28 Nov
28Nov

Ngu-Aya Ngubane

Lolu dlambedlu lubukeka lunomunwe wesandla sesithathu esisebenzisa amaqhinga acashile ukususa udlame esiFundazweni saKwaZulu-Natal...

                        UMnu Khaya Thobela osocongiwe

Ukubulawa kwabantu ngendlela engaqondakali esifundazweni sakwaZulu-Natal sekuqubule uvalo ngokubuyiswa kodlame lokwakhiwa olwaqubuka maphakathi kweminyaka yama-80s kungqubuzana amaqembu ezepolitiki abalandeli bawo ababengaboni ngaso linye ngaleso sikhathi okwakuyi-United Democratic Front neNkatha.

Sekugcine kuvelile ukuthi iningi labaholi balamaqembu omabili abaphunyula kulolu dlame baphunyula ngoba babazana ukuthi bayizimbila zantabanye, kuqhathwa abalandeli bawo ababecabanga ukuthi babanga izwe kanti akunjalo, inhloso kwaku ukuphungula izibalo zabantu abamnyama, njengoba sekuvelile ekugcineni ukuthi iNkatha ne-UDF yayisungulwe umndeni owodwa wezinjinga zakwa-Oppenheimer. Namhlanje iningi labaholi ababeku-UDF bakhuluma lwimi lunye lwezepolitiki ne-IFP, okungukuvikela umnotho wongxuwankulu; umnotho wengcindezelo.

Lolu dlame okwakukholakala ukuthi lugovuzwa yisandla sesithathu nokwagcina kuvelile kwiKhomishana yokuPhalazwa kwamaQiniso nokuBuyisana eyahlala ngasekuqaleni kweminyaka yama-90s ukuthi umphehli walo kwakunguhulumeni wobandlululo owawubusa ngaleso sikhathi, lwedlula nenqwaba yemiphefumulo yabantu. Okwathi uma sekufakaza ababebandakanyeka kulo kwavela nokuthi uhulumeni wobandlululo wawusebenzisana nophiko lwezinkabi olwalaziwa ngomashayabhuqe ukubulala abantu.

Ngaleso sikhathi abaphehli balolu dlame bebesebenzisa imboni yezokuthutha, ikakhulukazi eyamatekisi ukususa imfazwe, izinkabi zicashiswa emahostela. Uphenyo olwenziwe yiZazi Team luthole ukuthi inqwaba yomashayabhuqe bangaleso sikhathi bebeholelwa ngokuthengelwa izimoto ezingamatekisi, bese befakwa nasemizileni enemali. Abanye balaba bantu kumanje kwaZulu-Natal bakhala ngokudayiswa wuhulumeni odabeni lokufakwa embonini yamabhasi ngohlelo olusha lokuthuthukisa lemboni ukuze ilawuleke okuyi-Bus Rapid Transit, kanti nabo ngesikhathi sombuso wengcindezelo babedayisa ngalaba baholi bepolitiki ababasolayo kumanje kuhulumeni wobandlululo.

Uhulumeni wobandlululo bewenza isiqiniseko sokuthi le mboni yamatekisi ayikhokhi ntela ukuze uma kwenzeka kufika isikhathi lapho iphenywa khona ngodlame lwezepolitiki, invamisa obelususwa ngayo, kungabi namkhondo oholela ekushushisweni kwabayiphethe nalabo ababakhokhelayo.

Abahlali baseGlebelands bekhungathekile

Yingakho nje kuthe noma uhulumeni wentando yeningi esezama ukuyifaka ngaphansi kwakhe le mboni ukuze ikhokhe intela kwanomkhulu umsindo kwaze kwafa nabantu.

Ukubuyekeza nje ukuthi kuqale nini ukubulawa kwabantu ngendlela engaqondakali kwaZulu-Natal kudlule kucwebe iziziba, singabala izigameko zanyakenye eMsinga naseMvoti la kuke kwatholakala inqwaba yabantu inqunywe amakhanda yashiwa ezintabeni, kwesinye isikhathi kunyamalale abantu ngezimoto ezisuke zibaphe amalifti emgwaqeni bangaphinde batholakale. Kukhona abagcina beshushisiwe bavela nasenkantolo yaseMdlovane ngamacala okuthumba abantu bababulale.

Kulaba abavela eNkantolo yaseMdlovane (Greytown) kwavela ukuthi laba bantu basebenzisana nezinkampani zemishuwalense yongxuwankulu ukubhalisa abantu emishuwalenseni bengazi, bababulale ezingozini zezimoto bese beyodonsa izimali ngabo emishuwalenseni.

Baxhumene ngandlelathile nalezi zinkampani zabangcwabi ezithe chithi saka kuzwelonke. Inqwaba yalabangcwabi abakulomshikashika yilaba banikazi bamakhaza abangamalunga aleliqembu lezepolitiki elalelekelela uhulumeni wobandlululo ukucindezela abantu. Ngakho-ke uma uyilunga laleliqembu esikhuluma ngalo kumele wazi ukuthi awuphephile, kungenzeka ukuthi uhamba nje ubhaliswe emishuwalenseni engo-Life Insurance ngemininingwane owabanika yona mhla ujoyina njengelunga.

Ngelinye ilanga uyofa engozini yemoto, kukhishwe ezishisiwe izimali ngokufa kwakho ukhulise izibaya zamanye amadoda umndeni wakho ungazi, usele uncinda izithupha. Ngokocwaningo lwethu laba bantu abebetholakala belahlwe ezintabeni kwaZulu-Natal, abanye babo ababebhaliselwe lemishuwalense okuthiwa yi-Life Insurance, la kubhejwa ngempilo yakho wena ungazi ukuze mhla ufayo kube khona amankentshane ayohlomula ngawe. Nansi i-link ngodaba olufana nalolu. Lokhu bakwenza ngosizo lwezigebengu ezikwa-Home Affairs ezikhipha ama-ID abantu ngemigunyathi, abangcwabi abakhohlakele kanye nezinkampani ezihlonishwayo zemishuwalense kuleli. Kuyenzeka ukuthi namaphoyisa abandakanyeke kulomkhonyovu.

Kuthe kusabatshazwa lokhu kwase kuqala ukuthunjwa nokubulawa kwabantu besifazane ngabantu abebebathumba babalayishe ezimotweni bayobabulalela ezimobeni, kwesinye isikhathi batholakale sebedlwenguliwe. Lokhu sithole ukuthi kwenziwa abelungu namaNdiya, bethuma omalambane abangabantu besilisa nabesifazane abangasebenzi ukufafaza inzondo yobulili emiphakathini yabantu abamnyama. Isikhathi esiningi uma kuthunjwa abantu besifazane kuvamise ukuthi kube nomuntu wesifazane osebenzisana nababulali, ukuze lona wesifazane ozogitsheliswa emotweni angaxwayi uma ephiwa u-lift.

Kukhona owesifazane ongusaziwayo eMzansi oyilaba okuthiwa ama-yellowbone esikholelwa ukuthi wayesiza mlisa mumbe oyiKhaladi ukuthumba abulale abesifazane abamnyama ngalolu hlelo. Lo saziwayo uthi naye wathunjwa yilo nolugaju, kodwa wabuye wamdedela engamdlwengulanga. Kanjani?

Akasetshenziswanga nje njegodobo lokuhunga izisulu zabesifazane ababulawayo, njengoba umbulali ayedoba laba besifazane ngokubathembisa amathuba emisebenzi emkhakheni wokumodela? Kwakungawenza ube lula umsebenzi kalonolugaju uma esebenzisana nomuntu wesifazane ukuholela ozakwabo ogibeni. 

Lo saziwayo ugcine esethola umsebenzi phesheya kwezilwandle eMelika, esikholelwa ukuthi wayekhokhelwa yilamaJudambumbulu aphezu kwalomkhuba ngalamanyala. Kumanye ungusozigidi. Nguyena kuphela owaphunyula emazinyweni alengwenya. Ngokocwaningo lwethu, ababulali abafana noThabo Bester akubona nje onolugaju abaphazamiseke emqondweni, bayilokhu esikubiza ngama-CIA serial rapists and killers for political expediency. 

Namanje akekho owazihlupha enkantolo ukumsesha  ukuthi njengoba ethi wayegangiswa yindlala ngoba ayengasebenzi, efuna ukondla izingane zakhe ezintathu ngokuqola abesifazane; imali yokwehla enyuka efunana nezisulu zakhe ezenza i-ejenti efunela onobuhle umsebenzi wayeyinikwa ubani, futhi kungani ezisulwini zakhe engabulalanga nelilodwa iNdiya, iKhaladi nomlungu, kodwa ayebulala abantu abamnyama bodwa?

Akulula ukuthi ungahamba ukhohlisa abantu abasha uthi ubatholela umsebenzi ungahambi ngemoto kanokusho. Imoto ayehamba ngayo lo mbulali kwakungekabani? Ngokocwaningo lwethu, kwabayishumi onolugaju, abayisishiyalombili kubo abantu abasuke bephile saka ekhanda futhi bengabhekene nazinkinga  nagcindezi kwezomnotho empilweni, kodwa yizigebengu nje ezisuke zibulala abantu ngokuthengwa. Namanje asinabo ubufakazi bokuthi laba bantu abafana noThabo Bester bagcina bezidonsile ngempela lezi zigwebo abazithola enkantolo.

                                                               Unolugaju uThabo Bester

Imizamo yokususa udlame kwelikaMthaniya ngaphambidlana nje kweNkomfa kazwelonke ye-ANC eNasrec ephunzile miningi. Kugcine kususwe nodlame lokushaywa kwabokufika naseThekwini ngalezi zigameko zokunyamalala kwezingane, ezinye zinqanyulwe iminwe abantu abebevele bamise imoto nje emgwaqeni bagile lomkhuba ingane bayishiye iphila, owagcina usukhonjwa kwabokufika kuthiwa uhlobene nokuthwalela ingcebo, nokho washeshe wacisha lowo mlilo wamaphepha.

Kuthe kusuka eMgungundlovu kwanamaviyo avimba izimoto emigwaqeni ngokushisa amathayi avuthayo, ekhokhise abashayeli bezimoto imali ukuze bedlule kuhle kwama-tollgate, nakho lokhu okusheshe kwedlula yize abanikazi bamatekisi base beqala ukufudumala ngakho.

Uma ubukisisa lezi zigameko ziningi izinkomba zokuhlobana njengento ehleliwe futhi enesandla esifana ncamashi naleso esinoboya ebesiqubula udlame lwezepolitiki ngeminyaka yama-80s KwaZulu-Natal, kusetshenziswa ikakhulukazi imboni yamatekisi nabahlali basemahostela.

Umbuzo ovelayo-ke othi ngabe wubani lo ofuna ukususa udlame futhi ngazinhloso zini? Impendulo yalo mbuzo ilele ekutheni ngabe yini le edunguzelisa izwe kumanje futhi ngobani ababona ukunethezeka kwabo kusengcupheni uma abantu abamnyama bengasabulalani bodwa?

Obani abalawula izimboni zabo nomnotho nje jikelele kalula uma abantu abamnyama bebhekene ngeziqu zamehlo? Kodwa umbuzo omkhulu ngothi yini baxineke kangaka ukususa udlame njengamanje?

Kuzo zonke izingqungquthela ezike zabanjwa wumbutho kaKhongolose selokhu singene entandweni yeningi, ayikho ebaluleke njengale okuyiwa kuyona ngo-Disemba eNasrec. Le ngqungquthela yiyona ezocacisa kabanzi ngekusasa lomnotho wombuso wobandlululo kuleli zwe osaphethwe yimindeni emithathu yabamhlophe okungumndeni wakwaRupert, owakwa-Oppenheimer nabakwaMenel neminye yabamhlophe eyimixhantela.

Abakwa-Oppenheimer baphethe izimayini kanti abakwaRupert bagxile emafemini ajwayelekile. Laba bakwa-Oppenheimer yibona abayingozi kakhulu ngoba babuye baziwe njengomndeni wakwaRotschild nje bangabalondolozi bezimali zabantu abaziwayo umhlaba jikelele njengabanikazi bamabhange namaBhangengodla. Yibona nabathwele uMnu Cyril Ramaphosa ngeqoma kwazise ukhuliswe yibo, wayiswa nayibo eNyuvesi ngemifundaze ukuze abuyise umenano ngokuvikela umnotho wabo uma ethatha ukhetho eNasrec.

Uma wazi isimo sezimali zabantu futhi kunguwena olawula ukusebenza kwemali ezweni ucishe ufane nonkulunkulu wasemhlabeni ngoba iningi losopolitiki abangenamgogodla ligcina selidansela isigingci sakho njengoba asho omunye ukhokho walomndeni uMnu Amschel Rotschild wathi: “Nginikeni ibhange kube elami, angikhathali ukuthi wubani ophethe nowakha imithetho yezwe ngoba onke amandla ezwe asezandleni zomuntu olawula ukusebenza kwemali yalo…”

Kumele siqonde ukuthi lamazwe ahaqwe wudlame lwezepolitki kumanje njengeSyria, i-Iraq, neLibya nonswinyo olubhekiswe e-Iran; amabili kuwo awayisebenzisi nhlobo iCentral Banking System yakwaRotschild, okuyisona steringi lemindeni ephethe umnotho wamazwe eswaya ngaso amandla okuphatha izwe, kusukela ekulawulweni kosopolitiki, ukukhwatshaniswa kwamavoti, ukusebenza kwezinhlaka zikahulumeni nokuziqokela abaPhathiswa beziMali abathandwa yibo ukuze balawulwe ngisho ukuphathwa kwesikwama sikahulumeni lesi esibizwa ngo-Treasury.

Lo mkhuba bawenze eMzansi singena enkululekweni kwaze kwangena uMengameli uJacob Zuma ofike wawushintsha ngokuxosha uMnu Pravin Gordhan noMnu Nhlanhla Nene waziqokela uMphathiswa weZimali othandwa nguye uMnu Des van Rooyen ukuze uTreasury ulawulwe ngokwentando yeningi, nokho kwaqubuka omkhulu umsindo ongacacile noma uVan Rooyen kunguyena Mphathiswa obefunde ukubedlula bonke abaPhathiswa asebeke baphatha lesi sikhundla selokhu sangena entandweni yeningi. UMnu Johann Rupert waze wabizela uMnu Fikile Mbalula epulazini lakhe eStellenbosch la amcela khona ukuthi axwayise uMengameli Jacob Zuma ukuthi uma engamxoshi uMnu Des van Rooyen esikhundleni yena negenge yama-White Monopoly Capitalists bazowuqumba phansi umnotho waseMzansi.

Sibhala nje namanje basazama ngazo zonke izindlela ngesandla samaqembu aphikisayo nangalezi zimpimpi zombuso wobandlululo ezizibiza ngeCR17 ku-ANC ukubuyisela uTreasury ezandleni zabo, njengoba ngoLwesibili lwangomhlaka-8 ku-Agasti bephinde behlulwa yivoti lokungamethembi uMengameli Zuma ePhalamende ebese kungokwesishiyagalombili bezama, baphinde behluleka ngisho sekuvotwa ngokuyimfihlo.

Kulo mkhankaso ofana ncamashi nalowo ogcine umise uMengameli waseBrazil uNkk. Dilma Rousseff njengoba kuliwa nabaholi abafake amazwe abo kwiBRICS nje; kusetshenziswa izinkantolo, ikakhulukazi le okuthiwa eyoMthethosisekelo nomsindo wabezindaba abaphethwe yibona belekelelana nama-Black Economic Hitmen (BEH), lokhu okubuye kubizwe ngama-Clever Blacks ukubuyisela isichuse sabo soMphathiswa ezintanjeni ukulawula ukuphathwa kwezimali zezwe kuhulumeni.

Njengoba i-ANC iphuma kwi-5th Policy Conference yayo nje isiqonde ekwethuleni izincomo zamagatsha ayobe eqoka lowo ozoba nguMengameli omusha wezwe engqungqutheleni yango-Disemba, kubalulekile kulabo abalawula umnotho wezwe kumanje ukuthi umbuso uthathwe ngumuntu ozokwenza intando yabo nozogcina isimo somnotho sitshekele nganxanye ukuvuna abelungu.

Manje inkinga yabo enkulu yisifundazwe sakwaZulu-Natal ku-ANC esesikubeke kwacaca ukuthi siyobeka uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma kwesobuMengameli wezwe kanti sinjalo nje sihamba nesiyingi saseThekwini okuyisona esikhulu kunazozonke ezinye iziyingi ze-ANC kuzwelonke ngokuba namagatsha amaningi.

Ngakho-ke kubalulekile kongxuwankulu ukuthi amagatsha ka-ANC esifundazweni sakwaZulu-Natal athi eya kulenkomfa yokukhetha ubuholi obusha abe eklayeke phakathi futhi ebhekene ngeziqu zamehlo.

Namhlanje sekuyacaca ukuthi lolu dlame lwaseGlebelands beluyisandulela sahlobo luni lwemfazwe ebiphehlwa esithe sonke lesi sikhathi, kulokhu kuthiwa abantu babanga imibhede namakamelo kanti inkulu imbiza ephekwayo.

Namanje akumangazanga uma sekuvela emithonjeni yabezindaba nokuthi kukhona abasolakalayo ehostela laseGlebe ekudutshulweni kukaMnu Sindiso Magaqa, ongomunye wabaholi be-ANC asebedutshuliwe kuHarry Gwala District eMzimkhulu ngenhloso yokuthi ithi iya enkomfeni i-ANC kwaZulu-Natal ibe idudulana ngezibhamu. 

Olwethu ucwaningo kulokhu lunuka inhlangano ye-CIA namalunga eCR17, okuyibona abangazuza kakhulu ngokuxoveka kwesifundazwe swakwaZulu-Natal. I-ANC yangempela, okuwuhlaka olulandela uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma, ayikaze ikholelwe ekuxazululeni izinkinga zezwe ngokubulala abantu abamnyama, ngisho isesekudingweni. I-ANC engungqo isazi kahle isitha sayo ukuthi akuyena umuntu omnyama.

                                UMnu Sindiso Magaqa osocongiwe

Ukube kuya ngabo oxovizwe ibiyothi ifika inkomfa u-ANC ube usuqothane waphela esifundazweni ngenhlamvu ukuze lo abafuna angene ezicathulweni zikaMsholozi afike azidlele amahlanga.

Noma u-Advocate Marumo Moerane engummeli osemnkantshubomvu nohlonishwayo kuleli kodwa umlando wakhe ubukuphikisa ukuthi aqokelwe esikhundleni sokuhola iKhomishana ephenya ngezigameko ezithinta udlame lwezepolitiki esifundazweni sakwaZulu-Natal.

Kunezigameko ezimbili ezimenza ukuthi abukeke njengommeli ongene shi kwezepolitiki ezweni njengoba wayengomunye wabameli ababemele lowo owayesolwa ngokuba yimpimpi yombuso wobandlululo uMnu Bulelani Ngcuka kwiKhomishana kaHefer eyahlala ngonyaka ka-2003. Ummeli ofana nalo akasoze aphuma nombiko oqondile ngeKhomishana efana nale, la kunamansense enhlanagno ye-CIA namadlelandawonye ayo afana noCR17 yonke indawo.

U-Advocate Marumo Moerane (ophakathi nendawo) njengoSihlalo weKhomishana ephenya ngodlame lezombusazwe esiFundazweni sase-KZN 

Yena kanye futhi uMoerane usanda kuvela eNkantolo yoMthethosisekelo enza izincomo njengommeli wamaqembu aphikisayo la yena nethimba lakhe behluleke bencama ukubeka izizathu ezigculisayo ngesicelo sokuthi iNkantolo iphoqelele uSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbethe ukuba awanike ivoti eliyimfihlo ukugudluza uMsholozi esihlaweni. Inkantolo yoMthetho Sisekelo yabakhomba emuva ePhalamende yathi abancenge uSomlomo ukuthi abavumele benze lokhu ngoba amandla asezandleni zakhe. Ummeli onalomlando akucaci ukuthi ukhethwe kanjani ukuhola lolu phenyo olubucayi kangaka.

Uma ofakazi abafana noNks Vanessa Burger, UNkk Mary noMnu Piet de Haas kungabelungu, bangakuveza yini ukuthi abelungu bakubo bayabandakanyeka kulolu dlame uma kanti vele yisandla esinoboya lesi esigila le mikhuba kwazise obabo ubufakazi bugxile ekutheni umbango wamathenda nezikhundla lo ngaphakathi kuKhongolse obulalisa abaholi bawo?

Omunye wofakazi abangathembekile kule Khomishana kaMoerane uNkk Mary de Haas

Okuyiculo elidala elaliculwa abemithombo yezindaba zombuso wobandlululo ngesikhathi sengcindezelo ukwedukisa umkhondo ngokubandakanyeka kwesandla sesithathu ekubulaweni kwabantu abamnyama ngodlame lwepolitiki. 

Kuyacaca ukuthi uMagaqa wayesetshenziswa yibo kanye laba bantu abagcina bembulele ukuze babhixe uhlaka ayephikisana nalo ukuya eNasrec ngokufa kwakhe ngoba noma kungaze kuthiwe kukhona umkhonyovu ayewazi ngokukhiswa kwamathenda kuMasipla waseMzimkhulu, uma ayeyilunga lika-ANC eliqotho wayazi kahle ukuthi akanalo ilungelo lokumpimpa amaqabane ayesembuthweni kanye nawo.

Lokhu akwehlukene nalomkhuba we-CR17 eyawenza ngowezi-2016, la yazama ukuhlangana namaqembu aphikisayo ukuzama ukugudlula uMengameli wezwe uMnu Jaob Zuma esikhundleni ngevoti eliyimfihlo. Bewubulawa ekudingisweni uma wenza imikhuba enjengale ngecala lokudayisa ngombutho namaqabane. Amahlazo angaphakathi embuthweni ayizibi namanyundululu omndeni, akulindelekile-ke ukuthi kuqhashe ilunga lomndeni ngaphakathi lenekele izitha amahlazo omndeni.

Ekhuza lo mkhuba wabelungu abanjengoNkk Mary de Haas wokuzenza abaxazululi ezinkingeni zabantu abanyama kube kuyibo kanye abadala zonke izinkinga ezweni uMnu Steve Biko wathi: “Bona kanye laba bantu abasicindezelayo bafuna sikholwe ukuthi yibo kanye futhi abangasinika isu lokuthi siphunyule emaketangweni abo engcindezelo.”


I BUILT MY SITE FOR FREE USING