Bekusindwe ngobethole eMdlovane zili-17 kwephezulu njengoba bekudlala amaqembu kamaskandi nawengoma kusinwa kudedelwana kwiSakhisizwe Festival eba minyaka yonke eLakis Stadium...
IChwane leBhaca lenza elidume ngazo eMdlovane
Lo mcimbi osekuneminyaka wenzeka uhlelwa nguSekela Mengameli wamaJaji kwaZulu-Natal uJaji Mjabuliseni Madondo nongowokuzalwa esigodini sasOthame eMabomvini, eMsinga.
Ekhuluma ngalendumezulu yeFestival ebeyethanyelwe zinkumbi zabantu uMadondo uthe: “Ngalomcimbi sibuyisa isithunzi nokuzigqaja ngesintu sakithi njengoba simema intsha ukuba izoqhudelana ngengoma kudlalwe nomculo kaMaskandi. Uma siwubiza ngokuthi yiSakhisizwe lo mcimbi sichaza kona ukuthi azibuyele emasisweni, singashiyi isintu sethu emuva. Lo mcimbi ukhula minyaka yonke ngoba amaqembu abewungenele abeyishumi ngokwedlule kanti kulokhu abe yishumi nanhlanu. Kukhona amabili asemenywe phesheya ukuyoba yingxenye yemincintiswano efana nale umhlaba wonke. Lokhu kuchaza ukuthi siyadlondlobala siya phambili. Ebesisakuhlanganisa ukuthola uxhaso esiludingayo ukuhlumelelisa la makhono emkhakheni wokusina nokucula isintu.”
Amaqembu aziwayo anandisile nguSigwebosentambo neChwane leBhaca.
Phakathi kwezikhulu ebezihambele lo mcimbi bekukhona uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho kwaZulu-Natal nonguSihlalo kaKhongolse esiFundazweni uMnu Sihle Zikalala neMeya yaseMvoti uMnu Thami Ngubane.
UNgqongqoshe uthe uma ephawula ngalo mcimbi wathi: “Uma kukhulunywa ngomcimbi weSakhisizwe kukhulunywa ngamasiko ngoba isizwe esingawanaki amasiko aso yisizwe esingazigqaji ngemvelaphi yaso. Leso sizwe siphilela ize, ngeke saba nekusasa. Ikusasa lethu lisekuthini sizazi ukuthi sivelaphi futhi siyaphi njengesizwe ukuze nabantwana abakhulayo bazi ukuthi thina sizwe sakwaZulu siqhamukaphi.
“Okuhle futhi ukuthi lokhu kwenzeka ezweni lakithi elihlobe kahle ngamasiko ehlukahlukene ngezinhlanga, lokhu okulenza libizwe ngokuthi yi-Rainbow Nation.
"Lokhu kusho ukuthi uma singaba namaqembu amaningi azimbandakanya emicimbini efana nalo, umnotho wasekhaya ungathuthuka ngoba le mvunulo esiyibone la kudingeka kube khona abantu abazoyikhiqiza ezindaweni zasemakhaya.
"Uma sibuka la mabheshu agqokwe la, kusho kona ukuthi kufanele kube nezinsiza zokuthi konke kushukwe khona la, uma kukhona okudinga iTechnology sibambisane kulokho.
"Ngiyethembisa ukuthi kuneminyango emithathu kaHulumeni okuzothi uma sisuka la siyihlanganise ukuze yesekele lo mcimbi unyaka nonyaka. Umnyango wokuqala kuzoba wuMnyango wethu wakwaTourism obuhlala njalo uyingxenye yawo. UMnyango wesibili othintekayo owezamaCiko, sizowulanda nawo uzoba yingxenye yalomsebenzi. UMnyango wesithathu yilowo woHulumeni baseKhaya ngoba izinto esizibona zenziwa la ziqhakambisa kakhulu zinto ezenziwa emakhaya.
"NoMasipala bonke kumaDistrics akhona sizobamema ukuba yingxenye ukuxhasa amaqembu asuke ezonandisa la ukuze alekeleleke. Lo mcimbi kumele siwusebenzisele ukukhuthaza ukuziphatha kahle kwabantwana ukuze kungabibikho umuntu omusha ozoba wuvanzi.
UMntwana waseNgonyameni emaBomvini uKhetheyakhe Ngubane, uMnu Sihle Zikalala, uJaji Mjabuliseni Madodo noMeya waseMvoti uThami Ngubane ebehambele umcimbi iSakhisizwe
"Uma abantwana bezoza la kuzomele baqale ngokuzilungiselela emakhaya, lokho kuzokwenza bagweme ukuzithola sebeyizigqila zocansi. Ngiyacela-ke ukuthi sisebenzisane neSakhisiwe ukubuyisa isithunzi semvelaphi yethu njengabantu base-Afrika. “
IMeya yaseMdlovane uMnu Thami Ngubane igqugquzele intsha ukuthi izimbandakanye nalomcimbi njengoba ikusasa layo lilele ekuziphatheni kwayo, “Siyaziqhenya nathi njengoMkhandlu waseMvoti ukuba yingxenye yokwakha ikusasa lentsha yesizwe sakithi nokuhlumelelisa ukuziphatha. Siyawucela umphakathi uqhubeke nokuseseka njengoba kungumcimbi lona owenzeka minyaka yonke ngenhloso yokukhombisa ukuzigqaja ngemvelaphi yethu."
UMphathiluhlelo uTB4
Uhlelo beluphethwe yinsizwa yakwaBiyela oBuka uTB4 naye ozwakalise ukuwuthokozela lo mcimbi ongakhethile ukuthi usukaphi nendawo njengoba amanye amaqembu ebevela nakoMgungundlovu nakoNewcastle.