhosi bukaZulu. Uyabubona ubuwesheweshe la?

Yingoba omabili la maphephandaba, ngokubona kwethu, ayingxenye yetulo lokufihla konke okuvelayo ezigcawini zeKhomishana kaNhlapho ngoba kusenamakhosi eSifundazweni sakwaZulu-Natal ahleli ezihlalweni zobukhosi ngomvundla, ahlonywa nje ezihlalweni ngenkani wumbuso wobandlululo uhlangene nomholi weNkatha uButhelezi esaphethe uhulumeni wakwaZulu ngoba ekhuza iziqubulo ezithile zepolitiki. IKhomishana kaNhlapho iyinkinga kulaba bantu ngoba ivundulula le milando okungafanele ifike ezindlebeni zemiphakathi eyaxhoshwayo ngokuxovwa kobukhosi boselwa wuhulumeni wobandlululo ukufeza izinjongo zawo ezithile zepolitiki.

Umlando ovelayo kumanje njengoba sekunenkululeko yezokubika izindaba ngokungachemile uthi ngesikhathi sika hulumeni wakwaZulu obuholwa yiNkatha ngaphansi kukahulumeni wobandlululo, bekwenziwa isiqiniseko sokuthi uma unguMntwana ongahambisani nepolitiki yenkosi yakwaButhelezi uMangosuthu, awuqokwa ukuba yinkosi yesizwe sakini kwelikaMthaniya. Uma bewu nguMntwana wasebukhosi ongahambisani neqembu leNkatha abelungu bebekuvimba ukuhlala esihlalweni ngoba awuzuvuma ukusetshenziswa uma abelungu kunomnotho wezimbiwa mhlawumbe endaweni oyiphethe okufanele bawumbe, bawuhlohle eziswini zabo abantu basale bencela izithupha.

Thina maBomvu aseMsinga sikubone ngosi lokhu ngesikhathi besebenzisa inkosi uPano ukuqhatha isizwe samaBomvu namaKhabela ngamahlathi, okuthe uma ewashiya umlungu obesekhokhelwe wuhulumeni ngawo ukuze umhlaba ubuyiselwe kubantu, wavele wanyamalala ngaphandle kokucacisa ukuthi lo mhlaba wayewuthathe kusiphi isizwe phakathi kwamaKhabela namaBomvu, ukuze kusuke umbango, zilwe zodwa lezi zizwe ukuze uma sebebulalene bodwa abantu, abuye ufeleba azoyidla futhi le ndawo. Sekuvelile manje ukuthi omabili la makhosi; uDlomo noPano Ngubane, bebengamathe nolimi noButhelezi futhi basezikhundleni nje babebekwe wuye ezihlalweni.

Kukhona okusha ngalokhu?

Ake sibuke imikhuba ka-Theophelus 'Somtsewu' Shepstone esaphathiswe ezokuBusa nobuHoli boMdabu kwaZulu-Natal wuhulumeni wamaNgisi. Bekuthi uma kunenkosi yakwaZulu ebingahambisani nombuso wamaNgisi, lo mlungu ayehlise esihlalweni abeke induna noma umuntukazana nje oyincelebana yamaNgisi abuse isizwe, inkosi iphendulwe umuntukazana esizweni sayo. Futhi kuzokwenziwa isiqiniseko ukuthi lowo muntu ozothatha isihlalo umyetheyethe nje kavumazonke, ozoba wumlomo wabelungu, bese enithwesa ijoka elinzima emahlombe sengathi isitilobho lesi siboshelwe wuye kanti unidonsisa igeja labelungu.

Phakathi kwamacala eyayibekwe wona inkosi uPano abaNtwana baseNdlunkulu yamaBomvu kukhona nawokweba impahla yesizwe ayenze eyakhe, njengoba nasemhlanganweni kwavela ukuthi kunenkomo eyayinombango emndenini wakwaFuneka eyagcina isiswe kuyo inkosi eHholwane ukuze uma kutholakala isixazululo ngayo ibuye, ayangabe isatholakala leyo nkomo.

Akuwona umkhuba weNkatha lo? Ukuqola abantu izinto zabo njengasematekisini? Emhlanganweni owawuseNhlonga ngowezi-2016 mayelana nokubusa kwenkosi uPano kwavela nokuthi uma uthi uyobika enkosini ufokofiswa wunkosikazi wayo uyindoda. Akuwona umkhuba owenziwa abasakazi beNkatha laba abagcwele laphaya oKhozini, ukwedelela abantu besilisa bebabiza ngabadlwenguli nezehluleki zonke izinsuku emoyeni? Makhosi akwaZulu nithule nithini izwe lifa silibhekile? Thina ngale ngakithi eMsinga umfazi akabulawa ngisho kuliwa impi, ngoba siyayihlonipha inzalabantu. Manje lo mkhuba wokukhweza abafazi phezu kwamadoda uvelaphi ngoba wumuntu wesifazane lo ogiya ngethambo lamadoda kulowamsakazo, ewabiza ngabadlwenguli. 

Esathathwaphi lesi silima esingakaqondi namanje ukuthi udlame lwemindeni, ikakhulukazi emiphakathini empisholo, ludalwa ububha nokweseleka kwemisebenzi ezweni. Kunokuthi isilima sikhulume ngabelungu abehluleka ukudala amathuba emisebenzi ezweni, sigxeke nokunqwaha kwabo nemihlaba eyathathwa kubantu okungabe baziphilisa ngayo njengoba kwentuleke imisebenzi nje, sisukela umuntu wakubo ongenacala ngoba nakhu akasiphakeli, sivikela abelungu ngoba nakhu bayasiphakela wena owabona inja le efuywa egcekeni ikhonkotha ngisho inyoni le endizayo ukuze ilale idlile.

Sijabule kakhulu thina uma sizwa ukuthi sekunoSihlalo omusha wamakhosi kwaZulu-Natal ngoba sadumala kakhulu uma obenguSihlalo osephumile inkosi uPhathizwe Chiliza ethi emsakazweni ukubulawa kwamakhosi akuhlangene neze nezombusazwe. Asimazi uNdabezitha ukuthi wayekuthathaphi lokho ngoba amaBomvu aseMsinga ahambe aze ayohlanganisa amakhanda noMnu Jacob Zuma esenguMengameli wezwe ngezinkinga zobukhosi bamaBomvu ngaphansi kwesandla soMntwana uPano, ecela isixazululo kodwa wasonga izandla. Ila kusicacele khona thina ukuthi inhlangano ebusayo kaKhongolose ayinandaba nezinkinga ezibhekene nobukhosi boselwa ezweni ngoba, njengabelungu, ibufuna bufile.

Asimangalanga nayo uma isivuna isinqumo sikaButhelezi ngeSilo esizobusa emva kukaMdlokombane yize singaqokwanga yiNdlunkulu ka Zulu, ngoba kuyacaca ukuthi isimdibi munye nabelungu abafisa kuphele nya ngobukhosi bukaZulu ukuze kudliwe imihlaba yabantu le yiNdlovukazi yamaNgisi.

Ngowezi-2015 iKhomishana kaNhlapho ebihleli eMsinga ngobukhosi baseMabomvini icacisele ngisho ingane encane ukuthi izinkomishi beziphanjaniswa kanjani ngabomu wuhulumeni wakwaZulu owawuholwa yiNkatha uhlangene nowobandlululo, ukuze kugcine kuhleli uMntwana ongaqondene nesihlalo ebukhosini kufe isizwe.

Umzekelo nje: Akekho obengazi emaBomvini aseMsinga ukuthi uMntwana uKhetheyakhe wayebambele uMntwana uMbekeni Ngubane  esikhundleni, okuthe angakhothama uMntwana uMbekeni kwaphanjaniswa izinkomishi, ubukhosi babuyela endlini amaBomvu ayesenqume ukuthi abusayuphinde bubuyele kuyo ngalesi sizathu:

Ngonyaka we-1960 kusuke impi yoMbithi eMabomvini, kwabulalana inqwaba yabantu, ikakhulukazi abasebasha, ngempi yezihosha. Le mpi yayingajwayelekile ngoba kunokuthi kulwe izigodi noma iziFunda njengokwejwayelekile, lana kwaqembukelana izigodi zalwa zodwa kwashona inqwaba yabantu. Ngaleso sikhathi eMabomvini bekubusa inkosi uMahlokohloko.

Kuthe isalwa le mpi kwavela izinsolo ukuthi inkosi ayiveli nazixazululo nje yingoba nayo ingene shi empini, ithatha amacala kunokuthi ilamule. Yabekwa amacala inkosi yisizwe ngokwehluleka ukuba wumzali esizweni esiphethe. Yadingiswa ngonyaka we-1961. 

Ngokocwaningo lwethu ngaleyampi; akukho muntu owake wayilwa ongakuchazela ukuthi empeleni kwakubangwani. Izimpi ezifana nalezi zivamise ukuqhathwa abelungu. Unyaka eqale ngayo le mpi wunyaka ofanayo nalowo okwadutshulwa ngawo inqwaba yabantu abamnyama ababebhikishela ukuphathwa kodompasi eSharpeville eGoli ngowe-1960.

Sithola ukuthi ukwanda kwezibhamu eMsinga nokubhebhezeleka kwezimpi zezigodi nezifunda kwaqala ngalezi zikhathi. Azikho ezinye izimpi ezinqala esizitholayo emlandweni waseMsinga eziqoshwe phansi ngokuchitheka kwegazi ngalendlela okwenzeka ngayo ngempi yoMbithi. Okwenza abelungu basolakale ukuvela kwegama le nkosi uMahlokohloko phakathi njengomqhathi kunomlamuli. Umbuzo-ke uthi wubani owayegcobe inkosi uMahlokohloko ngaleso sikhathi uma kungewona uhulumeni wobandlululo? Ungezwa kuthiwa igama lenkosi liyavela ekuqhathekeni kwabantu ebaphethe, kumele uqonde ukuthi kunomlungu waseNtshona phakathi.

Ikhona nje indoda eyagcina ingusomatekisi eNhlonga esizwa kuthiwa yayisekhaleni lokuqhatha leyampi. Kuthiwa bekuthi ingasuka nje le mpi bese 'iyaboshwa'. Bathi-ke abalwazi kahle udaba beyizibophisa, ijike ingayilwi impi ize iphume ejele ngoba isidambile. Kuthiwa yayisondelene kakhulu nenkosi uMahlokohloko ngoba noma isinukekile ekumbandakanyekeni kwayo inkosi kulolu dlame, kuthiwa ithe isathethiswa amacala yisizwe samaBomvu, yasuka esigodlweni sayo kwaMbhono yazohlala kwalendoda ngaphesheya koThukela, eNhlonga. Kuthe uma liyilahla inkosi icala lesizwe, isidingisiwe eMabomvini, yawelela ngaphesheya koThukela eNkandla yayobhaca khona iminyaka engama-11 yonke.   

Umfowabo omncane kalowo iKhomishana kaNhlapho emhlonze njengofanelwe yisihlalo sobukhosi bamaBomvu uma kuphuma uMntwana uPano, inkosi engakabekwa wuhulumeni weSifundazwe uSenzani Ngubane; uMntwana uSifiso Ngubane, elinye igama akhule ebizwa ngalo eMabomvini wuNyama, seliphelele okunguNyamazempi, ngoba wazalwa ngesikhathi salemfazwe yempi yoMbithi.

Ngokwazi kwethu kwathi uma kuphela le mpi, amaBomvu ahlangana, athatha isinqumo sokuthi ubukhosi abusayuphinde bubuyele endlini kaMahlakohloko. Njengoba sekuvela uhulumeni weNkatha ngeKhomishana yowe-1985 ngaphansi kukaButhelezi usububuyisela khona.

Kungabe Inkatha ibingawazi lo mlando? Njani ngoba wonke umlando usezinqolobaneni Olundi? Bebewazi kahle lo mlando kwazise abelungu abebesekhaleni laleyampi yoMbithi bawuqopha. Pho kunganhloso yini ukuthi iNkatha ibuyisele ubukhosi bamaBomvu endlini isizwe samaBomvu esase sinqume ukuthi abungasabuyiselwa kuyo na?

Yingoba uButhelezi akasoze ambeka ebukhosini umuntu ozodala ukuthula noxolo phakathi kwamaZulu. Buka imikhuba kaMntwana uMisuzulu. Sikhuluma nje akasafiswa muntu. Yingoba futhi abelungu babazi njengabaqhathi baleyampi yoMbithi ukuthi babeyisebenzise kanjani inkosi uMahlokohloko ukuthi ingaveli nasixazululo ukuze abantu abamnyama babulalane baqedane bodwa. Ngakho-ke yiyona ndlu abelungu abayibone kumele iqhubeke la uMahlokohloko agcina khona le. Angithi isiZulu sithi ufuzo luyedlulela.

Labo abangalazi iqiniso ngokusungulwa kweqembu leNkatha abaqondi ukuthi iNkatha le ayisungulwana wumndeni wakwa-Oppenheimer ukuze uButhelezi eze nezixazululo ezinkingeni zikaZulu. Inkatha yasungulelwa ukudala izinkinga phakathi kwesizwe sika Zulu ukuze sihlale silwa sodwa. Ukuze ngesikhathi uZulu ulwa wodwa behle kahle ubuthongo kubelungu ebusuku. Angeke ukwazi ukulawula izigidi zabantu njengomlungu oyiqeqebana nje elingatheni uma ungabaqhathi bodwa.

Nasempini yasOlundi, babengeke bamnqobe uJininindi Omnyama ukube lalingekho imbuka elifana noZibhebhu ka Maphitha kanye namaNdiya, lawa okwathi uma sebenqobile bawaholela ngomnotho wezwe likaMthaniya (both corporate and cities) njengoba esawuqhoqhobele namanje, amaBhunu bawakhohlisa ngamapulazi. Yimiklomelo evela eNdlovukazini yamaNgisi yonke le ngokuyelekelela ilwa no Zulu. 

Izinhlamba namazwi angukucwasa uMahatma Gandhi ayezibhekise kubantu abamnyama eMzansi wayezifunzwe amaNgisi. Akulona iqiniso ukuthi amaNdiya afike la eMzansi eyizigqila. Ayelethelwe ukuzokwelekelela amaNgisi ukulwa noZulu eSandlwana. Yase yazi iNdlovukazi yamaNgisi ukuthi umbango owawuqhubeka phakathi kwamakoloniyali noZulu uzophelela empini, yaletha amaNdiya ngomkhumbi sazigqila zomoba kanti kuxhoshwa thina, wudibi lwempi lolu.

Abelungu sebeyasazi isibindi sikaZulu ekulweleni umhlaba wawo, yingakho nje ngaso sonke isikhathi bedinga uZibhebhu ozowaqhekeza phakathi ngokwepolitiki noma ngokwenkolo imbala, abhekane wodwa ngeziqu zamehlo. Lowo Zibhebhu muva nje kube wuButhelezi ngokusungula iqembu leNkatha ngowe-1975 kungenasidingo, ibe ikhona inhlangano ebeyingukhukhulelangoqo wokumanyana kwabantu abamnyama uKhongolose, ukuze uqhekeke phakathi. Noma wawusekudingisweni ngaleso sikhathi, kwakufanele yena avule umshoshaphansi wawo ngaphakathi ezweni, avukuze uhulumeni wengcindezelo, nokho wathengeka.

Ukhona kulenhlangano ebhekelele ukuthula ezizweni zoMsinga ziphelele; Ubumbano lo Msinga, oke wabuza uMshicilelei wezaseMsinga uSbu Ngubane ukuthi ucabanga ukuthi kwenziwa yini iNkatha ayangawuxhasa umhlangano wokuletha uxolo phakathi kwezizwe zaseMsinga owawuhlezi ehholweni kwaMabaso ngoMeyi ka-2015.

USbu wabuza lo mholi umbuzo owodwa nje ukuthi wake weza yini eMsinga uButhelezi njengoNdunankulu ka Zulu ukuzobhula umlilo mhlazana kubheduka impi phakathi kwamaBomvu nabakwaMajozi ngowe-1982? Wathi cha, akezanga. USbu wayesethi kulomholi kungenzeka kanjani-ke pho ukuthi iqembu likaButhelezi, leli eselihola uMasipala waseMsinga namhlanje, lixhase umhlangano wokuletha ukuthula eMsinga? 

Angithi ukungangeneleli kukaButhelezi alamule amaBomvu noMajozi belwa, kunalokho igama lakhe lavela ekuhlonyisweni kwesinye salezi zizwe, kuchaza ukuthi akasona isixazululo ezinkingeni zikaZulu, kunalokho wakhiwa abelungu ukuba wumqhathi nombhebhezeli wodlame kwelikaMthaniya. Manje inhlangano enjengeNkatha ingawuxhasa kanjani umcimbi wokuletha ukuthula emphakathini waseMsinga ngoba iziphilisa ngezinkinga zawo, njengabelungu?

Kukhona oxoxele iZazi ukuthi yena wenqaba ukwenziwa inkabi yeNkatha wuyise. Uthi wathola incwadi engale eMnambithi, kwazise amaselula lawa abengakafiki ngaleso sikhathi, ivela kuyise owayehlala nonina omncane eThekwini, wathi umtholele umsebenzi, akasize ehle. Uthi yeka indlela ayejabule ngayo ezitshela ukuthi uyongena emsebenzini sekuyisikhathi ehleli ekhaya eqhwaya ilahle, okwathi uma efika eThekwini wajabha kabi uma uyise esemtshela ukuthi umsebenzi amtholele wona owokubulala abantu; ubunkabi. 

Uthi wathi uyise angakhathazeki ngezikhali ngoba bazoqala baqeqeshelwe ukudubula ngamaphoyisa kahulumeni wobandlululo ngaphambi kokuthi baqale. Yena nozakwabo azoqeqeshwa nabo kuzothi uma sebephothulile uqeqesho lolo, batshalwe ezindaweni ezifana noBhambayi ukuze badubule amalunga kaKhongolose ngesikhathi kunempi yezepolitiki eThekwini. Ngaleso naleso sidumbu ayezosikhipha uthi wayezoholelwa inkulungwane yamarandi.

Engabe ubani lo owathi intshebe ende, amadevu ensimbi, ukuguga nemisubelo emhlophe yikhubalo lokuxhopha abantu

Lo mfo uthi uyise selo amenyanya lokho futhi akaphindange wakhulumisana naye. Wathi angamane ayogqitshwa zimayini eGoli kunokuhamba echitha igazi labantu angabazi nasejuteni! Akuwona lo mkhuba owenziwa yilezi zingane ezisebenza oKhozini namhlanje, ezinikwa amapheshana kuthiwe azithuke abantu ezingabazi emoyeni ezinhlelweni zomsakazo?

Ngalomzekelo sizama ukunibeka esithombeni nje bo-Ndabezitha ukuthi ininkanke ngakuphi le mpi futhi nishaywa amadoda iningi lenu eniwethembayo. Vele nendlovu idliwa abasondezeli bayo. Abantu laba abangenza noma yini ukuze balale bedlile, ngisho ukupheka izingane zabo ebhodweni imbala, lezi eziphuma la ngaphansi kubo. Kunjena-ke ukungenwa yidemoni lomlungu waseNtshona, wenza noma yini ukuze upende izinzipho, uruje umlomo, uphayizise nezinkophe zokufakwa.

Ugcina usuyisilwane uqobo lwaso, uyawazi umlalandle wekati lentaba okuthiwa yimbodla? Umlungu waseNtshona akakaze abe nonembeza. Le nkolo yabo yobusathane bayigqokisa isigqoko seqembu lezepolitiki noma senkonzo-thizeni uma beyiletha kubantu, bagaxele omathindizinto, kanti sebefakwa kuthelawayeka oqonde esihogweni. Akekho umuntu ophile saka la ekhanda ongalanda ingane yakhe kude le emakhaya, athi ayihambe ithuquzana nabantu engabazi ngenhlamvu. Abantu bakubo nokwenza! Umduma lowo.

Buphume ngale ndlela-ke ubukhosi boselwa endleleni nina beNdlovu enamandla, bawela kubantu abangaqondene nabo. Yibo laba namhlanje ozwa kuthiwa badayisa ngamafa esizwe ebelungwini njengezimbiwa nje. Inkosi eqondile nje ayizikhuhlakhuhli nosopolitiki. Ungabona inkosi isondelene kakhulu nosopolitiki, akuyona inkosi leyo, yimfaduko yabelungu.

Nonke niyazi ukuthi leyandawo ebeyiphethwe yinkosi uSiphamandla inezimbiwa, kanti iNtungwa leli belikholelwa kakhulu futhi nasekubuyisweni komhlaba owathathwa kubantu ngaphandle kwesinxephezelo. Nabu ubufakazi:

Kungenzeka-ke ukuthi inkosi ibulawelwe ukuvikela ifa lesizwe sayo kulabo mhlawumbe abebethi bayayithenga ayangathengeka. Mhlawumbe usetholakele ongadayisa ngefa lesizwe, sekuphendlelwa yena. Nani niyazi ukuthi kunamakhosi asazinikele ekuvikeleni ifa lesizwe sawo, yiwo-ke lawa aqotshwayo kumanje. Musani-ke ukulokhu nizibuza ukuthi nishaywa obani? Nibulawelwa imihlaba yenu le osekukhona abafuna ukuyidla nabelungu baseNtshona.

Bazamile ngale eMsinga ukuqhatha amaBomvu namaKhabela ngamahlathi. Funda udaba ngalezi zinxushunxushu ebezidalwa yinkosi eyafakwa yiqembu leNkatha esikhundleni ngokungekho emthethweni, uMntwana uPano Ngubane kulesisizindalwazi. Nalu udaba.

Uthe esesixove wasiqeda isizwe samaBomvu uMntwana uPano kwazise ubephuphuthekiswa yiwo uMasipala weNkatha laphaya eMsinga, evikelwe futhi nayilowo oke waba nguMphathiswa wakwaCogta ngaleso sikhathi uNomusa Dube-Ncube ekumkhipheni esikhundleni, sahlangana isizwe samaBomvu laphaya eNhlonga zingama-27 ku-Disemba 2016, samehlisa esikhundleni. Okuthe ingabona iNkatha ukuthi uxovisizwe wayo lo akasafunwa muntu eMsinga, amaBomvu asenqume ukuthi ubukhosi abuthathwe yilowo ozohlonzwa yiKhomishana kaNhlapho, dukuduku, wahamba uMntwana uPano emhlabeni.

AmaBomvu awakaze athi akasocongwe uMntwana uPano ngoba mhlawumbe labo abebemsebenzisa bengasazi ukuthi bazokwenzani ngaye. AmaBomvu awathumanga muntu nanhlangano yezepolitiki ukuthi imfake esikhundleni ngewindi. Athi akasuswe esikhundleni nje qha lesi esingamfanele kungene inkosi yokuzalwa. 

Kuyacaca ukuthi inkinga ebese benayo ngaye ukuthi mhlawumbe ubengeke asakwemukela kalula ukubhongcuka, mhlawumbe agcine esededele nezimfihlo thizeni ngabo abehleli phezu kwazo, kuchitheke gula linamasi. UMntwana uPano ubeyilunga eliqavile lesonto lakwaLekganyane i-ZCC eMsinga. Inkosi yakwaMabaso eMsinga, uThembitshe, nayo ebinenkinga ngeNkatha kwazise nayo yaliveza ilaka layo ngokucikwa yindelelo yabaholi baleli qembu emhlanganweni owawuseBhubesini woBumbano lo Msinga, ihambe ngokulandelana noMntwana uPano, ngaso leso sikhali enisaziyo nonke nani okuthiwa yiKhovithi. Ngokubona kwethu lezi zigameko zihlobene.

Namanje sibe nokudabuka okukhulu uma sizwa ukuthi nowayenguMdidiyeli wamabutho amaBomvu, futhi esekhaleni lokuchithwa kwenkosi uPano, uMnu Mthembeni Mntungwa, naye futhi uhambe ngeKhovithi emhlabeni. Ayikho imihlangano abengabi bikho kuyo uMntungwa uma abaNtwana baseNdlunkulu yobukhosi bamaBomvu bedingida izinkinga ezikhungethe isizwe kusabusa uMntwana uPano. Namhlanje njengoba sekuyinto eyaziwayo ukuthi bonke abantu abahambe ngeKhovithi basocongiwe, njengoba kugcine kuhlalukile ukuthi lesi bekuyisikhali nje sokulwa izimpi zepolitiki, kuyacaca ukuthi naye uMntungwa ugitshwe obani.

Ngomzekelo walensizwa yaseMnambithi, sifisa kucacele noma ubani ukuthi uyedwa umuntu onguMzulu oqeqeshelwe ukubulala omunye uMzulu; umlandeli weNkatha. Sikholewa ukuthi ukube amaphoyisa ayawenza ngempela umsebenzi wawo kungabe kade sanqandwa lesi sihlava, kodwa uNgqongqoshe wawo uBheki Cele kubukeka sengathi uyingxenye yalesi sihlava. Uzenza ama-ZP (KwaZulu Police) kwelikaMthaniya.

Uma kungabulawa uMnu Cyril Ramaphosa namhlanje kungashona ilanga sebebanjiwe ababulali. Manje kubambeni ngababulali bamakhosi oselwa uma kungekuthi awabulawa yiwo uhulumeni ehlangene namasela omhlaba; okungabelungu baseNtshona?

Siyazi ukuthi umhlaba awubuyiselwa nje kubantu ukuthi abelungu sebenike noma ubani osePhalamende amapulazi. Bathengiwe. Manje ngoba sekuzuze wona amankentshane sekumele belokhu behla benyuka la bekhohlisana nabantu, benza izethembiso angeke bazifeze ukuze bavotelwe. Amaphoyisa ngeke siwashiye ngaphandle kule nto. Yiwona kuphela akwazi ukusoconga umuntu eMzansi ajike angabanjwa. Ungaziphenya kanjani-ke njengombulali ujike uzibophe futhi?

Isixazululo...

Sicela nidilize (download), noma nilalele iseluleko esasithumelela iSilo samaSwati uMakhosetive ngesixazululo kulezi zinkinga enibhekene nazo. Leso seluleko sitholakala kulesi sizindalwazi ekhasini okuthiwa Amandla Radio. Nayi ilinki. Ngale kwalokho nizoqothwa niphele nya. Nijikelwe yidlozi lenu, ligadla ekhaya. Ikhona inyanga enganelapha, isezweni lase-Russia. Nikelani khona madoda, kubi uma kunje. Selo enze njalo uMswati, awaphindanga amkhonkotha la mankentshane.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING