07 Mar
07Mar

Yi Zazi Team

INdlunkulu ka Zulu icushelwe umgoga Zulu, ayelekelelwe mase kunje. Ihlaselwa yiqembu leNkatha, amathamelangozi eCR 17, uhulumeni kanye nabelungu. Onke la makhosi akwaZulu asesocongiwe isono sawo bekuwukungahambisani naleli tulo…

UMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi emukela isipho esivela emndenini wobukhosi bamaNgisi owabopha iSilo uCetshwayo kaMpande ngowe-1879. Kwesokudla yiNkosana yamaNgisi uPrince Charles kanti omnika isipho iNkosazana yamaNgisi uPrincess Camilla

Phezulu ohlwini lokuguqiswa kombuso ka Zulu kuzwelonke naphesheya kwezilwandle wumndeni wakwa-Oppenheimer obuye ubizwe ngabakwaRothschild. Isandla sabo kulombhidlango wuMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi neqembu lakhe leNkatha ebambisene noMnu Cyril Ramaphosa neqeqebane lakhe elibizwa ngeCR 17 kuKhongolose kanye noMnu Sihle Zikalala. URamaphosa noShenge bakhiwe yilomndeni wakwaRothschild ukuba osopolitiki.

Isizwe sikaZulu siyawakhathaza kakhulu amaJudambumbulu, lawa azibiza ngamaNgisi ezweni, nasengabanikazi balelizwe, kwazise alwe izimpi ezesabekayo noZulu kwakabili, kweyodwa yalezi zimpi akhala ngaphansi. Ngakho-ke ayamdinga umuntu onjengoButhelezi, njengoba asebenzisa uMbopha kaSithayi wakwaSibiya ukuguqisa iLembe ngaphakathi kombuso, umsebenzi wakhe okungukuklaya phakathi isizwe sikaZulu ukuze singabuyeli ekubeni yimbumba esasiyiyo kuyiwa empini yaseSandlwana siholwa iSilo sasOndini ngowe-1879; uJininindi Omnyama, uCetshwayo ka Mpande.

ISilo uCetshwayo

Kubiza eshisiwe imali ukwakha abaholi abazishaya sakhubalo kubantu kanti bawumbani owelelesayo. Wumkhuba lo abakwaRotchschilds abawenza mihla le emazweni abawaphethe ukuze bawalawule ngezithunzela zabo kuze kubuye iNkosi uJesu ukuzokwehlulela umhlaba bebe beyizifikanamthwalo.

Sithi asiqale ekhanda la kubole khona lo fishi ukuze uqonde ukuthi kufike kanjani ekuthini uZikalala abe yileli phekulazikhuni aseyilo ukubulala ubukhosi bukaZulu.

Njengoba sesike sachaza; iqembu leNkatha liyingxenye enkulu yalomkhonyovu wokubulala ubukhosi bukaZulu ngomholi walo uShenge, esikholelwa ukuthi uthatha imiyalelo eNdlovukazini yaseNgilandi, u-Elizabeth. Ubudlelwano bukaButhelezi nalomndeni wakwaWindsor busuka kude kabi. Kodwa abasemazingeni aphansi eqenjini le Nkatha, kwazise ama-Freemasons alisungulayo asebenza ngezigabagaba (pyramid schemes) ukwabelana ngolwazi oluyimfihlo, abaliqondi iqiniso ngomholi wabo. Yingakho namanje bengakamboni ukuthi usewumkhonto ogwaza eNdlunkulu ka Zulu.

Kuyadida ukuthi kungani amaFreemasons, njengama-satanists azigqaja kangaka ngokukhulekela uSathane, nambiza ngonkulunkulu ongenamfihlo ngolwazi, njengoba ethi wuyena owembulela u-Adam no-Eva ‘imfihlo’ ewukuthi bahamba ze ensimini yase-Eden, kodwa kuthi uma sekumele abelane ngolwazi kube khona abasemazingeni athile esicongweni, okuthiwa ama-33 Degree nabangamagatsha alomuthi okuthiwa azi konke, kodwa sibe isiqu nezimpande zesihlahla kukhona abafihlelwa kona. Lokhu kufakazela kona ukuthi amanga aluhlaza cwe ukuthi usathane wunkulunkulu ongafihleli abantu ulwazi uma kanti luthi uma selwabiwa emazingeni lujike luhambe ngamasoso njengensangu yotsotsi, okuthiwa yigqosha elimnandi “ngokujampa ibhari eyi-one”.

Labo abalandela ucwaningo lwethu ngemikhuba yabakwaRothschild bazosheshe bacaciseleke la. Abanye lesi sigungu sikaSathane basibiza ngokuthi yi-Illuminati. EMzansi sibuye sizibize ngokuthi yi-Jewish Board of Deputies. Akhona namanye amagama ababuye bawasebenzise esingawabalile ngenhla, njengaleli elithi bayi-Bilderberg Group. Kodwa konke lokhu esikubalile ngenhla amakhanda amaningi enyoka eyodwa uDrako okukhulunywa ngayo eBhayibhelini ngokufaka u-Adam no-Eva esonweni.

Abaningi abaqondi ukuthi lo-Deputies egameni iJewish Board uchaza ukuthini. Lolu ulimi nje lobulova ukweqisela labo abangaqondi ukuthi lokhu kuchaza ukuthi bangama-Phini kaLusifa embusweni wakhe wasemhlabeni, phecelezi Deputies of Satan, okungunkulunkulu abamkhonzayo noyingelosi yobumnyama eyathi uma ichithwa eZulwini yawela emhlabeni. Iyona le ngelosi eyengamele umhlaba sikhuluma nje ngokulawula ezomnotho. Sikhuluma nje laphaya kwelase-Ukraine uMengameli waseRussia uMnu Vladimir Putin uketula umbuso wayo ngokwelekelelwa wuNkulunkulu.  Uyaqeda manje uNkulunkulu ngemibuso kaSathane emhlabeni.

Selo eqalile uPutin ukulwa nemibuso kaSathane, akakehlulwa ngisho kweyodwa impi. Nabu ubufakazi ngezansi:

Yingakho nje izicebi lezi ezihlubuka enkolweni yesatanism ziye zithi uma sezivikelwe wuKhrestu zibhoboke ngezimfihlo zakhona ezijulile, njengokuthi nje akulula ukuthi ungaba yisicebi emhlabeni ungawulandelanga umgudu wokukhonza uSathane njengonkulunkulu wakho.

Ulibona kanjani isonto likaSathane elembethe ibhantshi leqembu lezepolitiki  

Umholi namalunga eqembu lakhona awambekezeleli umuntu ongaboni ngaso linye nabo. Vele uSathane unjalo. Wayenzenjalo nangesikhathi uKhrestu esemkhankasweni wokuhlanza umhlaba izono. Ubesebenza ngawo ama-Freemason lawa, ngaleso sikhathi abebizwa ngokuthi abaFarisi. 

AbaFarisi bebengakwazi ukubekezelela izintshumayelo zikaKhrestu kubantu, esho ukumkhanda ngamatshe nokumbopha, yize uKhrestu ubungeke umthole ewaphazamisa ezintshumayelweni zawo. USathane liyamshisa iqiniso ngaso sonke sikhathi esifubeni, yingakho engakwazi ukubekezelela umuntu ohlala ekhuluma lona. 

Kule-satanism kuze kushiswe ngisho imizi yabantu imbala kwesinye isikhathi, ngisho namabhizinisi akho uma ungavumi ukukhothamela uLusifa. Njengoba nibonile nje kubulawa amabhizinisi akwaGupta ezweni ngoba nje abengaguqeli uSathane, amkhonze. Imikhuba le egilwa wumuntu onedemoni likaSathane lobundlovukawuphikiswa.

Lama-satanist afisa sengathi kungadla wona wodwa ezweni, abanye abantu babe yizicelankobe zawo. Ukuhlupheka kwakho kuwanika amandla okuthi akulawule kalula. Yingakho nje bengasoze bamdalela amathuba omsebenzi umuntu omnyama ezweni, yingoba ulawuleka kahle uma usuhlupheka, uncike kuma-social grants kahulumeni nezijumbana zokudla (food parcels).

Abaningi abaqondi ukuthi ukuhlupheka lokhu akulona nje ibhadi, yinto ehleliwe. Emafemini ongxuwa baseNtshonalanga bangamane baqashe umuntu wangaphandle abangamxhaphaza kalula kunawe ngoba akanamalungelo afana nawakho. Kulula ukumdiliza baqashe omunye. 

Izibalo zabo zakamuva zithi babalelwa ezigidini ezine abantu bokufika kuleli. Olwethu ucwaningo luziphindaphinda kabili lezi zibalo zabo. 

Lezi yizigqila ezizofukula inzuzo yabo ngokuphindaphindiwe emafemini, wena njengomnsinsi wokuzimilela ube udla imbuya ngothi, yize ungakhubazekile, nomsebenzi uwuhlwaya mihla namalanga, kodwa awuwutholi. 

Ngokocwaningo lwabakwa-Global Research; ongxuwa bathi ningama-useless consumers and eaters, yingakho nje izibalo zenu kumele ziphungulwe ezweni ngama-vaccines. Okushaqisayo nje ukuthi lo sopolitiki omvotelayo uyingxenye yaleli tulo lokubulawa kwakho, kodwa akakutsheli iqiniso. AmaJudambumbulu ngisho esazingela izigqila e-Afrika, ayengeke athole nesisodwa ngaphandle kosizo lomdayisi ongumuntu omnyama.

Ipolitiki engekho kwi-satanism iyakwazi ukuphilisana ndawonye nomuntu ongavumelani nayo. Asikho isidingo sokuthi uze ubulale umakhelwane wakho ngoba nje ugqoka isikibha esehlukile kunesakho kwipolitiki. 

Labo abasenhlanganweni kaKhongolose bazovumelana nathi. Uma ungagxamalazile kuKhongolose awubi nalo leli lukuluku noma idemoni lokuzonda umuntu ongekho eqenjini lakho ngalendlela yokuthi usungaze umbulale noma umshisele umuzi wakhe. Lilodwa iqembu lezepolitiki eKZN oselo lasungulwa libulalana nabantu abaphikisana nalo. Empeleni lelo qembu akulona iqembu lezepolitiki, yinkolo yesatanism ecashe ngesigqoko sepolitiki. Amalungu alo adume ngokuthuka inhlamba esidlangalaleni njengomholi wabo.

Isibonelo nje. Asikaze sizwe kuthiwa kunelunga likaKhongolose eselijikele umndeni walo lawuzonda, lahlangana nezitha zawo ukuze ubulawe ngoba mhlawumbe uyiNkatha. Kodwa yinqwaba yamalunga eNkatha esingawabala kuze kushone ilanga ukuthi lo na lo bahlangana nezitha zelungu likaKhongolse ndawo ndawo kwaboshwa itulo ukusoconga ilunga lomndeni. 

Isibonelo nje ukubulawa kosomabhizinisi abaqavile eMabomvini aseMsinga eminyakeni yama-2000 uMnu Mzikayifani noMnu Gedlezi Ngubane, ababengabaholi be-ANC kwi-Inkosi Bhambatha Region nababe ngabasunguli be-ANC Inadi Branch. Kwagcina kuvelile ukuthi kunoyise abancane ababebandakanyeka ekubulaweni kwabo. Okudabukisayo nje ukuthi kuthiwa izelamani lezi bezelekelela kulemindeni eyagcina iqome ukuchema nepolitiki kunegazi layo nangokuya ethunjini kwazise bebenesitolo endaweni yakwaPhakwe.

Bakhona emndenini walezalamani esizwa kuthiwa badonsa iminyaka eyisishiyagalombili ejele ngalowamshophi. Bonke bangamalunga eqembu leNkatha elalishaya amakhala ngokuthi yibona esebeletha intuthuko eMabomvini egameni lika-ANC, okwakuwumgwaqo wetiyela owawuza ngohulumeni kaKhongolose esiFundazweni saseKZN, lokhu ababekubona njengesenzo esizokhuphula izibalo zokwesekwa kwenhlangano endaweni. 

Lo mgwaqo; uP17 ogandwa manje emva kweminyaka ebalelwa kwengamashumi amabili kwabulawa izelamani zakwaNgubane ngabe kudala wafakwa itiyela kodwa ngenxa yeqembu leNkatha, okumanje lifuna ukufaka uMntwana ozwelana nalo ngenkani abuse isizwe sikaZulu, yabambezeleka le ntuthuko iminyaka.

Lo mgwaqo uze waqala ukugandwa ngaphansi kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma ngowezi-2016, kodwa nakhona uhulumeni weProvince ngaphansi kukaZikalala wenza ubunuku obesabekayo ukuze kungcofeke u-ANC. 

Kunele kwagudluzwa uZuma esikhundleni sokwengamela izwe kwama nse ukugandwa kwalomgwaqo. UZikalala lo mgwaqo uqale ukuwuganda ukusuka eGreytown la ungamubi kakhulu ngakhona, nala uhamba khona emapulazini abelungu. Kwangathi kuyazenzekalela nje ukuthi ibhajethi yokwakhiwa kwawo iphelele eZiphambanweni, kanti akunjalo, yinto eyayihleliwe leya ukuthi akugandelwe abelungu bodwa.

EZiphambanweni yila kuphelela khona amapulazi abelungu. Ukusuka khona ungena ezindaweni zabantu abamnyama, la umgwaqo umubi ngempela. 

Kulezindawo zabantu uZikalala uthembise ukuthi umgwaqo uzoqedelelwa ngebhajethi yesibili yonyaka olandelayo ka-2017. Iphelile manje iminyaka emihlanu kusuka ku-2017 kuya ku-2022, umgwaqo awukwenziwa. Lo mgwaqo useyisiqintana esibalelwa emakhilomitheni awu- 6 esasigandwe kusekhona uZuma kuhulumeni kazwelonke, kwangu-45 okwakumele enziwe, okuyibanga ukusuka eNhlonga uya eGreytown. Ngalo mkhuba usenyundela u-ANC eMsinga ukuze kuthiwe bukani imisebenzi kahulumeni kaKhongolose, uqala umsebenzi kodwa awuwuqedi.

Sibuyele odabeni. 

Ngokwesiko-ke lesiZulu ingane kamfowenu iyisinye sakho. Ngakho-ke lokhu abakwenzayo labo yisomncane balezalamani akwehlukene nokuthi babulala izingane zabo abazizalayo ukujabulisa umholi wepolitiki abangamazi. Namanje asikholwa ukuthi wake waya ngisho nokuyababona besavalelwe ejele ngoba akabazi nokuthi bayini futhi enjalo nje akanandaba nabo. 

Namanje abazuzi lutho emihlomulweni kaMasipala weNkatha eMsinga, bazishayela inja ngekhanda njengathi nje. Ngamanye amazwi bavolontiya ukunikela ngezingane abazizalayo elatini lesonto labo lezepolitiki. Alikho ilunga likaKhongolose esilaziyo elake lavuma ukubulala umuntu wakubo ngesizathu esingathi shu njengalesi. 

Uma iqembu lezepolitiki likwazi ukukuvala amehlo, likusebenzise ukuthi ulwe nomuntu wakini ngoba nje ungaboni ngaso linye naye kwezepolitiki; akulona iqembu lezepolitki lelo, yinkolo yobusathane.

Nasenkolweni yobuKhrestu imbala, kukhona uKhrestu lapho ethi akazile ukuzohlanganisa imindeni nemiphakathi kodwa uzoyiklaya phakathi. Ingane izovukela umzali nomzali avukele ingane yakhe njalo njalo. Phela isicoco la impilo engunaphakade. Angeke-ke uvume nawe ufakwe endleleni eya embubhisweni yaphakade ubhekile. 

Ngokunjalo nangale kwasatanism okufanayo. Abantu bajikela amalunga emindeni yabo bavuse abafowabo nodadewabo abasha, ngoba nakhu nje kugqokwa isikibha esifanayo kwezepolitiki, ujike ungasamazi nokuthi uyini umuntu owashiyelana naye ibele. Yimisebenzi yenkolo kaSathane-ke leyo. Umehluko-ke phakathi kwenkolo yobuKhrestu ne-satanism ukuthi ubuKhrestu bufundisa ukuthanda isitha sakho njengoba uzithanda wena, kanti ngale kwaSathane ufakwa idemoni lokuzonda umuntu oyisitha sakho, umzondele ukumbulala.

Ngakho-ke uqonde umehluko phakathi kwepolitiki nenkolo kaSathane ecashe ngepolitiki ngoba kuyingozi ukukuxuba. 

Sike saxoxelwa omunye obesebenza laphaya eRand Water eGoli, esikhungweni esiphehla amanzi eSwartkoppies, ukuthi kwake kwasuka omunye ubaba kude le kwaNongoma eKZN, esazithathela nomhlalaphansi eze enkampanini ukuzocela amalunga eNkatha ukuthi amsize ambulalele indodana yakhe uma nje ingake ijoyine iqembu likaKhongolose. 

Lo baba wathi uyozingcwabele yena ithambo lakhe, bangakhathazeki. Ingalesi sikhathi kudlange izimpi zombangazwe e-Mpumalanga Randi eGoli ekuqaleni kweminyaka yama ’90s. Akuyona ipolitiki engakwenzisa lokhu, yinkolo. Uma usuthanda iqembu lakho ukwedlula umntwana wakho omzalayo akuseyona ipolitiki leyo okuyo ususenkolweni. Yisenkolweni lapho abantu benikela ngamadodana noma ngamadodakazi abo. Kodwa uyisilima uma ungakwenza lokhu isicoco osilwelayo kungeyona impilo engunaphakade.

Kungani sikuhlaziya lokhu kudideka 

Sifisa kucacele ngisho ingane encane ukuthi mabili vo amaqembu ezepolitiki angasungulwangwa ama-Freemasons eMzansi, noma phecelezi, angasungulwanga ngokwenkolo yobusathane; leyo yihlangano kaKhongolose neqembu le-Pan Africanist Congress of Azania, i-PAC. Inhlangano kaKhongolse yasungulwa amakhosi oselwa, noma nje sithi yasungulwa amakhosi angempela ziyisi-8 January ngowe-1912. Zonke lezi ezinye izinhlangano zepolitiki eziholwa abantu abamnyama zasungulwa abelungu, babeka izichuse zabo njengabaholi.

Amakhosi angempela aziqhelelanisa zibekwa nje nomdlalo wepolitiki kwazise ayengaphezulu kwayo futhi engaziboni esezingeni lokukhuluma nabantukazana abanjengabelungu baseNtshonalanga. Yingakho akhetha ukuqoka izifundiswa zangaleso sikhathi ukuthi ziwamele etafuleni le politiki ngenqola emasondosondo engu-ANC kwazise ayesezingeni eliphezulu kakhulu ukuthi angahlala nezifikanamthwalo ezingamankengane etafuleni kuxoxwe ezombangazwe. 

Amakhosimbumbulu lawa okuthe ngokuhamba kwesikhathi abonakala esegqoke isigqoko sepolitiki nesobukhosi. Uma kungavuka iSilo uDinuzulu namakhosi ayekhona kusungulwa inhlangano yokuqala yezepolitiki okungeyabantu abamnyama ezweni eBloemfontein uKhongolose, angakhuza ibhadi ababaze umhlola ukuthi kunomuntu ozibiza ngenkosi yoselwa kodwa khonamanjalo ungumholi weqembu lezepolitiki! Angamphika nokuthi ungumZulu wangempela ngoba amakhosi, kwasekuqaleni, ayengenhla kakhulu kunepolitiki. 

Amakhosi abanikazi bomhlaba, osopolitiki zithunywa zawo. Asazi kwenzeka kanjani namhlanje ukuthi kube nosopolitiki abacabanga ukuthi sebengaphezu kobukhosi, sebengakwazi nokutshela iNdlunkulu ukuthi yimuphi uMntwana okumele athathe iSihlalo! 

Ngokocwaningo lwethu wumndeni wakwaRothschild lo ozama ukugila leli lumbo eMzansi ngokukhweza abantukazana abawosopolitiki phezu kwamakhosi, yize wona lo mndeni uyihlonipha kakhulu iNdlovukazi yawo kwelaseNgilandi u-Elizabeth. Amanyal’enyoka! 

Namanje asiqondi ukuthi izinkantolo zazisithathaphi isibindi sokubopha iSilo sabaThembu ngale kwaXhosa uBuyelekhaya Dalindyebo ngoba iNdlovukazi yaseNgilandi ngale eBrithani ingaphezu komthetho ezweni layo. Uma ungakukholwa lokhu buza noma yimuphi ungoti wezomthetho waseNgilandi ukuthi lowa mhlaba okwakhiwe kuwo isigodlo sakwaWindsor uyalawulwa yini umthetho wasenNgilandi. Awulawulwa nhlobo. 

Isigodlo sakwaWindsor neNdlovukazi yakhona sifana nezwe elizimele geqe ngokomthethosisekelo wakhona. Noma iNdlovukazi ingephula muphi umthetho ezweni laseNgilandi akukho mthetho ongayijezisa. Ngamanye amazwi iNdlovukazi yaseNgilandi ingaphezu komthetho wezwe layo.

Namanje isabelo zimali saleliyazwe silawulwa yiNdlovukazi yakhona u-Elizabeth, yiyona enqumayo ukuthi uPrime Minister wakhona uzohola malini, kodwa iSilo samaZulu sitshelwa wuhulumeni oholwa wuZikalala, umuntukazana, ukuthi sizohola malini! Inhlamba leyo! 

Lo mndeni wakwaRothschild odonsa uhulumeni kaKhongolose ngekhala kanje nophethe lelizwe laseMzansi ngaphandle kwevoti labantu uphuca ubuholi bakwaZulu amandla iNdlovukazi yamaNgisi enawo ngale eNgilandi ukuze ube negunya lokubopha, ngezinkantolo zawo lezi eziphethwe zikhohlakali zamaJaji, amakhosi oselwa. 

Lo mndeni wakwaRothschild awedeleli uqhuba intwala ngewisa! Ezwenikazi i-Afrika beligaya ngalowo mhlathi kungakafiki abelungu, amakhosi elawula yonke into ezweni. Kodwa bekungasho ukuthi inkosi sekumele ibe ngundlovukayiphikiswa phezu kwabantu ebabusayo. Maningi amakhosi athi uma engenwa yilolu khondolo adingiswa yisizwe, kwazise inkosi yinkosi ngabantu. Kufanele ihloniphe abantu bayo ukuze nayo bayihloniphe.

Umbulalazwe okuthiwa yipolitiki nedemokhrasi 

Kwase kufika lo mbulalazwe okuthiwa yipolitiki nedemokhrasi.  

Njengoba iZazi sezichaze kaninginingi phambilini kulesi sizindalwazi; idemokhrasi yaseNtshonalanga akuyona neze intando yeningi. Idemokhrasi ubuqili nje obudayiswa njengentando yeningi ukuze kulawuleke abantu abangasenamhlaba. Angeke uyithole idemokhrasi ezweni lapho abantu bekhululeke ngempela. Umuntu okhululeke ngempela umuntu onomhlaba angawulima namadlelo emfuyo.

Ukuze uphoqelele abantu ukuthi bayokufukuzela emafemini kumele ubathathele umhlaba olimekayo abaziphilisa ngawo kuqala kanye nemfuyo. Ngale kwalokho akekho umuntu owayengadela impilo yakhe ayombela umlungu igolide emathunjini omhlaba ezimayini enomhlaba nemfuyo. 

Yiyo le misangano eyasukumisa inkosi yakwaZondi uBhambatha kaMancinza ngale eMsinga eminyakeni yawo-1906 wathi akuliwe. Abelungu base bengena umuzi nomuzi befuna ubufakazi bokuthi leyo naleyo ndondana yomuzi ilimbile na iqhezwana legolide eliyisisindo esithile ezimayini yalinika abelungu. Kwakuwukuxhashazwa kwabantu abamnyama ngobugqila lokhu okufanayo nalokhu kugqokiswa amanabukeni ebusweni ngebhaxa lokuzivikela esifweni esithathelanayo iCovid, into osekuvelile ukuthi bekwamampunge.

Namanje kukhona abangakholwa uma ubatshela ukuthi ngabe akukho muntu omnyama emadilobheni namhlanje ukube abantu abathathelwanga imihlaba yabo nemfuyo kuqala ukuze baphoqelelewe ukuba zigqila zasemafemini. 

Uboke ubuke ukuthi uma kungamaholidi kaKhisimuzi koma kanjani emadilobheni abantu sebebuyele ezindaweni zasemakhaya okuyilapho bezizwa bengabantu ngempela ngokwesikompilo lakwaNtu. Kukodwa okubabuyisela emadilobheni uma kuqala unyaka, wukuthi imihlaba esebadudulelwa kuyo namhlanje amadlagusha iyimigubane, ayilimeki kanti futhi injalo nje ibulala imfuyo ngendlala. Akekho umuntu ophusile ongaba nomhlaba, afuye aphinde futhi asebenze umlungu efemini.

Lokhu kusibeka lasikhona njengamanje ngokubulawa kobukhosi boselwa neNdlunkulu ka Zulu 

UNdunankulu wesiFundazwe uSihle Zikalala uyishaya emuva ayishaye phambili. Naye ufuna kubekwe uMntwana uMisuzulu njengeSilo sika Zulu kodwa uzenza umuntu ongasohlangothini lweNdlunkulu ebe edlalela izitha zeNdlunkulu. Nabu ubufakazi. 

Ubumenemene bukaZikalala: Emisakazweni uthi ulinde isinqumo seNdlunkulu ka Zulu ngozothatha isihlangu sikaMdlokombane (isinqumo okudala yasithatha iNdlunkulu ukuthi nguMntwana uSimakade), kodwa phambi kwamakhamera ukhulekela uMntwana uMisuzulu sengathi useyiSilo. NgesiNgisi lokhu kubizwa nge-political prostitution

Iphephandaba iBayede lithi umqulu lo okuthiwa ulindelwe kowayenguNdunankulu wesiFundazwe phambilini uWillies Mchunu nethimba lakhe ebeliqokwe ukuthi lilandelele lolu daba lombango weSihlalo uthi kusalindweni kungagcothswa uMntwana uMisuzulu njengeSilo sikaZulu kwazise nguyena oqondene neSihlalo.

Lokhu kusho ukuthi umbiko obucayi kanje ususezandleni zabantukazana ungakafiki nasezandleni zeNdlunkulu, yize bekufanele uqale kwiNdlunkulu ka Zulu kwazise namanje ithi isalinde wona! Uyabubona ubuhlathi nobushayakhothe bosopolitiki la ukwedelela ubukhosi bukaZulu! Ubani oputshuzele iBayede udaba olubucayi kangaka! 

UMnu Willies Mchunu uyilunga le nhlangano eholwa wuZikalala esiFundazweni. Lokhu kuchaza ukuthi uMchunu ubengeke awedlulisele kuMengameli wezwe lomqulu uSihlalo wenhlangano kaKhongolose esiFundazweni uZikalala engawubonanga, wafaka nesandla ekuphasisweni kwawo ngaphambi kokuthi udlulele kuhulumeni kazwelonke.

Ngamanye amazwi sekusetshenziswa iphephandaba iBayede sengathi umbiko lo uputshukile kanti kwenziwe ngamabomu ukucubuza imizwa ka Zulu ukuze kujwayeleke lokhu emizweni yabantu ukuthi uMntwana uMisuzulu usezochonywa usiba legwalagwala, enziwe iSilo sikaZulu ngokungekho emthethweni. Yimikhuba namasiko amaNgisi le osekushaywa ngayo iNdlunkulu ka Zulu emuva kwendlebe! 

Ubugebengu obuhleliwe lobu okumele bunekwe obala nalabo abasetshenziswayo kubo bembulwe izinqe. Yenziwelani iNdlunkulu ka Zulu iziphungumangatha kuthiwe kusalindelwe umbiko kaMchunu kanti umbiko ususezandleni zabantukazana? Bacabanga ukuthi bayini osopolitiki uma sebebukela phansi ubukhosi boselwa ngalendlela?

Osopolitiki akusezona yini izithunywa zabantu bamakhosi ezinenkontileka yokuhlala emahhofisi kahulumeni iminyakana nje emihlanu, badedele abanye? Uma kunje kumele uRamaphosa ethi ephuma esikhundleni ngoDisemba kube sekonakele kakhulu ezweni, izwe lonke selibuyele kubelungu! 

UZikalala usesiphuze inyongo isizwe sikaZulu, yena nomholi wakhe uButhelezi. Okokuqala nje uma uButhelezi esenguNdunankulu kaZulu njengoba ehlala edaza inkani, uthuleleni ngokubanjwa kwesabelo-mali seNdlunkulu kaZulu ebe emaxhapheshu kangaka ngokubekwa kukaMntwana uMisuzulu njengeSilo? Kuyena okuhamba phambili ukuqokwa kweSilo kunenhlalonhle yeNdlunkulu? BenoZikalala bacabanga ukuthi iziphilisa ngani iNdlunkulu kumanje njengoba beyibulalisa ngendlala?

Akuyona yini ipolitiki yeNkatha leyo ukubulalisa izitha zayo ngendlala? Akuyona yini ipolitiki yeCR 17 ukubulalisa izitha zayo ngendlala? 

UZikalala uyakwazi ukukhipha imali esezigidini ezinhlanu ethengela iNdlunkulu izimoto, zakwaToyota nokwenza, inkampani eyayelekelela abacindezeli ibakhela izimoto zempi lezi ezibizwa ngama-Casper nama-Land Cruiser lawa angama-van abesetshenziswa yiSADF ukuhubha uMkhomto we Sizwe ekudingisweni. Zibe zikhona izinkampani ezelekelela uKhongolose ekunswinyeni umbuso wobandlululo ngakwezomnotho ngokubhongcula izikhonkwane zazo kuleli zahamba, njengenkampani yakwa-Dodge neyakwa-Chevrolet. Azibongwa ngani lezi zinkampani ngokweseka umzabalazo wenkululeko ngokuthi uhulumeni asebenzise umkhiqizo wazo uma kungukuthi akuwona uhulumeni wobandlululo lo osakhonya kuleli zwe?

Lezi zimoto uZikalala ucabanga ukuthi zizohamba ngamanzi yini? Ucabanga ukuthi kudliwani ezigodlweni zeSilo sikhuluma nje njengoba efake unswinyo lwesabelo-zimali? Angithi uJaji u-Isaac Madondo unqume ukuthi elibalahlile icala enkantolo bazokhokha izindleko zabameli? INdlunkulu izozikhokha ngani lezi zindleko uZikalala efake unswinyo lwezimali eNdlunkulu? 

Lo lunswinyo sekuyacaca manje ukuthi liwukunqinda amandla iNdlunkulu ka Zulu ukuthi ingakwazi ukuzilwela ivikele neSihlalo sikaMdlokombane kwabafuna ukusintshontsha basinike abelungu. 

Kanti isabelo seNdlunkulu sasiqondene noMdlokombane kuphela yini noma esokondla yonke iNdlunkulu kaZulu? Manje kusho ukuthini ukumbuluza uthi usalinde kuqokwe iSilo esisha ngaphambi kokuthi udedele isabelo-zimali saseNdlunkulu? 

Uyambuluza uZikalala, ubambe isabelo-zimali seNdlunkulu nje ukuze iNdlunkulu inqindeke amandla, ingakwazi nokusebenzisa izinkantolo ukuvikela umbuso ukuze ongxuwankulu bakhweze iSilo seNkatha esizozwa ngabo ekhanda likaZulu ngenkani. Usebenzisa indlala ukuphoqelela iNdlunkulu ka Zulu ukuthi ingabe isakwazi ukuvikela iSihlalo kumahalanjonjo eNkatha azama ukugwamanda umbuso kaZulu ngenkani.

Akavume uZikalala ukuthi usebenzisana noButhelezi neqembu leNkatha kanye namaJudambumbulu lawa akwaRotshschild ukuthi kubulawe umbuso ka Zulu. Vele kade babesho abelungu ukuthi iSilo uZwelithini neNdlunkulu ka Zulu asiyifanele lesi sabelo-zimali ebesisithola. 

Kuyacaca ukuthi uZikalala noButhelezi bayavumelana nalo msangano wabakwaRothschild ukuthi akuqedwe ngombuso wakwaZulu. Ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi izwe kade layiphunyula i-ANC ekubuseni, kumanje seliqhoqhobelwe abelungu nemisheshelengwana yabo le enegqubu neNdlunkulu ka Zulu noMdlokombane. Leli yithuba lempindiselo.

Lowo Willis Mchunu okuthiwa ukhiphe umbiko oyinxemu akaqali. Uze waphuma esikhundleni sobuNdunakulu KwaZulu-Natal ehleli phezu kwezincomo zeKhomishana kaNhlapho ka-2015 eyayihlaziya ukuxoveka kobukhosi basemaBomvini aseMsinga. Izincomo azishaya indiva ehlangene naye uZikalala lo ezazithi ubukhosi abubuyiselwe enkosini eyayiqolwe bona yiqembu leNkatha ngokungekho enthethweni ngowe-2004, uSenzani Ngubane. 

Ngakho-ke thina akusimangazi ukuthi ubeqokelweni lo Mchunu wezimanga. Ubezoqhubeka la ayegcine khona ngokuxova ubukhosi boselwa kwaZulu-Natal. uMchunu noZikalala amabulalabukhosi aziwayo acheme neqembu leNkatha ku-ANC, nabu ubufakazi

Yingakho sekuthiwa ukhiphe isinqumo esivuna owesekwa yiqembu leNkatha uMntwana uMisuzulu. Sekuphendlelwa ukuthi bethi bephuma oZikalala ezikhundleni izifiso zeNkatha ngokuthuntwa kobukhosi bukaZulu ukuze bulawulwe abelungu zibe sezifezeke zonke, kusetshenziswa ihhofisi lika-ANC esiFundazweni elisemandleni okubusa.

Amanyal’enyoka okumele anqandwe ngawo wonke amandla lawa Zulu. Ngakho-ke sithi nina benkayishana kaMenzi eyadla umlaza ngameva abuvikelwe ubukhosi bukaZulu kumahalanjonjo afuna ukuwugojela. Impi elwa noZulu isihlome ngababaziwa njengezethenjwa zombuso. Abaphetshezwe oMbopha kaSithayi, ngale kwalokho nizovuka kungasenabukhosi boselwa ezweni. Isizwe sikaZulu sasingekho abadayisi besayina isivumelwano noSathane, ngakho-ke abavinjwe.

Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile,
Ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Zulu!


I BUILT MY SITE FOR FREE USING