02 Mar
02Mar

Yi Zazi Team

UJaji uMadondo uyasetshenziswa nje qha yilabo abacabanga ukuthi ngoba nakhu uyindoda uMshicileli wezaseMsinga Newspaper uSbu Ngubane ake asondelana nayo, kuzoba nzima ukuthi simembule izinqe uma besebenzisa yena ukubulala ubukhosi bukaZulu. Baqinisile abathi: “There are no permanent friends in politics.” IsiZulu sithi-ke: “Umuntu ulala ephenduka.” 

Madondo, usuthengiwe ngokubona kwethu. Vele amaJaji athengwa mihla namalanga. Kukhona abakwazela kona mhlawumbe emsebenzini Mnquhe,  manje bakubambe ngalowo ngiyosho.  

Obekumele ukwenze namhlanaje ukugxila esicelweni uMntwana uMbonisi abesibeke phambi kwenu njengenkantolo ukuvimba ukugcotshwa kukaMntwana uMisizulu njengeSilo engakhonjiwe yiNdlunkulu, hhayi ukuthi ungene ezindabeni zokuthi ubani ofanelwe wubukhosi. 

Ubungaselona iJaji uma ukhuluma kanjalo ubusuyisithunywa sezitha zikaZulu ngoba akukho cala obuliqula namhlanje mayelana nobukhosi bukaZulu. Bekufanele unqume nje ukuthi uyakumisa yini ukugcotshwa koMntwana ongakhonjiwe yiNdlunkulu noma cha. Kodwa kuyacaca ukuthi kukhona nje abathe sale usugxambukela ezintweni ezingakufaki ndawo.

Ngoba wazalwa wakhulela eMsinga, waqhathwa, ivume le nduku.

UMntwana uSimakade Zulu

ISilo sikaZulu asisoze sabekwa yiJaji, ngale kwalokho kumele niphume imikhankaso-ke madoda nicele amavoti kubantu uma senifuna ukulawula izwe ngokwentando yeningi. Asizuvuma izwe libuswe zinkantolo ezingakhethiwe abantu ngevoti. Amakhosi oselwa kuphela angaqokwa abantu. Sesiyabona namhlanje ukuthi kungani owayenguMengameli wezwe phambilini uMnu Jacob Zuma engakuqokanga njengo Judge President waseKZN. Kukhona akwaziyo ngawe uZuma kwezepolitiki kwazise uke waba yinhloli kaKhongolose phambilini.

Lubucayi kabi lolu daba ogxambukele kulo namhlanje Madondo kungafanele ngoba luphethe izimpilo zabantu nekusasa likaZulu jikelele. Wawukhona yini weMadondo isizwe sakwaZulu sikhokha ilobolo eSwatini? Unabo ubufakazi balokho?

Akesithi-ke bukhona, vele uNdlunkulu uMantfombi wayeyindodakazi yasebukhosini. Uma-ke iSilo uSobhuza sicela ukuthi indodakazi yaso ilotsholwe njengoMntanenkosi phela kwakungenziwa lokho, alotsholwe yisizwe ukujabulisa uyise. Kodwa lokho akusho ukuthi uMdlokombane wakhomba indlu yakwakhe njengezalankosi. 

UMshicileleli wezaseMsinga Newspaper wasola kodwa eseMgungundlovu, uma izinto zakhe sezibhimba ngendlela engacacile kahle qedane wena Madondo wezwakala sewunengosi oKhozini FM, seweluleka ngezamasiko, into ongayifundele, kanti sekuyaziwa ukuthi kuzosocongwa iSilo uZwelithini qedane kusetshenziswe wena njengombeki weSilo esisha.

Izinto zenu zihlelwa kusenesikhathi. Angithi yilo futhi uKhozi FM olwaqhakambisa uThemba Njilo njengo 'Msamariya' olungileyo, kanti usecijelwa ukuthi ayophanyekwa laphaya esitulweni sobuMeya baseMsunduzi ukuze kusetshenziswe lowaMasipala njengesiphaza sokuqhuba imikhankaso kaRamaphosa kuyiwa eNasrec. 

Sekuwumlando ukuthi uNjilo uwushiye lowaMasipala ulele phansi ngesisu, namanje awukabuyeli esimweni sawo. Ukhozi FM lolu owawusunengosi kulo yisitha esaziwayo sikaKhongolose kanye neRadical Economical Transformation. Waze wabonakala nasemaphephandabeni ayengakunakile phambilini sonke lesi sikhathi njengeBayede nje, sekukhulunywa kamnandi ngezincwadi zakho ozibhalayo ukuthi kukhona osekushaya amanzi. Ngabe wawusugingiwe ngempela Mnquhe?

Waze wakubuza ngelinye ilanga uSbu Ngubane ukuthi yindoda angayethemba yini le engumshayeli wakho ngoba esebonile ukuthi kukhona okunuka santungwana ngayo. Lathini elakho? Wathi yindoda angayethemba leya yize ayesekutshelile ukuthi iyisihlobo sabantu abasoconga oMnu Mzayifani noGedlezi Ngubane eMsinga. Umngcwabo walezi zishoshovu zika-ANC wawethanyelwe nawuDkt. Zweli Mkhize. Bobabili labasunguli be-ANC Inadi Branch kwi-Inkosi Bhambatha Region kanye nomfowabo owaphangalala ekuhlaselweni babelalelwe unyendle amalunga aziwayo eNkatha, kumbandakanya nowayeyiphoyisa esiteshini sasoThukela. Lelo phoyisa asikhumbuli liboshwa.

Okwaziwa yisizwe sikaZulu ukuthi uMdlokombane wayengaqokanga uMntwana uMisuzulu njengozothatha emva kwakhe, wayeqoke uMntwana uLethukuthula. Uma lokhu okushoyo namhlanje enkantolo kuyiqiniso ukuthi uMntwana uMisuzulu ufanelwe yiSihlalo, kungani pho uMdlokombane engamqokanga esaphila, kunalokho wakhomba uMntwana uLethukuthula njengozothatha isihlangu sakhe? Nisihlukumezelani kangaka iSilo sesizilalele?

Uphazame kakhulu kulolu daba Mnquhe. Bakuqhatha nesizwe sika Zulu wonkana. Wena uzalelwe eMabomvini aseMsinga. Nguwena owawuphansi phezulu ulwela ukuthi ubukhosi buthathwe uMntwana uSenzani Ngubane eMabomvini ngowezi-2004, ube wazi kahle ukuthi uMntwana uSenzani akazalwa wunkosikazi wasebukhosini bakwaNcwane kodwa wunina owayekhonjwe yinkosi uMayizekanye ukuthi amzalele inkosi. 

Wawungasho ngani ukuthi ubukhosi abuhlale endlini yowayeyinkosi yaseMabomvini uMahlokohloko pho, kwazise unina wenkosi uKhethokwakhe eyayiphethe ngaleso sikhathi uMaGcumisa uzalwa ebukhosini bakwaSwayimane kodwa wayengalotsholwanga yisizwe samaBomvu njengoMaNcwane?

Wajika umuntu. Namhlanje gwiqiqi, sewedukisa izwe uthi yindodakazi yasebukhosini ezala inkosi. Uyithathaphi leyonto? 

Lokhu kuchaza kona ukuthi wazi kahle Madondo ukuthi ubukhosi abuhambi ngokuthi unina woMntwana ozobusa uzalwa ngubani, buya ngendlu ekhonjwe wumunwe wenkosi noma iSilo esikhothemeyo. Kuyenzeka leyondlu kube ngeyomuntukazana. 

Njengoba uMdlokombane ayekhombe uMntwana owasocongwa eGoli uLethukuthula njengozothatha iSihlalo, lokho kunika iNdlunkulu ka Zulu amandla ukuthi iqoke uMntwana embona efanelwe yiSihlalo. Ukwazi kahle lokhu kodwa namhlanje usucula elinye iculo.

MaJaji aseMzansi nilibulele izwe. Sikhathele wubuxoki benu. Baqinisile impela laba abathi uma usufuna ukukhulula izwe emakhamendeleni kumele ushise izinkantolo, izikhungo zamaphoyisa kanye neziteshi zemisakazo. Namhlanje zishisiwe lezi zikhungo e-Ukraine. Ngoba yizona ezivikele abacindezeli ezweni. 

Namhlanje uzakwenu izinqumo zakhe ezidale enkulu inxushunxushu le ezweni kwafa inqwaba yabantu ePhoenix naseGoli uJaji Raymond Zondo ube nesibindi sokufaka isicelo sokuba wuMehluleli Omkhulu (Chief Justice) wezwe, ebe azi kahle ukuthi yizinqumo zakhe ezibudedengu ezazivalele owayenguMengameli uJacob Zuma ejele ngokungekho emthethweni kwasha izwe. Nawe ngabe usuthenjiswe ukuba uJudge President waseKZN yini weMnquhe?

Nokho-ke uJaji Zondo yisambane esawumba asangawulala kwazise akumsizanga ngalutho ukubethela uZuma esiphambanweni engenacala. Uyoze afe ehleli la ehleli khona. Akasoze abe uChief Justice eMzansi. Wayengamgweba ngisho intambo uZuma ukuze azibone esenguMehluleli Omkhulu. Wavuma ukusetshenziswa njengeduku lamafinyila wajike wantshingwa emgqonyeni kadoti.

Siyadumala-ke nawe uma namhlanje ususetshenziswa ukuthi ususe imfazwe kwelikaMthaniya. Ukuncome kakhulu noButhelezi namhlanje. Ubekhuluma ngawe sengathi ukhuluma nge-comrade lakhe elidala. Buka nje imihlola eseniyenzile njangamaJaji ngesonto lakwaShembe. Leliyasonto njengamaJaji niyaliklinya kancane kancane ukuze ekugcineni kuphele nya ngalo. Uma nibulala izisekelo zamasiko kaZulu njengamaJaji nibulala isizwe. Asethembe ngelinye ilanga izinkomo ziyongena esibayeni sendoda, ningaphumi nishwiba izandla njengo mfoka Zondo.

Usidukiselani isizwe uHulumeni wesiFundazwe ngomlomo kaSomlomo weSishayamthetho noJaji uMadondo ngesinqumo sokubekwa kweNgonyama, esingakanekwa nasezithebeni na?

Uma senibiza uMntwana uMisizulu ngeSilo ebe engakagcotshwa ngabe kuchaza ukuthi seniyasazi yini isinqumo esesithathwe nguhulumeni kaRamaphosa ngozoba yiSilo samaZulu, yize iNdlunkulu ingakaziswa? 

Abelungu laba abathi delelani iNdlunkulu ka Zulu kanje? Sekuyinina Madondo iNdlunkulu ka Zulu muva nje? USomlomo uze wathi uzomenywa uma esegcotshwa ngokusemthethweni uMntwana uMisuzulu. Kanti ubhulela wena amazolo ukuthi uzokhafulela isizwe sikaZulu ngamathe ebusweni? Aphi amanga ethu uma sithi i-ANC esiFundazweni sakwaZulu-Natal isiholwa ogqayinyanga beNkatha? Umuntu!

Uma kungukuthi isinqumo senisithathile ngozoba yiSilo futhi seniyamazi noSomlomo, kushukuthi ngalokhu kuhhoyiza kwakhe ubesememezela lona lolu dwendwe esenilugidisa ukucubuza imizwa kaZulu nokuthola ukuthi sizomukeleka kanjani iSilo senu esiqokwe yiqembu leNkatha. Leso Silo esikholelwa ukuthi nithengiwe ukuthi nisibeke ngenkani eseqembu leNkatha, esikaZulu siyokhonjwa yiNdlunkulu ka Zulu. 

Cha, akunicacele kusekuhle nje madoda ukuthi isizwe sikaZulu asisoze samukele iSilo esingaqokiwe yiNdlunkulu ka Zulu. AmaZulu akusona isizwe sakwaButhelezi. AmaZulu akusona isizwe samaJaji. NoButhelezi futhi akasona neze iSilo sikaZulu. Ngaleyo ndlela akekho phakathi kwenu onamandla negunya lokubeka iSilo sika Zulu.

Isizwe sika Zulu asisoze samukele iSilo esikhonjwe ngentshebe nangokwepolitiki ngoba sizoba umsheshelengwana weqembu lezepolitiki. Yingakho iNdlunkulu ka Zulu isalinde isinqumo esivela ePitoli. Kodwa naso leso sinqumo uma sibuya siyinxemu njengalesi sinqumo sikaMadondo, asisoze samukeleka kuZulu. UZulu yisizwe sakwaZulu, hhayi sakwaButhelezi. Asisungulwanga amaJaji.

Lena yimiphumela yokukhohlakala kwale mithombo yezindaba efana noKhozi FM, yiSolezwe, yiLanga, nayo yonke lena eminye imithombo ejwayelekile elokhu ifafaza ilumbo eliwukuthi uMntwana uMisuzulu useyiSilo sikaZulu kube kungenjalo. Belokhu bethi kuneSilo sikaZulu ibe iNdlunkulu ikuphika lokhu. 

Ngamanye amazwi yonke le mithombo yezindaba elokhu ihhoyiza ngalendlela, ithi kuneSilo sikaZulu sibe singakabibikho, iyingxenye yaleli tulo lokufunza uZulu uMntwana ongaqokiwe yiNdlunkulu njengeSilo ngenkani. Besivele sazi ukuthi lomkhonyovu unamaJaji phakathi, kodwa uMadondo pho! Iqiniso alikho emhlabeni. 

Kaze bangaki abantu abadonsa izigwebo ngamacala abangawenzanga, ngoba nje kunamadoda avakashela iJaji izintatha emzini walo eliphathele izijumbana zemali, kwavalelwa abantu abangenacala. Nilibulele izwe maJaji aseMzansi.

Lokhu kukhuluma kukaSomlomo noJaji uMadondo kungahumusheka ngezindlela ezahlukene kodwa wonke uZulu ayovumelana ngakho kukodwa, ukuthi yiNdlunkulu ka Zulu kuphela enegunya lokuqoka ozothatha isihlangu sikaMdlokombane. Kwazise owayenikwe umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi lobu bufakazi bubakhona ngaphambi kokuthi iSilo esebuzile sikhothame; uMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, wehlulekile ukuveza ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi izifiso zikaMdlokombane ngoyothatha uma kungenzeka kukhothame uMntwana ayesemqokile uLethukuthula kuyoba ngubani.

Ngenxa yalobu budedengu bukaButhelezi njengoNdunankulu kaZulu kusabusa uMdlokombane, kumanje sekusemandleni eNdlunkulu ka Zulu ukuthi iqoke ozoba yiSilo. Ngakho-ke kungukuhlonipha nokulandela isiko nje lalo mkhehlo yiNdlunkulu ukwedlulisela lesi sinqumo kuhulumeni, ngoba empeleni akulona igunya likahulumeni ukuqoka iSilo, ngeleNdlunkulu ka Zulu.

Uma-ke uhulumeni usezinhlelweni zokubulala ubukhosi bukaZulu uphanise ngamafa awo kubelungu, akukho okuyovimba uZulu ukuthi uzikhiphe ekubeni yingxenye yalelizwe, ube yizwe elizimele njengeSwaziland neLesotho. Labo abasoconge uMdlokombane ngoba becabanga ukuthi nguyena kuphela obenalemizwa bayazikhohlisa, inqwaba yamaZulu inaso lesi sifiso sokuziqhelelanisa nezwe okuthiwa yi-South Africa. 

Uma uRamaphosa engathatha isinqumo esiphikisana neNdlunkulu kuyobe usekhafulele uZulu wonkana ebusweni ngesikhwehlela, futhi kuyocaca ngaleso sikhathi ukuthi usuyisigejana esincane kangakanani uZulu osalandela umlingani wakhe uButhelezi neqembu lakhe le-IFP.

Njengesigejana sabelungu, i-IFP ayisenawo amandla esiFundazweni sakwaZulu-Natal, isebenzisa amandla omnotho wobandlululo lo oyesekayo kwazise ngesikhathi i-ANC ithi awunswinywe, umholi wayo wayethunywa abacindezeli ukuthi alikhenkethe umhlaba wonke ekhankasela ukuthi umbuso wengcindezelo ungafakwa onswinyweni lwezomnotho. Akumangazi ukuthi abakwaBMW baphe uMntwana uMisuzulu imoto, vele omqokile wayebambisene nongxuwankulu engcindezelweni yabantu abamnyama. 

Ngakho-ke akusukuthi abantu abangasalandelwa muntu ezweni ngoba nakhu nje bahlobene nongxuwankulu bobandlululo laba abasakhonya kuleli zwe nemithombo yabo yezindaba le ethengwa ngezikhangisi, bazishaye sengathi baseyiningi ezweni bebe beyingcosana. Iningi likaZulu lingahloma lithathe izikhali kwakusasa lokhu okusayo uma seliphoqelelwa ukuthi libe yingxenye yezwe elingaphusile nelingasabuhloniphi ubukhosi boselwa obabukhona nangaphambi kokufika kwepolitiki ezweni ngowe-1912.

Asikhohliwe njalo njengamaZulu ukuthi uButhelezi washaya izandla encoma amaNdiya mhlazana ebulele inqwaba yamaZulu ePhoenix nyakenye, wathi enze kahle. Nabu ubufakazi. Angithi iphephandaba lakhe iLanga londliwa yiwo kanye amaNdiya lawa ngezikhangisi. Kuhle bazi-ke abelungu baseNtshonalanga ukuthi akuwona wonke amaZulu athengekayo ukuze adayise ngabantu bakubo.

Thina nje esisheshe sizibone izinto sekuyacaca nokuthi uMntwana uLethukuthula wasocongwa obani futhi ngazinhloso zini. Nalo mholi wezepolitiki okungathanga diki nanqulu kuye mhla kusocongwa uMntwana yize ehlala ezishaya isifuba ethi uyena mZulu ongcwele kunathi sonke, akabange esazwakwala ngisho ebabaza nje lo muga owawusuvelile esigodlweni. 

Kukhona la ayewumgoqo khona ngokwezepolitiki uMntwana uLethukuthula, wagudluzwa. Kusobala-ke ukuthi noMntwana uSimakade lo othwelwe yiNdlunkulu ngeqoma uwumgoqo ofanayo kwabathile ngakwezepolitiki. Liyaziwa iqembu lezepolitiki elakhele isidleke salo ngezimpaphe zobukhosi bakwaZulu. Liyazi futhi nalo ukuthi ukugqabuka kwegoda phakathi komholi walo neNdlunkulu ka Zulu kusho ukushabalala kwalo unomphelo.

UMntwana uMisuzulu nemoto ayithengelwe abakwaBMW 

Asikhumbuli thina uMdlokombane ethengelwa izimoto ngongxuwankulu njengoba sekwenzekile ngoMntwana uMisuzulu, ephiwa abakwaBMW imoto. Abelungu-ke baseNtshonalanga abayitshali nhlobo imali kumuntu omnyama ongazubasiza ukulimaza abantu bakubo. Sithi isilungu: “There is no free lunch.” Bese sithi isiZulu: “Izandla ziyagezana.” 

Akekho umuntu ongasukeleka nje akuphe imoto ebiza isigidi samarandi kungekho akulindele ngezansi njengenhlanhlula. Okwenza sizibuze-ke ukuthi ngabe sekuthengwa wona na umhlaba wawobabamkhulu abawufelayo ngalamaBMW yilabo abacabanga ukuthi iSihlalo soNgangezwe Lakhe sisendalini.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING