Inkosi yamaChunu uSimakadeni Mchunu ongasekho
Lezi zinkulumo zabaholi bombusazwe namakhosi zifingqiwe
Umyalezo weSilo samaBandla Onke uGoodwill Zwelithini Zulu
Inkosi yaseMaChunwini yagcotshwa yiSilo uMshiyeni. Mina njengeNgonyama ebusayo njengamanje ngihloma inkosi yaseMachunwini esikhotheme uphaphe ngokugcinwa wuMdali isikhathi eside kangaka ibusa. Nguyena obesengibhekele indawo yaseMsinga. Akwehlanga lungehliyo.
UNdunankulu wesiFundazwe sakwaZulu-Natal uSenzo Mchunu
Akukho neyodwa kulamakhosi aseke aba khona onikwe isikhathi eside kangaka wuMdali ukuhola iminyaka engama-70.
Obekumangaza ukukhalipha komqondo wayo inkosi uma ikhuluma, ubungeke usho ukuthi isikhule kangaka. Uma kunemicimbi yasekhaya ibitotoba ize iyofika khona.
UMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma naye usedlulisele isikhalo sakhe ngokukhothama kwenkosi. Uthi ubonga kakhulu ukuzithoba kwayo ngoba bekuthi uma efikile eMdlovane kummangaze ukuthi noma isibuthakathaka ibikwazi ukufika kuye.
Inkosi ibibazisa ubuholi bendabuko. Yazi ukuthi buyisiphiwo esivela kokhokho nasekujuleni kwesintu.
Inkosi ibimhlonipha kakhulu uhulumeni. Ivule amasango ekutheni isebenzisane nohulumeni ukuletha intuthuko, ingakhethi nhlangano yize ibiyazi ipolitiki.
Inkosi ibikwazi ukwehlukanisa lapho kufanele kungangeni khona ipolitiki ukuze kuqhutshwe imisebenzi yabantu. Uma seyifikile bekucaca.
Ibingakhohlwa ukuxoxa ngentuthuko yabantu bayo nasemakhosini eyakhelene nawo. Ibithanda ukuthula esizweni sonke.
Ibikhuluma okukhethekile ngoba ibithanda ukuzwana phakathi kwabantu. Ibingumlamuli ovelele, into esincoma kakhulu njengohulumeni.
Ibishumayela isiko lokuhlonipha entsheni, injalo nje ingumuntu oqave kakhulu enkolweni yamaNazaretha. Ngakho-ke sithi qhubekani la inkosi igcine khona nime niqhubeke nibe namandla.
Sisho nina BoYeyese, oPhakade, nina bakaJama, nina boMagida ngobambo ezinye izintombi zigida ngemishanelo. Lalani ngenxeba.
Inkosi uPhathizwe Chiliza yaseMaDungeni - uSihlalo weTraditional Leadership
Konke inkosi ebikwenza ibikwenzela isizwe. Ibihamba ize iyofika eGoli iyokhuluma nensizwa. Sithi insika iwile.
Besazi ukuthi noma kunobunzima iyona esizoyibikela ngoba indala. Indodana yenkosi esikhotheme ilandele ezinyathelweni zikayise jengoba isize yakhethelwa ukuba kwi-Executive yobuholi bomdabu.
Lokhu osekuvelile akushayile nje kuphela inkosi yaseMachunwini kodwa kushaye ngisho iSilo uqobo lwaso.