21 Nov
21Nov

Ngu-Aya Ngubane

Akulindelekile ukuthi esikhathini sentando yeningi esiphila kuso kwakhiwe igebe phakathi kwabantu abansundu ngenxa nje yokuthi omunye uyakhanya kanti omunye uzothile ngebala. Kepha lo mkhankaso esiwubona komabonakude namhlanje uyinkomba yokuthi kukhona abangasoze bakuthola ukuphumula uma abantu abansundu bengasalwi bodwa...  

Kusuke umsindo uNksz Emily Chikote (ophakathi nendawo) ethatha uMiss Zimbabwe eminyakeni embalwa edlule ngoba nje enebala elizothile

Komunye umuntu kungezwakala kamnandi uma ebizwa nge-chocolate beauty noma nge-yellow bone. Kodwa uma ucubungulisisa kahle umnyombo wala maganyana, kuyacaca ukuthi angenkulu inhlamba lena egqokiswe ngesinono.

Yize sesinemithetho emisha elawula intando yeningi lena esesiphila kuyo lapho sekuyicala elibomvu ukubiza olunye uhlanga ngeganyana lokucwasa, lokhu akusho ukuthi abacwasi abasenawo amasu amasha okwakha amaganyana angukucwasa ngendlela ecashile ukugwema ingalo yomthetho.

Namhlanje sekwakhiwa amalebuli athile acashiswe ngolimi lwesilungu olushelelayo ukududula lo mkhankaso wokucwasana kwabantu abansundu bodwa. Uma uvula umabonakude ubuka izinhlelo lezi okuthiwa ngama-reality shows nama-soapie, kuyacaca ukuthi njengamanje abaqashi kulo mkhakha kaqedisizungu bathanda kakhulu laba bantu abanebala elikhanyayo okuthiwa ngama-yellow bones.

Abazothile ngebala, phecelezi ama-chocolate beauties, baya ngokushabalala kumabonakude, ikakhulukazi kulezi zinhlelo ezikhiqizwa yizinkampani zabelungu. Lo mkhuba wakha isithombe sokuthi uma uzothile ngebala umubi.

Inhloso la kungukudala uqhekeko phakathi kwabantu bengabadi. Kuzogcina kuzondwa abantu abakhanyayo ngebala yilabo abanebala elizothile ngoba kuthiwa bawola wonke amathuba akhona kwezemisebenzi, ikakhulukazi kwezikaqedisizungu.

Uphawu lwenkampani eguqula ama-chocolate beauty iwenze ama-yellowbone ezinze eSandton

Njengamanje sekunezinhlangano zentsha ezizibiza ngama-yellow bones, nezingoma eziqhakambisa lo mkhuba seziqanjiwe, ziyadlalwa nasemisakazweni. Kungekudala abazothile ngebala nabo bazoqamba ezabo izinhlangano nezingoma. Lokhu kungukutshaleka kwenqubo yokucwasana ngokwebala phakathi kwabantu abansundu.

Izingane ozizalayo sezizogcina zibukelana phansi ngoba nakhu lezi ezikhanyayo ngebala zizibona zingcono noma zizinhle kakhulu kunalezi ezinebala elizothile. Yimpi lena ephakwa ngomshoshaphansi kusetshenziswa intsha kanye nokuswela kwabantu abamnyama amathuba kwezomnotho ukuze kuzitshwe inyamazane engumnotho wezwe osesezandleni zegcunswana labelungu kuhujwe uxamu.

Imithi le eyocula isikhumba isibuye ngezinkani. Abazothile ngebala sebeyakhrima. Kunesikhathi lapho cishe bonke abesifazane abebelingisa emdlalweni owuchungechunge lwethelevishini obubukelwa kakhulu kuleli phambilini iGenerations kade begqokiswa amawigi. Lo mkhuba ubunganakekile ngoba kunenkolelo yokuthi lo mdlalo uphethwe ngumuntu omnyama awusungulayo uMnu Mfundi Vundla, kodwa ekugcineni kuhlalukile ukuthi sekuyisikhathi eside lo mdlalo wawela ezandleni zabelungu.

Lokhu kuvele seligqabuka igoda phakathi kwabalingisi bakuqala balo mdlalo noVundla, lapho uwayengumlingisi kuwo uZikhona Sodlaka evezele abezindaba ukuthi bebephethwe ngendlela enokucwasa ngabaphathi bangempela beGenerations osekungabelungu. USodlaka uze wabiza uVundla ngesichuse, ethi akukho abekwenza ukubavikela.

Umkhuba wokucutha ngomuntu omnyama ukuze kufezwe izinhloso zephumalimi awumusha neze. Cishe lonke ilokishi kuleli lengabadi ngesikhathi sombuso wengcindezelo beliba nesicebi esisodwa vo somuntu omnyama okungaqondakali ukuthi waceba kanjani. Umuntu obekuhlala kukhulunywa ngaye esithe, abantu bezibuza ukuthi engabe unesitezi nje waqubuka kanjani yena abanye abantu behlupheka kangaka?

Bekuxoxwa eziningi izinganekwane ngalo muntu, abanye bethi wawina amahhashi, abanye bethi wathwala. Kanti iqiniso ukuthi unkabi lo ucashise izimboni zabelungu elokishini ngobuso bakhe ukuze zingashiswa yizishoshovu zomzabalazo. Ukhondolo lolu olungenamehluko ebumpimpini bombuso wobandlululo olusaqhubeka nanamhlanje ngezindlela ezahlukahlukene emiphakathini yabantu.

Inj'emnyama: "G-r-r-r-r, Wow! wow wow!. Ngiqeqeshelwe ukuluma abantu abamnyama kuphela"

Kwezikaqedisizungu umuntu ufike abe nombono othile ngohlelo afisa ukulwenza olungaba nesasasa kubantu. Phela kulula kuye ukwenza ucwaningo ngabantu bakubo ngoba uphila nabo mihla le. Inkinga ifike ibe sekuphenduleni lo mbono wakhe ube yinto ephathekayo. Yilapho-ke la sekuzothi uma bewuthanda lo mbono wakhe abakhiqizi bezinhlelo zethelevishini, kudingeke khona uxhaso lwezimali.

Uma kungumdlalo noma uhlelo oluluchungechunge, kuzodingeka abakhangisi ukuze kukhokhelwe abalingisi noma abethuli. Ngenxa yokuthi osozimboni abafaka izikhangisi kumathelevishini kuleli iningi labo kusengongxuwankulu, uzophoqeleka njengomsunguli ukuthi uthole umlingani ongumlungu ozokutholela abaxhasi bakubo.

Uma efika-ke umlingani usezokutshela manje ukuthi ukuze uthole izimali kubaxhasi bakubo yiluphi ushintsho ngohlelo lwakho okumele ulwenze. Noma kanjani enye yale mibandela izofaka ukuthi abalingisi mabagqoke, baphaqulwe futhi bakhulume ngandlela thile.

Omunye uzokubeka kucace ukuthi akafuni nakuzibona nje izinwele zemvelo kubantu besifazane ohlelweni aluxhasayo, abagqokiswe amawigi. Angithi phela ufuna abalingisi abangabantu bazenze abelungu ukwakha isithombe sokuthi abantu bayazenyeza ngobuhle babo. Kwesinye isikhathi belu yinkampani yazo vele izinwele le efake lolo xhaso. Agcine umuntu omnyama esedayise kanjalo-ke ngobuhle bakhe bemvelo ukuqhakambisa ubuhle bezinye izizwe ngenxa yendlala.

Lona wesifazane osemusha uthi ukhathazekile ngalo mkhankaso

Abukho ubuhle obedlula ibala elinsundu, noma umuntu engaze akhanye ngokwebala akwenzi mehluko. Kodwa lobu buhle bujivazwa ngabomu komabonakude ukuze abantu bathenge imikhiqizo yaseNtshonalanga le ebashisa ubuso ibaqothule nezinwele.

Ubandlululo osekubhekwene nalo kumanje sekungelomnotho, hhayi lolu olwakhelwa ukusilibazisa ngeze. Lokhu kubonakala nangendlela osekubiza ngayo ukuthenga umuzi esilungwini ukuze umuntu ohola kancane ahlale kude nezicebi.

Ngisho indlela okhuluma ngayo isilungu isiyakufaka noma ikukhiphe manje emathubeni omsebenzi ezimbonini ezizimele. Namanje kwezikaqedisizungu, ikakhulukazi kwithelevishini, iningi lentsha esakazayo yileyo eveteza isilungu esinenkosi phakathi.

Lokhu sekwenze iningi labantu labona kungcono libhalise izingane zalo kulezi zikole ebezibizwa ngama-Model C phambilini, lapho zingafundiswa nhlobo izilimi zomdabu ukuze ziqasheke kalula ezimbonini ezizimele zabelungu. Ngalendlela luzogcina lushabalele ulimi lwesintu kulezi zingane ngokuhamba kwesikhathi ngenxa yobandlululo lwezomnotho.

Lo mkhankaso wadlula ngehubo kuMichael Jackson, wagcina ngokumbulala, njengoba ebesonomdlavuza wesikhumba. Okubuhlungu ukuthi abelungu ababemfake kulolu bishi bagcine sebembiza nge-freak, bethi useyisidalwa

Inkululeko yomnotho isazoba umqansana uma ingafundiswa intsha ngokuzigqaja ngobunjalo bayo obubukelwa phansi abezizwe ngenxa nje yomona. Asikho isidalwa esihle ukwedlula umuntu onsundu, akukhathaleki uyakhanya noma uzothile ngokwebala.

Isikhumba somuntu simelana nanoma yiziphi izimo zesimo sezulu. Kubanda noma kushisa, asinuki. Sinjalo nje futhi asiphathwaphathwa yizifo ezifana nomdlavuza wesikhumba futhi asihuzuki nakalula.

#SihlakulelaImithiEphundliwe



I BUILT MY SITE FOR FREE USING