29 Jul
29Jul

Lolu daba yi-update ngodaba olwashicilelwa kwezaseMsinga Newspaper ngowezi-2016 ngobukhosi bamaBomvu…

"Ngokwesinqumo sethu njengeKhomishana KaNhlapho uMntwana uSenzani Ngubane nguyena oseyinkosi yasemaBomvini sikhuluma nje, kodwa lokhu akukwenzeki ngoba ubanjwa inkunzi abaholi besiFundazwe sakwaZulu-Natal abangekho qotho…” – Prof. Jabulani Maphalala, owayehola iKhomishana kaNhlapho eyayihlezi eMsinga ngowezi-2015 icubungula ukuxovwa kobukhosi bamaBomvu ngabomu wuhulumeni wobandlululo kanye neqembu leNkatha...

IKhomishana kaNhlapho isibembule izinqe laba baholi abazibiza ngamalunga e-ANC esiFundazweni sakwaZulu-Natal bebe bedlalela iqembu leNkatha

Luse yinzukayikeyi udaba lobukhosi baseMaBomvini okuvele kwiKhomishana kaNhlapho ebihleli eBaThenjini eMsinga ngowe-2015 ukuthi boniwa wumbuso wobandlulo uhlangene nezichuse zawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli phephandaba libike kabanzi ukusuka nokuhlala ngeKhomishana kaNhlapho ebiholwa nguSolwazi uJabulani Maphalala no-Advocate Basil Sikhakhane nyakenye ebinyikanyika lolu daba lokuxoveka kobukhosi bamaBomvu aseMsinga.

Emhlanganweni obuseThekwini zi-2 kuJanuwari (2016) obuhleli emzini kaMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma eKing's House wokubuyisana phakathi kwabakwaNxamalala namaBomvu aseMsinga obungaqondene nalo ludaba, uMntwana waseNdlunkulu uSenzani Ngubane uke waluhlokoza lolu daba kuNgqongqoshe weZokubusa Ngokubambisana noBuholi Bomdabu uNkk Nomsa Dube-Ncube, embuza ukuthi sekumiphi ngomphumela olindeleke ngabomvu ngobukhosi bamaBomvu. Wathi akazani nhlobo nalo.

Bekulindeleke ukuthi isinqumo siphume kuNdunankulu ngoNovemba ofile kodwa namanje asikaphumi.

UMntwana uSenzani uthi, “Engxoxweni yami noNgqongqoshe ngithuke koma nasozwaneni uma elandula ethi akazani nalolu daba. Uze wathethisa nomabhalane bakhe eMnyangweni wakwaCogta emva kokuthi bevumile ukuthi bayalwazi bona kodwa yena ubengakaziswa lutho ngalo.”

Lo mabhalane, ezaseMsinga ezinalo igama lakhe, kuthiwa uthe uma ebuzwa ngalolu daba ukuthi uhlaleleni phezu kwalo wathi kunezinto abesazifunisisa kwiKhomishana kaNhlapho ngalo obekuzothi uma esezitholile ebese elwethula kuNgqongqoshe uNomsa Dube-Ncube.

“Lokhu kuyindida ngoba senginolwazi ukuthi iKhomishana le isamile okwamanje njengoba u-Advocate Basil Sikhakhane obengomunye wabaholi bayo eseqashwe ngokugcwele ehhovisi likaNdunakulu uSenzo Mchunu. Manje angazi ukuthi umabhalane iyona yiphi le Khomishana athi usaxhumana nayo.” Kusho uMntwana uSenzani Ngubane.

Ngokuthola kwezaseMsinga akukona ukuthi iKhomishana ihlakaziwe, kodwa umthetho wayo ilokhu ihlala njalo uma kunezicelo zobukhosi okumele izicubungule. Emveni kwalokho abaholi bayo babuyela emisebenzini yabo eseceleni njengokwejwayelekile.

Kuthe eseyolanda umqulu mayelana nesinqumo seKhomishana uMntwana uSenzani watshelwa uProf. uMaphalala ukuthi uNkk. Nomsa Dube-Ncube usemncenge wancama ethi akaguqule isinqumo sabo njengeKhomishana sivune inkosi uPano eyabekwa yi-IFP ngokungekho emthethweni, inkohlakalo athi uMaphalala wayikhaba ngazo zombili, wenqaba ukushintsha isinqumo sabo.

Lokhu kuchaza ukuthi uDube-Ncube wayeqamba aluhlaza cwe amanga uma ethi umbiko weKhomishana kaNhlapho akazani nawo mhla uMntwana uSenzani embuza ukuthi seluhambe lwafika kuphi udaba ngobukhosi bamaBomvu aseMsinga. Kuyacaca ukuthi wayesazama amasu okuguqula isinqumo seKhomishana.

UMntwana uSenzani uthi kukhona okushaya amanzi emsamo ngale nto futhi usola izimbangi zakhe ezamshiyisa eqenjini likaKhongolose ukuthi yizo lezi esezenza imikhuba yokumvimba ekubeni ahlale esihlalweni sobukhosi. Uthi laba bantu uyabazi ukuthi bangosomathuba abangeqotho ngisho eqenjini labo ngoba abayona le nto abathi bayiyo.

“Naseqenjini likaKhongolose babengizondela kona ukuthi ngiyababona ukuthi bangoBusobubili. Bakhangeza ngapha nangapha. Laba bantu bangoThishomkhulu emawadini angaphethwe uKhongolose, baphethe izikole ezisezizindeni zenhlangano abaphikisana nayo i-IFP. Kodwa mina ngisekuKhongolose ngangingeke ngithole ngisho itoho lokushanela isikole leli ewadini ye-IFP.

“Mina noMnu Dlabantu Zungu ongasekho sahujwa saze sayothola umsebenzi eMgungundlovu, kwathi uma kuvela i-post kahulumeni eSibila Primary uZungu akangaqashwa ngoba eku-ANC yize ayesevolontiye kulesi sikole iminyaka. Mina bengithi uma ngigqoke isikibha sikaKhongolose nginyonkolozwe kabi amalunga e-IFP, kwesinye isikhathi abantu bengangibingeleli nangendlela kodwa uma bezigqokile bona kungabi ndaba zalutho.”

UMntwana uSenzani uqhuba uthi: “Umthetho wami ngineshwa eliyisimagaliso ngoba ngisenguSihlalo weNadi Branch kuKhongolose bengihlushwa zimpimpi zeNkatha ezinobulunga beminyaka emihlanu yonke kuKhongolose. Manje angisekho kwipolitiki kodwa ngisahlushwa yiwo  futhi la malunga mbumbulu kaKhongolose."

UMntwana uSenzani uthi kunodaba alwenza nephephandaba laseMgungundlovu i-Echo ngowezi-2007 esenguSihlalo we-Nadi Branch la ayeqhakambisa khona imisebenzi emihle uKhongolose ayenzayo eMsinga kodwa wathethiselwa kona lokho ngomunye umholi osenguSihlalo wesiyingi sika-ANC kwiBhambatha Region uLinda Ngubane, “Wathi kimi angehlukane nale nto engiyenzayo ngoba bona njengamalunga eBranch iyabacika. Bahlangana ngami bangichitha kwi-AGM yowezi-2007 ngoba bengibona ukuthi ngikhulisa iqembu likaKhongolose eMsinga."

Sesingakudalula manje ukuthi uLinda wamvezela umnikazi wezaseMsinga Newspaper uSbu Ngubane lolu daba olwalushicilelwe yiphephandaba i-Echo eSomashi High School la uSbu ayeqeqesha khona umabhalane wesikole kwezobuchwepheshe, athi uma elufunda wakuphawula ukuthi uSenzani uqhakambisa imisebenzi emihle uKhongolose ayenzayo eMsinga. Lokhu okwashiya uSbu enokudideka ukuthi njengoba uLinda wayengomunye wabaholi beNadi Branch nje ku-ANC ngaleso sikhathi, okwakumthukuthelisa ngokunconywa kwe-ANC  kuWard 12 wuMntwana uSenzani ephephandabeni kwakuyini ngempela?

Uma embuza uSbu ukuthi yikona kuphi okubi akubonayo ngalombiko uLinda, wathi uSenzani ubengenalo ilungelo lokwenza lezo zitatimende ephephandabeni ngaphandle kwemvume yakhe nabanye abaholi be-Nadi Branch, yize uMntwana uSenzani ngaleso sikhathi wayenguSihlalo weBranch, futhi kungaseyona imfihlo ukuthi abasabambisene naye njengoba babesezinhlelweni zokumgudlula esikhundleni kwi-AGM elandelayo.

“Kusobala ukuthi basebenzisa izikhundla zabo njengamanje  la kuBhambatha Region ukwedusa uhulumeni wesiFundazwe ngobukhosi bamaBomvu ngoba belwa nami uqobo. Lokhu ngikushiso ukuthi nalapho kwakumele ngikhethwe khona njengeKhansela le ANC ku-Ward 12 ngowezi-2006, ngavinjwa yibo bafaka umfowethu wakwenye indlu owayengaqavile njengami kuKhongolose, yize kuyimina owayesize iqembu ukuphemba iziko leNadi Branch.”

UMntwana Senzani uqhuba uthi: “Yibo futhi labo Busobubili engisola ukuthi bathathe inkosi ephethe njengamanje eMaBomvini bayoyihlalisa emgubhweni weminyaka eli-104 kwasungulwa iqembu likaKhongolose obuseMdlovane yize beyazi kahle ukuthi iyiNkatha. Le nkosi bebeyimemele ukuyidayisa ebuholini besiFundazwe kuKhongolose ngenhloso yokuyizamela amathuba okuthi igcine isihlalo ekuso.”

Eziphendulela uNobhala we-ANC kuBhambatha Region uMnu Bheki Lembede uvumile ukuthi inkosi uPano Ngubane ibikhona emgubhweni ka-ANC weminyaka eli-104 yasungulwa, wathi kodwa ibikhona njengesinye sezimenywa ezingamakhosi abemenyiwe, “Inkosi uNgubane iyilunga leContralesa okuyinhlangano yamakhosi enobudlelwano obuhle noKhongolose. Kanti nangale kwalokho, kulo mgubho bekumenywe wonke umphakathi, kubandakanya nabangewona amalunga ka-ANC ukuba yingxenye yawo.” Kusho uLembede.

*ezaseMsinga Newspaper ziwuqonda kahle lo mkhuba owenziwa yiqembu leNkatha; ukutshala amalunga ayo kuKhongolose ukuze athathe izikhundla ezibalulekile, njengaso nje lesi sobukhosi esiphethwe wuMntwana uPano Ngubane kumanje. Lokhu iNkatha selo iqale ukukwenza singena entandweni yeningi kuze kube yimanje, ingena ngenxeba lokuthi uKhongolose sewaxegisa amatomu okuvivinya labo abajoyina umbutho. Yingakho namhlanje isiFundazwe sesiphethwe amalunga ayo osekunesikhathi atshalwa ku-ANC nazenza amalunga enhlangano ebe engewona.

Ubufakazi bokuthi uMntwana Pano wathathiswa ubulunga bukaKhongolose ngobugebengu ukuze kuvinjwe uMntwana Senzani nabu: Wuye kanye ozidalulela ngokwakhe esigcawini sesibili sezethulo zobukhosi bamaBomvu ngowezi-2015 ukuthi akanabudlelwano nhlobo yena nombutho kaKhongolose kanje; Okokuqala nje uphika uma ngentaba ukuthi kunesikhwama sika-R3.5 million esalethwa yilowo oke waba nguMengameli wezwe phambilini uMnu Nelson Mandela eMsinga ngowe-1994, into eyaziwa nayingane encane eMsinga ukuthi yenzeka singena entandweni yeningi. Ngisho nalowo ambiza njengofakazi wakhe uMntwana uDida Ngubane uyavuma ukuthi ikhona imali enjengale eyalethwa eMsinga NguMnu Mandela yokwakha i-TVET College oThame. Nalu udaba

Okwesibili izivumela ngokwayo futhi inkosi ukuthi yona yabekwa wuLundi esikhundleni, okuyinhlangano ye-IFP eyayiphethe iProvince yakwaZulu-Natal ngesikhathi lowo owayenguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana ngaleso sikhathi esiFundazweni nowakhothama eyilunga le-IFP inkosi uNyanga Ngubane ephambanisa izinkomishi, esusa uMntwana uSenzani esikhundleni ngoba eku-ANC ebeka uMntwana uPano esikhundleni sobukhosi ngokungekho emthethweni ngoba eyilunga le-IFP.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING