UMshumayeli GS Gumbi
Omunye wababhali abavelele uFrank Outlaw, uke wathi: “Uqaphele imicabango yakho ngoba iba ngamazwi akho. Uqaphele amazwi akho ngoba aba yizenzo zakho. Uqaphele izenzo zakho ngoba ziba yimikhuba yakho. Uqaphele imikhuba yakho ngoba iba yisimilo sakho. Uqaphele isimilo sakho ngoba siba yikusasa lakho.”
Kuyiqiniso ukuthi siba yimiphumela yemuva lethu, kepha akufanele sibe yiziboshwa zalo. Icebo likaNkulnkulu ngawe yimiphumela yemuva lethu, kepha akufanele sibe yiziboshwa zalo. Icebo likaNkulunkulu ngawe alinqunyelwa ogodweni yimuva lakho.
UNkulunkulu usezivezile kaningi ukuthi uyingcweti yokujika izinto lapho ithemba lingasekho, ajike izinto lapho sebethi kuphelile. Kuthi angithi: “Ulinda ithemba namandla omuntu aphele ukuze lapho engenelela kube sobala ukuthi akusesiye umuntu kodwa uNkulunkulu uqobo.”
Lokhu kwenza ngikhumbule lapho uNkulunkulu ekhuluma kuMose eBhayibhelini ku Eksodusi 4:24 ethi yena unguNkulunkulu onomhawu. Ethi: “Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.”
Lokhu kuthi kimi uNkulunkulu unakho ukusiyekelela singqubuzeke odongweni ukuze sazi futhi siqonde ukuthi akukho ngaphandle kwakhe ukuphila okuchichimayo; lokhu uJohane aloba ngakho ku Johane 10:10.
Ithemba likhona ngami nawe nekusasa lethu. Kuphela kuzobiza ukuthi sishintshe ukwenza. Sibuyele kuMdali. Indaba kodwa iqala lapho kufanele sizithole thina ukuthi singobani. Yebo abaningi bazamile ukukuchaza ngendlela yabo njengokubona kwabo.
Kodwa kubalulekile ukuthi uzazi wena ukuthi ungubani. Ayikho enye indlela yokuzazi ukuthi ungubani engale koWakudala.
Yonke into ekhona emhlabeni idalelwe okuthize oWayidalayo. Nawe ngoba uvela kuNkulunkulu, kungcono uma sekuhluleke konke okuzamile, ubuyele kuye ukuze yena akuphe impendulo okuyiyo ngawe.
Ngamanye amazwi, isinyathelo sokuqala sokuthola injongo ngempilo yakho ukubuyela kuNkulunkulu owakudalayo. Uma ufuna ukuthi nawe ucule Iculo Elisha; uzithole unesiqalo esisha empilweni yakho; buyela kuMdali wakho. Kuningi engingakubala akushilo ezwini lakhe ngawe.
NAKHU OKUHLANU NGAWE:
Daniyeli 2:37 - Wena unikwe umbuso, namandla, nodumo nguNkulunkulu oseZulwini. Okusho ukuthi umkhulu kunesimo obhekene naso njengamanje futhi ungaphakama ngaphezu kwanoma iyiphi inselelo ebukeka ingaphezu kwakho.
Jobe 2:28 - Uma unquma indaba, uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho. Uzakuphumelela kukho konke onquma ukukwenza.
KwabaseFilipi 4:13 - Unamandla ukwenza konke ngaYe okuqinisayo. Uma uKhrestu eyigumbi lakho, ungaphakama wenze noma yini oyicabangayo ngawe.
Izaga 10:22 - Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso. uNkulunkulu ukunikile amandla okufinyelela kuko konke okufisayo. Isibusiso sakhe asinasiqalekiso kuso.
AbaseRoma 11:29 - Ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho. Wena wabusiswa umhlaba ungakasekelwa. Akekho ongakuphuca isibusiso sakho.
Ziphe isikhathi sokufunda iZwi likaNkulunkulu ukuze uthole ukwambulelwa ngamandla onawo kuwe nokuthi wena ungubani. Iculo Elisha lizaziqubukela lisuka phakathi ekujuleni kwenhliziyo.
Wathi uJesu ngelinye ilanga kowesifazane waseSamariya: NgokukaJohane 4:14: “Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”
Owesifazane ohlakaniphileyo wawacela lamanzi eNkosini wathi: “Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.”
Nawe ungasithatha isinqumo namhlanje sokuphuza kuwo lo mthombo oyiZwi likaNkululunkulu. Isifundo sethu siyakusondeza ngasemthonjeni, indaba ukuthi angeke sikwazi ukukuphuzela kulo mthombo. Nguwe kuphela okufanele uzithathele isinqumo.
Qala ngokuzindla ngalamavesi abhalwe kulesi sifundo sethu. Ukholwe ukuthi njengoba usalifunda iZwi, uzindla ngalo, amandla kaNkulunkulu ayaqala ayasebenza phezu kwempilo yakho. Izwa lithini iZwi ku 2 KwabaseKorinte 5:17: “Kanjalo uma umuntu ekuKhrestu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.”
Nawe ungalicula Iculo Elisha, iculo lethemba, iculo eliletha ukuphila kuwe. Yebo siyakubona uyaphila kodwa uyazi nawe ukuthi kade wafa emoyeni. Ngithi phakama ubize kuJehova.
Uyakuthanda, uyakukhathalela.