12 Sep
12Sep

Ngu Maqiniso Luthuli

Abantu baseMsinga abawubhikishele u-IEC waseMsinga ukuze kushintshwe izisebenzi zakhona uma befuna ukuwelela eKhanana ngoba ngokwemithombo yethu ethembekile, yiwo lo owinisa iqembu leNkatha noma lingasavotelwa muntu kwazise uphethwe amalunga alo aziwayo... 

Umbhali uthi kwipolitiki kuyazisebenzela izimpisi ukugqoka njengomelusi

Lingakashintshwa leliyathimba leNkatha elihola ihhovisi lakwa-IEC elise-Tugela Ferry, abahlali bazohlala bekhala bezithulisa ngemiphumela yokhetho eyinxemu njengoba kwenzeka ngowezi-2016. Ngokocwaningo lwethu kade abantu baseMsinga baziqhelelanisa neqembu leNkatha eseligxekwe kakhulu nasezinkundleni zokuxhumana ngokusebenza ngobubhululu uma kuvela amaprojekthi okumele kuhlomule kuwo umphakathi, okuthiwa likwenza ngokwenzelela...

Njengamanje osopolitiki baphume imikhankaso izwe lonke bazama ukunxenxa wena ukuthi ubavotele ukuze bakwenzele lokhu nalokhuya. Qaphela, njengoba sekuyisikhathi sokuthi uziqokele iqembu ocabanga ukuthi lingawuhola ngendlela uMasipala wakho, kuzomemfuka zonke izinhlobo zosomahlaya zicela ivoti lakho.

Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ukuthi lowo muntu owenza lezo zethembiso unawo ngempela yini amandla okuzifeza. Unayo yini ibhajethi yokwenza lawo maphupho akhuluma ngawo. Uma engenayo ibhajethi kodwa enza izethembiso ngemali evela kwelinye iqembu lezepolitiki, ungamlaleli ngoba udlala ngawe. Akehlukene nesoka elethembisa ukulobola intombi ngezinkomo zikayise, lingazi noma uzovuma yini nazo, noma evuma uzolinika ezingaki. Akusoka into yokwaliwa leyo.

Isibonelo nje: angeke usuke uthembise abantu ukuthi uzokhuphula imali yeqolo kungewena njengeqembu owaba ibhajethi yeMinyango kaHulumeni. Ungamvoteli umuntu okwethembisa lokhu engekho eqenjini elibusayo ngoba uyakwedusa.

Namanje imiphakathi eminingi othola ukuthi izimpilo zayo aziyi ndawo izibambezela ngokugibela izinqola ezingenadizili ngokwethembela emaqenjini angenaso isikhwama sokufeza izidingo zawo.

Uma ngabe uMasipala wakho usumvotele iminyaka ekwethembisa amanzi kodwa ungawatholi kungani ulokhu uqulele amanzi emhlane wedada? Sikuphi isidingo sokuqhubeka ubeke iqembu elihola lowo Masipala selikukhombise kahle ukuthi liwuvobe? Uma ufelwa zinkomo nemfuyo kodwa kungekho uMasipala wakho akusiza ngakho, sikuphi isidingo sokuqhubeka ubeke leyo nhlangano ewuholayo esikhundleni?

Lowo Masipala angeke ukusize nanini ngoba vele awuzimisele futhi unjalo nje awukho emandleni okukwenza lokho kodwa ngeke akutshele umholi wawo iqiniso ngoba ufuna ulokhu umvotele, uze uguge ufe ufele ebubheni ungakaze wayibona intuthuko. Nosikhotheni uma ekweshela uyintombi yakwenu ukwethembisa iZulu nomhlaba ebe eshaya inja ngekhanda njengami nje.

Wena uzolokhu ukhohliswa ngamanga kuthiwa kunjenje yingoba iqembu elithile abalizondayo livimbile phezulu kodwa besho besithola isabelo zimali sikahulumeni esiyizigi ngezigidi zamarandi zokusiza wena njengelunga lomphakathi kodwa esikhundleni sokuthi bakusize kudle bona, izingane zabo nobhululu babo.

Uma ubuka izimoto abatshweza ngazo unikina ikhandla, uzibuza uhluleka ukuziphendula ukuthi imali yamabhele ezinkomo nemithi yezimbuzi kungani ingatholakali kodwa ikhona eyokuthenga ama-Double Cab. Uma ukhala esokufelwa yimfuyo bakhala kanye nawe kanti ezabo izinkomo zinya amasi emapulazini amaBhunu lazisiswe khona ngetshe lemali yomkhokhi-ntela. Asikho isidingo sokuqhubeka uvotele iqembu eliholwa yilezo zimbulu.

KunoMasipala basemakhaya abathola izinsiza ezivela kuHulumeni omkhulu njengogandaganda nje bokulima ngowezi-2011 kodwa kwathi ngoba lo masipala uholwa iqembu elizonda lowo Hulumeni omkhulu kwamoshwa lezi zinsiza okufanele zisize umphakathi ngamabomu ngexhala lokuthi abantu bazogcina bebona ukuthi intuthuko ivela kuphi bese bethanda leli iqembu elihola uHulumeni omkhulu elibalethele izinsiza, balivotele.

Uyayibona-ke ingozi yokuvotela intwala ephiliswa igazi lokuhlupheka kwakho! Iningi lamaqembu aphikisayo ayefana nje nalamaqembu ebhola akuPremier Soccer League angawini zicoco kodwa ahlalele nje i-grant engu-1.5 million ayithola njalo ukuphela kwenyanga. Yingakho nje uma edlala lamaqembu kuvele kucwebe ezinkundleni ngoba awanazicoco angaheha ngazo abalandeli.

Lapha koMasipala uthole abantu bengasakwazi nakulima kodwa ogandanganda bebe behlinzekiwe ngabo wuHulumeni omkhulu.

OwayenguNdunankulu wesiFundazwe  sakwaZulu-Natal uSenzo Mchunu nomunye wenqwaba yogandaganda uHulumeni ka-ANC onikelele ngawo ezindaweni zasemakhaya njengaseMsinga nje ukulimela abantu amasimu mahhala abangasabonwa nangokhalo

Kanti sebephuliwe ngamabomu labo gandaganda bakaHulumeni ngenxa nje yokuthi bavela kulenhlangano ezondwayo, kubulawiswe inqwaba yabantu ngendlala kungenasidingo. Kodwa nawe ube umvotela kanjani usihlangusiyangisinda ongakaze ayilwele inkululeko, umuntu owayelwela ukuthi ingcindezelo iqhubeke ngoba esaba amaBhunu. Angazwelana kanjani nawe umuntu othandaza umlungu njengonkulunkulu wemali kodwa kunamazwe afana no-Angola, China ne-India angathandazi mlungu kodwa anemali?

Kwezinye izindawo abantu basahamba obhuqwini lwemigwaqo yize uhulumeni efisa ukubagandela yona ngoba kunezikhohlakali zabaholi bezepolitiki abaphikisayo ezivukuza imiphakathi ngenkololoze yokuthi itiyela lizophula izinselo zezinkomo zabo. Ugesi uxhophe amadlozi. Kodwa uma ufika emizini yabo laba baholi ugesi ukhanyisa zonke izindlu ngisho namaxhiba imbala. Kulemigwaqo abangafuni igandwe batshweza ngezingqovungqovu zama-4 x 4 ukuze bona bangawuzwa lomgwaqo omagebhugebhu nina balandeli babo onibulalela izimoto zenu ezincane.

Musani ukudlala omantshingelane bamaBhunu asebephelelwe ngushatini kwipolitiki umsebenzi wabo osekuwunisebenzisa ukubuyela ezikhundleni zikaHulumeni ukuze bahlohle izisu zabo ngamathenda nina nibe nincela izithupha nibaqhwabela izandla. Kuyoze kube nini nincomana nempumelelo yemizi embalwa endaweni yangakini inqwaba yezakhamizi idla imbuya ngothi?

Abantwana bakwa-Israyeli abavukela uMose ehlane ebaholela ezweni loju nobisi baqalekiswa nguNkulunkulu bangqafazwa zinyoka bafela ehlane bengasalibonanga naKhanani lesethembiso lelo. Kanti abathi babamba elentulo eyafika kuqala yathi abantu abofa basafa namanje yindlala nesomiso eMsinga eseza nentulo yansondo ukuze kusimame amapulazi amaBhunu lawa aninkankile. Baniswaya ngamanzi nje nemigonqozo ukuze ningakwazi ukulima kepha nithenge emaNdiyeni adayisa umkhiqizo wamaBhunu alima wona kanye lamapulazi aninkankile. 

Kunqakiswana ngani la wena owabona izingane zidlala imigendo, kuyadliswana: "Mina ngizobavimba ngapha, wena ubabambe ngapho bese ungibona-ke nawe njengendoda ekhoneni ukuthi ungihlephulelani." 

Zikhule izibaya zamanye amadoda kube kungakhali ngisho iqhude leli kweminye imizi. Uvinjwa yindoda oyethembayo ukuthola intuthuko, yona kanye lendoda ehlala ivika ihlazo layo ngokwesulela ngenhlangano ebusayo ngezono zayo mhla ikhankasa, ikufuqele emaNdiyeni nasemaBhunwini eMdlovane, afike akuchuthe yona kanye le mali yokugcina, uthenga izinto kubona obungazilimela zona ukube uhlinzekwa ngamanzi ngakini. Ubuye futhi ukhalelele kuyo le ndoda oyethembayo, osekwaba wumkhuba wayo vele ukwenza sengathi ikhala kanye nawe kanti uma ufulathela iyakungongozela, ithi: "WeSphundu kawuboni, lala lulaza sikwengule." 

Ungabona beletha amaMall ngakini, awukazuwathola-ke amanzi ngoba mhla wawathola, awusayukuya eMall uyothenga ukudla okudayisayo. Umangale nje ukuthi ulinyelwa ukudla nje awunazandla yini? Abelungu namaNdiya ochwepheshe ekukhipheni ubuntu emuntwini, bamgxingxele ngezinkunzimalanga zamadimoni obunqonqela azomenza athi uma esejayiva, ajayive ukwedlula bona. 

Banesibindi kabi laba bantu abanixhaphazayo ngoba amaNdiya nabelungu ababasebenzisayo abawakani bodwa bona, bamema bona ukuthi babasize baqhuthe abantu abamnyama. Lokhu akwehlukene nokuthi nibophe isikimu sokuthwala niyizinhlanga ezahlukene, kuthi zonke ezinye izinhlanga ezikulesi sikimu kuthiwe zona azithwale ngezinye izinhlanga, kodwa uma kufika kuwe muntu omnyama kuthiwe wena nje qha uzothwala ngabantu bakini. Kulo mkhoshosho iNdiya aliliwaki iNdiya lakubo, ngokunjalo nomlungu akamwaki umlungu wakubo, kodwa umuntu omnyama kumele yena alambele kumuntu wakubo.

Ungazimbandakanyi-ke nabazongqafazwa zinyoka ngendlela eya eKhanana ngokuvukela umbuso bangaliboni nezwe lesethembiso ngoba befuna ukubuyela ebugqileni. Khiphani izinkothangqoko zabacindezeli lezi koMasipala enibakhele, nizoyibona ngamehlo intuthuko le evinjwe yizo. Angeke nibaguqule laba bantu ngoba banesivumelwano noSathane. Ayihanjwa leyo ndlela ubuye ujike. Abachezuka kuyo baphuma ngonyazi lukaKhrestu kuphela.

Awuzibuze-ke ukuthi ukube wawuvotele iqembu elisemandleni namagunya ezimali eminyakeni elishumi edlule ngabe namanje usawabanga na amanzi nezimbongolo? Angithi uma wakhelwa umgonqozo wuHulumeni omkhulu uyephulwa ngamabomu ukuze kunyundelwe wona loHulumeni owufakile ukuze uqhubeke wena uvotele leli qembu elincane elingaphethe lutho esandleni elingakusiza ngakho, elikubulalisa ngendlala. Lephula imigonqozo nje angithi lifuna ukukhankasa ngalowo msindo wokungasebenzi kwawo uma sekusondele ukhetho.

Inhloso la ukuthi wena ulokhu uqulele amanzi ebhakedeni elivuzayo ngokulokhu ubabuyisela koMasipala ngevoti ukuze bamamfuze lemali yebhajethi kaMasipala abayithola njalo ngonyaka. Ngoba noma zilethwa izinsiza zakho wuHulumeni omkhulu azifinyeleli nje kuwe ngoba kwesatshwa ukuthi uzogcina ubonile ukuthi amandla angakuphi, uwelele ngaphesheya ezweni lezinyosi ubakhombe ngophakathi.

Ibuhlungu ipolitiki yenkohliso ngoba intshontsha inhliziyo yakho njengomandangaphakathi, ungabe usabona noma usuxhashazwa ngoba nakhu lomuntu onothando lwakhe lokwakhiwa umbona eyikhiwane elihle ngaphandle kanti ngaphakathi ubolile, uziphilisa ngokuhlupheka kwakho.

Phalaza intando le mvoti omuhle ukuze ubone intuthuko ngoba uma uqhubeka uvotela iqembu elifayo uzofa kanye nalo abanye abantu kwezinye izindawo beqhubeka ngempilo ngokwemukela ukuthi izinto empilweni zihamba zihambe ziguquguquke ngaso sonke isikhathi. Yingakho kungathathanga minyaka ukuthi abelungu balaxaze iqembu leNational Party (NP) yize lase libahole iminyaka kade bemamfuza ngalo ngobugebengu bombuso wengcindezelo ngenxa nje yokuthi kwase kufike isikhathini lapho lingasenandima elingayidlala ezimpilweni zabo.

Namanje ababamba elentulo bayafa kodwa ababekezelela umyalezo wonwabu noma lwaluza kancane bayakuzuza ukuphila okungunaphakade. Qaphela-ke ukuthi lelo voti lakho awulilahli emgqonyeni kadoti ngoba umlomo wawo ubanzi, ukhamisele ukukumimilita, wena nekusasa lakho.




I BUILT MY SITE FOR FREE USING