07 Jun
07Jun

Ngu Aya Ngubane

EzaseMsinga bezethamele umhlangano obaluleke kakhulu obungomhlaka-6 kwephezulu  phakathi kwezinduna namakhosi aseMsinga obusehholweni kwaMabaso ubizwe yinhlangano elwela ukuthula noxolo ezizweni zaseMsinga zakhelene; uBumbano lo Msinga...

Inkosi uZiphokuhle Majozi nenkosi uThembitshe Mabaso emva komhlangano. Kukhona abangamalunga e-IFP abazama ukuvimba la makhosi ukuthi angashayi lesi sithombe nentatheli yezaseMsinga Newspaper behluleka

Onke amakhosi aseMsinga abemelelekile kulo mhlangano, kwathi nalawo abengaphumelelanga athumela izithunywa zawo. OnguMxhumanisi kule nhlangano uMnu Vincent Shange uthe inhloso yalo mhlangano ukuthi bazazise emakhosini amasha angene sebesebenza, kwazise sekunesikhathi bewenza umsebenzi wabo.

Wethule uBumbano lo Msinga njengenhlangano emele ukuqinisekisa ukuthi ukugobhoza kwegazi akusenzeki eMsinga. Uthe babheka nokuthi izinduna zisawuqhuba kahle yini umsebenzi wazo. Uthe besekunempi ecishe yaqubuka phakathi kwesizwe sakwaMajozi namaBomvu, uBumbano lo Msinga layikhuza yaphela nya.

“Singena phakathi kwabantu kukubi silamule khona kunjalo.” Kusho uShange.

Uthi inkinga ababhekene nayo njangamanje wukuthi sekunesimo lapho kungathi kunabantu baseGoli nabaseMsinga phakathi kwabo kanti akunjalo, “SiseGoli nje ngoba kufanele kondliwe yona le mizi ephethwe amakhosi la ekhaya.”

Utshele umhlangano ukuthi basuke eGoli ngenhloso yokuzozikhulekela emakhosini aseNdlunkulu ukuthi uBumbano lume, luhlale lukhona ukuze uma kwenzeka umkhuba eGoli bakwazi ukuwuvimba. Uthe ngesikhathi kuphasiswa uBumbano amakhosi akhetha inkosi uMabaso njengoSihlalo walo, “Into obesekusele siyichaze ukuthi  sicacise ukuthi uma inkosi ibika isuke ithunywe wubani.” Kuchaza uShange.

Uqhube wathi kufanele kube khona abantu abanjengabo okumele bathunywe ukuxhumanisa amakhosi nabantu, “Sithi uMsinga awuyeke izimpi nokubulalana.”

UShange uthe bewuBumbano lo Msinga bahlongoza ukuthi umkhuleko wabo wokuthula uhambele inkosi nenkosi minyaka yonke mhlaka-29 Disemba.

Abaholi boBumbano lo Msinga uMnu Gugu Mkhize (wakwaLatha-Mbonja, emaBomvini) noMnu Mbongiseni Mchunu (wakwaNdaya, emaBomvini - ofunde klasi linye no-Sbu Ngubane (umnikazi wezaseMsinga Newspaper) kusukela kwa-Standard 3 (Grade 5) kuze kufike kwa-Form II (Grade 9). UMchunu unguMdidiyeli wamabutho (Commander- in-Chief) aMabomvu aseMsinga

Uthe bafisa kube nesikhumbuzo senkosi yakwaZondi uBhambatha kaMancinza njengoba adlala enkulu indima enkulelekweni yaleli zwe empini kaKhandampondo yowe-1906. Uphakamise nokuthi kungakuhle uMasipala athathe amakhosi awayise eGoli ehambisana kanye nawo ukuze abone ukuhlala kwabantu bawo.

Uthe izingane abazizalayo njengezakhamizi zaseMsinga azisahloniphi, zicwile etshwaleni, lezi zamantombazane seziyalunguza nje emendweni, zenyuke ziye eGoli zibuyele emuva sezingamatshitshi zigqoka ngendlela engahloniphekile.

Uqhube wathi bafisa ukuthi uma amakhosi ebavumela, baye kuMasipala bathi abafune mali yawo kodwa uma kunomcimbi onjengalo akhokhele okungenani imali yendawo la kuzohlanganelwa khona ngoba lento ingaphansi komkhandlu wabo.

UShange uthe babewucelile uMasipala waseMsinga oholwa yiqembu le-IFP ukuthi uxhase lo mcimbi wokudala ukuthula noxolo eMsinga ngeziphuzo nangokuya ethunjini, kodwa wenqaba.

Uthe kunesimo sokuthi amakhosi  kuthiwe kumele aphathwe yimihlangano kaMasipala. Ubuze ukuthi akuyehlisi yini inkosi lokho kuyenze ilingane namaKhansela. Uthe uma isimo sesishubile ngokwepolitiki, izolamula kanjani inkosi uma isihlala emihlanganweni kaMasipala, mhlawumbe igcine isibizwa ngenhlangano ethile, bagcine abantu sebethi le nkosi ingeyabantu abathile.

Uthe uma inkosi ingathi iyasukuma iphawula emihlanganweni kaMasipala bese kusukuma muntu thizeni athi i-“out of order”, isazoba naso yini isithunzi?

Uthe bezwa amahlebezi athi uhulumeni ufuna ukwakhela amakhosi imizi, “Sicela ukuqonda ukuthi uma inkosi yakhelwa umuzi bese kufika la inkosi ibeka khona izintambo, kuzomele iphume yini kule yandlu eyakhelwe nguhulumeni njengoba ngokwesintu inkosi ingakwazi ukungena endlini kayise? Kungani uma uhulumeni akhela inkosi indlu angakheli noMntwana ozobekwa emva kwayo umuzi na?”

Uthe kufanele kucace uma kunentuthuko ukuthi wubani owakha izinto phakathi kweMeya nenkosi. Uthe bacela ukucaciseleka phakathi komkhethwa nombusi.

Uthi abantu abaseGoli baphelelwa yimisebenzi mihla le kanti nesomiso ekhaya sibhokile; ubuze ukuthi uma efelwa yizinkomo ngenxa yesomiso, yikuphi uMasipala angamxhasa ngakho? “Zithini ezokuphepha kwemfuyo esiyibona ishabalala ngenxa yesomiso esisibona sihlasele kumanje?” Kubuza uShange.

Ukugcizelele ukuthi njengoba beseGoli nje ucela uMsinga ulungiswe yizo zonke izakhamizi zawo, kungabi sengathi kunoMsinga oseGoli noMsinga osekhaya, “Ngoba sonke siyefana.”

USihlalo woBumbano lo Msinga - inkosi yakwaMabaso

Kube sekudedelwa uSihlalo woBumbano inkosi uThembitshe Mabaso ebeke yathi, “Kusenjengoba saluqala uBumbano. Namanje kuseyinto yamadoda ashayiwe ebuchosheni ukudingida izindaba ezibalulekile zesizwe saseMsinga.”

Uthe esikhathini esiphila kuso ubukhosi buya ngokushabalala, ngakho-ke kufanele abantu babuvikele.

“Ukuba kuya ngami ngabe nikhetha uSihlalo omusha kwamanje ngoba thina makhosi asisadinge zikhundla, sisezintweni vele.” Kusho inkosi yakwaMabaso enanelwe ngehlombe kwaqhuma nohleko ehholweni.

Inkosi ithe lungakabi bikho uBumbano beyenyuka njalo iye eGoli iyokhuza izinkinga zesizwe sayo, kepha ngenxa yoBumbano uthe sekufungwa yena eGoli, “Nokukhunjulwa sengiyakhunjulwa ngenxa yomsebenzi omuhle uBumbano oluwenzayo.”

Ukuhlawuliswa kwabantu abonile

Inkosi uMabaso iqhube yathi umuntu ufike one, mhlawumbe ngokubulala umuntu, bona njengomndeni bambambe umbulali bambophise kodwa phezu kwalokho umndeni futhi kuthiwe awukhokhe. Yize umndeni usubonisile ukuthi awumeseki umoni.

“Kungani kungajezizwa umoni kuphela. Kungcono ngihlawule uma nginawo amandla okuhlawula, hhayi uma ngizihluphekela.” Kusho inkosi uMabaso.

Inkosi iqhube yathi isithunzi sabo njengamakhosi siyaphela nya ngoba ike yabhozonyelwa sikhulu simbe sakwahulumeni yaze yakhuzelwa ngabantu baKwaZulu, “Abakhuza umhlola impela bathi kushukuthi abantu baseMsinga sebalwa baze bakhathala. Asiphephile singamakhosi.”

Ithi inkosi ike yezwa kuthiwa kukhona abantu asebevalelwe amanzi ngenxa yezepolitiki, “Kumele siyisukumele le nto njengamakhosi ngoba izwe liyadunguzela.”

Inkosi ithe manje sebeqoqelwa ekhoneni njengamakhosi ukuze babuseke ngokuhlaliswa emihlanganweni yoMasipala.

UKhansela uMhawukeleni Sokhela ophethe kwa-Ward 4, oyingxenye yendawo la bekubanjelwe khona umhlangano, ukugcizelele naye ukuthi akasiboni isidingo sokuthi amakhosi ahlale kwi-Council Chamber ngoba imihlangano yakhona iba nokujikijelana ngamazwi kwesinye isikhathi, lokho okungethuka sekwehlisa inkosi isithunzi uma ingathi iyaphawula ihetshezwe.

“Angifisi ukuthi amakhosi abe yingxenye ye-Council Chamber ngoba kuba nokungcofana okubi kuleya ndawo.” Kubeka uSokhela.

USokhela ubeke nombono wokuthi kungakuhle isakhiwo esihle kangaka esifana noBumbano sibe nohlaka lwabantu abasha abazofundiseka besebancane ukuze uma kudlula lesi sizukulwane esiholayo njengamanje kuqhubeke ukusebenza kuyiwe phambili.

USibiya woBumbano loMsinga naye usukume wahamba emazwini ozakwabo ngemisebenzi yoBumbano, wabala nenye impi abayikhuzayo isuswa siqhwaga simbe saseNquthu esavele sadubula umuntu  nje ngokuthi: “Ungibukani wena.”

Uthe bengakabi bikho njengoBumbano umuntu waseMsinga ubengehli eGoli eyisidumbu umbulali esaphila, “Ngale kwalokho ubethi uma engatholakali umbulali kukhokhiswe ngomuntu wakubo ukuze kube yi-draw. Kungangcono-ke wena ozala umbulali ungambheyileli futhi ungamfuneli kwammeli ukugwema impi.” Kusho uSibiya.

Ukucacisile nokuthi bona njengoBumbano lo Msinga iSikebhe abaxhumene nhlobo naso.

UMnu Ndlawana Mvelase waseBaThenjini usukume wathi kwakunesiqubulo kuqala esasithi akasubulawa umuntu waseMaBomvini ngikhona mina ngingowaseBaThenjini njalo njalo. Uthe yiwona amakhosi aseMsinga aphasisa uBumbano.

“Saqala ngokunquma ukuthi umbulali akaboshwe isigodi singangeni kule ndaba. Uma kungumuntu osendelene nezinsizwa isigodi singahlangana simelekelele ahlawule.”

Uthi baqala ngokuhlongoza u-R5000 ukugwema izinhlawulo ezazingaba ngaphezu kwamandla, mhlawumbe zehlule abantu ukuzikhokha. Uthi babuye bayikhuphula ngokuhamba kwesikhathi yaba uR7, 500. UMvelase uthe le mali ikhokhwa yizinsizwa ukuze zishweleze esizweni noma esigodini esehlelwe wumshophi. Uthi akazi-ke noma izinduna ziyakuqikelela yini ukuthi zihambise u-R500 wale nhlawulo enkosini njengesihlangu sayo ngoba babenqume kanjalo.

Uthi kuhambe kwahamba amakhosi aphakamisa ukuthi aboke bahlanganise izizwe zaseMsinga zikhumelane umlotha, “Lokho kwagcina kwenziwe, kwathelelwana amanzi eNhlalakahle, eMachunwini.” Kuchaza uMvelase. Uthe kumanje lo R7, 500 wenhlawulo sengathi usumncane ngenxa yokukhuphuka kwezindleko zemingcwabo.

Kube sekusukuma uMnu Phikamanga Dlamini ozethule njengomuntu ezolimo ezimthinta emanonini kwazise naye usenhlanganweni  ebhekelele zona; uMsinga Peace. Uthe usemmemile uMEC weZolimo u-Cyril Xaba ukuba akezolekelela ngesimo saseMsinga esesedlulile esimweni se-crisis sangena kwi-disaster ngenxa yesomiso esibhokile.

“Kungakuhle-ke uma uBumbano lungasebenzisana nami sixoxisane noNgqongqoshe ngoba kukhona isizumbulu semali engu R3.2 billion athi sesikhona ukubhekana nalesi simo.” Kusho uDlamini.

OnguMeya womkhandlu waseMsinga uFelinkosi Sikhakhane uvumile ukuthi wayithola incwadi eyisimemo kulo mhlangano kwasho ukuthi ayibange isaqinisekiswa. Uxolisile ngokufika umhlangano usuphakathi, wathi isizathu salokho ukuthi kuthe ebusuku bayizolo wathola ukuthi kunengane yala eMsinga eshone ngengozi eThekwini kade isesikoleni, “Njengoba udaba lwayo beluhanjelwe zikhulu zikahulumeni nje bengingeke ngiphuthe ukuya khona.”

IMeya iqhube yathi kukhona abebazamile emkhandlwini awuphethe ukuthi beze bazommela, waxolisa kakhulu ngokuthi kugcine kungasafikanga muntu njengoba kuze kwafika yena.

IMeya ibeke yathi, “Akulona iqiniso ukuthi asiyisingathi imicimbi enjengalena. NjengoMasipala siwusingathile umcimbi wokugeza amanxeba abantu baseMsinga, sakhipha amathende nokudla. Indaba kaMasipala noBumbano yinto eyodwa nje.”

Uthe naye njengomuntu ofelwe zinkomo ngenxa yesomiso ushayeke kakhulu, ngakho-ke kungangcono lo ludaba lwesomiso luthathwe njengodaba oselungaphezu kokucabanga komuntu.

Uthe okwamanje sebeludlulisele ezingeni le-Province lalungqunyuzwa khona ngoba bona njengoMasipala wasemakhaya akukho mali yentela, ama-rates ne-rent ekhokhwa kubo njengenzuzo abayenzayo.

“Lana asinayo i-Gross Domestic Product, phecelezi i-GDP, ngakho-ke asiyena uMasipala owenza imali. Siyafuna nokuya ko-Goli lapho njengoba nisho kodwa amandla awekho, i-budget ayikho. Khona manje sike sazama ukuphuma siyoboleka izimali zikagesi, wasikhuza u-Local Government wathi ngoba anenzi nzuzo le mali niyoyikhokha ngani?”

[Side Note: Ngokwemibiko yokusebenza kwezimali zikaMasipala waseMsinga oholwa yi-IFP nge-Financial Year yowezi-2015 kubhalwa lolu daba, lokhu okushiwo nguMeya uSikhakhane la akulona neze iqiniso ukuthi i-budget base bengasenayo. Imibiko yabo yokusebenza kwezimali ithi ngalonyaka-sabelo baba ne-budget surplus engu-R16,650, 227 millionokuyimali engasetshenziswanga neyabuyela emuva kwa-Treasury, okuyimali eyayisesesikhwameni sabo ngesikhathi kuhlala umhlangano woBumbano, abehluleka ngisho ukuthenga izigubhu lezi zamanzi ukuwuxhasa yize wawubaluleke kakhulu ngokuletha ukuthula endaweni yaseMsinga. Funda kabanzi ngalomkhuba owenziwa amaqembu aphikisayo ukuhlukumeza abantu abawavotelayo ukuze bazonde i-ANC futhi bayinyundele nakubantu njengengabasebenzeli ngokucofa le-link]. Nabu ubufakazi be-Financial Expenditure kaMasipala waseMsinga ngowezi-2015. Nayi i-link ye-website yabo la ungayi-dowloader khona

msinga_2015_financials 26 8 2015 _3_ _2_.pdf

Mayelana nomcimbi wenkosi yakwaZondi iMeya ithe nabo njengoMasipala bayophonsa esivivaneni, kungakuhle-ke uBumbano luhlale phansi kuboniswane ukuthi ungahlelwa kanjani lo mcimbi.

Uluncomile uBumbano ngomsebenzi walo, wathi kungakuhle impela baqinise ngaseGoli ngoba izimpi zivamise ukusuka ngakhona.

UMeya uSikhakhane ubuye wacacisa ngodaba lwemingcele olusathanda kudida abantu abaningi ukuthi bona njengoMasipala bafike bakhulume bathi inkosi ithi, uthi bafike ngale kuhulumeni omkhulu bashintshe izinto. Ube esenza isibonelo ngo-Ward 12, athe kungenzeka ugcine usuwele kuMasipala waseMvoti. [Side Note: Lokhu kuyashayisana nezitatimende zikaKhansela uKhetheyakhe Ngubane ophethe ku-Ward 12 engaphansi kwe-ANC kuloludaba: “Iqembu le-Nkatha uma lehlulwa ukuletha intuthuko kubantu lesulela ngoKhongolose.” 

Ekugcineni kusukume inkosi yakwaMajozi. UMqamu ukhale kakhulu ngokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kososeshini bamatekisi abasebenzisa umzila osuka oThukela uya eDundee. Inkosi ithe isike yaxoxisana neMeya yathi nayo kukhona ezokwenza ngalesi simo. Uthe no-MEC wezokuThutha nokuPhepha u-Willis Mchunu naye usemazisisile ngalesi simo. Inkosi uMajozi ithe ike yazama nokuhlanganisa amakhosi aseMsinga ukuba akhuze, nokho aphazamiseka. Ube esecela umkhuleko ngoba akasazi ukuthi isiphetho sale nto kuzoba yini.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING