Aya Ngubane
Kunabantu okuthi uma bevelelwa wumshophi uzibuze ukuthi konje kufanele ubakhalele yini noma uvele ubahleke. Udaba lokwehla kwezibalo zababukeli bohlelo iDaily Show olushayelwa wusomahlaya odumile wakuleli uTrevor Noah kwelaseMelika aluqondakali ukuthi luyihlaya yini noma luyadabukisa...
UTrevor Noah nomngane wakhe omkhulu uMnu Cyril Ramaphosa nabaphathi babo
UTrevor ungomunye wosomahlaya abanekhono nokho ozakhele igama umhlaba wonke ngokuhlekisa ngosopolitiki abamlethele le nkululeko okumanje imtholele umsebenzi khona eMelika. Ngokwemibiko ye-Nielson Ratings eMelika, selokhu eqalile ukwethula lolu hlelo ngo-Septemba wezi-2015 selwehlelwe ngu-37% wababukeli.
Akuyena yedwa uTrevor ozakhele udumo kuleli ngokuculela ukudla, phecelezi singing for supper ukujabulisa abacwasi ngokwedelela uMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma. NoLoyiso Gola uze wazitholela uhlelo lwehora lonke ku-etv ngokuhlekisa ngabaholi bezwe abampisholo ukujabulisa abacwasi abamphakelayo. Namanje naye akaconsi phansi eYurophu.
Lolu khondolo lusuke lusibuyisele emuva ngoba lubuyisa izinsuku lapho abamnyama babephoqelelwa khona ukuklewula njengezinkawu phambi kwabacwasi ukuze abanikazi babo, obekungabadayisi bezigqila ngaleso sikhathi bagaye itshe lemali ngabo.
Umlando wokuphoqelelwa kukaNksz Sarah Baartman ukwenza lemikhuba namanje uyadabukisa ngaso sonke isikhathi uma sikhunjuzwa ngawo. Besingazi-ke ukuthi eminyakeni nje engemingaki elandelayo kuzomemfuka intsha efana noTrevor esikhathini sentado yeningi icele ukukhokhelwa itshe lemali ukuze ime phambi kwabacwasi ihlekise ngeziphongo zayo.
Noma libe liningi isasasa uTrevor eqokelwa ukungena ezicathulweni zalowo obengumshayeli osemnkantshubomvu walolu hlelo uJon Stewart alushiye eminyakeni embalwa edlule esethatha umhlalaphansi, labo abawazi kahle umlando wezwe laseMelika bebazi ukuthi akuzuthatha sikhathi ababukeli balolu hlelo babuveze ubunjalo babo.
“Izwe laseMelika linomlando omubi wokuzenza ngcwele ekulwisananeni nokucwasana ngokwebala kube kuyilona elikhiqiza zonke izinhlelo ezicashile zokucwasana kwezinhlanga.” Lawa ngamazwi ashiwo yilowo obengumculi odumile wakuleli oke wahlala khona eside isikhathi edingisiwe kuleli ngumbuso wobandlululo uMiriam Makeba ongasekho emhlabeni, “Umehluko phakathi kwabacwasi baseMelika nabaseMzansi Afrika ukuthi abaseMzansi bakutshela ekhaleni ukuthi abakufuni njengomuntu omnyama kodwa abaseMelika bayakukhohlisa bethi bayakuthanda ngomlomo zibe izenzo zabo ziphika.”
Kungenzeka-ke ukuthi uTrevor uthe uma ehlekisa ngabantu bakubo wacabanga ukuthi naye usezitholele indawo ezinhliziyweni zamaMelikana ansondo ukuze enze itshe lemali kanti akabuzanga elangeni, umlilo wamaphepha uzohamba uhambe ulothe ezinhliziyweni zawo.
Bekwenzeka nje nangezimpimpi zombuso wobandlululo. Bekuthi uma seziqedile ukusiza abacindezeli ukusoconga abantu bakubo kushiswe izoso kuphuzwe kube njeya. Enye yalezi zimpimpi yakuveza nasemsakazweni ukuthi bekuthi uma sebeqiwe ngamabele obasi babo babakhumbuze ukuthi njengoba bephuza bonke nje akusho njalo ukuthi abasewona 'amakhafula', futhi bona angeke baze bayethembe 'imfene' enesibindi sokudayisa ngezi 'mfene' zakubo.
UMiriam Makeba
Okufakazela amazwi okaMakeba yindlela amafilimu akhiqizwa eHollywood adweba ngayo isithombe somuntu omnyama. Njalo kuwona bavezwa njengezigebengu ezingenangqondo okumele zihujwe futhi ziboshwe ngamaphoyisa anobulungiswa angabelungu.
Ngale kwalokho abelungu bakhona abenqeni ukugqoka amakhoshumi abenza babukeke njengabantu abamnyama ukwenza yonke imikhuba engasile le. Omunye waze wazama ukubamba ibhange egqoke imaski eyayimenza abukeke njengoDennis Rodman obengumdlali omnyama odumile webhola lomqwakiswano eMelika osewathatha umhlalaphansi.
Kanti ziyanda nezinsolo zokuthi nalom-repha ohlala ehlinile eveza amazinyo amabi nodume ngokuzenza isiyingayinga esidlangalaleni okuthiwa nguFlava Flav empeleni ngumlungu ozenza umuntu omnyama.
UFlava Flav
Ngisho umculo oqoshwa ngabantu abamnyama bakhona kufanele ube nenhlamba uqhakambise udlame nokucekelana phansi ukuze uthole ukuqoshwa nokwesekwa ngezimali, njengoba kwenziwa nangomculo kamaskandi kuleli.
Lokhu sikubona ngisho emkhakheni weHouse neKwaito la uthola ukuthi abaculi abaqhakanjiswayo nabadumile yilabo abangasho lutho olwakha isizwe ezingomeni zabo - laba abacula ngama 'disco lights' nama 'shankura', 'izingudu' noku 'jola' nokutshweza ngezimoto zikanokusho kuphuzwa ngazo utshwala kuze kuse.
Ntsiki Mazwai
Izimbongi lezi okuyizona ziphethe imiyalezo ejulile njengoSbu da Poet, Siyabonga Mpungose, Lebo Mashile, Ntsiki Mazwai nabanye abakha isizwe abanikwa thuba nankundla nakuxhaswa ngoba kufanele umuntu omnyama ahlale edansela izingoma zasetshwaleni nasebumnandini ukuze akhohlwe izinto ezingamyisa phambili.
Mpiloni nje lena okuthiwa ayilandelwe abesifazane abamnyama abasebasha ngokubukela ko-Bonang Matheba no-Khanyi Mbau? Kuthathwe ugogo omdala agqokiswe iwigi nezinkophe zokufakwa kuthiwe nasi-ke isibonelo sentombazame enhle eseyintweni.
Uma uthi uyambukisisa lo muntu, wunogolantethe nje oxhozwe waxhozwa ngamashizolo akhona, wajijwa izinqe namabele wabhixwa ngenqwaba yopende ebusweni ukuze abukeke samlungu bese efundisa izingane zethu yonke imikhuba engasile le yezizwe njengokukuqoma njalo njengento esemfashinini.
UTim Robbins no-Morgan Freeman efilimini iShawshank Redemption
Ubufakazi balo mkhuba ongasile wokuthunaza isithunzi somuntu omnyama buyatholakala futhi nasefilimini elalisuselwe endatshananeni emfishane yombhali wamanoveli odume kakhulu uStephen King, esihloko sithi (Rita Hayworth and) The Shawshank Redemption.
Le ndatshana ecashunwe encwadini esihloko sithi Different Seasons eneqoqo lezindatshana ezimfishane eseziphendulwe kaninginingi amafilimu oprojuza baseHollywood, iningi lazo behluleka bencama ukuzenza lokhu okusuke kubhalwe ngumbhali phansi nangezinga nje lokulingisa - iyokufundisa kabanzi ngokuthi bangcole kanjani oprojuza baseMelika ekudicileleni phansi isithunzi somuntu omnyama ngamafilimi.
U-Andy Dufresne, ongumlingiswa ogqamile kule filimu ngokwencwadi ungumuntu omnyama oyisifundiswa sezibalo, phecelezi iChattered Accountant, ozithola eseboshelwe icala lokubulala umkakhe ngephutha. Kodwa kuthe sekuqoshwa ifilimu kwaphanjaniswa abalingisi ngamabomu ukuze kudwetshwe isithombe esiwukuthi uDufresne ndini lo njengomuntu omnyama angeke abe yisifundiswa esingasiza ojele abangabelungu ngokubenzela amabhuku ezimali zabo esejele.
Efilimini kwaphanjaniswa lo mlingisi waba ngumlungu onguTim Robbins yize enovelini engumuntu omnyama. Indawo yomlungu oyisigebengu noboshelwe ukubulala umkakhe ngoba efuna ukukhesha umshuwalense yadlaliswa umuntu omnyama onguMorgan Freeman. Naye uFreeman wavuma ukuba yilokhu okuthiwa 'yinj'emnyama edonswa ngeketanga' ukuze ahole itshe lemali.
Ingcweti yomrepha waseMelika onganikwa dumo ngoba uhaya ngokwakhayo uKnowledge Reigns Supreme - uKRS1
Bayancomeka ababhali baseMelika abangabelungu njengaye uStephen King kanye noJohn Grisham nabanye abayibeka injengoba injalo indaba kodwa uma oprojuza bakhona beziphendulela emafilimini izincwadi zabo bahlanekezele ubuhlanga babalingiswa ngamabomu ukudayisa inkololoze ewukuthi abantu abamnyama abakwazi ukwakha isizwe.
Yilokhu okufanele wonke umuntu okwaqedisizungu akuhlinzekele ngaphambi kokuthatha umsebenzi phesheya kwezilwandle. Kula mazwe aphesheya awehluleki ngoba uyisehluleki, wehluleka ngoba ibala lakho limpisholo, uyi 'nto' engasoze yaba 'good enough'.
Naye-ke uTrevor Noah mhlambe uhambe walibala ukuthi ithikithi lakhe lokungena kwi-Daily Show njengomuntu omnyama waseMzansi Afrika kwakungelokuhlekisa ngabantu bakubo, ikakhulukazi uMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma lo ozondwa kakhulu eMelika, ngale kwalokho akukho okuhlekisayo ngaye kuleliyazwe.
Imikhuba esiyenzayo ukuze silale sidlile inyantisa igazi.