Selusezandleni zenhlangano elwela ukuthula noxolo eMsinga uBumbano lo Msinga udaba lwemizi elwayo oThulini esifundeni saseMachunwini...
OThulini eMaChunwini
Le mizi yakhele izihosha iSihlabeni nesiPhongweni. Kusolakala ingxabano mayelana nokubekwa komuzi endaweni ukuthi yisona sizathu esiholele ekutheni imizi emibili okungowakwaZulu nowakwaDanisa igcine ihlaselene kwafa abantu abane.
Kuthiwa le mindeni ihlobene. OwakwaDanisa kuthiwa ushayeke esendleleni eya eGoli phakathi kwedolobha laseDundee neNewcatsle, emva kwalokho kwadutshulwa owakwaZulu esekhaya.
Kuthiwa lo wakwaZulu obulewe uthathe umfowabo obengumsolwa ekubulaweni kowakwaDanisa wambophisa, kwaba khona ukushaya amakhala ngalesi senzo, kukhona abasola umufi njengomuntu owenze lokhu ngoba ezama ukuvikela umfowabo empindiselweni.
Kube sekusuka umsindo-ke ukuthi ubulawelani lo wakwaZulu ngoba wayengekho mhlazane kubulawa owakwaDanisa. Kudubuleke omunye wakwaDanisa eGoli washona, kanti ngosuku olufanayo kuzodutshulwa owakwaDumakude khona eGoli.
Umthombo wethu osondelene nalolu daba usibikela ukuthi inxushunxushu isuke ngesikhathi kuzobekwa owesifazane endaweni, kwakhona abathi akame angakhi.
Kuthiwa kukhona abafonela induna bacela amiswe lo wesifazane ngenxa yokuthi kuthiwa lo mhlaba abezokwakhiswa kuwo ungaphansi kwe-Trust ethile okuthiwa ikhokhisa abantu inkulungwane yamarandi ukubekwa kodwa kube kubiza u-R15 kuphela ukuyokhonza kwankosi.
Ngendlela le ngxabano ebese ishube ngayo, kuthiwa omunye wale mizi ucishe wahlaselwa ungcwaba kodwa amaphoyisa asheshe ababamba laba ababevivela ukuhlasela.
Ikhuluma nezaseMsinga inkosi yaseMachunwini uNgangendlovu Mchunu umoya wayo ubuphansi kepha yathi ithemba likhona ngoba emhlanganweni obungomhlaka-12 kuJuly imindeni ebilwa izibophezele ekubekeni phansi izikhali phambi kwakhe uBayede, izinduna kanye nobuholi besigodi esithintekayo.
ENqabeni, MaBomvini
Kolunye udaba olucishe lufane nalolu uBumbano ludle umhlanganiso futhi lubhula umlilo obusuqubuka phakathi kwezihosha ezimbili zaseNqabeni eMaBomvini. Lezi zihosha uNomshudulo neziNyathi kuthiwa bezingasadlelani nakudlelana uma kubuswa ngenxa yengxabano ehlobene nemingcele.