21 Apr
21Apr

Yi Zazi Team

Sibone ngokuntshontshwa kwe-internet data yethu ukuthi kukhulu abathakathi abebephezu kwakho kulamasonto adlulile. Nangamhla bezosoconga uNksz Zindzi Mandela eminyakeni emibili edlule bahlasela ngama-load shedding angapheli.  Kanti nakulokhu kuntshontshwa ama-data ethu nje sebesophe ukusoconga uMntwana uThembi bavulele uzamcolo ongapheli esiFundazweni sakwaZulu-Natal...

Ukube uRamaphosa wathumeka wumbutho kaKhongolse ethatha izintambo zombuso ngowezi-2017 eNasrec, wathatha umhlaba wokwebiwa wawunika abantu ngabe ababhubhanga ngalendlela ababhubhe ngayo abantu bakithi kwelikaMthaniya. Ngisho nomphefumulo walo lusana okuthiwa lubonakale luntanta emanzini lusagqoke inabukeni uyobuzwa kuye. 

UCell C usigqeme engeqiwa ntwala nina bohlanga untshontsha ama-data ethu kanti usuyazi ukuthi abathakathi bazogila omunye umkhuba eNdlunkulu ka Zulu qedane bavulele uzamcolo, inhloso yawo obekuwuhlukumeza isiyingi esikhulu kunazo zonke enhlanganweni ebusayo; i-Ethekwini Region. Kuyaziwa ukuthi le-Region ayihoshelani neze noRamaphosa.

Yingakho kuyiyona neshayeke kakhulu yilesi sishingishane sikazamcolo sokwakhiwa ngoba iyiva elihlabayo kulabo abaqole inqola emasondosondo ngonyaka wezi-2017. USathane onekhala elikhulu usafuna ukuhlala eMahlambandlovu ngenkani eminye iminyaka emihlanu. Kodwa noma kunjalo, usungaze ubulale inqwaba yabantu abangaka abangenacala ngoba nje usafuna ukubizwa ngoMengameli wezwe, nenkululeko le ungayizabalazelanga! 

Ziyisiqalekiso kabi izimpimpi zombuso wobandlululo ezweni ngokuthanda izinto ezingazisebenzelanga.

Uma uzwa ososayensi bekhuluma nge-climate change, natural disaster noma i-act of God ubokwazi ukuthi sebethakathile, njengoyise uSathane, sebecasha ngemvelo nangoNkulunkulu. Njengoba sike sachaza phambilini ukuthi uSathane ubulala abantu ezweni bese ethuma izisebenzi zakhe ukuthi zihlwanyele amanga angukuthi: "UNkulunkulu uphile, uNkulunkulu uthathile.”

Nabu ubufakazi obuqanda ikhanda esithombeni ngezansi kuGenesis 9: 8-11 ukuthi uNkulunkulu wenza isifungo emuva kukazamcolo kaNowa ukuthi akasuphinde ajezise izidalwa zakhe ngomzamcolo ngoba akubona emva kwalokho kwamdabukisa kakhulu. Ngakho-ke uma ushaywe uzamcolo ungasoli uNkulunkulu owakudalayo njengokujezisayo, akulona iqiniso lelo, usuke ushaywe uSathane ngezandla zakhe okungamaJudambumbulu emhlabeni.

Impi yesimo sokuguquguquka kwezulu ngendlela engajwayelekile siyilwe kakhulu eminyakeni yama-2000 njengeZazi umhlaba jikelele. Size sayinqoba ngonyaka wezi-2014 . Abasakhumbula kahle, isipikili sokugcina nge-climate change sashaywa emhlanganweni we-Global Climate Change Summit owawuseThekwini ngonyaka wezi-2011, la kwacacela noma ubani ukuthi seluyagoba uphondo ngasesandleni sabathakathi abayiphekayo, nabo bagcina beyivumile induku.

Le mpi sayilwa saze sakuthola nokuthi leli kwakungelinye ihlandla kwamaningi, kubandakanya nezimpi zomhlaba zaphambilini, ukuqeda nya ngesidalwa okuthiwa wumuntu emhlabeni, ikakhulukazi ama-Afrika, amaJudambumbulu lawa abusa umhlaba ngamandla kaSathane kanye nomnotho wobuKhephithali.

I-Climate Change bantu beNkosi ayilona ulaka lwemvelo njengoba ososayensi benikhohlisa, kodwa yinhlekelele le edalwa ososayensi ngabomu ngezinhloso zokugaya itshe le mali ngezinhlekelele.

Namanje zibuze ukuthi ubani ozohlomula kakhulu ngokuvuselelwa kwezingqalasizinda ezilimele eKZN njengoba kube nezikhukhula nje eThekwini. Ongxuwankulu. Lokhu akwehlukene nokufaka umbhulelo esangweni lakamakhelwane ebusuku kulele abantu, kuyasa ekuseni uyaweqa uma eseya emsebenzini, useyabuya emsebenzini ntambama useyaqhuga. 

Kube uwe futhi mthakathi ndini osumbona kuqala ukuqhuga engakangeni nangesango lakwakhe, uzibuzise ukuthi konakelephi makhelwane waqhuga nje. Uma ekutshela umakhelwane wakho ukuthi usephethwe wunyawo, uqhamuke nekhambi futhi wena mthakathi osuzomdayisela lona uthi yikhubalo lalo mbhulelo omphethe; ofakwe wuwe qobo kwasekuqaleni.

Ngabe baqamba amanga aluhlaza cwe uma bethi abelungu bebengazi ukuthi kuzoba nozamcolo onjengalo. Pho abazikhiphanga ngani izexwayiso ukuze abantu bathuthe kusenesikhathi? Kungethi namhlanje sebekwazi ngisho ukuqagula ukuhlasela kwalesi sishingishane okuthiwa yi-Tornado, bakhiphe izexwayiso uma kuzolimala abelungu bakubo. Manje ukube bebengalwi izimpi zabo zobuhlanga abatshelanga ngani abantu bakithi abakhe ezindaweni eziyingozi ukuthi baqhele kusenesikhathi? Yingoba bebefuna kufe abantu abangenacala bese beqhamuka sebezokwakha kabusha izingqalasizinda ezilimele, bathole ibhizinisi.

Lobu buthakathi babo ososayensi bamaJudambumbulu bavuka njalo ekuseni bayobupheka kuma-laboratries abo.  Nakulolu daba esisanda kulushicilela ngokuthakathwa kwesizwe samaRussia yi-NATO nososayensi baseMelika abangamaJudambumbulu, uzobona ukuthi elinye lala mazwe angama-25 asehlonzwe ukuthi anelezi zingqalasizinda zokupheka ubuthakathi yiNingizimu Afrika, njengoba ubona emephini ngezansi ukuthi ingelinye kwambalwa engxenyeni yezwekazi i-Afrika elifuye laba bakhunkuli bamaJudambumbulu abaloya abantu emhlabeni. Ubona nje elaseRussia lisezinhlelweni zokukhulula uMzansi kulamakhamandela esatanism.

Ngakho-ke uma sithi iNdlunkulu kaZulu iyabulawa asikhulumi nje ubuvuvu etshwaleni, sikhuluma ngento ebambekayo, esinobufakazi bayo. Uzozibuza-ke ukuthi zakhiwa kanjani izikhungo zokukuthakatha uhulumeni wakho ungazi lutho ngazo. Yingoba, njengoba sesike sachaza phambilini, izwe eliyingxenye yamazwe aseNtshonalanga aliphethwe nhlobo nguhulumeni walo ovotelwe abantu, lilawulwa igcunswana losozimali abangamaJudambumbulu laba obathola beqhoqhobele umnotho wezwe lakho, kubandakanya izimbiwa nomhlaba.

I-Capitalism yigama elisha nje elichaza ubugqila bayizolo osebubuyiswa bugqokiswe ngesinono bekati. Okokuqala okumele ukwenze ukuze uthwese abantu leli joka elisha lobugqila ukubathathela umhlaba nemfuyo, bese ubapha igama elisha uthi abasezona izigqila sebengabasebenzi. Ubasuse manje ezindaweni ezingamapulazi okulima (plantations) ubayise emapulazini amasha lawa osekuthiwa amafemu (factories).

Okwenza kubukeke sengathi kukhona umehluko phakathi kuka msebenzi nesigqila sayizolo ukuthi umsebenzi unikwa amaphepha okuthiwa yimali njengeholo ayozithengela akuthandayo esuphamakethe azokupheka noma akudle, kanti isigqila sayizolo besidla noma yini umnikazi waso asiphekele sona. 

Nanamhlanje asekhona amapulazi asaholela abasebenzi ngezijumbana zokudla nenkecana yokuthenga insipho. Kodwa naye umsebenzi noma esezikhethela ukuthi uzodlani kulesi sikhathi esiphila kuso, useyisigqila ngoba uyaphoqeleka ukuthi ahlale eduze komqashi (slave master) amsebenzelayo ukonga izindleko zokuya emsebenzini.

Namanje kungesimangaze ukuthi uKhalalembube uqhethe laphaya ezindlini zombuso nje ePitoli, ukweshwame ngathi kulesi sizindalwazi ukuthi kunama-labs eMzansi apheka izikhali zembumbhiso laphaya esiFundazweni saseWestern Cape, kwazise uwugodo olumnyama olubaziweyo nje lwabekwa ezindlini zombuso okwalabopopayi ababekwa amaBhunu emapulazini ukwethusa izinyoni ukuze zingadli intshakaza nezithombo ezitshaliweyo. 

Kungesimangaze futhi nokuthi kwasigungu sakhe lesi esisezingeni eliphezulu kwi-ANC; i-National Executive Committee ibingazi lutho nayo ngalama-labs. Njengoba bechazile abacwaningi ababhale lolu daba ukuthi uma laba bathakathi belethwa ezweni lezi mpumputhe bangena ngezindlela ezimnyama (under diplomatic cover), njengabantu abeze ngezizathu ezingcwele kanti bazophehla amanzi amnyama.

Abanye bazenza oSolwazi emikhakheni ethize, abeze kuleli  ngokuzosebenzisana nezikhungo thizeni zezemfundo ephakeme kwezocwaningo, kanti yizigebengu ezinecici ekhaleni nje ze-CIA ezizobulala abantu ngama-bio-weapons. Ubona bakhipha itshe le mali ukuze kungene isichuse sabo ezindlini zombuso ePitoli eNkomfeni ka-ANC eNasrec ngowezi-2017. 

Njengoba eke wachaza phambilini owayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, ukuthi sekuhambe kwahamba kwaze kwafika esikhathini lapho usubonile umbutho kaKhongolose ukuthi amandla angempela awekho nhlobo ehhofisini lokuphatha izwe ngokwepolitiki, kodwa asekulawuleni umnotho wezwe.

Lokhu kuchaza kona ukuthi osopolitiki obabonayo njengamanje eMzansi ngo-general manager nje babantu abathathelwa izinqumo osozimali abaphethe izwe ngale kwevoti lakho. Ngisho amaJaji imbala eMzansi, asaba futhi ahlonipha kakhulu ongxuwankulu kunosopilitiki. Yingoba asebonile nawo ukuthi amandla okubusa izwe angakuphi.

Ukuthena ongxuwankulu amandla ukuze abe sezandleni zabantu abavotela uhulumeni uMengameli waseRussia uMnu Vladimir Putin uvele wafaka zonke izinkampani lezi okuthiwa ama-Multi-nationals ngaphansi kukahulumeni. Kwacaca manje ukuthi kuyaphela ngohlelo lwabo lokugqilaza abantu ezweni oselugqokiswe ngegama elisha okuthiwa yi-Capitalism eRussia, babona ababefike ngayo osozigqila laba ngobumpumputhe benu enibabiza ngabatshalizimali ezweni (investors).

Ubiza usozigqila ngomtshalizimali. Konke lokhu kudla abakudayisela kona okuthenga emasuphamakethe kuvela emhlabeni wokwebiwa. Emhlabeni owebiwa kuwe njengomuntu omnyama. Ujike uzodayiselwa ukudla okutshalwe emhlabeni owantshontshwa kuwe. 

Vele uPutin ubesebaxosha osozigqila baseNtshonalanag ngesitayela ezweni laseRussia uma ethatha izinkampani zabo ezinika abantu (nationalising the corporate sector). Luke lwamphazamisa unswinyo lweMelika emva kwalokho? Cha. Ngoba uPutin akasona isiwula. Uyazi ukuthi umhlaba waseRussia ungowabantu bakhona, ngakho-ke namafemu adayisa umkhiqizo ovela emhlabeni waseRussia kufanele kube ngawabantu bakhona, hhayi ukuthi kube wuju logombelakwesakhe bakwamanye amazwe izakhamuzi zibe zidla imbuya ngothi. Sikhuluma nje alikho ifa leziwula elidliwa zihlakaniphi eRussia.

Ngisho amaBhunu lawa eniwabona esebenzisa umhlaba wenu njengabalimi, ingxenye enkulu yalo mhlaba awusebenzisayo aqashisiwe ngawo amabhange. Udedangendlale walo mhlaba ovundileyo awulimayo nokumele uthathwe ngokwemigomo kaKhongolose usezandleni zamabhange, lawa abanikazi bawo okungamaJudambumbulu. 

Ngamanye amazwi okokuqala okumele ukwenze uma usukhulula izwe ngokomnotho ukuthatha amabhange abe sezandleni zabantu (nationalisimg the banks). Wathatha amabhange wawanika abantu, kusukela ngalowo mzuzu akusenamuntu oyisigqila somunye umuntu ezweni. Akusenamuntu namndeni thizeni ongumnikazi wesosha noma iphoyisa ezweni. Kakadeni usazolikhokhela ngani iphoyisa nesosha ukuthi ligade umnotho wakho wokwebiwa uma amabhange sekungawomphakathi? 

Kusukela la sonke isizwe siqala phansi kwa-A sakhe umnotho omusha, lapho abantu babelwa umnotho ngokulinganayo. Vele amandla kaSathane asemalini, waphuca ongxuwankulu amabhange wawanika abantu, unqamule yonke imithambo yenkohlakalo ezweni, uSathane wamthena amandla. Abantu abaphila kulowo mhlaba osekungowabantu sebewelele eZweni leseThembiso. Ikhanana uqobo lwalo. 

Yidemoni lenkentshane eliphila esiqwini somuntu kuphela elingaphikisana nalolu hlelo, okwakuwuhlelo lukaNkulunkulu ngisho esabumba isizwe sakwa-Israel.

Inkinga ngoKhongolose iyodwa, ukuthi ucabanga ukuthi umhlaba wokwebiwa yinto ongayibuyisela kubaniniyo ngokuncengana namasela. Ngisho amagintsa imbala, akutshela ekhaleni ukuthi kumnandi kabi ukuhamba ngemoto yokwebiwa.

Oke ubuze namadoda lawa athanda ukuphinga nabafazi babantu ukuthi awawuyeki ngani lo mkhuba omubi awenzayo, umuntu wakhona ukutshela ekhaleni ukuthi imnandi kabi inkomo yokwebiwa. Manje-ke uKhongolose ukuthathaphi ukuthi ungabuyisela umhlaba kubantu ngokuwucela ngesihle emaseleni? Nangokukhetha uvobe wegwala lamanzi eNasrec elesaba abelungu kusazabalazelwa inkululeko, ladayisa ngoMnu Terror Lekota labafaka ejele, u “sihlangu siyangisinda uma ngibona umlungu”, umenze uMengameli wezwe okumele abuyise umhlaba!

UKhongolose wakhetha ichide wathi alikhombe indlela eqonde eKhanana ebumnyameni. Nanamhlanje uNtontozi uyaphuphutheka nje, wena owabona ikhehla liphulaza ishandisi yesalukazi ebumnyameni. Wayeyokwenzani uNtontozi eNasrec endiza ngepharashuthi? 

Engabe kwenziwa yini amagwala angazilwanga izimpi nombuso wobandlululo edelele kangaka ezweni? Athembe ukuzishutheka esidwabeni sikaNicky Oppenheimer? Batshelwa ubani ukuthi uNicky uNkulunkulu walelizwe, akafi?

Uthi bayazi ukuthi umkhulu wakhe lo-Nicky u-Ernest wasinda ngokulambisa amaBhunu esho ukumqeda eKhimbali ngowe-1915, waze wasizwa ukukhosela esontweni lamaRoma aKhatholika, kwazise okhokho bakhe abangama-Freemason kwase kuneminyaka eyevile ekhulwini balidla leli sonto. Wacela ukuthukuswa esontweni egxiza igazi kade ehlaselwe amaBhunu emzini wakhe emsola ngokuntshontsha izimayini zamadayimane eKhimbali.

Uthi bayazi nje ongcothoza ukuthi uma esefike qathatha uPresident Vladimir Putin kulelizwe uNicky uyoshaya isishwaphana sakhe abaleke ukuze babhekane bodwa nemikhuba yabo? Baphelelaphi o-Oupa Gqozo, Kaizer Matanzima nabo-Lucas Mangope? Abalaxazwanga okwamafinyila ekugcineni onkulunkulu babo ababe ngabacindezeli? 

Sithi alale ngoxolo uMntwana uThembi, ulwe izimpi amaningi amadoda angamagwala abesaba ukuzilwa. Uyohlala ukhunjulwa Mntwana embusweni wakwaZulu njengokhokho wesizwe owakwendulelayo iNdlovukazi uMthaniya. Unyathele lapho amanye amadoda esaba ngisho ukusondela ungumuntu wesifazane.

UMntwana uThembi Zulu-Ndlovu 

Umbuzo osalayo-ke othi nizogilwa kanje kuze kube nini Zulu nimile nisonge izandla? Abagile leli lumbo esiFundazweni abathakathi abafanayo nalabo abigila uMdlokombane nezinyane lakhe uLethukuthula eGoli. Balokhu benyuke njalo ngomlenze wena owabona impandla ikhwela ngamanhlonhlo, niyothi nithi phapha kuyobe kungasemanamZulu ezweni. UYiklila (Hitler) wawanqumelani kanti amaJudambumbulu eJalimane? Angithi yingoba wayesewabambe oqotsheni egila imikhuba efanayo nale ayigila ngesizwe sakwaZulu namhlanje. Niyakhumbula eminyakeni edlule kubatshazwa isiFundazwe sakwaZulu-Natal njengesasikhungethwe kakhulu wubhubhane lwengculazi? 

Lona lolu fuba okuthiwa yiMultidrug Resistant TB (MDR) lwaqotha bani uma kungewona amaZulu kakhulu eKZN. Akungoba naningaziphethe kahle nina bakaMjokwane kaNdaba ukwedlula ezinye izizwe ezimnyama eMzansi uma kuthiwa ingculazi ihlasele kakhulu isifundazwe senu, yingoba amaJudambumbulu kade aqala ukuniphungula ngoba ayanesaba ngenxa yezimpi ezethusayo enike nazilwa nawo phambilini, lezi enizazi njengezimpi zikaZulu namaNgisi. Uma esegudluza abantu abamnyama-ke ezweni laseMzansi abona kungawasiza ukuthi aqale ngani ngoba senake nawufaka umkhonto emlungwini.

Baqale ngokugila uMdlokombane noMntwana uLethukuthula. Nathula nina beNdlovu enamandla. Banihlasela ngamaNdiya eThekwini. Nathula futhi. Yaqhamuka impisi yabo ehlala yembethe isikhumba semvu izonilalisa wena owabona uMnu Nelson Mandela ekhuza abantu befuna ukuziphindiselela kubelungu baseNtshonalanga ngokusocongwa kukaMnu Chris Hani ngowe-1993, yathi amaNdiya enze kahle anibulala. Nathula. Osekusele kukodwa vo, ukuthi banitshele ukuthi anisewona amaZulu, seningama-Venda, iSilo senu esisha wuCyril Ramaphosa. Nithi: “Siyavuma.” 

Hhayi bo wezinsizwa, ziyemuka izinkomo zawobaba nicashe ngezihlahla.

Ukube uRamaphosa wathumeka kwasekuqaleni wumbutho kaKhongolose wathatha umhlaba wawunika abanikazi bawo, ngabe asikhali lesi sililo esisikhalayo kumanje ngokulahlekelwa abathandiweyo bethu nezihlobo kwelikaMthaniya. Pho unandabani uRamaphosa ngoba kubhubhe abantu abazondayo. 

Uyedwa umuntu okhweza uRamaphosa nabelungu phezu kwenu Zulu kwelikaMthaniya. Yilowo oke wakhuzwa ibutho leNjeje yabe Nguni uMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ukuthi akahlukane nokuqhekeza phakathi isizwe seLembe. Namhla amabutho kaZulu ethi ayaqeda ngoRamaphosa esigodlweni lwaKhethomthandayo ezozikhalisa izinyembezi zengwenya kukhotheme uMdlokombane, nguyena uButhelezi owamvikelayo. Namhlanje akasekho emhlabeni owayehola lawo mabutho kaZulu ayesho ukumqeda; uMnu Mgilija Nhleko. Niyabona-ke ukuthi izitha zibambisene nowayezishaya sasethenjwa embusweni kaZulu kanti uthukuse induku emqubeni.

Umfanekiso wuQap's Mngadi. "Yeyi wena..." "Kuyekeni lokho Zulu..." ijobelelwe yiZazi Team

Namanje uButhelezi uthi iqembu lakhe liphosile esivivaneni kwabakhahlamezwe yilezi zikhukhula, kodwa asikholwa ngoba leyo mali uthi uyinike iNdiya lakwaGift of the Givers, ebe ewazi kahle amaNdiya ukuthi awahoshelani namaZulu eKZN. Yi-Region ephethwe wu-ANC leya okudaleke kuyo umonakalo, asikhumbuli-ke iqembu leNkatha lisiza abantu abavotela uKhongolose. Lingawa licoshwe zinkukhu, ayisoze yakwenza lokho iNkatha.

Njengoba eseziveze obala nje uButhelezi ukuthi uthanda kakhulu amaNdiya kunamaZulu akubo, siyotholakala kanjani sona isiqiniseko sokuthi i-IFP inikelile ngempela. Phela kulula ukuthi alifihle iqiniso ngabo bhululu bakhe laba abangamaNdiya uma kungukuthi akanikelanga nangendibilishi le eluhlaza.

AmaNGO phela awakhokhi ntela nakuhulumeni, yingakho kulula nje ukuthi izigebengu zisebenzisane nawo ukugoqa abantu, ngoba awangeni ngaphansi kweso loMcwaningi-mabhuku kahulumeni. Kulula kabi ukuthi uthi imali unikele ngayo kwi-NGO noma unganikelanga nhlobo, ngoba iNGO ayiveli nakwelilodwa iwindi leli ngokusebenza kwezimali zayo. Nalaphaya eMsinga, inhlangano yakhe iIFP ibeke phambili amaNdiya kunabantu abavotela yona. Omama abangochitha bashiswa yilanga mihla namalanga bethengisela onqenqemeni lomgwaqo amaNdiya, ngisho nalawa aqhamuka kwamanye amazwe impela, ebe ehwebela ezitolo ezakheke kahle. 

Sengathi iNkosi ingabathoba amanxeba bonke abashiywe zihlobo nabangani kulomshophi, kodwa akukho namunye umZulu oyothola ukuphumula besazicanasela ngalendlela abacanasa ngayo abathakathi ezweni.

Kungathi abantu bedinga umhlaba, ubathakathe qedane uqhamuke sewuzenza uMsamariya olungileyo ukhiphe imali uthi uya-‘donater’. Manyala mani lawo? Leyo madlana izobe isiphelile kusasa, kodwa ifa elingumhlaba okufanele ngabe kade babelwa lona abantu beNkosi yinto engayi ndawo, engapheli. Akuhlukene nokudlwengula ingane encane lokhu qedane uyikhohlise ngemali ka-ice cream njengomthobanhliziyo nemvalamlomo. 

Umuntu akathengwa ngemali engeyona inkomo. Umuntu unikwa umhlaba nemfuyo afuye ukuze abuyelwe isithunzi esimfanele ezweni. Uma besuswa emisebeni yemifula laba bantu abasindile bazoyofakwaphi? Ezindlini zemixhaso? Badleni bengasebenzi? Izindonga zalemixhaso? Ukuze baqashise ngayo, baphume kuyo babuyele emikhukhwini futhi emisebeni yemifula, bavulelwe omunye uzamcolo ubabulale? 

Nivumelani ukuholwa zinhlanya ezweni?




I BUILT MY SITE FOR FREE USING