02 Jun
02Jun

Aya Ngubane

Kulokhu sishicilela isigcawu sesibili sezethulo zasebukhosini baMaBomvu aseMsinga lapho isithangami seKhomishana kaNhlapho eholwa u-Advocate uBasil Sikhakhane noSolwazi uJabulani Maphalala kade sizwa ukuziphendulela kwenkosi ephethe njengamanje uPano Ngubane enselelweni abeyiphonselwe nguMntwana uSenzani Ngubane...

                                                     Inkosi Pano Ngubane

Inkosi uPano izalwa ngowayeyinkosi yaseMaBomvini uMahlokohloko Ngubane kunkosikazi wakhe wokuqala uMaGcumisa okuthe uma enza izethulo zakhe (uMntwana uSenzani) akangambala (uMahlokohloko) njengoba engavelanga ohlwini lwamakhosi akwaNgubane esiwabalile ngeledlule. Lokhu yingoba besethula izethulo zoMntwana njengokusho kwakhe kwazise nangenkosi uPano sizobeka udaba lwakhe njengoba lunjalo.

Uma zimthinta ngalokhu ezaseMsinga; ngokuzithoba okukhulu uMntwana uSenzani uxolise kakhulu ngokushiya amanye amakhosi amathathu amaBomvu obekumele awabale ngohla lwawo ngesikhathi enza isethulo sakhe ngeledlule. Lawa makhosi asemuva kukaMayizekanye wuMahlokohloko, uMkhontubomvu (uPhonyoza) noSigeqe.

IKhomishana kaNhlapho ivule ngokuncoma iNdlunkulu yaseMaBomvini ngokuzithoba ekusingatheni udaba lombango wobukhosi. Icacisile nangodaba lokusingathelwa kwesithangami eBaThenjini, yathi lokhu kungukugwema isimo esingasusa umsindo mhlambe uma iKhomishana ingahlala esizweni esithintekayo.

IKhomishana ibe seyibizela esithangamini inkosi ephethe njengamanje eMaBomvini uPano Ngubane. USikhakhane ube esenika ithuba inkosi uNgubane ukuthi iziphendulele ngezethulo ezenziwe phambi kwayo esontweni eledlule nguMntwana uSenzani. Inkosi ithe yona ihlezi esihlalweni sikayisemkhulu uMayizekanye, ubukhosi ibushiyelwe wumfowabo uKhethokwakhe. Ibe isibuzwa ngokozalo lakubo noloMntwana uSenzani, yaphendula yathi uSenzani unguyise wakwenye indlu.

Ibuziwe nokuthi kwenzeka kanjani uSenzani wabekwa njengenkosi ngonyaka wezi-2004, yaphendula yathi: “Ngathi ngingabekwa mina yena wayesezinkanka ngabangani bakhe wazibeka waba yinkosi, okwathi uma kufika uLundi lwathi akukabekwa nkosi eMaBomvini.”

Uma ibuzwa inkosi uPano ukuthi kwakungubani lolo Lundi ekhuluma ngalo ithe ayisakhumbulisisi kahle kodwa igama likaSthenjwa waseNewcatsle owayenguNobhala weTraditional Leadership yilona asalikhumbula.

Inkosi uPano ebingandile ngamazwi kodwa iphendula nje lokho ekubuzwayo iphinde yabuzwa ngoLoyi Ncwane nobukhosi okuthiwa bashiywa endlini yakwakhe. Uthe angeke aphawule lutho ngento angayazi ngoba babesebancane.

IKhomishana imbuze nangolwazi lwakhe mayelana nolibo-siko lokubekwa kwenkosi esihlalweni ngokozalo, waphendula kanje: “Kunesitatimende esithi abaNtwana bahlangana bathi akubhalwe uMthethosisekelo ongukuthi unkosikazi wokuqala nowesibili akabusi, kuqala kowesithathu, angazani naMthethosisekelo mina.” Ubuzwe ukuthi unina amzalayo ungowesingaki ngokuthathwa ebukhosini; wathi bekungowokuqala.

Ubuzwe ngohla lwamakhosikazi kaMayizekanye. Waphendula wathi akalwazisisi kahle, wazi kahle ngogogo wakhe uMaMakhaye. Uthe yena uzalwa uMaGcumisa enkosini uMahlokohloko.

Ubuzwe ukuthi uMaMakhaye kwakungunkosikazi wesingaki, wathi akazi. IKhomishana ibuzile ukuthi akazange ezwa lutho na ngezifiso zenkosi uMayizekanye azishiya ngaphambi kokuba akhothame. Walandula. Ibuzile futhi iKhomishana ukuthi uLoyi wayenasikhundla sini ngokwazi kwakhe? Wathi akwaziyo yena ukuthi uLoyi wayegane uyisemkhulu wathi engakazali wangenwa wuMuntu.

Ubuziwe ukuthi ngokwesiko izingane zengeno ngezikabani? Wathi wazi ukuthi kuba ezalo ongenile. UMaphalala ubuze ukuthi lisetshenziswelani leli lokungena pho uma izingane kuba ezalo ongenayo? Wathi: “Angeke ngazi impela.”

Ubuziwe ukuthi umbono wakhe uthini ngale mibhalo yasoLundi ekeyafundwa phambi kweKhomishana? Inkosi uPano yaphendula yathi: “Into eqhamuka isibhalwe ngumuntu ungayazi ukuthi yayibhalwa ngubani angeke ngakwazi ukuyihlaziya ngoba nobuqili buningi.”

UMaphalala ukugcizelele ukuthi izincwadi abaziphethe zinezinombolo ezitholakala ngazo oLundi njengobufakazi bokuthi azikokotelwe. Ibuzile iKhomishana ukuthi uma ezwa kuxoxwa uyezwe kuthiwani ngoLoyi Ncwane? Inkosi ithe ngabe ikhuluma iphutha uma ithi kunento eyake yayizwa ixoxwa ngoLoyi.

Uma ebuzwa ngesizumbulu semali engu-R3.5 million okuvele ngeledlule ukuthi yayilethwe eMsinga ngowayenguMengameli wakuleli ongasekho uMnu Nelson Mandela ngowe-1994, uthe: "Leyo ndaba ngiyayeshwama, ngiyiqabuka khona la ekuhlaleni kweKhomishana."

Isiphetha iKhomishana ibuze ukuthi inkosi ingathini uma ubufakazi buthi inkosikazi yokuqala ayiyizali inkosi. Inkosi ithe angeke yazi ngoba ubukhosi nobukhosi abufani ngokwenza izinto. IKhomishana ifundele inkosi isitatimende esabhalwa wuMayizekanye phambi kokuthi akhothame lapho ethi khona, “Ngiyasayina ukuthi omkhulu kulamakhosikazi ami wuLoyi. Wakhethwa yisizwe, walotsholwa yisizwe. Uma kufika isikhathi sokuthi ngedlule emhlabeni abe nelungelo lokuthi ahlale emzini wami kwaMbhono ingunaphakade.”

IKhomishana ibe seyibuza inkosi ukuthi ngalobu bufakazi besitatimende esibeka kucace ngezifiso zenkosi uMayizekanye ingeluleka iKhomishana ithini? Inkosi ithe yiyona iKhomishana enganquma, yathi futhi ingake ithole nokuphumula uma lolu daba lungafinyelela esiphethweni.

IKhomishana ibe seyikugcizelela ukuthi uhulumeni wobandlululo ubuwahlukumeza kakhulu amakhosi lapho iveze esinye sezigameko lapho inkosi uMayizekanye athethiswa khona phambi kwabantu, uhulumeni wamehlisela neholo. IKhomishana ivezele isithangami ukuthi isizwe samaMaBomvu sithathwa njengesizwe esihlukumezeke kakhulu wumbuso wobandlululo. Ibe seyiphakamisa ukuthi uma kunomuntu esithangamini ofisa ukucacisa okuthile ngobukhosi baMaBomvu, ikakhulukazi mayelana nokuthi inkosikazi yokuqala iyayizala na inkosi, eze ngaphambili.

Inkosi icele owake waba nguNdunankulu waMaBomvu eze ngaphambili. OwayenguNdunankulu uzethule njengoLeonard Dida Ngubane. Uthe ngokwaseNdlunkulu uzalwa uMacala Ngubane owayezalwa wuSomashi.

UDida uthe uzoqala la azi khona ekuphumeni koMntwana uKhetheyakhe ebukhosini. Uthi njengomndeni babizelwa esigodlweni la kwafika kwacacela noma ubani ukuthi umbango mkhulu. Uthi asikho isixazululo esavela ngoba kwaze kwangenelela iKhomishana yasoLundi.

Uthi amkhumbulayo wuButhelezi kuleyo Khomishana eyagcina ibiziwe, kwathiwa isinqumo esingujuqu sesiyophuma kuyo. Uthi kuleyo Khomishana wabuza ukuthi uMahlokohloko wayeyibamba yini noma wayeyinkosi ngokugcwele. Uthi kwathiwa wayeyinkosi ngokuphelele. Uthi wabuza ukuthi kungani pho kungabhekwa ezinganeni zikaMahlokohloko ekukhetheni ozoba yinkosi. Uthe amaBomvu acela ukuthi aphumele obala ngoMntwana acabanga ukuthi angathatha ubukhosi. Wathi yena angeke akwazi ukukwenza lokho ngoba kunabantu abafanele ukuthatha leso sinqumo.

Uthi iKhomishana yathi uma isisonga yathi iyobuya isiliphethe igama lozoba yinkosi. Uthi ekubuyeni kwayo iKhomishana yathi yiNdlunkulu kaMahlokohloko okumele kuphume kuyona ubukhosi. Inkosi uMahlokohloko izalwa wunkosikazi wesibili (iKhohlwa) kaMayizekanye uMaMakhaye. Kwase kubekwa uKhethokwakhe Ngubane.

                                             Inkosi uMayizekanye 'Mkhafulafidi' Ngubane 

Uthi cishe uKhethokwakhe uphathe iminyaka eyisikhombisa, wase ekhothama. Uthi wasecelwa njengoNdunankulu yiNdlunkulu ukuthi kube nomhlangano lapho kuzoxoxwa khona ukuthi kumele kuhleleke kanjani ngozongena esikhundleni senkosi uKhethokwakhe. 

Uthi ababekhona kulowo mhlangano umama wayo inkosi nomfowabo uQegu owayeyisikhulu saseNdlunkulu. Ube esebuzwa iKhomishana ngodaba lwesicelo sikaSenzani Ngubane ngobukhosi, wathi uDida akwaziyo yena ngalokhu ukuthi uSenzani wake walwedlulisela eNkantolo ePhakeme eThekwini udaba lwesicelo sakhe sobukhosi, inkantolo yamchitha. 

Ibe seyibuza kuMntwana uSenzani iKhomishana ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi selubuya eNkantolo ePhakeme udaba lwakhe. Wathi ukhona ummeli onguManzi isibongo ake amqasha ngalo kodwa lwaphelela emoyeni ngoba wayelokhu emtshela ukuthi liyahlehla waze wadikibala wayeka ngenxa yesimo sokwentula izimali zokuluqhuba. Yabuza iKhomishana kuSenzani ukuthi lwake lwahlala yini ekugcineni enkantolo, wathi cha. 

Ibe isibuza iKhomishana ukuthi leyo Khomishana  ka-'85 eyahlala ngobukhosi baseMaBomvini yachaza yini ukuthi ifinyelele kanjani esinqumeni sayo? Wathi uDida bathi emibhalweni akukho okutholakalayo uMahlokohloko ayekubhalile ngobukhosi bakhe. 

IKhomishana ibuze uDida ukuthi uma umfowenu kuthiwa ungena unkosikazi kamfowabo kusho ukuthini? Wathi kusho ukuthi uvusa umuzi kamfowabo. Yabuza iKhomishana ukuthi izingane azizalayo kulowo nkosikazi wengeno ezikabani? Wathi usuke ezalela umfowabo. UDida uphinde wabuzwa ngemali enguR3.5 million okuthiwa yalethwa ngowayenguMengameli wezwe ngaleso sikhathi uMnu Nelson Mandela eMsinga. Wathi yena wazi uR2.5 million owalethwa wuMandela okwakuyimali yokwakha isikole. Ubuziwe nokuthi ikhona yini inxushunxushu eyasuka emva kwalokho. Wathi kwaba nombhikisho omkhulu wezepolitiki kwalimala abantu.

                                 USolwazi uJabulani Maphalala 

UDida uqhube wathi yena uyakweshwama ukuthi uLoyi wayelotsholwe yisizwe. Uphinde wabuza uSikhakhane weKhomishana ukuthi kusho ukuthini ukungena umuntu ozozala inkosi, wathi ucela acophelele uma ezophendula lo mbuzo, acabangisise kahle ngoba unelungelo loku ngawuphenduli. Ukhethe ukungawuphenduli lo mbuzo owayenguNdunankulu wamaBomvu. 

Iphinde yabuza iKhomishana kuDida ukuthi akayibonanga yini inhlese yezepolitiki ekwehlisweni esikhundleni kukaSenzani. Walandula, wathi akabonanga kungenelela kwepolitiki ekwehlisweni esikhundleni kukaSenzani. 

Seyisonga iKhomishana ibuzile ukuthi ukhona yini omunye onolwazi olusha olungelekelela iKhomishana ngalolu daba, kwavela uMntwana uMzokhanyayo ozalwa wuMaZondi enkosini uMahlokohloko. 

UMntwana uMzokhanyayo uthe kungenzeka kanjani ubukhosi bukayise uMahlokohloko buwele kubafowabo ekhona yena njengendodana esaphila. 

Uthe ngesikhathi kubekwa uKhethokwakhe esihlalweni sobukhosi kwaba nomsindo wokuthi ubukhosi bungathathwa kanjani yingane yesokangqangi. Uthe isokangqangi unkosikazi omdala emendweni, okuthi ebukhosini azale umlamuli noma ibamba emndenini, hhayi inkosi. Uthi iKhomishana ka '85 yabuza uMaGcumisa ukuthi achaze ukuthi wangena ekusiphi isimo esigodlweni. Uthi wathi uMaGcumisa ungumakoti omdala ebukhosini owaba yinkosikazi yenkosi uMahlokohloko engakabi nayinkosi, nelobolo lakhe alikhokhwanga yisizwe saMaBomvu. 

Uthi ngezethulo zeKhomishana ka'85 ayekhona kuyo kepha esemncane, kwasukuma ugogo wakhe uLoyi Ngubane ukunika ubufakazi wathi lokhu okushiwo uMaGcumisa kuyiqiniso impela. Uthi babuza uMaGcumisa ukuthi iyaphuma yini inkosi kwakhe. Uthi waphendula uMaGcumisa wathi yena wazi ukuthi udaba lobukhosi lusingathwa zingane zakhe, uma engakhothama uMahlokohloko wuyena ongalawula ukuthi ubani oyothatha ubukhosi. 

Uthi emva kwalokhu basukumisa uLuzile Ngubane owathi yena ungowesithathu ekuganweni kwenkosi uMahlokohloko. Uthi kwaba nokudideka uma ekhuluma kanjena, kwase kusukuma uLoyi wathi ungophakathi ngokugana. Uthi kwathi uma kusukunyiswa uMaGcumisa; wathi uLuzile akayena owesithathu kepha uyiKhohlwa. Yabonga iKhomishana, yayisibiza unkosikazi wangempela wesithathu uThobile (MaZondi) Ngubane okwase kunamahlebezi athi akasekho emhlabeni, wafike wavuma ukuthi nguyena ngempela unkosikazi wesithathu. 

Wababala-ke abazalwa wunkosikazi omdala kaMahlokohloko uMaGcumisa okunguKhethokwakhe, uPano (oyinkosi njengamanje) noBhekumuzi Ngubane. Abazalwa uLuzile Ngubane uMbambuyahlupha, uNkosiphi noMthaleni. Abazalwa wuMaZondi uThulani noKhipha (bobabili asebakhothama) noMzokhanyayo. 

IKhomishana ibe seyibuza ukuthi ngokwazi kwakhe uma isimo sinje inkosi izalwa ngakuphi, wathi izalwa kwabo. Kwabuzwa ukuthi ukushiso yini lokhu? Uthe ukhumbula ukuthi eminyakeni eminingi edlule esemncane uyise uMahlokohloko wamthatha waya nabo njengamadodana akhe enkantolo yasoThukela wafike eMantshini wamisa umfowabo uThulani phezu kwesikhumba sengwe (esho lesi ebesikhishwe wuMntwana uSenzani njengobufakazi bokuthi ubukhosi basala endlini yakwabo) wathi uma ekhothama nguye (uThulani) oyoba yinkosi. 

Uthi kwabamangaza nje nabo uma iKhomishan ka-'85 isikhipha isinqumo sokuthi ubukhosi bukuNdlunkulu  wokuqala uMaGcumisa kanti kuyaziwa ukuthi unkosikazi wokuqala akayizali inkosi. 

UMntwana uMzokhanyayo uthi uyise uke wadingiswa iminyaka emihlanu ngonyaka we-1961 kodwa kwathi uma siphela isigwebo sakhe saphinde selulwa futhi ngeminye iminyaka emihlanu waze wabuya esekhule kakhulu ngonyaka we-11, lokho athi kwakuyitulo labanye emndenini ukuze angabe esabuyela esihlalweni sakhe sobukhosi. 

Uthi ngesikhathi kuhleli le Khomishana ka-'85 esithubeni sokuqala uLoyi waba ngofakazela indlu kaMaZondi njengefanelwe wukuthatha ubukhosi. Ibe seyibuza iKhomishana ukuthi wachaza yini uLoyi ukuthi useyizele inkosi? UMntwana uMzokhanyayo uphendule wathi ethubeni lesibili wathi akukho asangakusho ngoba yayisithe inkosi uMuntu (oke wabambela uMayizekanye noMahlokohloko) oSenzani okumele babuse. 

Uthe kumethusile ezinsukwini uma ezwa ukuthi uMntwana uSenzani usabufuna ubukhosi ngoba uma bezixoxela nje uhlale esho naye ukuthi ubukhosi busendlini yakwabo. Uthi ngelinye ilanga bexoxa ngabo ubukhosi lobu wethuka woma nasozwaneni uma uMntwana uSenzani embuza ukuthi uma engamnika isikhumba sengwe sobukhosi angamnika izinkomo ezingaki: “Ngamangala nje ukuthi kanti ubukhosi lobu sekuyinto yokuthengiselwana.” Kusho uMntwana uMzokhanyayo. 

Ebuzwa ukuthi uyazi yini ukuthi safika kanjani lesi sikhumba sengwe endlini kaLoyi uthe: “Kuthe inkosi uMahlokohloko isibuyile ekudingisweni kwatholakala ukuthi lapho yayibhace khona kwaZulu kukhona izimpahla zayo ezazisele emuva. Labo ababeyilethele izimpahla zayo, kumbandakanya naso isikhumba sengwe lesi esiphambi kweKhomishana beduka beza ngaseKranskop, indawo yasebukhosini bengayazisisi kahle kwazise babehambe befunisela. Indlu abasheshe bayithola kwaba ngekaLoyi ngaphesheya koThukela la bafika basishiya khona. Umthetho wabo beduka ngoba babesilethe kithi kwaMbhono. Sagcina sifike kanjalo-ke isikhumba sengwe endlini kaLoyi.” 

UMntwana uMzokhanyayo uthi le ncwadi okuthiwa yasayinwa yinkosi uMayizekanye uyithatha njengento engekho ngoba umuntu uma esemdala usayiniswa noma yini. UMntwana uMzokhanyayo uthe nayo imibhalo le akunakwethenjelwa kakhulu kuyo ngoba wake wathi uma eya oLundi eyofunisisa kuyo ngolibo lobukhosi bakwabo, wathola ukuthi kukhona lakubhalwe khona ukuthi yena usaphanjanelwa yikhanda kanti umfowabo uThulani usakhothama. La mazwi abonakale enenga uSolwazi uMaphalala ovele wathatha isikhwama sakhe waphuma, okuthe emva kwesikhashana waphinde wabuya. 

Ibuzile iKhomishana ukuthi unabo yini ubufakazi bokuthi inkosi uMayizekanye yayingekho esimweni esifanele uma isayina incwadi. Wathi noma engenabo kodwa yinto ayaziyo ukuthi umkhulu wakhe wayesemdala kakhulu ngaleso sikhathi okuthiwa wasayina ngaso incwadi esho ukuthi ubani oyizalankosi. 

UMntwana uFalakhe (ofulathele) noMntwana uMzokhanyayo Ngubane

Ubuziwe uMntwana uMzokhanyayo ukuthi yimiphi imizamo aseke wayenza ukuthi abuyisele ubukhosi endlini yakwabo. Wathi inkinga wukuthi yena ubazi ukuthi wumndeni okufanele uxazulule le nkinga. Uphakamise nokuthi kuke kwaba nokushaya amakhala esizweni nasemndenini ngokufuna ubukhosi koMntwana uSenzani ngoba uke waba sezikhindini (esho ukuboshwa). 

Ebuzwa ngombono wakhe ngenkosi ebusayo uthe sekukaningi umndeni ubamba imihlangano ngayo ngezinxushunxushu ezidaleke ngaphansi kwesandla sokubusa kwayo, ngaleyo ndlela akayiboni isafenelwe wukubusa: “Bathi abantu abasakwazi ukubika enkosini ngoba ayibazi nokuthi bayini.” 

Ekugcineni inkosi uPano ithe ayizukuphikisana nesinqumo seKhomishana uma iyehlisa esikhundleni, kodwa ingathokoza uma iKhomishana ingake ibuye kuyo ngqo ukuze iziphendulele ngalokho osekushiwo kwiKhomishana uMntwana uMzokhanyayo ngayo. 

USikhakhane uthe inkosi ingabhala incwadi ngaphambi kwezinsuku ezili-14 ngalezo zimpendulo ethi zisasele ngakuyo.




I BUILT MY SITE FOR FREE USING