06 Oct
06Oct

Ngu Aya Ngubane

Bayede, wena weNdlovu! Sizwa kuthiwa usulubeke ezandleni zikalowo okuthiwa nguMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa udaba lokuqokwa kweSilo esizongena ezicathulweni zikaMdlokombane. Lokhu kuyasidumaza kakhulu thina esisawukhathalele umbuso kaZulu...

UMntwana oMkhulu wakwaKhangelamankengane uMbonisi Zulu

Mntwana, akuseyona imfihlo ukuthi lo muntu osubeka ikusasa lesizwe sikaZulu ezandleni zakhe uyisitha esikhulu sikaZulu. Kunjalo nje kumehlulile ukuphatha izwe. Thina nje siyamsola nokuthi uyabandakanyeka ekukhothameni kweSilo, ethunywe abanikazi bakhe laba abamkhulisayo; amaNgisi nalomndeni wamaJudambumbulu wakwa-Oppenheimer ukwenza la manyala.

Sesilobe kakhulu ngalomshophi wena kaNdaba, kwakhona nesibanukayo abayizethenjwa kwabanye lapho eNdlunkulu ukuthi bayingxenye yaleli tulo lokuketula umbuso kaZulu. Angithi phela kubangwa lo mhlaba wawobabamkhulu ononile. 

Mntwana, sikhathazeke kakhulu ngokugxambukela kukahulumeni ezindabeni zobukhosi ezingamdingi. ISilo asivotelwa abantu njengohulumeni, ngokunjalo namakhosi awaqokwa abantu. Ngakho-ke ubukhosi abungalawulwa wuhumulumeni ngoba sonke siyazi ukuthi osopolitiki nepolitiki yabo le into eyasungulwa abelungu. Ngesikhathi uSomtsewu (Theophelus Shepston) ethena amandla ubukhosi bakwaZulu wayesebenzisa ipolitiki.

Yingakho nje nanamhlanje osopolitiki bengasiletheli izixazululo ngezinkinga zobukhosi. Yingoba sebebubukela phansi ubukhosi ngenxa yemfundisoze yepolitiki yabo le eyisilungu. Ngakho-ke sicela uphele nya lo mkhuba wokuthi inkosi noma iSilo sibekwe wuMengameli wezwe noma uNdunankulu wesiFundazwe. Sesibone kahle ukuthi laba bantu okuthiwa osopolitiki imvamisa balawulwa abelungu ukuqeda nya ngamakhosi ohlanga. 

Sinobufakazi obuqanda ikhanda ukuthi uhulumeni kaRamaphosa ucheme nezitha zikaZulu, ngaphakathi nangaphandle kwezwe, okunhloso yazo ukushabalalisa isizwe sikaMthaniya ukuze kudliwe onke amafa kaZulu amaNgisi lawa aqola umhlaba wobabamkhulu ebambisene namaBhunu. Kunomholi omaziyo nawe Ndabezitha wezepolitiki oyisihlobo senu lapho eNdlunkulu odlala indima kaZibhebhu kaMaphitha nosebenzisa ukwethenjwa kwakhe yiqeqebana lamaZulu athile amlandelayo ukugila leli lumbo.

Selo kwathi nhlo, nangamhla kuguqiswa uNodumehlezi kaMenzi, kwasetshenziswa zona kanye izethenjwa zombuso ezifana noMbopha kaSithayi ukuguqisa umbuso weLembe. 

Ubuqili bakhona Mntwana abushintshi. Uqala ngokuzenza isethenjwa kubantu. Kube sengathi uwena wedwa obakhathalele ezweni ngezinsizi zabo kube kungenjalo. Kuyothi uma usubabona ukuthi sebethengekile, sebekwethemba kakhulu, bese ubajikela-ke manje esithubeni, ubacindezele. Angithi akuselula kubo ukukubona ukuthi usuyimpisi ngoba sekunezinto abangazibala owake wazenza samSamariya olungileyo. 

Kanti kwasekuqaleni wawuthi lala lulaza, ngizokwengula.

Kodwa ngaphambi kokuthi uqale ubengule asebekwethemba, kumele uthole isaka lokwesulela izono zakho (scapegoat) kuqala, okuzothi uma usubahlukumeza abantu uthi akuwena obahlukumezayo kodwa bahlukunyezwa wusibanibani, ongenacala. Kwipolitiki, angeke ubuqale nhlobo lobu buqili bokuxhaphaza abantu ungenalo isaka lokwesulela udaka. Ngisho uSathane, uthi ebulala abantu emhlabeni athi bathathwe wuNkulunkulu: “UNkulunkulu uphile, uNkulunkulu uthathile.”

Kuwumgomo-ke walobu buqili bentethe ukuthi ibe khona noma kanjani imvu yomhlatshelo, ozolokhu wesulela ngayo uma usuhlukumeza abantu abakwethembayo, okuyiyona nozohlala uputshuka ngayo ngaso sonke isikhathi esifeni sokubhadanywa abantu obaholayo ukuthi usuyidlozi elibi eligadla ekhaya.

Angithi kakadeni uma wawuthunywe abelungu ukuxhopha abantu bakini ukuze kudliwe amafa abo zihlakaniphi, wawuyimpisi vele, ngakho-ke umsebenzi wakho bekuwukugqoka kahle isikhumba semvu lesi ukuze ungabonakali ukuthi ungumkhonto ogwaza ekhaya. Inkinga-ke ngokugqoka isikhumba semvu uyimpisi ukuthi asikulingani kuze kube sekugcineni. 

Njengoba nesisho sesiZulu sithi ayikho impunga yehlathi, noma iqiniso ungalifukamela kanjani, linendlela yokuziputshukela ekugcineni, livele obala. Manje ngenxa yokuthi waqala ngokuzidayisa njengenceku kaNkulunkulu kubantu ukuze uthenge ukwethenjwa kanti usebenzela uSathane, kukhona abantu abagcina bengasakuboni noma usubaholela ophathe; belokhu bekulandele njalo bethi: “Angeke akwenze lokho kithi umholi wethu osithandayo.”

Kanti selokhu kwathi nhlo, uSathane abantu uvamise ukubadla ngendoda ‘abayethembayo’.

Yisona sizathu lesi esikholelwa ukuthi iSilo uMdlokombane saholelelwa sona ophathe ngokuyiswa phesheya lwezilwandle eNgilandi ukuze labo ababefuna ukusisoconga bathole isiqiniseko sokuthi simiphi ngomhlaba wobabamkhulu osesezandleni zamankengane. 

Lo mholi wezepolitiki ubengaqali ukuholela iSilo sikaZulu ogibeni lwabamhlophe ngale ndlela njengoba kuthiwa nguyena futhi nowaholela iSilo uCyprian Bhekuzulu ogibeni mhla ethi akayosayinda amaphepha athile ePitoli, athi uma ewafunda okaNdaba wathola ukuthi kuzanywa ukumxhopha ngawo ukuze aphanise ngomhlaba kaZulu. Wenqaba ukuwasayinda lawo maphepha kanti usezodliswa ushevu kulowo mhlangano, owamkhondamisa waze wakhothama ekugcineni.

Bonke lobu buxokoxoko osebuvumbuka uma kukhothama oNgangezwe Lakhe ngozohlala esihlalweni sobukhosi, ngokubona kwethu yinto nje yokwakhiwa. Akekho ongazi ukuthi inkosi ezobekwa iqokwa yiNdlunkulu yobukhosi obuthintekayo, hhayi uNdunankulu wesizwe. 

Osopolitiki Mntwana sebelixove baliqeda elikaMthaniya, abanye ngokwedelela ubukhosi bohlanga ngoba bezitshela ukuthi sebebakhulu kunamakhosi ngenxa yamaqembu abo. Yize umlando uqagula ukuthi iqembu lokuqala lezepolitiki eMzansi; uKhongolose, wasungulwa amakhosi ngowe-1912 ngoba ayebona sekunesidingo sokuthi kube nabantu abazodlala, ngokuyalelwa yiwo, lo mdlalo omusha wombusazwe owawusufike nabelungu ezweni okuthiwa yipolitiki. Kanti amakhosi asezigwaza ngowawo, kuzohamba kuhambe kumemfuke amashayakhothe kuKhongolose azogcina esebukele phansi ubukhosi obasungula yona kanye le nhlangano aseyihola kumanje.

Ipolitiki nosopolitiki sebephenduke isiqalekiso ezweni Mntwana, ngalendlela yokuthi asisazi ukuthi sizobafaka kumuphi umgqomo kadoti. Sebehluleke bancama ukusizela nezixazululo ngisho ezindabeni eziqondene nabo zombusazwe, kunalokho izandla zabo zitholakala kuyo yonke indawo la kuphekwa khona izinkinga zomuntu omnyama ezweni.

Sikhuluma nje thina ubukhosi bakithi ngale eMabomvini aseMsinga busajamile, yize sekwaze kwangenelela iKhomishana kaNhlapho ukuxazulula. Namanje uMnu Sihle Zikalala onguNdunankulu wesiFundazwe usasigodlile isinqumo ngezinhloso zokujabulisa yena lo mholi esikhuluma ngaye ozama ukubuthunta ukuze kungene ilunga leqembu lakhe esikhundleni ngokungekho emthethweni. Sikhuluma nje lo Mntwana othwelwe yilo mholi ngeqoma uhamba ekhankasela ubukhosi eMabomvini. Wake wezwaphi kuthiwa ubukhosi buyakhankaselwa? 

Njengoba enza nje namanje ekhankasela uMntwana uMisuzulu ubukhosi ngabemithombo yezindaba le ekhohlakele. Wake wezwaphi Mntwana kuthiwa inkosi ibekwa abammeli? Ngamaphepha osekuvelile nokuthi akokotelwa pho!!! Ukube akasemdala ngale ndlela amdala ngayo lo mholi besizothi mvuleleni icala aboshwe. Icala elibomvu kabi ukuzama ukuphicaphica izincwadi zefa nokufoja amasignesha, singasabali-ke ifa leSilo nokwenza!!! Bese kuthiwa yindoda ongayethemba-ke le!!!

Ngokwazi kwethu Mntwana lo mholi weqembu lepolitiki senimehlisile njengoNdunankulu wesizwe sikaZulu esikhundleni, kodwa abezindaba basaqhubeka namanje ukusifunza yena njengoNdunankulu wesizwe sikaZulu ngenkani. 

Sinxusa ukuthi nibize isithangami sabezindaba Mntwana, niphinde nikumemezele bukhoma lokhu kumehlisa kwenu esikhundleni ngoba la mahlongandlebe abezindaba amthandayo enza sengathi awanizwanga uma nithi senimshaye ngesithende. Nathi ngokunjalo nisithumelele isitatimende leso ukuze sisishicilele njengoba sinjalo ngoba kwesinye isikhathi izinto enizenzayo nenizishoyo zishaywa indiva ngabomu abezindaba ezejwayelekile, laba abalawulwa ongxuwankulu ngemali yezikhangisi kanye neNdlovukazi yaseNgilandi. 

Mntwana, uMntwana uMisuzulu sesiyazi isizwe ukuthi akaqokiwe yiNdlunkulu ngokusemthethweni, kodwa uthwelwe ngeqoma yilowo owayenguNdunankulu kaZulu uMangosuthu Buthelezi esenimehlisile nasesikhundleni, nosazama ngazo zonke izindlela ukusifunza yena ngokwedelela nokubukela phansi iNdlunkulu kaZulu nezinqumo zayo.

Lokhu akusimangazi nakanci ngoba wakhiwa yiyo kanye le mithombo yezindaba emlekelelayo ukunedelela njengeNdlunkulu kaZulu efana neSABC, nanamhlanje esalawulwa abamhlophe. Lo mndeni wakwa-Oppenheimer yiwona, ngokwazi kwethu, owakhanda uButhelezi neqembu lakhe le-IFP, ngokunjalo nomngane wakhe lo okuthiwa uCyril Ramaphosa. 

Mntwana uyazi, kwedlula inqwaba yabantu emhlabeni abangaphezulu kwezinkulungwane eziyisishiyagalolunye besizwe sikaZulu esiFundazweni ngeminyaka yama-‘80s beqhathwa yibo kanye laba baholi ngamaqembu abo i-IFP ne-UDF, bezenza izitha bengezona kanti bayizimbila zantabanye. Babalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili abantu ababhubha kuzwelonke ngalolu dlame.

Namhlanje selivelile iqiniso ukuthi omabili la maqembu; i-UDF neNkatha, ayesungulwe zinjinga zakwa-Oppenheimer ngenhloso yokuphungula izibalo zabantu abamnyama ezweni ngezimpi zombangazwe. Omashayabhuqe ababethuquza abantu ngenhlamvu kuleyampi babeholewa ezishishiwe izimali  lezi ngaleso naleso sidumbu esasiphuma. Namhlanje bayizinjinga ezaziwayo embonini yamatekisi.

Yibo laba bantu untamolukhuni ongu-Johann Rupert ayechoma ngabo eminyakeni embalwa edlule esiteshini sokusakaza esizinze eGoli okuthiwa yi-Power FM, ethi wethembele ezinkabini zakhe zamatekisi njengoba kukhulunywa udaba lokubuyiswa kwemihlaba eyantshontshwa kubantu nje. 

Ngokuzivumela kwabo bobabili, uShenge noRamaphosa banobudlelwano obujulile nalomndeni wezinjinga wakwa-Oppenheimer ongene shi ekulawuleni yonke into ezweni, usebenzisa ubucebi bawo, kusuka ekukhethweni kwabaholi embuthweni ka-ANC kuya ezikhundleni zabaPhathiswa nakuhulumeni. 

Kumanje sebefuna nokusifunza amakhosi neSilo esiqokwe yibo njengoba uSomtsewu ayenza kusabusa amaNgisi kuleli, esusa amakhosi angaboni ngaso linye naye kwezepolitiki ezikhundleni ebeka, kwesinye isikhathi, izinduna zawo zibe amakhosi! Namanje nangu owayenguNdunankulu wakwaZulu uzishaya saSilo sakwaZulu esiFundazweni! 

Ukhondolo lukaSomtsewu lolu, okuyisikompilo lamaNgisi uma esefuna ukugwamanda umbuso. Inkengane liphambanisa izinkomishi ngabomu ukuze umbango wobukhosi ungapheli ezizweni zabantu abamnyama ukuze balawuleke kahle bengasaboni ngaso linye. Siyazi ukuthi la makhosi abulawayo kumanje ezweni abulawelwani.

Mntwana, uButhelezi uwuhlupho kakhulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal. NjengalamaNgisi asebenzisana nawo, uzama ukusebenzisa ubuhlobo bakhe neNdlunkulu kaZulu ukulawula ukubekwa kwamakhosi ohlanga ngokweqembu lakhe, nawe olaziyo ukuthi libeke phambili abelungu kunabengabadi. 

Sikhuluma nje kunoMntwana waseMabomvini okumele ngabe usebekiwe wayinkosi emaBomvini kodwa kuhulumeni wesiFundazwe abadlelana noButhelezi, lo ongamfuni, bashaya phansi ngonyawo. 

Le nkosi engikhuluma ngayo kumanje isekubhaceni kwaSwayimane ngenxa yokuhlukunyezwa amalunga eqembu leNkatha eMsinga. Kusobala ukuthi kuvikelwa la malunga eNkatha axosha le nkosi eMabomvini ngokugodla isinqumo. Uhlangene nalaba baholi beNkatha abahola isiFundazwe kumanje ngobulungu-mbumbulu babo kuKhongolose. 

Njengoba ubezwa nje manje sebethi abazusishayela indesheni iSilo eSishayamthetho ngoba uMthethosisekelo wezwe awusho njalo. Lo Mthethosisekelo esesazi namhlanje ukuthi weza uvela eNdlovukazini yamaNgisi usubhalwe waqedwa, wafika waphasiswa yibo oRamaphosa laba njengento ehlanganiswe kule lizwe kube kungenjalo.

Lo mhlwenganyana esebewuvusa ngokushayelwa kweSilo indesheni kumanje bebengawuvusi ngani uMdlokombane esaphila? Lokhu kuwubufakazi Mntwana ukuthi bayazi ngokukhothama kweSilo futhi bedelela ubukhosi bukaZulu ngalendlela nje yingoba bazitshela ukuthi sebeqedile ngabo. 

Yebo iSilo sona asikabekwa, kodwa kuyomele sishayelwe indesheni uma sesibekiwe yiNdlunkulu. Yizwe lamakhosi leli elafelwa okhokho bethu, alithathwanga ezinhlanganweni zepolitiki. 

Mntwana, ungethuswa amanzi amancane afana nalaba baholi mbumbulu abazibiza ngamalunga ka-Khongolose bengewona. Benza la manyala nje bazama ukuphendula nina njengeNdlunkulu nizonde uKhongolose isidingo singekho. UKhongolose, Mntwana, awubazi laba bantu. Abawona amalunga angempela awo. 

Zimpisi nje lezi ezizithukuse ngaphakathi embuthweni, esisezinhlelweni zokuzikhipha ngewindi ezangena ngalo. Asikho nesidingo sokuthi bakhulume ngokushayelwa kweSilo indesheni ngoba vele iSilo asikabekwa. Kodwa inhloso la ukuthi  noma sesibekiwe iSilo sangempela singabe sisanikwa isithunzi esisifanele ngokushayelwa indesheni.

Thina iSilo esiqokwe yiNdlunkulu siyosishayela indesheni Mntwana. Asizutshelwa osikhotheni abazenza amalunga kaKhongolose bengewona. Vele la bantu kade bayedelela iNdlunkulu kaZulu. Bacabanga ukuthi umholi wabo uShenge uyiSilo samaZulu. Yibo laba abahlasela nasesigodlweni soKaMathe kwaMashu balimaza izinyane leSilo okwagcina ngokulenela ukufa esibhedlela. Abasalandelwa muntu ngisho ngaphakthi kuKhongolose ngoba wonke umuntu useyabazi ukuthi bayiNkatha. 

Kuthangana nje uZikalala uthe ukhuluma namalunga kaKhongolose kuWard 28 ngaphansi kweRay Nkonyeni Municipality ePort Shepston avele ashingila amshiya ekhuluma yedwa. Nabu ubufakazi

OZikalala sebehleli ezinhlakeni zombutho ngenkani, njengoRamaphosa wabo lo ovimbe ukuhlala kwe-National General Council ka-ANC ngo-Meyi ngamaCovid-19 lockdowns okwakhiwa ukuze angagudluzwa esikhundleni. Kodwa uma i-DA namaqembu aphikisayo sekumele akhiphe uKhongolose koMasipala gwiqiqi, usehlisa ama-levels e-lockdown uwabeka ku-1. Uthi akuyiwe okhethweni nje uyazi kahle i-ANC ukuthi ayilulungele ukhetho, kwazise ihlukene phakathi ngenxa yemikhuba yakhe yokudunga umbutho nokudunguzelisa izwe. 

Ngakho-ke sikunika isiqiniseko wena kaNdaba ukuthi yonke le nto eyenzekayo ngokwedelelwa kweSihlalo, uKhongolose wangempela akahlangene nhlobo nayo. 

Ngakho-ke asizuhlala la Mntwana sizenze abantu esingaboni ukuthi kunosopolitiki osezama ukuqola ubukhosi bukaZulu ngokusetshenziswa yizitha zesizwe ukuze uZulu agcine eholwe yisichuse nje esingazudala zinguquko ngomhlaba wawokhokho.

Abalandeli bakaButhelezi bayawahlukumeza kakhulu amakhosi angadlelani neqembu le-IFP ezindaweni aziphethe Mntwana. Lokhu kugwamanda amagunya enu lapho kwiNdlunkulu kaZulu kuseyiwo kanye lo mkhuba asawenza namanje ngamakhosi angaphansi kweNdlunkulu kwaZulu-Natal. Ngelinye ilanga uyothuka esinye salezi zizwe azihlukumeza kanje kwelikaMthaniya sesihlasela eMahlabathini ngoba uzitshela ukuthi unguNkululunkulu wamaZulu engeyena. Kwenzeka kanjani vele Mntwana ukuthi umuntu wakwaButhelezi abizwe ngoMageba? Uze amoyizele impela anqekuzise nekhanda uma abalandeli bakhe sebembiza ngoMageba engeyena.

Esikucelayo thina Mageba wangempela ukuthi njengoba senisithathile isinqumo nina njengeNdlunkulu ukuthi akube wubani othathayo, yenzani njengokubona kwenu nibeke uMntwana ofanele esikhundleni. Wuyena Mntwana lowo esiyomemukela ngo-elethu thina njengezizwe ezingaphansi kombuso wakwaZulu, uMntwana obekwe yini njengeNdlunkulu. Vele yigunya lenu lelo. Akulona elikaMengameli wezwe noma owayenguNdunankulu kaZulu. 

ISilo samaZulu esingakabekwa uSimakade Zulu

Uma kunguMthethosisekelo wezwe lo othi uRamaphosa akabeke iSilo ebe engazi lutho ngobukhosi kwazise wazalelwa elokishini; lokho kungubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi lo Mthethosisekelo wezwe awubhalwanga nhlobo abantu bakule lizwe, wabhalwa phesheya kwezilwandle abelungu, ngakho-ke kungcono ungahlonishwa. 

Akangangeni ndawo-ke uRamaphosa noZikalala noButhelezi ekubekweni kweSilo ngoba bobathathu bayizithupha ziyegwayini namaNgisi, lawa angadlelani nobukhosi bohlanga obuzwelana nabantu abansundu.

Ayikho into ebhadlile kahle la ekhanda enganqunywa wuRamaphosa ngobukhosi ngoba ngisho abaPhathiswa bakhe ePhalamende osikhwili phambana nobhoko nje. Bakhona abantu abasile la ekhanda abangahlonyekwiswa abelungu ukuthi kujovwe abantu bakubo ngoshevu bafe, basayinde isivumelwano noSathane ukuthi kubulawe abantu bakubo ilanga libalele. Nabo otonya bavume ukuthi akuphungulwe izibalo zabantu bakubo ukuze lingabonakali ihlazo labelungu lokwehluleka kwabo ukufeza izethembiso zokudala amathuba emisebenzi eminyakeni engama-27 sangena entandweni yeningi? 

Kusobala ukuthi iPhalamende lethu seliphenduke isekisi lezinhlanya. Lezi zinhlanya aziboni ukuthi abantu sebephelelwe kanjani yisineke la ngaphandle futhi uma engaveli la mathuba emisebenzi, abantu bazovela bawanqume onke la masela angabelungu asanqwahe nomhlaba wawokhokho kunokuthi babulawe yindlala ezweni.

Asikaze simbone thina uMengameli wezwe othanda ukuqoka abaPhathiswa abangamavila njengaye. Ngakho-ke asisoze thina size siyikhulekele inkosi ebekwe wuRamaphosa esikhundleni ngoba kuyobe kuyinkosi kaButhelezi leyo, ilethelwe ukuzoxova kunokuthi yakhe isizwe. Nhlobo nje. 

Abantu abangaphansi kwamakhosi adlelana neqembu leNkatha bafana neziboshwa, bahlala belusiwe okwezinyamazane. Futhi uma ningakuvuma ukuthi niqokelwe uRamaphosa iSilo njengeNdlunkulu kaZulu Mntwana, ningamangali uma inqwaba yamakhosi eniwaphethe esezikhipha ngaphansi kwenu. 

Simazi kahle uRamaphosa ukuthi uyisitha esingakanani sesizwe sikaZulu, naye futhi akakufihli lokho. Uhamba ehhema la kwabezindaba ngezinhloso zakhe ngomhlaba weSilo owenganyelwe yiNgonyama Trust, ethi ufuna ukuwuthatha lo mhlaba wokhokho bethu awuphe amabhange ngokupha abantu amatayitela ukuze babambise ngawo uma beyoboleka izimali emabhange. Ucabanga ukuthi siyizilima, asiboni ukuthi ucupha isife la sokuphanisa ngomhlaba wawokhokho kubelungu ukuze nxa behluleka abantu ukukhokha lezi zikweletu, amabhange adle umhlaba wabo ubuyele kubelungu.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING