21 Mar
21Mar

Yi Zazi Team

ISilo bese simqokile uMntwana ozothatha uma sibeka phansi izintambo noma sikhothama. Lowo bekuwuMntwana uLethukuthula Zulu osocongwe eGoli. Labo abasizungezile kumanje ababizanga ngisho amabutho ukuthi ayoviliyela laphaya eNkantolo ngelanga abasolwa abavela ngalo enkantolo…

Namhlanje kuyiSonto iphephandaba iLanga liqagula ukuthi ubukhosi bakwaZulu buzobanjwa uNdlunkulu uMaDlamini. Kudela owaziyo ukuthi besekuhlelwe nini konke lokhu iSilo kade sibekwa zolo lokhu. Uma kuyiqiniso lokhu kusho ukuthi okwamanje isizwe samaZulu, njengamaNgisi, sesizophathwa umuntu wesifazane. Akusezukuba lula-ke ukugxeka ngoba kuzothiwa uhlasela uMaDlamini nje yingoba ewumuntu wesifazane

Insambatheka ngalaba basolwa ukuthi bavela bawavuma bonke amacala, akwaba bikho namunye ophikayo phakathi kwabo. Azivamisile ukwenza kanjalo izigebengu zangempela enkantolo. Zivamise ukuwaphika amacala. 

Nendlela nje abemithombo ejwayelekile abalubika ngayo udaba, lwalungahlangani. Abanye babethi ababulali babehlangane noMntwana enxanxatheleni yezitolo eziseNyakatho yeGoli, abanye bathi wayekade ezijabulisa nabo ngalolo suku. UMntwana weNgonyama yamaZulu lo esikhuluma ngaye. UMntwana obezoba yiSilo samaZulu nobekwazi kahle ukuthi kubaluleke kangakanani ukuziqoqa nokuziqapha yena siqu sakhe. Abemithombo yezindaba ejwayelekile, ngokubona kwethu, kukhulu abebekufihla ngalolu daba ngoba mhlawumbe kuvikelwa abathile.

Abasolwa kulo ludaba lezinyane leSilo benze ncamashi lokhu okwenziwa wuJanus Walusz emva kokusoconga uMnu Chris Hani ngowe-1993 eDawn Park, eBoksburg. Zaziziningi kabi izintuba ayengaphuma ngazo eDawn Park uWalusz ukube wayengafuni ukubanjwa. Abayazi kahle iDawn Park, okuyi-suburb ayehlala kuyo uHani laphaya eMpumalanga Randi ebulawa bazovumelana nathi.  

Nontamolukhuni bamaBhunu babesagcwele kuleyandawo bengabahlali, babengamqubisa nje isikhashana kudlule umsindo ukube wayengenamyalelo wokuthi enze isiqiniseko sokuthi uyaboshwa ngalelo langa lesigameko. UWalusz wayengehlukene nongqim bezigebengu abahlela ukubamba inkunzi i-Mall bese becabanga ukuthi kuso lesi siwombe bazophuma kalula futhi endaweni banyamalale. Akuyena ulova wangempela lowo, yisithunzela nje. Ulova wangempela angeke ayishaye i-Mall engenandawo eduzane la ezocasha khona isonto noma amabili elalisile, kuze kubohle umsindo bese eyaphuma.

Ngaleyo ndlela kwakuhleleke ukuthi kusheshe kucace ukuthi ontamolukhuni abagile lowa mkhuba ezweni ngokuthi asheshe abanjwe uWalusz wansondo ukuze indaba isheshe ilale amazolo, kungaze kuthinteke nabanye okungafanele baziwe ngaloyamkhuba, yingakho avele washayela imoto waqonda kwi-roadblock wazibambisa. Imithombo ejwayelekile yezindaba, njengenjwayelo, kwathiwa ayicule culo linye: “UHani ubulawe ontamolukhuni.” Nanamhlanje akukaveli ukuthi kwakungobani ongqondongqondo kuleliyatulo. 

Ngaleyo ndlela nalokhu okwenzeke ezinyaneni leSilo, ngokubona kwethu, bekuwumkhuba wezitha zeSilo ebezizwa amanzi ngobhoko nje ukuthi uma zidla izinyane laso uZulu uzothini. Kwacweba iziziba. Kuthe uma zibona ukuthi akukho msindo ovukayo zase zedlulela kuso uqobo. Namanje kusacwebe iziziba futhi.

Azikwenzeki-ke lokhu izitha esizweni esihlonishwa nesesatshwa njengoZulu zingahlomile ngesethenjwa esikhulu esisondelene nombuso odliwayo, umsebenzi waso okungukwehlisa ilukuluku kubantu uma kumele baziphindiselele. Abathakathi baseNtshonalanga abakaze basibhuqabhuqe isizwe esimnyama bengabambisene noMbopha ka Sithayi oyisethenjwa esikhulu kubantu.  

ISilo esesikhotheme uGoodwill Zwelithi sincokola nomuntuza

Sesingakudalula manje ukuthi itulo lokusoconga iSilo uShaka kaSenzangakhona alisukanga nje emakhanda obabekazi bakhe uMkabayi kaJama nabafowabo uMhlangana, uDingane noMbopha kaSithayi, leli tulo lalakhiwe amaNgisi ngoba iLembe seliwehlulile ezama ukuqola izwe lakwaZulu. 

Umlando ongaqoshiwe phansi uyakuveza ukuthi kwase kukaningi amaNgisi elekelela iLembe ngezibhamu nombayimbayi  ezimpini zalo lisanweba umbuso wakwaZulu  ngethemba lokuthi iLembe lizobasikela umhlaba othile kwaZulu elalibathembise wona kanti lithi lala lulaza ngikwengule, liyazi ukuthi ngeke bawunuke nhlobo, liyabasebenzisa nje qha. 

AmaNgisi aze akuveza lokhu emdlaweni wethelevishini uShaka Zulu ukuthi abamba elikhulu kangakanani iqhaza ekuketuleni umbuso owawesatshwa kakhulu ngaleso sikhathi; umbuso kaZwide ka Langa nonina uNtombazi owayegadla nangenkwayindane. Kulo mdlalo kuvela ukuthi yiwona amshaya ngombayimbayi ambulala ekugcineni eyalelwa yinkosi uShaka. 

Impi kaZwide iyaziwa ukuthi yayingangezihlabathi zolwandle ngesikhathi iSilo sizolwa nayo kanti uZulu ngaleso sikhathi wawuseyisizwe esincane esisafufusa, lisasikhulisa iLembe. Umlando ongaqoshiwe phansi uthi impi yeLembe iyohlangana nekaZwide yayibalelwa ebuthweni elilodwa kwalishumi akwaNxumalo (oZwide). 

Ingxenye yethimba elaliphelekezele iSilo ohambweni lwaso ukuya esigodlweni seNdlovukazi yamaNgisi eNgilandi uQueen Elizabeth. Lana ilunga libingelelana neNkosana yamaNgisi uPrince Charles. Lo mndeni wakwaWindsor kuthiwa yiwona ophethe izimayini, umhlaba nomnotho-jikelele wakuleli. Njengemithombo yezindaba sehluleka sancama ukuthola ukuthi lwalumayelana nani lolu hambo ngoba ingqikithi yalo nesizwe akunekelwanga isizwe

Kuthiwa-ke noma lalikhaliphile impela lona iLembe kodwa kwakungaba umlingo ukuthi linqobe leyampi kaZwide eyayingangesikhonyane ngaphandle kombayimbayi bamaNgisi. Kugitshwa okhandampevu nje laphaya esigodlweni kwaGibixhegu ngelinye ilanga yingoba amaNgisi ayesehluleke ancama ukuthola umhlaba ayewuthenjiswe yiLembe, aze ayonxenxa zona izingwevu ezazileluleka ukuthi zilicelele phela lokho eLembeni, umhlaba elalibathembise wona lingasabaniki. Lajika iLembe ladla zona kanye izigwevu lezo ngokuzama ukuncengela amankengane, into iLembe elase linqume ukuthi abasoze bayinuke. 

Kuthiwa ukusuka la amaNgisi enza adume ngazo, afaka umoya wezikhova emalungeni aqavile omndeni ngalo; alijikela. Njengoba kuthiwa amazwi esavalelisa ngawo iSilo uShaka athi: "Nibulala mina nje angeke nilibuse, liyobuswa zinyoni zasemkhathini". Kuthiwa wayazi ukuthi amaNgisi yiwona ayesemthengele amalunga omndeni ukuthi ambulale, ngalamazwi echaza ukuthi uma engasekho emhlabeni ayozidlela amahlanga mgombuso wakwaZulu. Nangempela kwagcina kunjalo selikhotheme iLembe; baxabana bodwa uMhlangana noDingane babulalana sebebanga bona ubukhosi, bexatshaniswa yiwo njalo amaNgisi ansondo. Njengoba eze azovinjwa indodana yaso iSilo uShaka uCetshwayo ka Mpande ngowe-1879 empini yaseSandlwana.

Yingakho sikhethe ukungaphawuli kakhulu ngokukhothama kweSilo ngoba kungasuka imfazwe. Kodwa ngabe asibenzanga ubulungiswa uma singaphefumuli ngale nsambatheka endulele ukukhothama kwaso. Njengoba sike sasho emibonweni yethu phambilini, iSilo besesizinkanke ngabantu abangalungile. 

Namanje akuqondananga nje ukuthi kusocongwe izinyane laso eGoli ebeseliqokwe njengozothatha emva kwaso ngendlela esolisayo, dukuduku sesivukwa yisifo eselaphekayo kuvele ukuthi; ngezwi loMntwana wakwaPhindangene uMangosuthu Buthelezi - singene esibhedlela siphethwe ushukela saphuma sesibulawe okunye okuthiwa yi-Khovithi.

Yonke le nto ngokubona kwethu imayelana nomhlaba weSilo lo ebesinqwahe nawo. Ayinuki ingosiwe.

Uthe umnikazi wePhephandaba ezaseMsinga uSbu Ngubane eseMgungundlovu ngowezi-2017, ngaphambidlana nje kweNkomfa yase-Nasrec ka-ANC; kwavela insizwa eluhlazana nje ngebala ayeyibona ukuthi ivela kwesinye isifundazwe, nangendlela nje eyayikhuluma ngayo.

Ocabanga ukuthi uzothola umhlaba engawulwelanga uyazikhohlisa: Umhlaba uyikho konke umuntu akudingayo emhlabeni, yingakho uSathane uma efuna ukukubulala uphila akwenze nomantindane wakhe ekuthathela wona kuqala

Lezi zimoto abebehamba ngazo laba bafo besezandile laphaya eMgungundluvu, zifaka nama-number plates angeyiwo. Kuthi uma usuyilandelisisa uthole ukuthi ingeyase-Northern Cape kwesinye isikhathi. Le nsizwa okaMbomvu ungqwamana nayo laphaya emgwaqeni uLangalibalele, budebuduze neSishayamthetho esidala.

Ngoba kwakucaca ukuthi iyamlandela wayiqonda nje ngqo ngoba eseyibonile ukuthi kukhona nelukulukwana enalo. Yathi uma isikhuluma naye waluzwa ulimi ukuthi olwaseNhla nezwe.

Ingxoxo yahamba yaze yafika odabeni obelushisa ibunzi ngaleso sikhathi, udaba lwe-Ngonyama Trust nokuphawula kukaMnu Kgalema Motlanthe ngalo, eyakubeka ngembaba le nsizwa ukuthi nabo bayameseka uMotlanthe kwakushoyo futhi uma kungathatha uRamaphosa okhethweni luka-ANC eNasrec bazoqeda nya ngayo.

Uma ibuzwa izizathu zalokhu yathi uphenyo lwabo luthola ukuthi iNgonyama Trust iwumphako nje weSilo abantu abangahlomuli lutho kuwo futhi injalo nje ayibanga isinqumo senhlangano ebusayo kuyiwa entandweni yeningi kodwa kwaba umpataniso nje ukuze kuthanjiswe uButhelezi neqembu lakhe le-IFP angenele ukhetho lokuqala lwentando yeningi ngo-1994 ukuze kube nokuthula ezweni.

Yaqhubeka-ke le nsizwa yathi njengama-Sunset Clauses ayeyinto yesikhashana, nayo-ke iNgonyama Trust ngokubona kwabo isihambe yaphelewa yisikhathi.

Yathi le nsizwa lo mhlaba ongaphansi kweNgonyama bahlose ukuwuthatha bawubeke ngaphansi kukahulumeni, baphe abantu amatayitela ngawo ukuze umnikazi wawo akwazi ukubambisa ngawo uma efuna ukuyoboleka imali ebhange.

Ngesivinini umqondo kaMbomvu washeshe wawubamba lo mkhonyovu ukuthi inhloso la ukuthi umhlaba weSilo uphume ezandeni zaso ukuze ugcine uthathwe kalula amabhange kubantu, ubuyele kubelungu ngalo mkhonyovu wamabhange wezikweletu. Kwakuzocushwa izife zokuthi abantu behluleke ukukhokhela lezi zikweletu zamabhange ukuze udliwe umhlaba wabo uphinde ubuyele kubelungu ngesitayela, mhlawumbe ngokubashaya ngama-interest rates ahlanyayo.

Kwamnenga lokhu umfo kaMbomvu, owabe esiyixwayisa le nsizwa ukuthi ayehlukane nokulokhu yehla yenyuka imlandela ngoba kukhona okuzoyethusa.

Akaphindange wayibona eMgungundlovu njengoba sekuvela nje namhlanje ngaphansi komlawuli omusha kaMasipala uMsunduzi ukuthi laphaya eMgungundlovu kunenqwaba yabasebenzi abayizipoki abevile ekhulwini abahola kulowaMasipala, abaququda imali kahulumeni ngokungekho emthethweni. 

Yibo labo galakajana ebebehla benyuka besilandela ngonyaka wezi-2017, ubathole laphaya eNapierville beqhethe phansi kwezihlahla usuku lonke kuncelwa amabhodlela kabhiya kudeshwa nangama-whiskey abizayo. Konke lokhu bekwenzeka ngaphansi kobuholi wowayeyiMeya yalomasipala owaxoshwayo nongumngani omkhulu ka Dkt. uZweli Mkhize uThemba Njilo.

Siyazi ukuthi kunamahlathi akwa-Sappi laphaya esiFundazweni iKZN, okunenqwaba yabantu nemiphakathi eseyifake izicelo zokubuyiselwa umhlaba atshwalwe kuwo lamahlathi kodwa nanamhlanje akukho nesisodwa isicelo semiphakathi esiqondene nalamahlathi esesike saba yimpumelelo laphaya eMhlaba House.

Ngokusho komthombo wethu owethembekile yinto eyakhiywa kude leya nesihluthulelo santshingwa la kungazi khona muntu ngoba umthombo uthi ubufakazi buqanda ikhanda ukuthi la mahlathi atshalwe emihlabeni eyayithathwe kubantu. 

La mahlathi esikhuluma ngawo asetshenziswa ngokungekho emthethweni yinkampani ekhiqiza amaphepha iMondi-Shanduka. Sagcina uRamaphosa enamasheya kulenkampani kanti abanikazi bayo bangamaJudambumbulu.

Lokhu, ngokubona kwethu kucacisa ngokusobala ukuthi kungani kuqotshwa amakhosi oselwa ngalendlela exaka uSathane ezweni. Sekuphendlelwa oZibhebhu kaMaphitha ukuthi bathathe izihlalo zawo bese benza intando yamankengane ngomhlaba wobabamkhulu. Vele kwasekuqaleni umhlaba wawuthathwe yiwo kanye amankengane emakhosini.

Abangakwazi abalandeli bakaRamaphosa ngoba abawona vele amalunga angempela kaKhongolose ukuthi uKhongolse wawusungulwe yiwo kanye amakhosi ngowe-1912 ngenhloso yokuthi kusetshenziswe osopolitiki njengesikhali esisha sokuwubuyisela kubanikazi bawo. 

UMengameli wokuqala wenhlangano ebusayo uDkt. Langalibalele Dube, uMafukuzela wafunda wagogoda ngosizo lwenkece eyayihlanganiswe yiwo kanye amakhosi ngoba ezoba umlomo wawo enkundleni entsha yezepolitiki.

UMengameli wokuqala we-African National Congress uDkt. J.L Dube

Lala ngoxolo Mdlokombane, ubulawelwe lokho inqwaba yamabutho akwaZulu namakhosi ohlanga akwendulela akhothama ekulwela, ukungemukwa ingubo yokulala okuthiwa ngumhlaba. Ibingapheli inkulumo yakho ungakugcizelele ukuthi umhlaba uyafelwa…

Bayede! Ndabezitha!

Hamba kahle Hlanga lo mhlabathi…wena weNdlovu!!!

I BUILT MY SITE FOR FREE USING