23 Mar
23Mar

Sekuyisikhathi sokuthi sibhoboke manje ngale-project eke yaba undabuzekwayo eminyakeni emibili edlule: uQhubinja. Ngesikhathi kubheduka udumo ngale Facebook page, bengisashicilela iphephandaba eliyi-Communty Newspaper laphaya eTugela Ferry: ezaseMsinga Newspaper...

Kuthe kwenye yama-post ethu kuFacebook sakhuluma ngechilo lokuswenka kwabantu abamnyama ibe imizi yasemakubo itshekile noma iwa, sibabaza nokuthi kwenziwa yini ukuthi kuthi kuyithi ndlemnyama edonsa kanzima ngokwamaholo amancane emisebenzini, kuphinde kube yithi futhi esikhipha imali eningi sithenga izimpahla zokugqoka ezibizayo.

Ngaleso sikhathi bekunomculi kamaskandi obesafufusa obezidayisa ngomswenko, kukhona nentombazane yakwaNgubane eMdlovane ebinekhasi ebengililandela kakhulu kuFacebook uMinenhle - kulona ngilandela nje izinto ezisematheni ezishiwo yintsha. Udadewethu lo ubengumlandeli omkhulu weChalaha likaShafuza neMfezemnyama.

Noma iMfezemnyama ingeyena umculi ogqame kangako ngokuchoma ngendwangu kodwa uMjikijelwa yiyona nto adume ngayo lena. Engikuphawulile ukuthi ezithombeni ebengizibona zishuthwe abantu abasha ekhasini lakhe uMaNgubane lo bekuswenkwa ngendlela exaka usathane, futhi ubona ukuthi kuthengwa kuchonywe ngalezi zimpahla ezibizayo nezigqokwa osaziwayo okuthiwa ama-lebuli. UMaNgubane ubenabalandeli ababalelwa ku-4000 nokudliwayo kuFacebook page yakhe.

Yila ngibone khona ukuthi intsha idinga ukwelulekwa ngengozi yokulandela imfashini ebizayo abelungu namaNdiya abayidayisayo bebe bezigqokela odangala bakwa-PEP namadashiki okuzithungela.

Kanti futhi nabo abaculi laba imvamisa abazithengeli lezi zimpahla ezibizayo ebazigqokayo, bavamise ukuxhaswa ngazo abakhiqizi bazo ukuze bazikhangise. Ngaze nganameka isithombe sikaL'vovo engena eYadini egqoke idashiki ensundu obondeni lwethu lweFacebook, ngathi nayi-ke indlela enhle yokuswenka ngaphandle kokubhoboza iphakethe.

                        L'vovo Derrango engena eYadini: Isithombe - Isolezwe

Kanti sakha isizwe nje asiboni ukuthi ababhidlizi baso bayahlabeka ngokuqwashisa kwethu intsha. Okubuhlungu nje ukuthi laba babhidlizi bomphakathi babandakanya abaholi bezepolitiki abavikela imikhuba engasile yabelungu namaNdiya yokuxhaphaza abantu abamnyama. Baxhumene ngandlela-thile nalabasakazi-mbumbulu abalwa izimpi ezicashile zepolitiki emoyeni njengoba uzozizwela uma ufika kuvothondaba lwaloludaba.

Labo abalandela ama-post ethu bayazi-ke ukuthi sikhuluma ngobani. Namanje asimangali njengoba sekunabalaleli abangaka bomsakazo uKhozi FM abangena njalo emoyeni abaqhamuka ezizindeni zaleli qembu lezepolitiki elilwisana nomshicileli waleli phephandaba.

Kulezo zinsukwana ngiqwashise intsha kube sekuvumbuka leli khasi likaQhubinja kuFacebook ngendlela esolisayo. Sisoliswa ukuthi le nsizwa okuthiwa ichitha izinkulungwane ezevile eshumini ngenyanga ngomswenko kuthiwa ingeyaseMsinga endaweni yaseMachunwini kanti izinze laphaya eGoli ngokomsebenzi. Ngizalelwe khona-ke eMsinga futhi ngakhulela khona ngakho-ke ngiyazi ukuthi akulula ukuthi ungaphendula umuntu wakhona umenze isikhothane. Ngiqale lapho-ke ukumbukisisa lo Qhubinja.

E-East Rand-ke yila ngike ngahlala khona iminyaka ngiseseGauteng, ngakho-ke bathe uma bemkhomba eKatlehong uQhubinja ngathi basho entshweni ngoba angeke kube nzima ukumthola uma sifuna ukuxoxa naye.

Njengomuntu osenesikhathi ngikulo mkhakha wakwa-media, sengiyawuqonda umehluko phakathi kwalokhu okuthiwa yi-hype ne-fame. Kona kuthi akufane kodwa akufani. IHype wudumo olungumlilo wamaphepha nje, phecelezi oluyihaba, kuthi iFame kube wudumo nje olujwayelekile.

Abebelokhu besilandela sisungula leli khasi likaFacebook kusukela ngowezi-2015 bazokhumbula ukuthi thina asizange sizihluphe nakancane ngodumo lukaQhubinja noma selubatshazwa kakhulu yizwe lonke ngoba salubona zisuka nje ukuthi yiziqubu zentenesha leziya. Uma ngingaphosisi mhlawumbe saphawula kanye ngegama lakhe kwiTimeline yethu, ukusuka lapho sasonga izandla sabukela wena owabona uMakhasana.

Ngenxa yokuthi nalomlungu ongumnikazi wale-platform enguFacebook kunemibiko ebambekayo ethi uyinhloli yeCentral Intelligence Agency (CIA), okuyinhlangano yabashokobezi bezinhloli zaseMelika ezizama ukuphilisa abantu impilo eyasungulwa umbhali wezincwadi uGeorge Orwell (wodumo lwencwadi i-Animal Farm) encwadini yakhe eyelama yona le esihloko sithi 1984 ayishicilele ngowe-1949, sasheshe sayixhumanisa le nto nalenhlangano yezepolitiki ezonda leli phephandaba nebisemikhankasweni yokuliwisa eMsinga kusukela lisungulwa ngoba okokuqala kungelomuntu omnyama, okwesibili ngoba umnikazi walo wala waphetha ukuthi libe wugubhu lwabo.

Ngokwe-website yocwaningo olujulile i-educate-yourself.org, le nhlangano esikhuluma ngayo yasungulwa yiCIA, nabu ubufakazi.

Yingakho nje ingalwi nezinye izinhlanga ngoba abelungu abayisungulayo bayakhela ukudicilela phansi abantu abamnyama abaneziphiwo ezingandile ukuze abelungu bangabangisani namuntu emikhakheni ethile ebalulekile njengale yakwa-media nje.

Nalaphaya eTugela Ferry layikhonya khona, kunokuthi isize abantu bendawo bavule amabhizinisi, ifake abokuhamba okuyibona abadla imali yaleli dilobhana njengoba sibona kwenzeka nakwamanye amadilobha asaphethwe amaNdiya kuleli likaMthaniya, njengakoMngungundlovu nje.

Incwadi u-1984 ikhuluma kabanzi ngokufika kukaFacebook eminyakeni engama-69 elandelayo ukusuka kowe-1949, kanti ibuye ichaze kabanzi futhi nangokufika kwesikhathi la wonke umuntu umhlaba jikelele ezobukwa ngeso lokhozi yinunu okuthiwa wuBig Brother nomaphi la ehamba khona. Kithina esiyizintatheli nje sekuyenzeka lokhu.

UBig Brother wuyena lo osidalela zonke izinkinga ezisikhungethe ezweni, kusukela ekulawulweni komgudu izwe lethu okumele liwulandele ngokwezepolitiki kuze kufike ekwakhiweni kwezinhlangano-mbumbulu zepolitiki, hhayi ngenhloso yokuthi zibuse izwe ngelinye ilanga kodwa ezakhelwa ukubanga umsindo ongathi shu ephalamende, ziphazamise nokufika kwenkululeko yangempela ngokudida imiqondo yabantu.

Akubona nje kuphela osopolitiki abathengwayo ukwenza la manyala, kuthengwa nabaculi, izintatheli, abashicileli bamaphephandaba nabasakazi ukuxova imiphakathi ukuze ihlale ididekile futhi yemukele nezimo zokuhlupheka ezifana nenhlamba kuyo.

Namanje laba bantu abavalwe amehlo abazi ukuthi izimayini lezi eziqhoqhobelwe abelungu ngezabo kanti nezimali lezi ezisemaphaketheni oMnu Cyril Ramaphosa noMnu Patrice Motsepe ngohlelo lwama-BEE yinhlawulo evela kubelungu ngokucindezelwa komunntu omnyama iminyaka yibo. Abelungu bayakhokha ngokusicindezela kwabo iminyaka futhi basazokhokha hhebuya, inkinga nje ukuthi uma bezikhokhela izono zabo leyo mali ingena ephaketheni lomuntu noma umndeni owodwa, azimamfuzele yona nobhululu bakhe ngesikhathi abantu abamnyama bemqhwabela izandla ngokusobozela inhlawulo yabo.

Yiko kanye lokhu esesikubona nako-DSTV namhlanje sekwenziwa ngakho izinhlelo eziyimincintiswano okuthiwa oBig Brother, abantu abaningi abakuthatha njengoqedisizungu nje kanti abaqondi ukuthi lezi zinhlelo zingumyalezo ocashile othi nyathela ngesizotha wendoda ngoba nangu uBig Brother ukubhekile nomaphi lawuhamba khona.

Nawe uyazibonela nje ukuthi uBig Brother wuhlelo olungenangqondo kanjani ukuthi sekungaze kuwiniswe abantu isigidi sonke samarandi ngokunquna nje phambi kwamakhamera baxoxe nezinto ezingathi shu. 

Umnikazi weFacebook wayengakazuzalwa nakuzalwa ngaleso sikhathi kushicilelwa incwadi u-1984 njengoba namhlanje esekhande lenkundla yomphakathi nje umsebenzi wayo okungukugada bonke abantu emhlabeni ukuthi bacasulwa futhi bajatshuliswe yini, benjalo nje benzani nobani ngasikhathi sini.

Uma uhamba udla imibuso neminotho yamazwe ngobugebengu uyindoda ehlala ilele ngeso elilodwa njengoba benza nje laba belungu abangamaJuda-mbumbulu ngokukhanda izinkundla zokuxhumana ezingubunhloli ngoba nakhu uMnu Adolf Hitler abafundisa isifundo abangasoze basikhohlwe eminyakeni engaphansana kwekhulu edlule. Abafuni-ke baphinde kubazume abakubona eJalimane ngaphambi kwempi yesibili yomhlaba.

Sizokhumbula futhi ukuthi ukusuka kodlame olukhulu lwaseMiddle East olwaziwa nge-Arab Spring eminyakeni embalwa edlule kuthiwa kwaqubuka khona belu kuFacebook – noma nje ukukubeka kucace – kuthiwa uFacebook wadlala enkulu indima ekulibaseleni lelo kloba ngoba yiwona owakubona kusafufusa ukuqubuka kwalo kwazise yibona abaqaphe imizwa yabantu ukuthi imi kanjani ngezimo zepolitiki umhlaba jikelele. Ngakho-ke ungathi uma ubhala kuFacebook ucabange ukuthi ukhuluma nabangane bakho nje kuphela ngoba uhlanya olunguBig Brother nalo lukulalele.

Kuthiwa yiwona futhi uFacebook nodlale indima enkulu ekulawulweni kwesimo sezwe ngaphambi nangemuva kokugudluzwa kobenguMengameli wezwe kuleli uMnu Jacob Zuma esikhundleni. Ukube kukhona obekusolisa ngokuqubuka kodlame, yiwona obuzokubona kuqala lokho. Uma abanikazi bawo befuna udlame bebezothula nje ngamabomu njengoba benza nge-Arab Spring, kodwa uma befuna lugwemeke bawuhlabe bawulawule kwabasemagunyeni udaba lusingathwe ngenye indlela.

Nangempela kuthe uma sesilulandelisisa udumo lukaQhubinja nathi sabuya neziqubu zentenesha njengoba sasisolile kwasekuqaleni kodwa sathula nje lube luqhubeka luvuthwa udumo lwakhe oKhozini FM nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Kanti nangempela kuzovela ekugcineni ukuthi bekuyiFacebook page yokudlala leya, zehla izihlathi kwabaningi abangakaboni ukuthi imisakazo le yizinkundla zabapholofithi bamanga.

Basala bedangele nje abantu abesebeyilandela le nsizwa yokwakhiwa yodumo lwendwangu ebizayo ngoba sekuhlaluka ukuthi Qhubinja ndini ubuyi-project nje eyi-hype nobumenemene ukudayisa izimpahla zokugqoka ezibizayo zabelungu namaNdiya kubantu abamnyama…

Obungakwazi wena ukuthi uQhubinja wakhiwa nje ngoba nakhu ezaseMsinga Newspaper zase zike zanyakazisa isihlahla somdlebe ngokugxeka ukuthengwa kwezimpahla ezibizayo zokugqoka…Wena obungazi ukuthi kungani thina zintatheli esiqonde thwi sinesigcwagcwa kangaka kubantu abayizigebengu usuyaqonda kumanje. Inkinga yezigebengu ngathi zintatheli nabacwaningi abangathengeki ukuthi uNkulunkulu usiphe ikhono eliyisimanga, ikhono lokuyifunda ivaliwe incwadi katsotsi, noma kuthiwa uyileli qili elizikhotha emhlane.

Angizumgagula-ke ngengama lo msakazi owayesekhaleni lokuqubula lezizi qubu zentenesha oKhozini FM ngoQhubinja ohlelweni lwakhe ngoba nonke niyamazi. Namanje uyena qhude elimzwezwe nasemikhankasweni yabelungu yokususa udlame nokudala inzondo phakathi kwabantu abamnyama besilisa nabesifazane, kucashwa ngokuqwashisa ngodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Njengoba phathaphatha uzomuzwa esedlala ama-sound bites ohlelweni lwakhe akhuluma ngonya lwabantu besilisa. We bulima ngiyeke!

Wake wawucisha kanjani umlilo ngokuwubhebhezela! Bangayeka kanjani abantu abamnyama ukubulalana kusenamaphephandaba afolosa ngezindaba zokudlwengula nokugencana ebusweni bawo? Uma imisakazo isakhuluma ngodlame zonke izinsuku emoyeni sengathi luyisibusiso, abantu bazoyeka kanjani ukubhodoloshana? Awuboni ngani ukuthi kungukuludayisa nokuluhlobisa udlame lokhu?

Uyazi ukuthi uma amaphephandaba engake afolose ngezindaba zamasonto, zemishado, imigcagco, imidlalo yokuzijabulisa nokunye okuhle lungaphela nya udlame nokuhlukumezana kwabantu abamnyama? Usake wazibuza ukuthi bakwenziswa yini abelungu namaNdiya ukuthi emaphephandabeni abo adayiselwa abantu abamnyama babeke ezemidlalo le esinqeni sephephandaba ngaphambili bebe befolose ngezihloko ezinyantisa igazi zokudlwengula nokugencana?

Udlame lokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane aluyukuqedwa ukuqhakanjiswa njalo emisakazweni nasemaphephandabeni ngoba imbangela yalo yikho kanye lokho, okuyimikhuba yabelungu yokuxova imiphakathi yethu ngamabomu ukuze basilawule kahle. Omunye uzothi ungenaphi umlungu ekulawulweni komsakazo wabantu abamnyama? Ungena ngemali yezikhangisi le ebilisa ibhodwe eziko ngokuholela izisebenzi zakhona.

Yingakho nje uMnu Fidel Catsro ethe uma esakha izwe lakhe wakuqeda nya ukuthi abezindaba eCuba bafake izikhangisi zongxuwa emaphephandabeni akhona ngoba noma ungayibiza ngaliphi igama le nto yokukhangisa, iyazifanela nje naleli ntshontsho elikhokhwa osaziwayo ukuze izintatheli nabasakazi bakhulume kahle ngabo okuthiwa yi-payola.

Yingakho nje uSABC ulithanda kangaka iqembu leDA namadlelandawonye alo aphikisayo, angithi phela lithwelwe ngeqoma ongxuwa bakuleli abangabelungu namaNdiya okuyibona abafaka ezishisiwe izimali ngokukhangisa. Usake wawuzwa nje umsakazo owukhonzile ubika udaba olubi ngezinkampani ezikhangisa kuwo? Noma mhlambe bebika ngomlungu odlwengulayo ahlukumeze nabasebenzi? Yingakho nje imisakazo esazimele efana noMgungundlovu FM no-Vuma FM KwaZulu-Natal neminye engalawulwa abelungu ingazitholatholi kalula izikhangisi kongxuwa, yingoba ziyibhazo elibuya nenhlanhlula. 

Kunenqwaba yabaholi futhi namaqembu ezepolitiki ongeke uzwe benikwa inkundla eziteshini zakwaSABC njengalowo owayengumholi we-Anti Privatisation Forum uMnu Trevor Ngwane, yiBlack First Land First eholwa nguMnu Andile Mngxitama ne-Workers Socialist Party esungulwe kancane nje emva kwesibhicongo saseMarikana.

Lokhu kwenziwa ukuthi lezi zinhlangano azixhasiwe ngongxuwa njengoba namhlanje uma kukhulunywa ngesigameko saseMarikana izintatheli kuthiwa azinake i-EFF umholi wayo ongacosi phansi kongxuwa nowasuka walibhekisa eNigeria eyocela izibusiso ku ‘mpholofithi’ owaziwayo wakhona ngaphambi kokuthi abuye kuleli ahlabe izinkomo eziyisikhombisa, ezihlabela emhlabathini okwaphalalela kuwo igazi lababhikishi basezimayini. Ukusuka lapho wasungula iqembu lakhe wavuka no-1.2 million wamavoti okhethweni lukazwelonke lwangowezi-2014.

Buza uPastor Lungi M Luthuli, uzokutshela ukuthi lubangwa zimo zini zepolitiki ezidalwa abelungu ngamabomu udlame lokuhlukunyezwa kwabesifazane.

Empeleni zonke izinkinga ozithola emiphakathini yabantu abamnyama zidalwa abelungu, bese bethenga osopolitiki abathile abangenamigogodla nosaziwayo abanjengabaculi nabasakazi ukuthi badukise umkhondo ngemikhuba yabo ukuze imiphakathi yethu ihlale ingazitholi izixazululo.

Usamkhumbula umculi owathengwa ukuthi aqambe ingoma ezojivaza izinto eziqhamuka eChina, ezibiza ngama-Fong-kong, phecelezi imikokotelo. Lezi zinto zaseChina ayecula ngazo ziyimikokotelo uma zidayiswa wuwe muntu omnyama kodwa abelungu basidayisela zona mihla le njengongqo sizithenge ngaphandle kokukhononda ngoba seziqhamuka ezitolo zabo ezinamgama amnandi adumile. Ngikhuluma nje ngisebenzisa uhlobo lwe-Computer yakwaDell edayiswa yibona kodwa yakhiwa eChina.

Yingakho besale benkemile nje abanye uma sibatshela ukuthi ngisho lobu budedengu obungaka obusabatshazwa namanje ngokuphangalala kweziguli ezaziphazamiseke ngokomqondo esigamekweni esaziwa ngeLife Esidimeni kumanje osekusolwa ubudedengu bezisebenzi zikahulumeni emnyangweni wezempilo eGauteng ngoba zingabantu abamnyama, thina siyazibona izimpawu zesandla esinoboya ekufeni kwalabaya bantu ukuze uma kuphinda kukhishwa i-tender yalomsebenzi inikwe abelungu.

Kuya ngokuthi ungakuluphi uhlangothi lomlando kodwa okusalayo ngabe alikho izwe laseGermany sikhuluma nje ukube akafikanga uMnu Adolf Hitler washintsha zonke izinto ngokujezisa u-Big Brother njengoba leliyazwe lalisesimweni esifanayo nelakuleli kumanje ngesimo somnotho wakhona owawusezandleni zamankentshane angaphandle. Waqala ngokugudluza izichuse zika-Big Brother ngaphakathi eqenjini lakhe lamaNazi esehlakalweni esaziwa ngokuthi yiNight of the Long Knives esenzeka kusuka ngomhlaka Juni 30 kuya kuJulayi 2 ngowe-1934  

Ubona ngokutatazela kwabo abathakathi bezindaba bezenza sengathi balekelela imindeni elahlekelwe ukuthi onkabi bayasho ukuthi nilayekile bantu abamnyama, ukube leya-tender yanikwa umlungu ngabe ayenzekanga yonke leya nto. Lezi zidalwa ezinomona ngalendlela zingenza noma yini ukuziphindiselela ekulahlekelweni amathuba kuma-tender atholwa abantu abamnyama kwahulumeni ngoba zikholelwa ukuthi yizona kuphela okumele zidle imali yezwe.

Uma umlungu engathenga abantu ukuthi babulale inqwaba yabantu abangenacala esigamekweni esaziwa njenge-9/11 ngokuwisa amabhilidi ngamabhanoyi eNew York ukuze kutholwe isizathu sokubulala umuntu oyedwa obaxakile kwezepolitiki okwanguMnu Saddan Hussein, kudlule lapho basulele icala ngomuntu owayeqhelelene kakhulu nalesi sigameko u-Osama bin Laden (osekuvelile naye ukuthi empeleni wayengumngane wabo kulelitulo) bekuyini kulezi zidalwa ukubulala iziguli eziphazamiseke emqondweni ukuze kujeze labo abazephuca iqatha emlonyeni.

Umzekelo nje: abelungu bafike bakhe ngamabomu imithetho ephambene nesikompilo lethu njengabantu abamnyama; njengokuthi nje izingane azingashaywa emakhaya nasezikolweni, bethi uma uyishaya ayikubophise ngoba uyayihlukumeza. Bafike lo mthetho bawethule ephalamende babophezele inhlangano ebusayo ngebhaxa la ‘malungelo abantu’ ukuze uma iphasiswa le nto kube sengathi iphasiswe wuhulumeni oholwa ngabantu abamnyama.

Bafuna uma sekuxoveka imiphakathi yethu ngalesi simo esidalwe yibona kusolwe uhulumeni wabantu kwazise bayazi ukuthi thina bantu asinamali yoku ‘grounder’ abantwana bethu njengoba benza bona ukujezisa ababo ngokwesiko labo laseNtshonalanga uma bonile. Thina sisebenzisa uswazi qha.

Namanje ucabanga ukuthi njengoba sekufa izingane kangaka nje nasekusokeni kade kungenzeki lokhu phambilini nakho lokhu kusewubudedengu nje babantu abamnyama obuqubuka esikhaleni? Kungani ukulimala kwabakhwetha kushaya isifundazwe thizeni kodwa isiko liqhubeka kahle ngale kwaNdebele, eMpumalanga ngaphandle kwezingqinamba?

Cha, kuthengwa abantu abamnyama abangcolile ukwenza le mikhuba yokubulala izingane ekwelukeni ukuze amasiko ethu asakhela imiphakathi agcine ebukelwe phansi, avalwe nokuvalwa njengezinto ezingasasisebenzeli esikhathini esiphila kuso la kumele kulandelwe awabo amasiko abelungu okuwukusokela ezibhedlela nakodokotela ukuze nabo bazuze ngokwemali ekwenziweni kwawo. Ukwaluka kubacasula ngoba yindawo la kwakhiwa khona indoda emnyama eqotho yangomuso. Abafuni nakuzibona izikhungo ezakha imiphakathi engabantu ngoba baziphilisa ngezinkinga zethu.

Kanti kungani bengafuni sibuyelwe wumhlaba nezinkomo zawobaba? Angithi bayazi ukuthi kuzowa amasilaha namabhusha namasuphamakethe abo! Basayokwazi kanjani-ke ukusixhaphaza uma sekunjalo?

Angithi bona ezabo izingane baziswaya ngokungazithengeli izinto ezizithandayo uma zonile nje ngoba bengosozimali, kanti thina ingane siyeluleka ngoswazi nje ukuthi sebasemuka yonke into okungeyethu, basenza izinqibi ezidla imbuya ngothi ezweni lawo babamkhulu.

Ibhidlike-ke imiphakathi yethu njengoba kwenzeka nje ukuze basilawule kahle manje imiqondo yethu isinokhwantalala ngenxa yokubhokelwa zingane esezingamahlongandlebe akhiwa yimithetho yabo esibopha izandla njengabazali njengoba nothisha ezikolweni bengasavumelekile ukuzijezisa ngenxa yemithetho emibi ekhandwa yibo bayiphasise ngohulumeni wethu.

Ekudaleni udlame olubhekiswe kwabesimame abelungu benze kanje: Bathathe onke amathuba abanawo ezimbonini zabo zemisebenzi bawanika abesifazane. Namhlanje sekusebenza bona kakhulu ezweni kunabantu besilisa ukuze umuntu wesilisa ongumuntu omnyama azithole esehlelwe yisithunzi, esehlala emzini okhokhelwa ngunkosikazi wakhe, kwesinye isikhathi esondliwa nayizingane zakhe. Bekwenza lokhu ngamabomu ukwedelela uhlelo lokulinganiswa kwamathuba olweza nentando yeningi lapho kwathiwa akulingwane ngokwezinhlanga nangamaholo emisebenzini futhi kubhekelelwe kuqala izinhlanga ebezicindezelekile uma kuqashwa.

Bona base bebona ithuba lokukuhlanekezela lokhu ngamabomu base bethi akulingwane ngokunjalo nangokobulili yize ukwenza umzekelo nje; iphoyisa lowesifazane angeke likwazi ukubopha isidlakela sesigebengu somuntu wesilisa uma kumele kushuduliswane ngamandla.

Uma abesifazane belingana ngempela nabesilisa, kungani uma kushaywa intambo kwi-Comrades Marathon kuba nomklomelo wabesifazane nowabesilisa ngokwehlukana? Kungani abesifazane bengabangi isikhathi esifanayo nabesilisa ekushayeni intambo?

Yilomsangano-ke esiwufunzwa abelungu uma befuna ukuxova imiqondo yethu nokwedelela intando yeningi le eyalwelwa kanzima, badale izimo ezingekho practical ngamabomu ukuze silwe sodwa ngokuhamba kwesikhathi.

Yingakho nje kunemikhakaso engaka yokulwa nokuvimba izintatheli ezifana nathi ngoba asiyona imikhovu yabo esebenzisa imithombo yabezindaba ukubhidliza nokuxova izwe. Bamzonda kabi umuntu ozama ukwakha isizwe esimnyama abelungu bebe beziphilisa ngokusibhidliza.

Namhlanje kunabantu besifazane asebecabanga ukuthi sebenamandla okulwa nabantu besilisa ngenxa yalobu buxoki ababubhala emaphephandabeni abo zonke izinsuku. Nezingane sezikutshela ekhaleni ngamalungelo azo uma uzama ukuzifaka emgqeni. Akuzuba nokwedelelana lapho uma owesifazane nezingane sekuyibo abondla umuzi wendoda ibe iphila ingakhubazekile?

Nale nhlangano yezepolitiki ebengikhuluma ngayo ngenhla iyasisebenzisa kakhulu lesi sikhali sabelungu sokulwa izimpi zabo ngabafazi nezingane ukwehlisa umuntu wesilisa isithunzi. Angithi inhlangano yabelungu abamnyama. 

Lususwa kanjalo-ke udlame olubhekiswe kwabesifazane bese kuthengwa abasakazi kuthiwe abadukise umkhondo ngezinhlelo nemikhankaso engathi shu. Abelungu bayazi ukuthi uma abantu besilisa abangabantu abamnyama sebenokhwantalala lokucindezelwa ngokomnotho nangemithetho yabo ekwakheni imizi yabo, angeke besakwazi ukunaka izikhubekiso eziyibo nokubasusela udlame ngezinkinga ezidalwa yibo kanye.

Yingakho uma ubuza umuntu omnyama ukuthi ucabanga ukuthi ubani omdalela izinkinga ezweni uvele athi akasebenzi nje kungenxa kahulumeni, akhohlwe ukuthi uhulumeni akazona izimboni ezizimele zabelungu okuyizona okumele zakhe amathuba emisebenzi. Naye lokhu ekushiso ukuthi yinto ayizwa ishiwo yimisakazo namaphephandaba zonke izinsuku le.

Abelungu bamosha bamoshe besulele ngomuntu omnyama ngaso sonke isikhathi ngoba banombhobho okuthiwa amaphephandaba nemisakazo le abayilawula ngezikhangisi. Akuyena uhulumeni okumele adale amathuba emisebenzi ezweni kodwa yizimboni zabo eziqasha abantu bokufika ukuze wena ulwe nabantu bakini uyeke bona.

Ngalezi zizathu esizibekayo kuyacaca ukuthi u-SABC usetshenziswa wuye kanye uBig Brother lo ohamba esibuka yonke indawo le esihamba kuyo ukuze sihlale silusiwe wena owabona izinkomo zabo. Yingakho nje abasakazi singenandaba nabo kakhulu ngoba siyazi ukuthi bafana nezinkabi nje, ingcabha ikumnikazi womsebenzi okungumtshali zimali ezinhlelweni zabo. Kodwa lokhu akusho ukuthi inkabi ayinacala ngoba nayo inelungelo lokuthi yenqabe ukuthunywa ukwenza umsebenzi obhedayo. Yingakho sithi abantu abayeke ukucabanga ngezisu bacabange ngobuchopho ngoba lokhu akuhlukene nokuchoma ngemali oyenza ngokuqwayiza.

Namanje thina njengezintatheli la sihamba khona kunabantu abangasebenzi abehla benyuka belandelana nezinto esizenzayo. Abanye omahlalela nje abangasebenzi kodwa abakhuluphele bayaqhuma, baphuza notshwala obubizayo. Uze uzibuze ukuthi bayithathaphi lemali la babantu njengoba utshwala benyuswa yonke iminyaka nje futhi bubiza nakangaka? Bakhokhelwa wuye kanye uBig Brother wansondo lo osehlala eluse abantu angabethembi okwezinkomo zakhe. Yiwona msebenzi lo uMnu Cyril Ramaphosa anawo, ukuthi uhlale ugade umuntu wakini ngeso lokhozi. Wokumpimpana.

Awuhambi-ke welusa abantu izindlela zakho zibe ziqondile. Uhamba uqaphe eqolo nje ukuthi uyisigebengu esisukela abantu nesiziphilisa ngokubaqola izinto zabo. Abaziyo-ke bathi inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula.
Umsebenzi wezincelebana zikaBig Brother ukuhogela, bese zinixoxisa ubala ematshwaleni ngezihlokwana ongeke uzinake kakhulu kanti ziyacoshela ukuthi imizwa yenu ithini ngezimo ezithile zepolitiki ezweni. Ukusuka lapho ziyahamba ziyotshela abazikhokhelayo ukuthi abantu bazizwa kanjani.

Angikhohlwa lo msakazi engikhuluma ngaye ethi komunye umuntu emoyeni akamuhle ngathi wumlungu. Yini nje enhle ngegxagxa! Into ethi uma ihamba angeke uyibone noma iza neno noma ifulathele yini. Uma ikuxhawula ayenqeni ukukuthi gxavu ngesandla esinoboya sesinxele wena owabona ikhonde lemfene lidlalisa umnikazi esekisini, wazisholo uDkt. Nakanjani Sibiya. Ngale kwelakwaXhosa kuthiwa yigxagxa nje ngoba isidalwa sakhona sifuna ukuphishwa njalo. Bese uqhamuka-ke wena uthi muhle lowo muntu! Uyisidomu!

Yibona bantu okufoloswe ngabo-ke emithonjeni yezindaba nasezinkundleni zokuxhumana laba abakhuluma kanje okumele bahlonishwe! Njengoba ake asho umholi weBCM ongasekho uMnu Steve Biko ekhuluma ngabaholi bezabelo wathi: “Abelungu bakha yonke imisangano yepolitiki le ngoba bayazi ukuthi kuyohlala kunosomathuba babantu abamnyama abazothatha imali bagqoke amasudi nothayi ukudayisela abantu bakubo lawo manyundululu abelungu njengento ephusile.”

Cha thina siyala, noma ungaze ufake isudi ecwebezelayo upende nezinzipho nomlomo, uma uwusikhotheni uyohlala ungusikhotheni nje, noma sekuthiwa unePhD.

Izinhloso-ke zalama-project afana noQhubinja ziningi, kodwa njengoba sesichazile, le kaQhubinja sigcine sitholile ukuthi yayizokulwa nomkhankaso wethu njengezaseMsinga Newspaper ekukhuthazeni intsha ukonga imali. Kubhidlizwa ibhizinisi lethu nje eMsinga kuqhutshwa thina njengenja. Siqale lapho-ke ukulunakisisa uKhozi FM lolu ukuthi umthetho walo kungabe lusasetshenziselwa yini izinhloso ezithile zepolitiki njengasezikhathini zengcindezelo. Kuyadumaza esikutholayo.

UMnu uThabo Mosoahle oke wasebenza njenge-Rep yakwa-BMG Records Africa eGoli, okuyinkampani ebiqopha abaculi futhi engu-promotha wabo uthi akakhohlwa efika oKhozini FM ngaleziya zikhathi zengcindezelo elethe ama-LP (ngaleso sikhathi kwakusadlalwa lokhu okuthiwa amavinyls) kaBlondie Makhene obecula izingoma zomzabalazo. Uthi wakhexa ebona u-Program Manager wakhona ethatha isipikili phambi kwakhe eklwebha ngaso ama-LP kaBlondie ayewaphethe njengesexwayiso ukuthi angaphinde abalethele umculo womzabalazo wenkululeko emsakazweni. Abanye balaba bantu basekhona namanje emisakazweni yakwaSABC, sebeyizikhulu nabaphathi, ikakhuluzi eminyangweni ekhiqiza izindaba njengoba uhlala uwuzwa umsakazeli womphakathi wedukisa abantu.

Lokhu esenisizwa sikuveza kumanje ezinye zezinto okukade siziphenya ngomsakazeli womphakathi jikelele u-SABC ngoba sesibonile ukuthi silokhu siwulalela nje kanti kuningi okujulile okungale kobuso bawo. Inkinga enkulu ngawo ukuthi izisebenzi zakhona zisakhokhelwa yizikhangisi zongxuwankulu abawulawulayo. Kunjalo nje inqwaba yabasakazi bawo abantu abakhulele ngaphansi kohulumeni bezabelo. Banomqondo wohulumeni bezabelo ngakho-ke akulula ukuwushitsha umsakazeli womphakathi njengoba usancinda odengezini lwezinkampani ezizimele ezasungulwa wumbuso wobandlululo ngezikhangisi. Abazi isiNgisi bathi: “He who pays the piper calls the tune.”

Akusona sodwa lesi siteshi sakwaSABC ebesilokhu sisibeke iso lokhozi kusukela eminyakeni eminingi edlule. U-SAFM nawo sike sawulandelela kakhulu ngemikhuba obuyenza nosayenza namanje. Njengenkinga yomunye umlaleli wawo wesifazane obengena kaninginingi emoyeni, kwesinye isikhathi angene kathathu ohlelweni olulodwa ezibiza ngamagama ehlukahlukene uma ephawula ezihlokweni zepolitiki. Enekhono lokushintsha negiya likagovane azenze sengathi kukhuluma umuntu omnyama kanti ungumlungu. Samlandelisisa saze samthola lo mlaleli wansondo ukuthi empeleni ungumlungu osakazela esinye seziteshi esizimele esizinze eGoli naseKapa, yize evamise ukuthi uma efona athi ushaya useThekwini.

Uzozibuza ukuthi sasihlushwe yini umuntu eziphathelwe wumsangano wakhe kodwa uzoshaqeka uma sesikutshela ukuthi lo mlaleli ubezibiza ngamagama esintu nje uma ephawula, futhi ejobelela nangesiXhosa lapha nalaphaya ukudida abantu ukuthi ungumlungu; ubejwayele ukungena kuphela uma kuqeda ukuphawula abalaleli abathile emsakazweni ukuhlaba amaphuzu abo awahlikize. Kubonakala futhi nokuthi kunendlela ethile acushiswa ngayo izikhala ukuze angene on cue uma kuqeda ukuphawula umlaleli othile, sengathi kukhona nje othi qhu bese eyangena.

Labo abasuka kude nathi bazokhumbula ukuthi sesike saba nayo nathi lenkinga kuFacebook page wethu, lapho kunabantu abavele bagxambukele nje ezihlokweni zethu ngenhloso yokugxibha ngokungakhi. Njengoba ehlupha kangaka nje kwa-Social Media lama-ejenti, nasemisakazweni agcwele mfi futhi angena ngezintuba zawo ezaziwa yiwona wodwa nabawafakayo.

Ngonyaka wezi-2003 ngize ngashayela u-Archie ‘Ngcolosi’ Bhengu ucingo saxoxa naye cishe ihora lonke ngimbuzisisa ngalomkhuba wokungena kwabantu ababodwa oKhozini FM kube kungangeneki kwabanye abalaleli, ngamnxenxa ukuthi njengabasakazi asebemnkantshubomvu abalufakele izibuko lolu khondolo ngoba lubi kanti nabantu sebeshaya amakhala ngalo.

Isikhathi esiningi sikhuluma ulimi lwesiZulu kuleFacebook page yethu kodwa labo mantindane abasetshenziswa yizitha zethu bangena la kwiTimeline yethu basimeme ukuze sibemukele, dukuduku bathule bathi cwaka bangaphawuli ngezinto ezikhulunywayo.

Asisho ukuthi abantu abaqale bakhulume noma kungafanele ngoba siyazi ukuthi abanye baphila ngaphansi kwezimo zepolitiki ezibacindezelayo ukuthi bangabi amalunga ekhasi lethu, singasakhulumi-ke ngokuphawula kulo. Yingakho kungasikhathazi nje kangako uma abantu bezithulela. Kodwa laba abahlalele ukumpimpa lana abaqonde ukuthi njengoBig Brother, nathi sinendlela yokukuthola ukuthi uyisidikiselo saliphi ibhodwe uma kunesidingo.

Omunye walabo magangane ojwayele ukugqoka isikibha seqembu elithile lezepolitiki ebe engelona nelunga lalo langempela, waze wathi ngelinye ilanga kaze umuntu uzizwa kanjani nje aphawule kodwa kungabi namunye ophendulayo. Ngifisa ukukuphendula-ke wemngane-mbumbulu namhlanje ukuthi akuwena wedwa ocashe la ngenhloso yokuhogela okwenzekayo, unenqwaba yozakwenu esingabagqizi qakala thina. Futhi uFacebook wenu lo sesimbame oqotsheni ukuthi ama-likes nama-meme lawa alawulwa wuye, yingakho izimpimpi ze-CIA zinenqwaba nje yabalandeli no-likes bokwakhiwa, ukudayisa ugazi abangenalo.

Ngokunjalo futhi sinenqwaba yabantu abasesekayo eMsinga, kwiProvince yaseKZN nakuzwelonke abasithanda ngezinhliziyo zabo zonke kodwa abangaphawuli la ngezizathu eziningi, ezinye esesizibalile ngenhla. Ngiyazi iningi labantu abafana nawe yilaba abathenga o-like ngokuhamba be-liker nje ukuze babuyiselwe imenano. Asiyiphili impilo ewu-fake thina. Asihambi na-rented crowd futhi. Empeleni sikhonze kakhulu laba abasizonda ngokuvulelekile kunalabo abazenza abangane bethu kanti basiluma bayasipholisa.

Abanye bathi besaba ukuthi angeke isafika i-waterkan ngakubo uma bengaphawula ekhasini lethu noma bathande esikushoyo. Laba bafana nezintombi ezavunyiswa ngenkani zathwalwa zayoganiswa. Ayive idabukisa impilo ephilwa abantu abasezizindeni ezilawula yilabo-Faro bepolitiki ngoba uma uzozenwaya kumele ucele imvume kubo. Yizandla zika-Big Brother-ke lezo ezinamansense.

Kufanele noma ungazitholi izidingo zakho njengomphakathi ongaphansi kwabo uthalalise nje sengathi yonke into ihamba kahle. Labo abafisa ukubika imikhuba yalabontabakayikhonjwa angeke uzwe bengeniswa emithonjeni yezindaba efana noKhozi FM noma udaba lwabo lukhishwe emaphephandabeni angobagencenekuphinendawo. Sebaba ngoFelaphakathi okwebutholo lakwaZulu. Ezinye zezinto ebezibakhathaza lezo ngokuba khona kwephephandaba elingabhuli ihawu labo eMsinga. Kuyasidumaza nje uma sesithola ukuthi ulwembu lwalezicabucabu kanti luhamba luze luyofika naseThekwini.

U-SAFM yisiteshi semibono esisakaza ngolimi lwesiNgisi kodwa kumanje esesilalelwa kakhulu abantu abamnyama kunabelungu kanti leli gejambazo esilibale ngenhla belingena likhulume izinto ozizwayo nawe ukuthi yimizwa kanyelendlini le kodwa elokhu epheqa ulwinyana ezenza samuntu ukwedukisa izimpumputhe.

Thina sixabene-ke nabantu abaziphilisa ngokwedukisa imiphakathi ngoba yi-satanism leyo. Sixabene kabi futhi thina nosathane njengoba singasamlaleli nje noMroza Buthelezi kusukela enza ihlaya elihlambalazayo ngeNkosi uJesu Khrestu emoyeni ethi kukhona abathi akasabuyi nje yingoba washaywa kanzima. Engakaxolisi kumaKhrestu uMroza ngalesi sitatimende ayengeke alokothe asibhekise kumpholofithi wama-Sulumane ngoba wayezoyisutha induku, siyaxolisa, thina angeke sizihluphe ngokulalela umuntu odayisa i-satanism emsakazweni.

Kanti njalo abantu abangacabangi ukuthi ubuKhrestu lobu yisaka nje lenkolo lokwesulela udaka. Njengezinye izinkolo ubuKhrestu buyabulala. Uma ungangikholwa funda incwadi kaMatewu 18:6. Bese wenza ucwaningo futhi ngamaKnights Templar. Ufunde futhi nodaba olusihloko sithi: The Western Misrepresentation of the Jews, uzothola ukuthi uConstantine wafikelwa umbono ovela eZulwini uza ngenkemba uthi akanqobe ngayo.

Njengoba isho nencwadi yeSambulo 11:1-14, kumanje silindele ofakazi ababili okumele lo mhlaba bawugeze igilo ngaphambi kokubuya kukaKhrestu. Ngiyafisa bafike esaphila uMroza. Labo fakazi siyakholewa ukuthi yilaba bapholofithi ababili abangafanga ngokwejwayelekile njengoba isho i-Gospel of Nicodemus, kodwa abathathwa yinqola yomlilo baya eZulwini. Lowo wuMpholofithi u-Enoch noMpholofithi u-Elijah.

Ngakho-ke umuntu akaqonde ukuthi ubuKhrestu lobu abuyona insangu le onele uyibhemele esikhotheni, uzihhemele nje oxamu bakushayele izandla. Basazoyidela inkani abantu ngokwedelela uMsindisi wethu. Asichomi asichwensi, indaba ukuthi iqiniso liyababa. Ngakho-ke khuzeka mlungu omnyama.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING