Ngu Sbu Ngubane
[Side Note: Lolu daba, njengalolo esilushicilele phambilini olusihloko sithi “World Cup 2010: Kuvela ubufakazi ukuthi umnotho waseNtshonalanga uyisitha esikhulu somuntu omnyama” kwakufanele lushicilelwe ephephandaba UMAFRIKA ngonyaka wezi-2009 kodwa wakhala uMhleli uFraser Mtshali ngokuthi ‘lunohlwayi’, ucela ngiludambise.
Olwe-World Cup lona sikholwela ukuthi lwathuliswa ngezikhangisi yi-Local Organising Committee yeFIFA ngaleso sikhathi ngoba sathi sibona iphephandaba uMAFRIKA kulelo sonto okwakumele liphume ngalo wawusunezikhangisi ze-World Cup 2010.
Ngaleso sikhathi uMAFRIKA ubuphethwe yinkampani okuthiwa Izimpondo Communications, umnikazi wayo obekungu Mnu Sandile Zungu, lo osengumnikazi wamaZulu FC namhlanje, ngokubambisana nabakwa-Natal Witness eMgungundlovu.
Kungabe ngiyamsukela uMnu Fraser Mtshali uma ngithi wuyena owavimba ukushicilelwa kwalolu daba lwe-World Cup 2010 ngoba uMhleli ngaphambi kokuthi ayogxoba ushicilelo noshicilelo kumele ahlanganise amakhanda nabanikazi bephephandaba alisebenzelayo, okuyibo esibanukayo ngalomkhonyovu wokuvinjwa kwalo ludaba lwe-World Cup kwazise nabo bawongxuwankulu.
Alukho udaba intatheli engaqala iluphenye ngaphandle kwemvume yoMhleli wephephandaba. Kumele intatheli udaba iluhlokoze kuMhleli kuqala, kube wuyena oyinika igunya lokuthi luphenywe.
Ngaleyo ndlela wayengeke uMtshali athi angilwenze lolu daba lwe-World Cup engenayo inhloso yokulushicilela. Yingakho-ke ngikholelwa ukuthi lwathengwa ngezikhangisi loludaba lwe-World Cup ukuze lungashicilewa ephephandabeni UMAFRIKA.
Yingakho nje ungezwa lutho ngamahlazo ongxuwankulu kulemikhakha emikhulukazi yezindaba (mainstrema media), bavalwa imilomo ngemali yezikhangisi lezi ezibilisela abasebenzi bakhona ibhodwe eziko.
Udaba engacelwa wuMtshali ukuthi ngithi ukulidambisa ngoba ubona lunohlwayi yilo lolu ozolufunda ngezansi, engakhetha ukuthi kungcono lungashicilelwa nhlobo ngoba kuyangehlula ukuxoxa indaba ngekhwela ngingebona abalozi. Okwakobani ukusoma! Kwakushaya inyamazane nje le bese ngiphakela amaphisi amanqina angikaze ngikwenze.
Lo mshophi wawusungiphinda okwesibili ngoba kuke kwangehlela lokhu ngisesephephandabeni iDaily Sun, kwenziwa yi-Sub Editor yami ngonyaka wezi-2003. Ngikholelwa ukuthi lo mlungu wayethunywe wuMhleli wami omkhulu uRoy Devenish ukuthi anginxenxe nginonge udaba oluthile engangilubhalile ngoba enenhloso yokulikhipha ekhasini lokuqala. Ngenqaba ukuluhlobisa ngamanga ukuze kuthengwe kakhulu iphephandaba lika-Deon du Plessis. Lolu daba olungezansi lwabhalwa ngowezi-2009. ] ...
Sengathi kuzogcina kubagojele lokhu okusina kubajeqeza labo abangazimisele ngokudala izinguquko kwinhlangazo yezokusakaza eNingizimu Afrika iSABC.
Lesi sithombe sidwebeke ngenye indlela ohlelweni obelushayelwa uXolani Gwala olwaziwa ngo-Asikhulume ngesonto eledlule lapho umbuzo obuyingqikithi yohlelo bewuthi: “Ngabe zikhona yini izinkomba zokuphumelela kombuso kaNxamalala kulezizi nsukwana ezili-100 ebambe izintambo zombuso?”
Izikhulumi ezintathu kwezine ebizizokwehlulela uMsholozi njengabahlaziyi zishiye ezingalazi zimgxeka. Lowo uMnu Stephen Friedman, uNksz. Mohau Pheko noNkk Mary Harris wakwa Makinor.
Lababa hlaziyi abatholanga nokukodwa okuhle asekwenzile uMsholozi ezinsukwini ezilikhulu engenile embusweni, bakususa kwaphela nya ukuthandabuza ngokuthi hlobo luni lomuntu lolu okuthiwa umhlaziyi wezepolitiki.
UDkt. uChris Malikane kuphela obebona ngelinye iso, obungaze ufunge ukuthi yena uvela kowakhe umhlaba, nalaba abathathu bavela komunye.
Okube yindida wukuthi ngasemaphethelweni ohlelo umphathi-luhlelo uGwala akabange esayikhipha imiphumela yenhlolovo yama-SMS athunyelwa ohlelweni ababukeli njengenhlalayenza, yize iningi lalawo abevela ohlelweni esasakaza abeseka uMsholozi.
“Kanti ubani ophethe lelizwe, ngabe yiSABC noma wuHumuleni na?”
Lona wumbuzo uMsholozi awubuze kwizethameli zengqungquthela ebiseFilidi mhla kugujwa usuku lwamanina ngomhla ziyisi-9 kwephezulu.
Lo mbuzo uMengameli wezwe uwubuze emva kokuzwakalisa ukunengwa kwakhe yisinqumo ebesithathwe yiSABC esontweni elendulela lona leli elifile lokwahlulelwa kwakhe abahlaziyi, ngokuncishiswa kwesikhathi abezosikhuluma bukhoma kwiSABC 2 kule ngqungquthela yamanina.
Phela ngaphambi kokuthi uMsholozi ethule inkulumo yakhe ukubeke kwacaca ukuthi bekuyisifiso sakhe ukuthi inkulumo azoyethula ngesiNgisi ihunyushwe bukhoma nangesintu ukuze kuzwe nalabo abangaluzwa ulimi lukaJoji. Kepha ‘izifundiswa’ zeSABC zathi phinde, azinazo isikhathi sesintu ohlelweni, esikhona ngesolimi lweNdlovukazi yaseNgilandi qha!
Sengithi-ke ake ngiliphenye leli bheshu likamhlaziyi, ngingene shi ukuze umhlaziyelwa aqonde ukuthi sidikiselo saliphi ibhodwe sona lesi esihlala sizwakala sihluza izindaba zezwe nezepolitiki emisakazweni nakuthelevishini? Kuthathani ukuze ube ngumhlaziyi wezepoltiki na?
Amaphesenti ali-99 abahlaziyi bezepolitiki abasemthethweni kuleli yizifundiswa eziphongozwa ngoProf. noma uDkt. bani bani ngaphambi kokuthi kuphinyiswe igama nesibongo sazo.
Lezi zifundiswa imvamisa zisebenzela izikhungo ezahlukahlukene ezihlonishwayo zocwaningo kuleli. Ngale kwalokho zingothisha emaNyuvesi ehlukahlukene kuleli nakwamanye amazwe aseNtshonalanga.
Iningi lalaba bantu ligqoka izibuko uma liphumela eshashalazini, hhayi ngoba kwesinye isikhathi benenkinga yamehlo, kepha ngoba ucwaningo oluthile lwathola ukuthi ukugqoka izibuko lokhu, njengokulengisa uthayi entanyeni, kwenza umuntu oyisifundiswa abukeke njengongqeqe oyifunda ivaliwe incwadi, phecelezi usiyazi.
Inqwaba yalezi zifundiswa yilona elizuze kakhulu embusweni kaMengameli wezwe osephumile uMnu Thabo Mbeki ohlelweni olwaziwa ngeBlack Economic Empowerment, phecelezi iBEE. Kubuye kuthiwe yi “Class project of 1996.” Yiwo lonyaka uMnu Cyril Ramaphosa asula ngawo njengoNobhala-jikelele wombutho ka-ANC wayongena kwibhizinisi.
Ukuze wamukeleke kuleli “thimba” losiyazi kudingeka ube ngumuntu obuka izinto ngeso laseNtshonalanga, ukhulumise okwabomdabu baseNtshonalanga, udlalele kude nolimi okuthiwa lukhulunywa wuquqaba lolu okuthiwa alufundile ngezomnotho wezwe nepolitiki.
Ngokwaleli “bandla laseNtshonalanga” umuntu ongafundile uqalekisiwe ngoba ikusasa lakhe akalazi, wena ngqeqe oyisifundiswa ungo “khethiweyo” ukumkhanyisela, phecelezi the anointed prophet.
Labo yibukwana bakholelwa ekutheni bona babusisiswe wuSomandla ngokuqonda, nangokuthola ithuba nje lokuyofunda eNyuvesi; ngakho-ke kubafanele ukunikwa izinkundla ezifana nomabonakude nemisakazo ukuvula amehlo “ezimpumputhe” ezingafundile.
Yingakho laba bantu behlala besifundela izincwadi ezivaliwe emisakazweni nakumathelevishini, bangabe besasho ukuthi bakhokheliwe ukukhuluma ngalendlela abakhuluma ngayo, kwamnotho lowo okuthiwa uyahlaziywa kuxoxwa ngento ehlelwayo khosombeni thizeni, ukuthi eminyakeni emihlanu noma eyishumi iyobe idlange kangakanani indlala noma inala ezweni elithile, into ehlelwa ngamabomu ngokusho kwencwadi iConfessions of an Economic Hitman ebhalwe ngu-John Perkins.
Lo msangano wokwahlulela umuntu ngokuthi ufunde kangakanani mdala kabi. Nangesikhathi iNkosi uJesu Khrestu evakashele kulo mhlaba ukuzokwenyula abantu odakeni lwezono, ufikele emphakathini wamaJuda obubishe ngxi otakwini lwezazi-mbumbulu zesikole, eziqhosha ngolwazi ezilufundiswe wumuntu wasemhlabeni. Lezi zintombi nezinsizwa ziyayikazela ngemijiva yamaHonours, ama-Masters no-PhD emikhakheni ethile yezemfundo.
Ngaleyo ndlela abamhloniphanga uKhrestu ngoba wayengafundisiwe wumuntu wasemhlabeni njengabo, yize izibonakaliso ayezenza zazikhombisa ukuthi uYindodana kaMdali, nanokuthi ulwazi lwangempela alutholakali nhlobo esikoleni. Phela uKhrestu wafika wavusa abantu abafileyo, into nanamhlanje esehlula ngisho odokotela abakhiqizwe yibo, laba abahlaliswa iminyaka eyisikhombisa mhlawumbe kweve eNyuvesi, okwakuyisiphiwo sakhe uKhrestu esivela kuMdali.
Ngesikhathi sikaKhrestu laba bantu bebaziwa njengabaFarisi. Kepha ngokuhamba kwesikhathi bazijikajike kaningana amagama, njengoba namhlanje sebezibiza ngabahlaziyi bezepolitiki.
Umsebenzi wabo, njengayizolo uKhrestu kade enyathela kulomhlaba, kusewukunyathela iqiniso badayise amanga, badide izwe ukuze ingelosi yobumnyama le ebaholayo ibenze bahlale ezihlalweni zombuso wasemhlabeni kuze kubuye uKhrestu ukuzokwehlulela lesi sizukulwane. Lesi yisinye sababetheli beNkosi uJesu Khrestu esasayinda isivumelwano noSathane ukuthi asisophinde sibuyelane noNkulunkulu.
Yiso lesisi gungu esisebenzisa amandla abezindaba kumanje ukutshala imbewu yeSatanism emhlabeni jikelele, igqokiswa ngesinono sokucwaninga.
Emaphalamende basebenzisa osopolitiki ukukhuthaza isikompilo eliphambene nemiyalelo kaJehova uMdali njengokufaka ingcindezi emiphakathini yokwemukelwa kokushadana kobulili obubodwa nokuhushulwa kwezisu. Egameni le-Liberarism baqhakambisa onke amanyala ayisikompilo lengilosi yobumnyama enguSathane. Babusa umhlaba ngamandla emali, ngoba uSathane usabaholela namanje ngokubethela esiphambanweni iNdodana kaNkulunkulu enguKhrestu.
Ababakhokhelayo laba bahlaziyi yizo lezi zicebi zomhlaba ezakhe amafemu azo emihlabeni eyantshontshwa kubantu nezicebe ngokukhohlisa nokuwaka abangenalo iso lesithathu ngobuqili bengilosi yobumnyama enguLusifa. Kunendlela-ke okumele ukhulume ngayo njengomhlaziyi onsundu, ezojabulisa leli qeqebana lo siyazi-mbumbulu abakuqashile abangabelungu.
Kuhle uhlale ubuyise izinhlonze uma ukhuluma, lokhu kukwenza ubukeke njengomuntu ongavele abhakadeke nje, ocabangisisayo ngaphambi kokuthi uphawule.
Ongakwazi wena ukuthi ngaphambi kokuthi bahlale phambi kwekhamera ‘bahlaziye’ laba bantu, usuku lonke umuntu wakhona usuke elolongwa ndawana thile ukuthi aphendule athini uma kuthiwani emsakazweni noma kumabonakude, okuzothi uma usuyilalele intatheli imbuza imibuzo wena ucabange ukuthi unkabi lo uyakweshama akubuzwayo ngokwenza kwakhe kanti phinde, udlala isikeshi okudala ezilolongela sona .
Laba bantu abavunyelwe ukusebenza emazweni asekhululeke ngempela ngoba bayaziwa ukuthi bangobamba nasi isisila sehobhe wemuntu othanda ukucatshangelwa, thina sibambe lona impela ihobhe. Phecelezi bangama-propagandists.
Yize ngokusho kwesanuse ebesingashayi phansi uMnu Credo Mutwa ukuthi uNongqawuse wayewakwe abamhlophe abafika kuye bazenza izingelosi ngokugqoka amakhoshumi mhla ‘eboniswa’ esehlane; imikhuba eyenziwe abaholi bezabelo muva nje ikhombisa ngokusobala ukuthi kungenzeka ukuthi uNongqawuse wayengadidwanga abelungu njengoba uMutwa esho, okungenzeka ukuthi uMutwa wayevikela nje isanuse esifana naye mhla esho lamazwi engxoxweni ake aba nayo esaphila nentatheli ehlonishwa umhlaba wonke jikelele uDavid Icke.
Buningi ubufakazi obuhlonza ukuthi umuntu omnyama unaso isibindi sokuthengwa abelungu ukwedukisa abantu bakubo ngabomu, njengalabaholi boHulumeni bezabelo ababethembisa abantu abamnyama iZulu nomhlaba ngaphansi kombuso wengcindezelo, bebe bazi kahle kamhlophe ukuthi abaphethe ngisho uhhafu wesinkwa lo esandleni, kodwa baqhosha ngezimvuthu nje ababezicosha phansi ziwe etafuleni lomaqumbana. Babambise abantu bakubo iziqubu zentenesha ukusiza bona kanye ondlebezikhanyilanga ukuvala umuntu wakubo amehlo. Siyinkinga isitha sikuhlanganyele nomuntu omethembayo.
Kulesi sikhathi esiphila kuso wumuntu onsundu kuphela osasetshenziswa ezinye izinhlanga ngokwethenjwa kwakhe abantu abamnyama, ajike asetshenziswe njengompholofithi wamanga okhokhelwayo ukwedukisa abantu bakubo ukuze idlanzana lezifikanamthwalo zikwazi ukunethezeka nokulawula iningi ezweni ngemali.
Indlela okhuluma ngayo ulimi lwesilungu kumabonakude nasemsakazweni kufanele ibe yingcwenga, ungangingizi nakancane ngoba abantu abangafundile sebacangcathwa ngenkololoze yokuthi umuntu wakubo ohlakaniphile okhuluma isiNgisi esinenkosi phakathi. Noma usuyibaxa awube usezwakala kwazise usuke usukhungathekise abantu obawakayo ngalolu hlobo oluphezulu lweSingisi oluvetezayo, olubatshela ukuthi nangu-ke usiyazi wangempela, idada elikhulu.
Ucwaningo lwethu luveza ukuthi empeleni akukho noyedwa umuntu ongumhlaziyi wezepolitiki emhlabeni jikelele omuzwa ekhuluma emsakazweni nakuthelevishini oqonde thwi okothi lomkhonto, zinyoka nje lezi eziyishaya emuva ziyishaye phambili.
Bonke laba bantu abazibiza ngabahlaziyi bezepolitiki kulezi zinkundla engizibale ngenhla empeleni ngabakhulumeli nje bamaqembu ezepolitiki aphikisayo abambatha isikhumba sokuhlaziya ukuzenza abantu abangachemile bebe bechemile. Iningi labo likhokhelwa ngokuxhaswa kwalezi zikhungo zocwaningo abasebenza kuzo ezivulwa wongxuwankulu ukuze zisethenziswe njengemibhobho yokufafaza amanga aluhlaza cwe ezweni ngalabo abashingela abelungu, ukudida umqondo womuntu ovilaphayo ukuzicabangela ngokwakhe.
Yimibono yalaba bantu evamise ukususa uthuthuva ezweni, noma uma bethanda yenze isimo kube ngesizinzile ezweni okufanele ngabe kade lasha ngobuphixiphixi bosopolitiki balo. Konke kuncike ekutheni ngaleso sikhathi labo ababakhokhelayo bafuna kuchitheke igazi na ezweni noma isimo silokhu silawulekile. Kuya ngokuthi uLusifa obalawulayo ulomele kangakanani igazi lomuntu.
Angithi wuyena uLusifa owacela igazi labasebenzi base-World Trade Centre esigamekweni esesaziwa nge-9/11 ngowe-2001, lapho izindiza okuthiwa zazishayelwa abashokobezi zaphihliza amabhilidi eNew York kwafa cishe izinkulungwane ezintathu zonke zabantu abangenacala ukuze aphe amaJudambumbulu amandla okwehlula uMengameli wase-Iraq uMnu Saddam Hussein.
Lokhu kufakazelwa ukuthi emazweni amaningi lakusetshenziswa khona laba bantu njengo “mana la ngikutshele” abayifunda ivaliwe, oMengameli bakhona baqokwa noma baxoshwe emva kokunconywa noma ukugxekwa yibo abezindaba, ebese laba bahlaziyi besetshenziswa emisakazweni nakomabonakude ukushanela ngolimi olushelelayo zonke izinsolo zalabo abawusolayo umgqakazo nabasakwazi ukuzicabangela.
Lokhu kubuye kufakazelwe futhi nawukuthi iningi labahlaziyi lifundiswe emaNyuvesi aseNtshonalanga, yingakho imibono yabo iphambene kakhulu nesikompilo lase-Afrika.
Yingakho futhi kungamangazanga muntu uma ekugcineni sekuhlaluka ukuthi umkhankaso wokudicilela phansi igama likaMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma othathe iminyaka eyisishiyagalombili nobufolose ngabo abahlaziyi laba behlangene nabezindaba zombuso wobandlululo (apartheid media) udle abakhokhi bentela izigidi eziyikhulu zonke zamarandi - R100 000 000.
Umbuzo osalayo-ke othi: Kaze kulezi zigidigidi zezimali bahlomule kangakanani laba bahlaziyi abasagxeka ngokungakhi behlambalaza negama likaMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma esidlangalaleni ngoba bethembe ukuthi noma engabamangalela; la maJaji acheme nabo azobakhipha phambili ezinkantolo?
Namanje uMsholozi uke wamangalela iphephandaba i-Mail and Guardian ngamampunge ebeliwahlwanyela ngegama lakhe selokhu akhethwa njengoSekela-Mengameli wezwe kodwa izinkantolo zakuleli zamchitha. Okuthe angabhalela ikomkhulu laleli phephandaba eLondon kwelaseBhrithani lathi uma lizilandelisisa izikhalazo zakhe lathola ukuthi ngempela zinezimpande, miningi imithetho yokubika kwabezindaba ebingalandelwa uma ebhixwa ngobende inyama engayidlanga ozakwabo abazinze kuleli, lamxephezela ngokuhudulelwa phansi kwesithunzi sakhe.