12 Sep
12Sep

Izazi Team zihlonipha uBiko ngokushicilela futhi le nkulumo eyathulwa nguNgqongqoshe wezaseKhaya uMnu Malusi Gigaba MP, ngelanga lenkulumo-mpikiswano ngevoti lokungamethembi uMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma kwiNational Assembly zili-10 kuNovemba 2016...

Owayengumholi weBlack Consciousness Movement uMnu Steve Biko okhunjulwayo

Nakhu lase sikhona futhi okwehlandla lesihlanu iqembu eliphikisayo lizama ukudla umbuso ngezindlela ezimnyama ngoba liphikwa yivoti okhethweni.

Lo mbhedo okuthiwa yi-‘State Capture’ usuphenduke ihawu elibhulwa yilamavaka eDemocratic Alliance ukuzama ukubhukuqa intando yeningi kulelizwe.

Kubukeka sekungumgendo weDA ukuthi icoshe noma yiluphi uswazi eligawula ngendlela ukuze ilusebenzise la ePhalamende ukukhwisha uMongameli wezwe nombutho kaKhongolose.

Kuyadida ukuthi abantu abahlala bezitusa njengabahlonipha intando yeningi, umthetho olawula lelizwe nobulungiswa badlebeleke ngalendlela benza konke okuphikisana nobulungiswa noMthethosisekelo wezwe.

Esitatimendeni sethu njengombutho kaKhongolose, uKhongolose usuwemukelile umbiko woMvikeli woMphakathi osephumile, wakuphawula okushoyo nezincomo zawo, nokuthi akukho zimiso zawo ezibeka othile icala ngaphandle kokwenza izincomo zokuthi kwakhiwe iKhomishana yophenyo ngezinsolo ezivelayo ngobudlelwano phakathi kosomabhizinisi abathile noHulumeni.

Phezu kwalokhu, i-ANC ithe iyakweseka lokhu, njengesimiso sobuqotho ukuba kwakhiwe le Khomishana yize kumele kubukisiswe kuqala ukuthi uMthethosisekelo wezwe uthini ngokumiswa kweKhomishana efana nalena.

Ukube iqembu eliphikisayo belinobuqotho futhi liwuhlonipha nomthetho wezwe, bekufanele liwemukele lo mbiko woMvikeli Womphakathi osephumile unjengoba unjalo kunokuthi liphange umdaka ligijimele la ePhalamende ngento engakaphenywa nayiKhomishana le okumele isungulwe.

Okuhlalukayo ukuthi akukho ukubekezela kulabantu abajahe ukugudlula inhlangano ebusayo ka-ANC ekubuseni ukuze bakwazi ukuvikela umcebo wabo nobundlovu kabuphendulwa.

Iqiniso ngayo yonke le nto ukuthi kunempi enzima eMzansi phakathi kwabacindezeli bayizolo nalabo ababebacindezele mayelana nokubuswa kwaleli zwe kanye nomgudu wepolitikiti okumele liwulandele njengamanje ngobunikazi bomnotho walo.

Ngesikhathi kuphela impi yamaNgisi namaBhunu ngowe-1902 amaNgisi nabamhlophe nje ngokujwayelekile bazinika wonke amandla okulawula ezokhetho, kanjalo namandla ezombusazwe nawokuthatha yonke into namagugu akhona ezweni (Property rights), okumbandakanya nokwenza abantu abamnyama izigqila eziholelwa amakinati kuxhashazwe namalungelo abo ngokungenanembeza.

Selokhu kwathi nhlo, lesi sihlava sombuso wengcindezelo yabamhlophe besakhelwe phezu kwesisekelo sokuthi ukuze abelungu bazenzele nje ngomnotho wezwe kufanele babe nawo wonke amandla okulawula leli lizwe ngokwezepolitiki.

Manje ukufa kombuso wengcindezelo kuhlehlise lonke lolu hlelo lwabo njengoba kwenyusele phezulu abantu abamnyama abebelokhu bengelutho sonke lesi sikhathi phambi kwamehlo abo, bafika kwelenyoni la bengabhidliza lonke lolu hlelo lwabo lwengcindezelo, baphathe nakuHulumeni, babe namandla nawokushintsha ngevoti labo yonke imithetho ebiyijoka emqaleni, kumbandakanya nalena ephethe umnotho nomkhiqizo.

Njengamanje lo msindo awusemayelana nje noMengameli uZuma njengoba abawufuqayo benza sengathi kunjalo, empeleni lana kuzanywa ukulawula amandla omnotho nomkhondo okumele leli zwe liwuthathe ukuya phambili.

Ngalendlela, siyibona kahle imfihlo yalempi yeqembu eliphikisayo ecashiswe ngesithupha.

Lezi zingelosi-mbumbulu ‘zokuvikelwa koMthethosisekelo nomthetho wezwe’ ngaphakathi nangaphandle kwePhalamende sezehluleka zancama ukufeza lokho ezithi ziyikho phambi kwabantu.

Empeleni ukuzibophezela ebuqothweni akukona nje ukuzibophezela ngoba nakhu ufuna ukujabulisa labo abasondelene nawe, kodwa kumele uzibophezele kukhona noma ubhekene nezitha zakho.

Ngakho-ke ngenxa yalezi zizathu, lesi siphakamiso siyimbudane nje futhi kumele singatholi kwesekwa.

Sizokhumbula ukuthi wathini uLenin uma esixwayisa ngalokhu: “Abantu bayohlala njalo beluthwa ngobunyoka nenkohliso kwezombusazwe kunjalo nje basazoqhubeka beluthwa baze bazitholele ngokwabo ukucabanga ngokuzimela ngale kokwethembela kulokho okushiwo kubo osopolitiki, yinkolo, ulimi lwesisoka kanye nangezethembiso.”

Ukuchaza lesenzo ngokwenele, umthetho waso singukuzicoshela nje amaphuzu epolitiki ngongxuwankulu bomhlaba ngendlela engubunuku, kusetshenziswa imidlwembe yakuleli zwe kucashwa ngegama lobulungiswa noMthethosisekelo ukuze kuntshontshwe, kuvikelwe nalo mnotho osesezandleni zabo.

Imigulukudu yomshoshaphansi wezempi yaseMelika i-CIA (Central Intelligence Agency) ike yalisebenzisa leli tulo ngowe-1951 e-Iran kulandela isinqumo sowayenguMengameli wakhona ngaleso sikhathi uMohammad Mossadegh ukufaka uwoyela wakhona ngaphansi kukahulumeni, lokho okwase kuphuca inkampani yaseBhrithani amandla okuzihlafunela nje kuwona bebe abantu base-Iran bencela izithupha.

Uma eseyizeka uJohn Perkins umbhali wencwadi esihloko sithi: “The Confessions of an Economic Hitman”, uthi iBhrithani yacela usizo kumngani wayo omkhulu iMelika kodwa kunokuthi bathumele ezempi, iWashington (ikomkhulu leMelika) lathumela inhloli ye-CIA uKermit Roosevelt (ongumzukulu kaTheodore). uKermit wagila izimanga ngoba wakwazi ukukhokhela abantu thizeni imali ukuthi bameseke, abanye ebesabisa.

Kwenziwe umkhuba ofanayo nakulowo obenguNdunankulu waseNorth-West uMnu Supra Mahumapelo, owathengelwa abashokobezi okuthiwa yiRevolutionary Council ukumbhikishela ukuze akhishwe ngenkani esikhundleni ngendlela efanayo iCIA eyenza ngayo kuMongameli Mossadegh e-Iran abasebekhokhelwe uKermit Roosevelt

Uthe esuka uKermit wansondo wabadidiyela ukuthi basuse olukhulu udlame lwasemigwaqweni nemibhikisho ukwakha isithombe sokuthi uMossadegh wayengasafunwa muntu ezweni futhi engaphusile. Ekugcineni uMossadegh wagcina eketuliwe wachitha impilo yakhe yonke eboshelwe endlini. Bathi besuka babeka isichuse sabo uMohammad Reza Shah Pahlavi njengondlovukayiphikiswa.

Nangempela i-Iran ayibanga nje yizwe lokugcina ukuhlaselwa yilezi zifika namthwalo ezidla imibuso yamazwe omhlaba kusetshenziswa abantu abangabadayisi bakhona abangongcothoza, lokhu kuphinde kwenzeka ePanama, e-Ecuador, e-Iraq, eLibya nakumakhelwane wethu la eduze eZimbabwe.

Itulo lakhona ngokwejwayelekile aliguquki, namanje liboshwa yizikhondlakhondla zoHulumeni bamazwe ngamazwe behlangene nosopolitiki bakuleli nezinkampani ezithile ezinkulu.

Umongo wayo yonke lento ukugcina umnotho waleli zwe ezandleni zalezi zigwili ezilawula abezindaba, kuthengwa nosopolitiki abangenamgogodla nezintatheli nabanye abanezinhloso zobumnyama.

Sekuyiminyaka inhlangano ephikisayo ilokhu isemkhankasweni wokubhukuqa uMengameli uZuma ngokumbhixa ngobende inyama engayidlile ukuze anyanywe ngabantu, kudwetshwa ubuholi baleli zwe njengobungaphusile kahle, obunenkohlakalo, obungenangqondo nobunobudedengu. Yiculo elifanayo eliculiwe nanamhlanje ngesikhathi kwethulwa lo mbhedo wesiphakamiso sokwehlisa uMengameli esikhundleni la ePhalamende.

Icala likaMossadegh e-Iran kwakungukuthatha uwoyela wakhona awubuyisele kuHulumeni, elikaTorijos ePanama kwakungelokubuyisela kuHulumeni i-Panama Canal, elikaRoldos e-Ecuador kungukuvikela uwoyela wakhona, ngokunjalo nelika Muammar Gaddafi eLibya noSaddam Hussein e-Iraq.

ONkunzikayihlehli ababutho linye noBiko

Elethu icala kuleli zwe njengoba sekusikazwa umbuso wentando yeningi ngejozi nje umnotho wethu lo wezimbiwa, ukuba yingxenye yeBRICS nale-Nuclear Power Station ehlongozwayo yaseMzansi.

Ukuvumela lo mkhuba obolile singamelani nawo kungaba yiphutha elikhulu.

Njengoba omunye wezishoshovu zeCuban Five eke washo phambilini besaquliswa icala eMelika wathi, “Asisoze savumela ukwesatshiswa abashokobezi.” Nathi ngokunjalo sithi, “Kulo mhlaba wawokhokho bethu asiguquki! Asihlehleli emuva.”

UKhongolse kumanje ududula umzabalazo wokulingana nokuphucula imphakathi yaleli zwe.

Ngesikhathi lapho iDA ibewuza into engathi shu ngenhlupheko, ukungasebenzi nokungalingani, thina lezi zimo siziqonda kahle njengoba sivela kuzo iminyaka sicindezelwe yibo, njengoba nanamhlanje besenesibindi sokuzama ukubuyisa ingcindezelo ngokuyigqokisa umnqwazi omusha.

Iminyaka eli-104 yonke edlulile umbutho wethu ubulokhu uzabalaza kanzima ukuguqula lezi zimo ezibhekiswe kumuntu omnyama.

UKhongolose yiwona othume uComrade uJacob Zuma njengoMengameli ukuhola lezi zinhlelo ezilandelayo ukushintsha izimpilo zabantu bakithi.

Kungaphansi kobuholi bakhe uMsholozi lapho:

  • Kudetshwe khona iNational Development Plan
  • Kuqalwe khona iNational Health Insurance
  • Uhlelo olusha lokubhekana ngqo nobhubhane lweHIV ne-AIDS, kunikwa labo abanaleligciwane ithuba elide lokuphila.
  • Leli zwe emlandweni walo livule inqwaba yezingqalasizinda ezweni
  • Sibone izindawo ezingamakhaya ziphuculwa ngendlela eyisimangaliso kuhlanganisa nokuxazululwa kwezindaba zemihlaba
  • Njengamanje sinamaNyuvesi amabili abengekho kuqala okuyiNyuvesi yaseNorthern Cape neyaseMpumalanga
  • Ziphuculiwe nezikhungo zamaFET (Further Education and Training) kwakhushulwa nokuhlonipheka kwazo kwafakwa amabhiliyoni ezimali ukuwabeka ezingeni elifanele
  • UNSFAS wenyuselwe imali yayokweqa uR10bn ngowezi-2016/17 kwathi izingane zabazali abantulayo nalabo abahola ngaphansi kuka-R600 000 zaqhubeka nokuthola uxhaso lukaHulumeni
  • Uhlelo olunqala lokuthuthukiswa kwezimboni zikaHulumeni lube nezithelo eziphusile ekuheheni abatshali zimali
  • Izinkinga ebezibhekene nogesi zixazululiwe kwakhiwa ne-9 plan yokuhlumelelisa umnotho wezwe

Yizona zinto okumele ngabe wonke umuntu ongusopolitiki ugxila kuzo lezi. Izakhamizi zaleli zwe zingakujabulela ukubona amaqembu aphikisayo efuna ukuphucula izimpilo zazo nokuza nezixazululo kunokuchitha isikhathi – ngoba nakhu nje awunamsebenzi wokubusa izwe – ebophana namanqina enyathi ukuze azakhele ugazi olungathi shu.

Sizosebenzisana nabantu abazimisele ukuyisa leli zwe phambili ukuze wonke umuntu agcine enelisekile. Izwe lakithi selimanikiniki ukuklaywa phakathi ngabantu abacabangela inzuzo kunenhlakahle yabanye.

Kumele siwuhlanganise umphakathi wakithi ngoba lolu qhekeko angeke lusiyise ndawo, ikakhulukazi kulesi sikhathi salomnotho ontengantengayo.

Ikusasa lezwe lethu lilengele eweni ngenxa yenhlupheko, ukungalingani nokwesweleka kwamathuba emisebenzi okusithena sonke amandla.

Izwe lethu lidinga ubuholi obuzosimanyanisa, buvale negebe lokungalingani bubuyise nethemba ngekusasa eliqhakazile ukuze sonke siphokophelele phambili empilweni egcono lapho bonke abantu ngaphansi komthunzi welanga beyolingana.

Siyasizwa isikhalo sabantu bakithi ngobuholi obuqotho obubeka izidingo zabantu phambili. Siyazi futhi ukuthi maningi amaphutha esiwenzayo nathi njengobuholi ohambweni lwethu lokuletha intuthuko nokufeza izidingo zabantu.

Lo hulumeni wentando yeningi usemusha, ngaleyo ndlela sisalokhu sifunda ngokwenza. Lokho esingakwenzi kahle namhlanje sizimisele ukukulungisa ngomuso njengoba siqhubeka nohambo lokufaka wonke umuntu ezweni loju nezinyosi.

Sengiphetha nje, angicaphune nawa amazwi ashiwo yiBuddha mhlazane iphazanyiswa yidlobongela enkulumeni yayo isethula isifundo sayo.

Kuthe uma liqeda idlobongela iBuddha yabuza kulo: “Uma umuntu enika omunye isipho kodwa ophiwayo esenqaba isipho kuba ngesikabani?”

Idlobongela laphendula lathi: “Kuzoba esalo obephisana ngaso.”

Yabe iBhudda isithi: “Nami ngokunjalo ngiyasibonga isipho sakho, zigcinele sona.”

Lona ngumyalezo esiwubhekisa emaqenjini aphikisayo namhlanje sithi: “Siyasibonga isipho senu sokusikhaca, sicela nizigcinele sona.”

Ngalawo mazwi njengeqembu elibusayo siphikisana nevoti lenu, hhayi ngoba njengoba bese sishilo phambilini sithatha inkohlakalo njengento engathi shu kodwa ngoba angeke sizimbandakanye nokuketula umbuso wentando yeningi nokuntshontshwa komnotho walelizwe yizigebengu zomhlaba zihlangene nezakuleli zwe.

Ningaba yizincelebana zabo, hhayi thina siyala!

Ngiyabonga.



I BUILT MY SITE FOR FREE USING