21 Jul
21Jul

EMABOMVINI - Ugcine esulile uthisha obefundisa KwaDolo Combined School kulandela isigameko lapho kuntshontshwe khona imoto yakhe yohlobo lweCressida abasolwa abangabafundi besikole afundisa kusona okumanje basesitokisini ngaleli cala...

Imoto ithathwe elele ekhotheji lakhe elisemagcekeni esikole.

UMnu Bheki Mkhize uthi ebusukwini bangomhlaka-17 kuJune wazilalela nje ekhotheji lakhe njengokwejwayelekile, kwathi uma evuka ngakusasa imoto yakhe yayingasobonwa nangokhalo.

Uthi umuntu wokuqala amfonela ngale nsambatheka kwaba wuThishomkhulu wesikole uMnu Ngangobani Zondi, athi akalubambanga nhlobo ucingo.

UMkhize uthi noma esefikile ekuseni uThishomkhulu nabanye othisha  afundisa nabo akukho noyedwa phakathi kwabo owakhipha imoto ukumsiza ahlwaye imoto yakhe.  Uthi walushaya ngonyawo ibanga elingamakhilomitha acishe abe mahlanu onke ngaphambi kokuba athole usizo. 

Umthombo wethu owazi kabanzi ngalolu daba uthi usola umbango wezikhundla ngalesi sehlakalo esivelele uMkhize. Lo mthombo uthi unolwazi ukuthi uMkhize ubeseneminyaka eyishumi golokoqo eyiHOD kulesi sikole kodwa uThishomkhulu uZondi umane waqoka uthisha ononyaka owodwa vo nohhafu ekulesi sikole ukuba abe yiSekela lakhe.

UMkhize uthi uke wafonelwa ngama-private number abantu angabaziyo bemsabisa. Uthi uze wasizwa wumphakathi wakwaDolo ukumfunisa imoto yakhe, “Kuthe uma ngithola ucingo oluvela komunye walaba bafana abebentshontshe imoto yami ngavukela emaphoyiseni asoThukela ngoMsombuluko ngayovula icala.” Kusho uMkhize.

Uthi ube esecupha umgoga namaphoyisa bashona khona esikoleni. Uthi uma efika khona amthole umfana kodwa aphike manje ukuthi uke wamfonela. “Ngize ngamkhiphela izinombolo zakhe efonini yami, ngambuza ukuthi imoto yami bayifihlephi. Uqale ngokuphikaphika, kepha ekugcineni uma sekuvela amaphoyisa lavela lonke iqiniso ukuthi umthetho wabo laba bafana bebebahlanu kuntshontshwa imoto yami kodwa kungene abane esikoleni bayikhipha. Lo omunye bamcoshe ngendlela. Babe sebeboshwa-ke.”

Uthe ngawo uMsombuluko amaphoyisa abuye afika kuye athi aseyitholile imoto eMkhondeni eMgungundlovu, “Kuthiwa itholakale eKranskop emgwaqweni oya eNtunjambili, yathathwa yayiswa enkanjini yezimoto ezintshontshiwe eMkhondeni. Imoto yami itholakale seyilimele”. Kusho uMkhize.

Emva kwalesi sehlakalo kuthiwa uThishomkhulu akalixoshanga nhlobo iphoyisa eligada esangweni ngalesi sehlakalo kodwa lize laxoshwa esikoleni wumphakathi obusubhodla umlilo ngobudedengu balo.

Eziphendulela uThishomkhulu wakwaDolo uMnu Ngangobani Zondi uthe akulona iqiniso ukuthi uMkhize uke wamfonela engakafiki esikoleni,“Mina udaba lokulahleka kwemoto kaMkhize ngiluthole ekuseni ngifika esikoleni ekhuluma nothisha uNgubane ngalo kwasho ukuthi besengishiywe yisikhathi somhlangano esiba nayo njalo njengoThisha ngoLwesine. Ngithe ngithi ngikhulumisana naye ukuze angichazele kahle wavele washingila wazihambela.”  

Uqhube wathi akangene nhlobo yena ekuqashweni koThisha ngoba kunesigungu esiqashayo, ngaleyo ndlela akuwona futhi umsebenzi wakhe ukuxosha iphoyisa esikoleni ngoba belingaqashiwe nguye.

Ebuzwa ukuthi usangakuthokozela yini ukubuya kukaMkhize kulesi sikole uthe, “Anginanxa mina noMkhize, ngisafisa ukusebenzisana naye uma esafisa ukuqhubeka afundise kulesi sikole.”   

UMkhize uthe angeke esabuyela kulesi sikole ngoba lezi zigameko sezimkhombise ngokusobala ukuthi kukhona olangazelela umphefumulo wakhe, “Njengamanje sengicele umhloli ukuthi angibhekele isikhala kwenye indawo.” Kuphetha uMkhize.  

Sithe uma simthinta sesiyoshicilela uMkhize wathi usesitholile isikole azofundisa kuso.  Size sayogxoba iphephandaba uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal ungakasiphenduli ngalolu daba yize imiyalezo besiyishiyile enombolweni yeMenenja noMxhumanisi eMnyangweni wezeMfundo esiFundazweni uMnu Muzi Mahlambi.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING