18 Apr
18Apr

Ngu Aya Ngubane

EMABOMVINI - Uyise wentombazane yakwaLatha-Mbonja eMsinga elahleke emqashweni ebihlala kuwo eMgungundlovu usola umkhonyovu wokubulawa kwabantu ukuze kutholwe izimali zemishuwalense ngokunyamalala kwendodakazi yakhe ebifunda uMatikuletsheni...

UMnu Gugu Mkhize osadidekile ngokunyamalala kwendodakazi yakhe

UMnu Gugu Mkhize uthi kunesihlobo sakhe esisebenza eThekwini asisolayo ukuthi siyabandakanyeka ekunyamalaleni kukaNonkululeko Zondi (20) oyindodakazi yakhe ngenyanga edlule. UMkhize usalinde ulibofuzo (DNA tests) ngesidumbu esatholakala sishisiwe singasabonakali kahle mzini mumbe eMbali okukholakala ukuthi ngesakhe uNonkululeko.

Uthi kuyamdumaza ukuthi namaphoyisa awawulandelisisanga kahle umkhondo owakhonjwa ngomunye umfana ongumakhelwane kamsolwa eMgungundlovu uma ethi yena uyazi ukuthi uNonkuleko ukuphi.

“Lo mfana engimsolayo ulokhu efikile evela eThekwini akakaze avele nakuvela la ekhaya kodwa siyezwa ukuthi uhamba ethi ufuna i-case number ngecala lomntanami. Phakathi kwethu nalo mndeni kukhona ukungezwani okusukela empini yezihosha eyake yalwa la kwaLatha Mbonja, ngaleyo ndlela ubudlelwane bethu noma sizihlobo abubuhle neze kahle.”

UMkhize uthi ubesezwile ngezimpukane eziluhlaza ukuthi yena lomfana oyisihlobo sakhe ubesenyangeni eMachunwini ngenhloso yokuyozigeza.

“Kuthiwa yena nale ntombazane yakwaMaphumulo ebingumngani kaNonkululeko nayo esolekayo kulomkhonyovu bathathane ngendlela lo wakithi esuka eThekwini wedlula eMgungundlovu baya enyangeni eMachunwini. Akuqondakali ukuthi bebeyozigezani.” Kuchaza uMkhize.

UMkhize uthi kukhona ohlangane nale ntombazane eMdlovane ebihlala noNonkululeko eMgungundlovu ezinsukwini nje iphuma kwaSanlam okuthe uma eyibuza ukuthi yabukeka ingenamile nje kungani yathi kukhona ebizokubheka ngomshuwalense kaNonkululeko yena njengoyise wendodakazi angazi lutho ngawo.

Ekhuluma nezaseMsinga okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe kukhona abasolwa ababili okungowesilisa nowesifazane abake baboshwa ngaleli cala kodwa badedelwa ngenxa yokungabibikho kobufakazi obenele.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING