Ngu-Aya Ngubane
UMsinga Livestock Farmers Association usuwenze izigidigidi zemali udayisela izakhamizi zaseMsinga imfuyo ezingasayidingi. Kusukela enkomeni kuya embuzini, ngisho nezinkukhu imbala ziyangena kulolu hlelo lokuxosha indlala nokuhlumelelisa amathuba ebhizinisi lokudayisa ngemfuyo...
Emhlanganweni obungomhlaka-28 kuJuni le nhlangano beyethula izitatimende zokusebenza kwayo eminyakeni emithathu iphethwe yikomiti eliphumayo njengamanje njengoba besekuzokhethwa elisha, nalo elizohlala iminyaka emithathu.
Le nhlangano ehlala ibamba indali yokudayiswa kwezinkomo (auction) eMsinga ithi yenze R1, 2 million kwi-Financial Year ephuma kuyo ngama-auction amathathu ebiwabambele e-Stock Sale Yard, eMphelankani, kwaMabaso. Indali yezimbuzi yenze R600 000, kwathi eyezinkomo yenza ngaphezudlwana nje kwe-R800 000.
Kunconywe kakhulu izingqalabutho kule nhlangano ezikwazi ukubuka isimo kwamakhelwane bese zivela neqhinga lokuxosha indlala.
UMnu Mnkankeni Mchunu waseGunjana utuswe kakhulu mgokukwazi ukubona isimo esasingesihle kwamakhelwane ngomntwana obentula imali yokuya esikoleni umndeni ufuna ukudayisa inkomo, kwazanywa, kwagcina kulungile.
UMnu Msawenkosi Thusi nengxenye yemfuyo ayikhiqizayo - isithombe u-Lloyd Phillips ne-Famers Weekly
“Lowo mntwana ukhubazekile.” Kuchaza uMnu Nkosingabekwa Mbatha waseNqoleni, eMaBomvini onguSihlalo ophumayo.
Kutuswe kakhulu uMnu Moses Chonco ngengalelo lakhe, “Sicela ukukucacisa lokhu ukuthi uMsinga Livestock Farmers Association awunaso isikhundla sikaMengameli, kodwa simhloniphile ubab'uChonco ngaso ngenxa yegalelo nokuzinikela kwakhe kwezemfuyo eMsinga. Abaphumayo bangathokoza uma kungaba nesakhiwo sokumhlonipha kuleli komiti elingenayo.”
UMbatha uthi njengenhlangano sebedlule ezimweni ezinzima lapho inhlangano ike yaswela ngisho indibilishi le yokuthenga. Uthi lokho kwadalwa wukuthi babesuke bathatha kakhulu izingane ezazidinga imifundaze kanti enye imali izophelela ezindlekweni zemihlangano.
Umemezele ukuthi kunomqulu owenziwe uRural Development noMnyango weZolimo ezingeni le-Province okuthiwa yi-Implementation Protocol. Uthe uRural Development ufuna ukwakha ama-cooperatives ngoba abakwa-Red Meat bafuna ukusebenza nomuntu okwa-Rural Development, bakhathele omahamba ngayedwana bamapulazi.
Ube eseqwashisa labo abazongena ekomidini elisha ukuthi bazi ukuthi akukho nzuzo abazoyenza ngaphandle kwemali yokugibela neyokudla. Uthe badinga abantu abanamaphupho ngemiphakathi yangakubo nabantu abafuna ukuvusa imizi yasemakubo ngemfuyo. Uthe bafuna umuntu ongalifela iqiniso.
“Ukwenza isibonelo nje, sifuna umuntu okuzothi uma ebona ukuthi le nkomo edayiswayo eyokwebiwa akusho lokho ngokungananazi.” Kuchaza uMbatha, “Sifuna umuntu ongazusebenza ngobungani. Sifuna umuntu ongakhathalelwe kuthandwa.
Sifuna abantu abazomela iqiniso noma emncane ngeminyaka, amtshele umuntu omdala ukuthi ushayisile laphaya. Hhayi umuntu ovele adikile nje.”
Uthe ucela umuntu akhethwe ngokwethenjwa, hhayi ngoba uyishinga, uyalwa.
Ube eselandisa umhlangano ukuthi ikomiti eliphumayo selenzeni selokhu liqalile. Ubale iStock Yard Sale esenze R1.9 million ne-Project yaseGunjana eqashe 145 yabantwana ebebengasebenzi.
Amadamu (Water Catchment) kulama-Wards: Ward 7 - Jongingwenya, Gudlintaba, naseSiphethwini. Ward 17 - Enhlangeni. Ward 10 - Dungamanzi. Ward 2 - Emawozini. Ward 12 - Somashi, Ngodi, Nqoleni naseKhohlwa. Ward 3 - EziBomvini. Ward 4 eBhubesini, uNgengenge. Ward 13 - eBomvini, kwaLatha-Ntshawu (kwaGwayimane), nasOthobothini. Nenkambi eNqoleni naseManzimhlophe.
UMbatha uqhube wathi, “Emadanyini kuqashwe abantu abawu-58 sebebonke, idamu ngalinye babe wu-4. Kunabantwana abathathu esibafake esikoleni, kwaphasa oyedwa. Oyedwa kulaba bantwana weza engahambi namzali okwathi uma efika kithi wavela wasithela ngezinyembezi ehluleka ukuchaza ukuthi abazali bakhe bafa kanyekanye. Sibonga uMchunu owakwazi ukubona isimo sakwamakhelwane.”
Abafisa ukudayisa imfuyo yabo bangakhulumisana noSihlalo wediphu langakubo kwazise onke amadiphu aseMsinga ayingxenye yoMsinga Livestock Farmers Assiociation. Uma uletha imfuyo yakho endalini kumele ibe nophawu ngoba amaphoyisa aba yingxenye yalo msebenzi ukuze kugwemeke ukudayiseka kwemfuyo eyebiwe.