22 May
22May

By Aya Ngubane

IKhomishana kaNhlapho ibihlezi eMsinga izwa izethulo zabaNtwana basebukhosini. Kulokhu bekwethula uMntwana uSenzani Ngubane ophonsela inselelo inkosi ephethe njengamanje uP.J. Ngubane...

UMntwana uSenzani Ngubane iKhomishana kaNhlapho ethole ukuthi waqolwa ubukhosi yiqembu le-IFP ngowezi-2004 ngoba ekuKhongolose. Kumanje sekuwunyaka wesihlanu iKhomishana kaNhlapho yakhipha isinqumo sokuthi abuyiselwe esikhundleni sakhe, isinqumo eyasedlulisela kuHulumeni wesiFundazwe sakwaZulu-Natal ngowezi-2015, nokuyiwona okumele uthathe isinqumo esingujuqu, ophethwe abazibiza ngamalunga ka-ANC kusukela kowayenguNdunankulu ngaleso sikhathi ihlala iKhomishana okungu Mnu Senzo Mchunu, kuya kuMnu Willis Mchunu kuze kufike kuMnu Sihle Zikalala, naye ubukhosi bamaBomvu osabugcine ezandleni zenkosi iKhomishana  ethole ukuthi yabekwa yiqembu leNkatha ngokungekho emthethweni - Funda isigcawu sesibili sezethulo.

UMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi encokola noMnu Senzo Mchunu 

Lesi sithangami ebesilalele izethulo ngobukhosi baseMaBomvini sethulwe njengeKhomishana ejutshwe ukulungisa amaphutha enziwa wuhulumeni wobandlululo. Siholwa uSolwazi Jabulani Maphalala no-Advocate Basil Sikhakhane. 

Lobu bukhosi busukela kuNzombane owafika eMsinga evela kwaZulu exabene neLembe, buze kuSomashi, kuMawele, kuNyoniyezwe, kuMpikayizekanye, kuMuntu, kuKhetheyakhe, kuKhethokwakhe njengoba namhlanje sebukuPano Ngubane. 

IKhomishana ithe uhulumeni wakudala ubuvele  uqede ngobukhosi ongabufuni ngaphandle kobulungiswa. Ibheka umlando kuzo zonke izinqolobane ezikhona bese isho ukuthi ubani okumele abe yinkosi. Le Khomishana iyaluphenya udaba bese ilwedlulisela kuNdunankulu wesiFundazwe kuthi emva kwezinyanga ezimbili anqume uhulumeni ukuthi angamsusa na umuntu ebukhosini abeke omunye. 

IKhomishana ayinalo uhlelo lokuqophisana njengasezinkantolo kodwa iba nezigcawu ezimbili zezethulo; okuba esomethuli wokuqala ophonsela ubukhosi obuphethe inselelo. Kube nesisibili isigcawu lapho lo ophonselwa inselelo ngobukhosi eziphendulela khona.  

IKhomishana ayisebenzi ngomlando okhulunywayo kepha ixhuma umlando oqoshwe phansi. Kungafakaza inkulungwane yabantu kodwa uma lokho abakushoyo kungafakazelwa wumlando oqoshwe phansi, iKhomishana iyabachitha. 

Uma lesi sithangami sivuna noma siphika hlangothi thizeni, ochithiwe unelungelo lokuya eNkantolo ePhakeme. Uma iKhomishana isikhiphe umbiko yawuyisa kuhulumeni, uhulumeni kumthatha izinyanga ezimbili ukukhipha isinqumo. 

UNksz. Sibongile Mkhize weKhomishana kaNhlapho ube esethula uMntwana uSenzani Ngubane njengofakela inkosi uP.J Ngubane inselelo ngobukhosi athi baxovwa yiKhomishana enoboya eyahlala ngowe-1985 eyayiholwa wuNtshangase waseNquthu, wuButhelezi wàkwaNongoma kanye noMsweli waseSikhawini. 

UMntwana uSenzani uthi wafaka isicelo sakhe ngowe-1994 kepha wavinjwa ngokwepolitiki. Uthi owayeyinkosi yakwaZashuke uNyanga Ngubane,  wuyena owabeka le nkosi ebusayo njengamanje. Yena uyindodana yonkosikazi wenkosi yesihlanu uLoyi Ncwane - uMaSibabane. 

Utshele iKhomishana ukuthi inkosi ephethe njengamanje uyise uzalwa endlini eyiKhohlo kanti umlando wakwaZulu ukubeka kucace ukuthi iKhohlo aliyizali inkosi kepha kubhekwa kusukela enkosikazini yesithathu kuya phezulu ukuba izale inkosi. Lokhu kufakazelwe uSolwazi uJabulani Maphalala obe esinye sezikhulu zeKhomishana esicacisa mayelana nolibo lwasebukhosini. 

UMntwana uSenzani ulandise iKhomishana ukuthi  zizi-4 kuMashi enyakeni we-1981 kukhothame umfowabo uMntwana uMbekeni Ngubane esafundela ubukhosi, emva kwalokho kwase kuqubuka umbango omkhulu ongasacacile. Utshele iKhomishana ukuthi kwathi uma ebuzwa owayebambile ngaleso sikhathi wathi akazi ukuthi wayebambele bani. Kwase kuthiwa akubizwe iKhomishana ukuze ithathe isinqumo ngalolu daba. Leyo Khomishana yahlala ngonyaka we-1985. 

Uthe kukhona incwadi ayikhokhela uR60 oLundi eyamvezela imfihlo ewukuthi inkosi uMpikayizekanye wayesayine ukuthi akube wunina uLoyi omzalela inkosi. Uthi bathe uma behlangana njengomndeni beyidingida le ndaba bavumelana ukuthu lo mlando wobukhosi wedukiswa ngamabomu, kumele ulungiswe. 

Uthi-ke ngeshwa lakhe kuthe ngesikhathi kumele kulungiswe lezi zinto kwaqondana nesikhathi lapho owayenguMengameli wezwe ongasekho emhlabeni uMnu Nelson  Mandela elethe isikhwama esingu-R3.5 million eMsinga. 

Uthi ngenxa yokuthi wayeseqenjini likaKhongolose ngaleso sikhathi, watshelwa ekhaleni ngomunye wabafowabo ukuthi uma efuna kusheshe alungelwe yizinto akajoyine qembu thizeni  lezepolitiki; okuyi-IFP. Uthi wenqaba. Uthi kulezo zinsuku wabe esemema uMntwana wakwaNxangiphilile uMcwayizeni Zulu, amcelela indawo yokulala kuMnu Kaizer Ngubane (owasocongwa), kwazise wayenomuzi omkhulu. Uthi-ke kwabe ushaqe elezipikili ngoba kwathiwa uletha i-ANC eMsinga, kwathi abantu ababebungaze uMntwana wakwaNxangiphilile babulawa ubuthaphuthaphu, naye wasinda ngokulambisa esocongwa. 

Uthi kwenzeka lokhu nje usebekiwe waba yinkosi eMabomvini, okwathi uma enqaba ukujoyina i-IFP wayesebizelwa inkosi yakwaZashuke uNyanga Ngubane owayephethe amaBomvu aseBulwer ngaseMgungundlovu futhi enguMphathiswa woMnyango wezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu kuhulumeni wakwaZulu-Natal owawuphethwe yi-IFP ngaleso sikhathi; eyafika yamchitha. 

Uthi waze wabhalela incwadi uMengameli owayephethe ngaleso sikhathi uMnu Thabo Mbeki owathi evakashele oThukela wamemezela ukuthi incwadi yakhe uyitholile, abe eseyidlulisela kuNgqongqoshe okunguyena owayesephethe ezoHulumeni baseKhaya nezoMdabu esifundazweni ngaleso sikhathi uMnu Dumisani Makhaye, amluleka ukuthi abhalele le Khomishana ehleli njengamanje ukuze icubungule udaba lwakhe. 

IKhomishana ibe isibuza ukuthi uma kukhothama inkosi uMayizekanye wubani owayephethe umkhonto wayo na? Waphendula uMntwana uSenzani wathi ukhona umbango owasuka phakathi kwabaNtwana ababili  uThulani noMbambuyahlupha owaphelela emantshini, yanquma ukuthi akukho noyedwa phakathi kwabo oqondene nobukhosi. 

IziNdlovukazi  zenkosi uMpikayizekanye bekuyilezi: Owokuqala bekungu Nomabhuku Dlamini - (iSulamsizi), owesibili kube uDanana Makhaye - (iKhohlwa), owesithathu kube wuNokwenziwa Dlamini (iQadi) , owesine kube wuNgqu Mbatha, owesihlanu kube wuLoyi Ncwane ozala uMntwana obenza izethulo kule Khomishana; uSenzani Ngubane. 

Uvezele iKhomishana isikhumba sengwe njengobufakazi ukuthi uma kukhothama inkosi uMayizenkanye ubukhosi bashiywa endlini kanina uLoyi. Uthe lesi sikhumba asikaze sithweswe enye inkosi emuva kokukhothama kukaMayizekanye. 

IKhomishana iveze ukuthi inkosi ivamise ukuziqokela yona unkosikazi ozoyizalela inkosi kodwa kumele ihambe namanye amakhosi ukuyosayina phansi leso sinqumo emantshini. 

Kuvele ukuthi inkosi uMayizekanye ikhothame  ziyisi-6 ku-Juni ngonyaka we-1951 ingakabi namntwana noMaNcwane, kepha umndeni wahlangana wavumelana ukuthi kuqhutshwe njengezifiso zayo inkosi ukuthi uLoyi kube nguyena izalankosi. 

IKhomishana iyaqhubeka ngokuzayo lapho izobe ilalele izethulo zenkosi uPJ Ngubane.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING