Ngu Aya Ngubane
EMABOMVINI - Igcine ihoxile esikhundleni induna yaseNhlonga uMgwaleni Thumbela (61) emhlanganweni obekulindeleke ukuthi ibeke kuwo phansi izintambo bese idlulisela isikhundla enduneni entsha...
Nokho-ke ayibange isabekwa induna entsha emhlanganweni obungomhlaka-2 kwephezulu kwazise kuthiwa abantu ababengekho emhlanganweni ngePhasika kuxoshwa le nduna baphakamisa ukuthi sibuyekezwe isinqumo, bebuza ukuthi yaxoshwa kanjani.
Kuthiwa kulo mhlangano abayixoshe ngePhasika batshele laba abebefuna kubuyekezwe isinqumo ukuthi abanalungelo loku guqula isinqumo kwazise babemenyiwe emhlanganweni kodwa abangeza.
Amacala abebekwe induna mathathu. Wudaba lokudutshulwa kowesifazane onguMaMzila kwaNdaya okuthiwa wadubuleka amahlandla amaningana nokho wasinda kepha induna ayalubika udaba esigodini saseNhlonga, yaze yakhuluma ngalo ngoba isibuzwa emhlanganweni.
“Lolu daba lokudutshulwa kukaMaMzila wudaba olubucayi kabi ukuthi induna ibingalugodlela isigodi abantu baze bazizwele ngosizwile. Siyasola ukuthi ngokuthula kwayo induna ingalubiki ibithi ivikela umsolwa lo ngoba isondelene naye.” Kusho umthombo wethu.
Induna iphinde yabekwa icala mayelana nokusingatha budedengu udaba lwezinkomo okwakusolakala ukuthi zintshontshiwe zayodayiswa eNkandla.
“Ayisitshelanga isigodi induna ukuthi isibizwe abantu baseNkandla ngalolu daba. Yasihamba ngemuva yatholana nomsolwa phambili. Akuyona indlela esicabanga ukuthi inobulungiswa le yokuhola isigodi.” Kuqhuba umthombo.
Abayimangalelayo babala nodaba lokugqekezwa komuzi wakwaNawa endaweni. Umnikazi womuzi kuthiwa uthi kwamdida nje ukugqekezelwa kwakhe umuzi wajike udaba walweshwama ngayo futhi induna ukuthi umuzi wakhe usugqekeziwe. Uma ibuzwa induna kuthiwa yathi ibikelwe wumuntu obegada umuzi ngalesi sehlakalo, kanti kuzovela ukuthi umsolwa ngumzukulu wayo ohlobene nayo.
“Kuningi kabi esisakugodlile ngaye okuzothi uma eqhubeka atshelwe, abekwe namanye amacala ngakho. Lezi zinto esizigodlile zibucayi ukwedlula lamacala abhekene nawo. Lezo-ke zithinta yena siqu, ayi umphakathi.” Kusho umthombo wethu ngaphambi kokuhlala komhlangano wesithathu.
EzaseMsinga zithole ukuthi kubuye kwaba nomunye futhi umhlangano oyisipesheli ngoMsombuluko kusadlule isonto elilodwa kade kuthethwa icala layo.
Siyibambe ngocingo induna isesemhlanganweni, yasicela ukuthi siyithinte ngokuhamba kosuku.
Eziphendulela obeyinduna yaseNhlonga ngodaba lwaseNkandla uthe, “Angihambanga muntu mina ngemuva ngodaba lokulahleka kwezinkomo ngoba ngangiphelekezelwa yithimba lakwaShezi, okungamalunga omuzi owawulahlekelwe zinkomo kanti kunesakhamuzi esasisanda kuhambisa izinkomo kwaZulu.Umbala wakwaShezi awutholakalanga nhlobo nje kulezo zinkomo.
“Odabeni lakwaNawa, ngathintwa wumzukulu wami ovamise ukuba wumsolwa uma kulahleke izinto endaweni wathi uyabazi abantu abagqekezile. Washo ukuthi ubani nobani abagangile, ngikhuluma nje batholakele labo basolwa kumanje icala labo lisenkantolo.
“Udaba loku dutshulwa kukamama laphaya kwaNdaya luvele ediphini umndeni kamama lo wathi kubantu bakwamsolwa kukhona abamsolayo emndenini ngalesi sehlakalo. Udaba luvele kunguMsombuluko kanti ngakusasa umsolwa uzobe ethula usonkontraki wehholo. Bafika ngakusasa abakwaNdaya bamphenya umsolwa kabangathola lutho olumyamanisa necala. Bathe kimi bebemsola kodwa emva kokukhulumisana naye bayaneliseka yizimpendulo zakhe.
“Angikubeke kucace nje ukuthi laba abathi ngixoshiwe akunjalo kepha ngenxa yokuthi abantu bese behlukene phakathi ngalolu daba, ngiqoke ukuba ngizibeke phansi izintambo kukhethwe induna entsha ukuze kube nokuthula endaweni.”