28 Sep
28Sep

Ngu Aya Ngubane

Ukhala uyazithulisa umfelokazi wakwaThabethe eMaromeni esifundeni saseBathenjini eMsinga olahlekelwe yindodakazi yakhe uNelly Thabethe (21) ebisiwumgogodla womuzi ngokudutshulwa...

UNkk Xolile Thabethe uthi indodakazi yakhe ebisebenza kwaKFC oseTugela Ferry Mall ilandelwe ngabantu abathathu isuka emsebenzini ebusuku. 

Njengenjwayelo uma ingena ishift ka-2 kuya ku-10, ibihlangatshezwe futhi iphelekezelwa zingane zakwabo nezakwamakhelwane eziyisi-7 ezingamantombazane neyodwa yomfana ngesikhathi behlaselwa endleleni abafana ebebelokhu bebalandela.

Le ndawo ebihlala ihanjwa yile ntombazane ebusuku idume ngezenzo zobugebengu nokubamba inkunzi.

Laba bafana kuthiwa baqale ukubalandela ukusuka maqondana nesikole iSbumba Primary School, behamba buqamamana bengakhombisi ukuthi baqonde bona. Kuthe uma sebezofika ngasekhaya base bebafica laba bafana, ababili kubo bashintshana ngejazi.

“Eyodwa intombazane kulaba abehlangabeze uNelly bayibhangqe nomfana  bathi abahambe, base bethi kulaba abahlanu abalale phansi.” Kusho umama uThabethe, “Uma bezama ukuvuka babashaye ngezidunu zezibhamu. Eyodwa kulezi zingane zamantombazane eshayiswe isinenkinga yeso.”

Le ngane yentombazana eneminyaka eli-11 isinenkinga yeso emva kokulimala mhla kuhlaselwa udadewabo

Kuthiwa bafike bema phambi kwabo base beqondana nomufi bacela ifoni. Kuthe uma ebanika ifoni bamdubula esifubeni. Kuthiwa bathathe ifoni yengane yakwamakhelwane nekamufi.

“Bathe uma bemdubula wababuza ukuthi nisangidubulelani ngoba seniyithathile ifoni?” Kusho uNkk Thabethe. Uthi kuthe uma bethi bayamvusa laba abehamba nabo babuya laba bafana bathi kubo, “Hambani nina zif*be… Nisela!”

Kuthiwa babe sebegijima besakazeka kanti abanye bazohlangana nomama wakwamakhelwane.

Umama lo ube esephuthuma endaweni yesehlakalo lapho efike wamthatha umufi wambeka emhlane wamyisa kwakhe ngesikhathi abanye besayobika ekhaya.

“Ngithe ngifika umntanami wayephela.” Kusho uNkk Thabethe ngokudabuka.

UNkk Xolile Thabethe emi ngendlu ebiyakhiwe yindodakazi yakhe uNelly

UNkk Thabethe uthi noyise kaNelly washona ngesihluku esimangalisayo eminyakeni embalwa edlule njengoba athunjwa wanyamalala isonto lonke kanti isidumbu sakhe sizotholakala sesishisiwe.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING