Ngu-Aya Ngubane
Namhlanje sonke sesiyazi ukuthi kungani uMnu Hlaudi Motsoeneng egqigqiswa izinkantolo kangaka zimpisi zaleli zwe ezilwa nabantu abamnyama abazama ukutakula abantu bakubo ebumpofini bokwakhiwa...
UMnu Hlaudi Motsoeneng
UMotsoeneng ubevinjelwa ukuthi angayethuli le-90% yokudlalwa komculo wasekhaya yinhlangano yezokusakaza kuleli iSABC yilabo abakholelwa ekuthini kufanele kudlalwe umculo waphesheya ukuze kulambe abaculi bakuleli ngoba kuyi 'sibusiso' kubona ukuphana ngomnotho waleli zwe emazweni aphesheya.
Okudabukisayo nje ukubona abanye abantu abamnyama belekelela abezizwe ukuphazamisa okaMotsoeneng ekufezeni leli phupho. Engabe siyoyeka nini ukuluma isandla esisiphayo nokuthengeka kalula ukuwisa amaqhawe akithi.
Namanje ziqinile izinsolo zokuthi ngumuntu omnyama lo owadayisa ngoMnu Nelson Mandela mhla ebanjwa eHowick ezama ukweqa ngonyaka we-1962. Lowo muntu kuthiwa usephalamende sikhuluma nje futhi akudikizi nanqulu kuye ngesenzo sakhe.
Okusho ukuthi le mibiko eke yasatshalaliswa abemithombo engathembekile yabezindaba ukuthi kunenhloli yeCentral Intelligence Agency engumlungu onguDonal Rickard egcine isivumile ukuthi yiyo eyadayisa ngoMandela bekushaywa abantu ngemfe iphindiwe nje, kuvikelwa lo hodoba wenyoka. Kodwa kube yisimanga kona nje lokho ukuthi lokhu kuvuma kwezono kwalenhloli kuvele ngoba isibulawe wukugula, ingasenakuziphendulela ngalezi zinsolo.
Phela le-90% local content isho ukuthi lo R200 million obewushona phesheya njalo ngonyaka ukukhokhela abaculi bakhona ngokudlalwa kwezingoma zabo njalo emisakazweni nakomabonakude kuleli usuzohlonyulwa abaculi bengabadi.
Kube useyinyathele emsileni umfoka Motsoeng njengoba namanje isamkhonkothela isitifiketi sikamatekuletsheni. Imihlola! Sekungaze kulalwe kungadliwe emizini yabantu ngephepha nje elibhalwe ukuthi National Senior Certificate. Namhlanje sesishaywa ngezitifikethi zeBantu Education yokunuka uma siqondisa izigwewe!
Zinesibindi lezi zidalwa okuthiwa zidabuka komunye umhlaba okuthiwa yiMars. Njalo uma umuntu omnyama efunda ukuzenzela into njengokukhiqiza umculo nje, zakha izihenqo ezintsha zokumvimba ukuze angakwazi ukuziphilisa.
Umculo wakuleli kade usaphethwe zinkampani zabelungu ubungadayiswa emgwaqweni njengoba sekwenzeka manje kodwa banele bafunda ukuziqophela nokuzikhiqizela abantu abansundu kwaqala ukugxotshwa kwama-CD nama-DVD ngokungekho emthethweni ukuwisa le mboni yomculo neyokukhiqizwa kwamafilimu ngoba isiyenzela abantu abamnyama imali.
Lokhu bese kuwukubavala abantu bakithi nasekuthini bazicoshele onsumbuyana ngemali yokudlalwa kwamaculo abo emoyeni zintwala zansondo ezidla amagazi abantu, kanti kuzoqhamuka le nsizwa yakwa Motsoeneng ibavikele abaculi nabakhiqizi bamafilimu bakuleli.
Nesilima ebesingakaboni ukuthi umnotho waseNtshonalanga awusoze wasuthisa iningi labantu abansundu kuleli sesiyabona kumanje, ngaphandle kwalemikhovu eseyadla amathe omlungu ngokubalekelela ekudicileleni abantu bakubo phansi kwezomnotho.
Sekucacela noma ubani ukuthi kuyicala elibomvu kangakanani kuleli zwe ukufaka imali ephaketheni lomuntu omnyama njengoba kwenzeka phambi kwamehlo ethu ngisho la ezindaweni ezingamakhaya njengaseMsinga nje, kwenziwa yilabo ababesebenzela umbuso wobandlululo njengalemihogwane esemkhankasweni wokuwisa leli phephandaba ngoba nje kungelomuntu omnyama.
Namanje kuseyinqabakayitshelwana ukuthi kungani isidalwa esingumuntu omnyama sikuthakasela kangaka ukudicilela phansi omunye umuntu wakubo ukuze kusimame sona sodwa, umndeni waso nabelungu.
Ezinye izizwe zihamba kanyekanye ngokomnotho zingashiyani ngemuva kodwa ogqokweni la kumele kudle khona umuntu omnyama iqotshwa ididwe ngoba kuyamchaza umuntu omnyama ukukhukhumalela abantu bakubo, abaqhoshele ngezinto okufanele ngabe uzabelana nabo.
Yingakho nje kumele angahlonishwa lamanqonqela ngoba awehlukene namasela emfuyo, izinto eziqhosha ngezithukuthuku zabanye abantu okuyimali yabakhokhi bentela entshontshwa koMasipala.
Uma iBhayibheli lithi ifa leziwula lidliwa yizihlakaniphi lisuke likhuluma ngalomshophi. Lapho sekunamadoda avuka ekuseni aswenke ngamasudi nothayi kushonwe emahholweni omphakathi kuyovalwa abantu amehlo ngamaphasela okudla, yizethembiso ezingasayukufezeka nezinto ezivezwa ngewindi uma sekusondele ukhetho, umangale nje ukuthi abantu bebenganakiwe ngani sonke lesi sikhathi.
Angithi sekufunwa lelivoti ukuze wena mkhohliswa usale uncinda izithupha uma sewubaweze ngeliphakade, sebelokhu bepepenyeka behla benyuka ngamasekeni ama-Double Cab.
Siyasincoma isenzo sikaMnu Motsoeneng ngoba sikhombisile ukuthi kusenabantu abamnyama abangafisi ukuhlafuna bodwa emnothweni wezwe. Futhi kuyathokozisa ukuthi lezi zinhlanganywana zepolitiki eziziphilisa ngokukhohlisa abantu ukuze zintshontshe amavoti abo ze kudle izihlobo zazo ziya ngokushabalala wena owabona amazolo egwinywa yimisebe yelanga ekuseni.
Eminyakeni eli-10 ezayo ziyobe zingasekho kwanhlobo lezi zinhlanganywana ngoba zisabambe abantu ngamankwahla nje ngoba bengakabi nabo omabonakude ukuze babone ukuthi ubani obanakekela ngempela. Ngilokhu ngizibuza ukuthi kungani kuvinjwa intuthuko yasemakhaya kangaka kanti kwenziwelwa ukuthi abantu bangabi nalo ngisho uthi lolu lokudonsa iTV ukuze bangaboni ukuthi abazabalazela inkululeko babenzelani la ngaphandle.
Ngisuke ngikhumbule amazwi eNkosi uJesu Khrestu uma ethethisa abaFarisi eBhayibhelini ethi bafana namathuna apholishwe kahle nabukeka ecwazimula ngaphandle kanti ngaphakathi agcwele imizimba ebolayo namathambo ezidumbu. Ethi bami endleleni eya eZulwini ukwenza isiqinisekiso sokuthi akungeni neyodwa imvu edukileyo. Bakithi, asithandaze nje ukuthi bayothi bephaphama abantu beNkosi liyobe lingakashoni ilanga besabanjiswe lolu donga olungawi.
Yingakho nje kwenziwa isiqiniseko sokuthi imithombo yabezindaba enjengephephandaba ezaseMsinga ivalwa imilomo la ezindaweni ezingamakhaya. Kwakhiwa izihenqo zokuthi abantu bahlale bengalazi iqiniso. Lena-ke yipolitiki yombuso wokubola wobandlululo esawumbela sawungcwaba ngowe-1994 nokho imikhovu yawo esazama ukuwuvuselela namanje kanti usufe ingunaphakade.
Bhudl'esimhlophe mfokaMotsoeneng, sengathi banganda abaholi abafana nawe ukuze kuphele nya ngezinj'ezimnyama ezelekelela abezizwe ekucindezeleni abantu bakubo ngokomnotho.