16 Feb
16Feb

Ngu Aya Ngubane

Le ncwadi eshicilelwe ngonyaka wezi-2014 ixoxa kabanzi ngomlando wendawo yaseMsinga nembangela yezimpi zakhona zemibango ebezidla lubi eminyakeni eyedlule. Ithinta nodaba lwempi yowe-1982 phakathi kwesizwe samaQamu - abakwaMajozi nesizwe samaBomvu aseMsinga...

Incwadi: Msinga – History and its Political Landscape – 1820 - 2013

Ababhali: Judge Mjabuliseni Madondo No Mnu. Hlalembusweni Madlala 

Ngaleso sikhathi umbhali walencwadi oseyiSekela-Jaji eliphethe kumanje esiFundazweni sakwaZulu-Natal uJudge Mjabuliseni Madondo ubesengummeli ozimele esebenzela edilobheni laseMgungundlovu. 

Lempi eyacishe yathatha unyaka wonke kuliwa yimpi eyayisuke eGoli ibangwa ukungaziphathi kahle kothile wesifazane owayebanjwe ephinga. Kwashona inqwaba yabantu uma lolu dlambedlu selugcina lukapakele nasezindaweni zasemakhaya eMsinga. 

Uma udlambedlu lungafuni ukudamba kwaba nezakhamizi eziqavile zaseMsinga ezasukuma ngenhloso yokulubhula kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kulelo thimba kwakukhona uJaji Mjabuliseni Madondo ongowasOthame eMabomvini (owagcina esungule inhlangano yomphakathi waseMsinga okuthiwa wuMsinga Peace), kukhona futhi no-Mnu Eleazar ‘Gongo’ Hadebe waseMsinga Top khona eMabomvini futhi, owayengomunye wabaphathi zikole abaqavile eMsinga ngaleso sikhathi.  

Uma eseyilanda uJaji uMadondo kulencwadi ayibhale ngokuhlanganyela noMnu Hlalembusweni Madlala imizamo yabo yokubhula impi eyase yedlule nenqwaba yemiphefumulo yabantu, uthi baqala ngokusungula isigungu sokudala uxolo eMsinga, banquma ukuthi beyileso sigungu bathathe uhambo oluya oLundi ukuyohlangana noMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ukumnxenxa ukuthi angenelele njengomholi wezepolitiki owayengusaziwayo kwazise futhi iningi labantu ababebandakanyeka kulempi babeseqenjini lakhe macala omabili. 

“Sabona kunesidingo sokuthi sibe nomhlangano noMntwana wakwaPhindangene, simnxenxe ukuthi abe yingxenye yethimba lokuletha ukuthula endaweni yaseMsinga; hhayi kuphela njengomholi wezepolitiki kodwa ngoba laba bantu ababengasakhuzeki iningi labo kwakungabeqembu lakhe leNkatha. Ngaleso sikhathi i-ANC ibisekudingisweni.” Kusho uMadondo.

UMadondo uthi bazama isikhathi eside kungalungi, kodwa lwaze lwatholakala usuku lomhlangano noButhelezi. Ngenxa yokuthi kuyibangana ukusuka eMsinga ukuya oLundi, uthi basuka kungayizolo bahamba ubusuku bonke ukuze kungenzeki nangephutha ukuthi bashiywe yisikhathi somhlangano ababezoba nawo noButhelezi kwazise wawubaluleke kakhulu futhi umayelana nokuphephisa izimpilo zabantu. 

Uthi isikhathi esasibekiwe kwakwesasekuseni, kodwa bamangala kakhulu uma sebefika oLundi sebetshelwa ukuthi uButhelezi angeke esakwazi ukubabona. 

“OLundi sasifike izintatha savukela emhlanganweni. Ayichazeki indlela esadumala ngayo uma izithunywa zakhe sezisitshela ukuthi asiphindele emuva ngoba wayengeke esakwazi ukusibona kwazise sasesizame kaningana ukuthola isikhathi sokukhuluma noButhelezi kodwa kungalungi kanti nekhambi lokubhula leyampi sasazi ukuthi lisezandleni zakhe. Ngakho-ke uma izithunywa zakhe zisitshela ukuthi asiphindele emuva ngoba wayengeke esakwazi ukusibona, uMnu Eleazar Hadebe wacasuka kakhulu washaya phansi ngonyawo wathi asiyi ndawo singambonanga uMntwana ngoba bayaphela abantu bakithi eMsinga.”

Chief Justice Mogoeng Mogoeng no Deputy Judge President e-KZN uMjabuliseni Madondo besafunda oNgoye 

Ngaleso sikhathi obeyinkosi eMaBomvini bekuwuKhetheyakhe Ngubane, naye owayekhathazeke kakhulu ngempi eyayiqhubeka ingabhuleki phakathi kwesizwe samaBomvu nabakwaMajozi. 

“Inkinga enkulu ekudaleni loluxolo olwaluphenjwa oMadondo nethimba lakhe loMsinga Peace ukuthi uMntwana wakwaPhindangene wayesondelene kakhulu nomphehlu ludweshu obengowesizwe sakwaMajozi futhi eyilunga eliqavile leNkatha uC.J Mthethwa.” Kuchaza uMntwana uKhetheyakhe. “UMthethwa wayengitshela ekhaleni ukuthi uhlomisa abakwaMajozi ngezikhali zeNkatha nje ngoba nakhu esondelene noButhelezi, engitshela ekhaleni ukuthi futhi bazosinqoba njengesizwe samaBomvu ngoba uButhelezi ungakubona.” 

Ngokusho koMntwana uKhetheyakhe uthi yena nenkosi uMhlabunzima Maphumulo basebenyamana-mbana kuButhelezi njengoba uC.J Mthethwa wayesesebenzisa ubunceku bakhe kuShenge ukulwa namakhosi ayengawafuni njengaye noMhlabunzima, ebabiza ngamalunga e-UDF.

Inkosi uMhlabunzima Maphumulo eyaphinda yasungula inhlangano yamakhosi iCONTRALESA 

“Inkosi yakwaMaphumulo yagingqwa ngesibhakela yizihonga zeNkatha phambi kwami siyongena esiShayamthetho oLundi ngoba uC.J Mthethwa lo wodumo ayeseyinyundele kuButhelezi, eyibiza nge-ANC. UMaphumulo waze waphuma wasungula iqembu okwakuthiwa yiNala ngoba esekhathele ukuqubukushwa wuye uMthethwa lo owayeyisethenjwa esikhulu sikaButhelezi.”                  

Leyo mpi phakathi kwamaBomvu aseMsinga nabakwaMajozi yalwa yaze yaziphelela ngowe-1983 engazange angenelele uButhelezi ukubhula umlilo.

UMntwana waseNgonyameni owayebusa ngaleso sikhathi emaBomvini uKhetheyakhe Ngubane 

Le ncwadi kwakunezinhlelo zokuyethula ngokusemthethweni emhlanganweni wamaBomvu-jikelele owawuseManguza ngowezi-2017 wumnikazi wephephandaba ezaseMsinga uSibusiso Ngubane; ongowesende lenkosi uSibindi wasesiPhindeleni owayebambele inkosi uNyoniyezwe esakhula.

Lokhu akwangenzeka ngenxa yokubanjezelwa ngabomu kwenkokhelo yephephandaba okwakumele liyithole kwaSupply Chain Management ehhovisini likaNdunankulu u-Willis Mchunu ngomsebenzi elalibenzele wona. Umhlangano wamaBomvu wawungoMgqibelo eManguza inkokhelo yaze yangena ngoMsombuluko. 

Le ncwadi itholakala ngokushayela lezi zinombolo: 082 673 7133 noma 082 421 3971


I BUILT MY SITE FOR FREE USING