10 Nov
10Nov

Ngu-Aya Ngubane

UNksz Khululekile Dladla (32) ubingelele imantshi yasoThukela eMsinga ngecala lokukhwabanisa amavoti esiteshini sokuvotela eMgidini eMaChunwini ku-Ward 8. Ulivumile icala...

UMnu Thuthuka Nala ohola i-ANC ku-Ward 8 eMsinga ozwakalise ukudumala okukhulu ngokungabibikho ecaleni kwabaholi abaphezulu be-ANC kwi-Bhambatha Region uMnu Linda Ngubane onguSihlalo ka-ANC  noMnu Bheki Lembede ongu-Secretary we-region, okuthe uma zibuza ezaseMsinga ukuthi bakuphi ukuze zizwe ukuphawula kwabo, osendelene nabo uMnu Bhekinkosi Mvelase wathi babambezeleke emhlanganweni ehhovisi le-ANC elibudebuduze nenkantolo. Kepha uNala ukuphikile lokhu, wathi akunamhlangano ka-ANC oqhubekayo emahhovisi abo

Imbuzile imantshi ukuthi wayethunywe ngubani ukugila lomkhuba, wathi wayezithume yena.

UKhululekile utshele imantshi uMnu Thinus Krugel ukuthi wavota izikhawu eziyisithupha eyedwa ngamaballot paper athi wayewantshontshe ngokwakhe njengoba ebeqashwe njengesinye sezisebenzi zokhetho kulesi siteshi. Ukhetho luwinwe yi-IFP. Uzicelele ushwele woswazi oluncane njengoba etshele iMantshi ukuthi nguye oxosha ikati eziko ekhaya ngetoho elingamholeli kangako njengoba engumsebenzi wasendlini yomuntu ohola R1500 ngenyanga.

Ikhipha isigwebo imantshi ibuze ukuthi uyakuqonda yini ukuthi isenzo sakhe besingasusa udlame nokuchitheka kwegazi endaweni njengoba ukuvota kubaluleke kangaka nje emiphakathini yezwe. Wavuma.

Ibe isimgweba unyaka wonke ebhadla ejele noma akhokhe inhlawulo yezinkulungwane ezimbili. Ukhethe ukuhlawula. Amalunga ka-ANC abethamele leli cala akhale kakhulu ngendlela inkantolo elusingathe ngayo leli cala; athi ibe nokwenzelela.

UMnu Thuthuka Nala ongumholi ka-ANC ku-Ward 8 uthe: “Okokuqala nje thina siyazi ukuthi lomuntu wesifazane ubesetshenziswa yiliphi iqembu lezepolitiki. Bekufanele inkantolo ikuveze lokhu. Laba bantu ababili obabone behamba naye asibazi nhlobo kwa-Ward-8. Kuyacaca ukuthi zithunywa ezivela kuleli qembu elikhwabanise amavoti. Siyasola ukuthi bebezomkhokhela inhlawulo.”

Uma zimbuza ezaseMsinga ukuthi yiliphi leli qembu akhuluma ngalo uNala uvele wathi: “Wabuza ibhasi ibhaliwe.”

Amanye amalunga ka-ANC akhulume naleli phephandaba abike nezinye izigameko zokwesatshiswa kwesinye sezithunywa zeqembu labo  esikhungweni saseMashunka la kuthiwa kwathi uma sekubalwa  amavoti kwathiwa lo wesifazane akafulathele, ngale kwalokho uzozibona ukuthi uzolalaphi.

UNala uqhube wathi, “Uma lo sisi ephuma la enkantolo ethi wavota kayi-6 eyedwa, kwazi bani ukuthi abanye abebesetshenziswa njengaye kwezinye izikhungo zokuvota bavota kangaki bona ngalo mgunyathi wabo. Impela nathi besisamangele ukuthi kwenziwa yini imiphumela igqagqane kangaka kulokhu kanti ngo-2011 yayithothene kakhulu. Kunjalo nje oqhamuka kumuphi umhlaba umuntu ongakaboni la eMsinga ukuthi yi-ANC kuphela engathatha le ndawo iyiyise phambili.”

I BUILT MY SITE FOR FREE USING