•  2022/05/26 00:38

UMntwana UThokozani Zulu uthi uMntwana uMisuzulu ubengakufihli ukuthi uyamzonda uyise uMdlokombane ngale ndlela yokuthi kuthiwa wezwakala ngowezi-2016 ethi: "Kanti ufa nini lo ngithathe into yami", esho uyise uMdlokombane. AbaNtwana bathi okwamanje basakha phezulu nje ngamanyundululu kaMntwana uMisuzulu, kuningi kabi okuzigwegwe ngaye abasakugodlile...

Read More
  •  2022/03/20 17:09

Aphi amanga ethu ngemikhuba ka-Iqbal Surve neSolezwe. Ubani okhokhela i-Independent Newspapers ngokufafaza amanga ngeNdlunkulu ka Zulu. Kungabe kuseyiwo umkhuba wamaNdiya adume ngawo lo ukuvikela umnotho wobandlululo umholi wabo uMahatma Ghandi awuthola ngokudayisa ngoZulu kubacindezeli? Kuyaziwa ukuthi ngowe-1879 amaNdiya ayelwa ngasonhlangothini lwamaNgisi empini yaseSandlwana. Wonke lo mnotho awulawulayo kumanje kwelikaMthaniya awunikwa uhulumeni wobandlululo ukuwabonga ngokudayisa kwawo ngamaZulu...Ngo-1906 uGhandi wezwakala emaphephandabeni ebiza abantu abamnyama ngamakhafula. Sinobufakazi obuqanda ikhanda ukuthi u-Iqbal Surve uhlangene nabelugu ukucindezela abashicileli bamaphephandaba abangabantu abamnyama eKZN. Baphi labo nomgogwana adla nabo ku-ANC abebemphikela? Sasho kudalo ukuthi abelungu abazifaki nhlobo izikhangisi emithonjeni yezindaba engahambisani nengcizelo yomuntu omnyama. Aphi amanga ethu? Footage size: 1 .26 MB

Read More
  •  2022/02/22 22:19

Kuvela ukuthi uSomlomo weSishayamthetho sakwaZulu-Natal useyikhulumele eziko eyesinqumo sikaHulumeni ngoMntwana okumele athathe isihlangu sikaMdlokombane...

Read More
  •  2022/02/21 15:19

Usola unyawo lwemfene okaNdaba ngokushintshwa kwesiteshi somsakazo uRadio Zulu igama eliqondene nesizwe esiwumele wabizwa ngoKhozi FM...OkaMdlokombane unxenxa isizwe sikaZulu ukuba sivikele lokho okungamagugu aso kuze kube sekugcineni njengoba zonke iziNgonyama zikaZulu zikhothame zivikele amagugu esizwe... Footage size: 29.6MB

Read More
  •  2020/08/19 00:00

"UMntwana wakwaPhindangene unemihlangano ayibamba inguyazana noMengameli wezwe - akafuni kuhlalwe phansi kuxazululwe izinkinga zeNdlunkulu njengomndeni..." Footage size: 17.2MB

Read More
  •  2020/07/15 00:00

"Inkosi ibekwa yiNdlunkulu, hhayi uNdunankulu wesizwe. UNdunankulu uthatha umyalelo eNdlunkulu, athunywe yiyo ukuthi azise isizwe ukuthi wubani osebekiwe. UNdunankulu ka Zulu akakaze abe namandla okubeka ISilo...lokho angakwenziswa wukwedelela iNdlunkulu..." Footage size: 18.0MB

Read More
  •  2020/06/16 00:00

"Ngokwesiko iSilo singena esibayeni ngokugcotshwa yiNdlunkulu ngaphambi kokuthi ubuNtwana baso bufe sedlulele esigabeni sobuNgonyama. Leso sigaba ayikafiki kuso INdlunkulu selo kukhothame Ongangezwe Lakhe..." Footage size: 4.47MB

Read More
  •  2020/05/13 00:00

Isikhali esisha sokubulala umuntu omnyama namhlanje wukhwantalala... Footage size: 7.67MB

Read More
I BUILT MY SITE FOR FREE USING