Yi Zazi Team
Sihleli la sikhona sifunda isitatimende osibhale ngabaNtwana baseNdlunkulu uMntwana uMbonisi noMntwana uThembi sinikina amakhanda, siyazibuza siyaziphendula ukuthi umuntu omdala kangaka usithathaphi isibindi sokuthuka ubukhosi angaphansi kwabo.
Siyazibuza siyehluleka ukuziphendula ukuthi uShenge uyaqonda nje ukuthi laba baNtwana baseNdlunkulu akhuluma kanje ngabo banelungelo lokumdingisa aphume aphele kwaZulu, angaphinde alubhade khona...
Inkosi uMangosuthu Buthelezi, uMnu Jacob Zuma neSilo uGoodwill Zwelithini
Sengathi amandla oke waba nawo kwipolitiki Shenge asenyukele ngasekhanda, usuzibona umkhulu ukwedlula umbuso kaZulu ngoba nje ungumholi weqembu leNkatha.
Siyacela Shenge ukukukhumbuza ukuthi awuyena owakwaZulu ngesibongo, uyisihlobo nje sasebukhosini bakhona ngoba umama wakho uPrincess Magogo ayengudadewabo weSilo uSolomon. Omzala bakho empeleni kwiNdlunkulu kaZulu yiSilo esesakhothama uCyprian Bhekuzulu.
La baNtwana osubachapha ngezinhlamba esitatimendeni sakho namhlanje bayizihlobo ezikude kabi nawe kulesi sizukulwane esikuso. Nabo abazi nokuthi bazoqala ngaphi ukukuphendula ngoba umdala kakhulu kubona, kodwa ubafaka ogibeni ngamabomu ukuze bagcine besho okulumelayo ngawe esidlangalaleni, kuthiwe badelela umuntu omdala.
Uke wasetshenziswa kanje uMbhishobi wama-Anglican uDesmond Tutu ukuchapha uMnu Jacob Zuma kuyiwa okhethweni lukaKhongolose ePolokwane olwakhipha owayenguMengameli wezwe uMnu Thabo Mbeki esikhundleni, nokho uZuma wehlela ngezansi wamhlonipha ngokungawubuyiseli umenano. Siyakutusa ukuzehlisa kwabaNtwana bangaqophisani nawe Shenge ngoba umdala kakhulu kunabo.
Akekho ophikayo ukuthi unguNdunankulu kaZulu Shenge kodwa iSilo neSilo kumele siziqokele uNdunankulu waso esimthandayo. Ngakho-ke akungakuphathi kabi ukuthi lesisi zukulwane seNdlunkulu esesizophatha kumanje asisakudingi.
Akungakuphathi kabi ukuthi abanye kubaNtwana baseNdlunkulu kuyabamangaza ukuthi ngoba wawuqokelwe ukuba nguNdunankulu weSilo esakhothama ngowe-1968 uCyprian Bhekuzulu, kwenzeka kanjani ukuthi udlulele esikhundleni esifanayo nakuMdlokombane (iSilo esisanda kukhothama uGoodwill Zwelithini) ngoba lesi sikhundla osiqhoqhobele asifani nobukhosi, ngamanye amazwi asilona ifa lomshiyelwano.
Ubudlelwano bakho Shenge neNdlunkulu kaZulu kade badunguzela
Ubudlelwano bakho neSilo uZwelithini bebunamachashaza amaningi aziwayo Shenge. Bebushisa kwesinye isikhathi, buphinde buqandise okweqhwa futhi.
Eminyakeni edlule kuthe iSilo sicasukile uwe ufisa nibuyisane sakukhumbuza Shenge ukuthi sona safelwa, sichaza isigameko lapho kwathi singahoshelene nawe amalunga eqembu lakho ahlasela esigodlweni saso kwaMashu la kwalimala khona amalunga omndeni athile, kwagcina kukhotheme nendodakazi yaso.
Iziwombe zokungahoshelani kwakho neSilo uZwelithini ziningi kodwa akukona kuphela ukungahoshelani kwenu esifisa ukusika elijikayo ngakho lapha.
Shenge, kwaqopheka umlando mhlazana uhola amabutho kaZulu ebheke ePitoli ngalokho owawukubiza ngezimfuno zeSilo kuyiwa entandweni yeningi ngowe-1994.
UZulu wonkana wahlangana, ngale kokuthi umuntu ukuliphi iqembu waphuma ngezinkani ukweseka leyomashi, yize noma ubuso bayo wenza isiqiniseko sokuthi bufolosa ngabantu abagqoke izikibha zeqembu lakho leNkatha ngoba ufuna kubukeke sengathi leyo mashi kwakungeyamaZulu e-IFP odwa kube kungenjalo.
Ukwenza lokhu ngoba wawusubonile ozakwenu lapha emibusweni yozimele geqe bewa ngapha nangapha, bewiswa yitsunami yentando yeningi eyayiholwa yinhlangano ongahoshelani nayo uKhongolose. Wawusuhola imashi yokuqala ngqa kuyiwa entandweni yeningi owawuyibhekise kuhulumeni wobandlululo ukuyofuna ukuphasiswa kweNgonyama Trust, le esikholelwa ukuthi iSilo uZwelithini sibulawelwe yona.
Labo ababulale iSilo ngoba nhlawumbe safika saphikisana nabo e-London bacabange ukuthi uma kuqokwa umuntu wesifazane ukungena ezicathulweni zaso kuzoba lula nje ukufeza izinjongo zabo ngomhlaba kaZulu, kanti bashaye phansi kwashunqa uthuli, noNdlunkulu uMaDlamini akazukuba utebetebe lo ebebecabanga ukuthi uzoba yiwona, bamshwabadela naye.
UNdlunkulu osekhotheme uMantfombi MaDlamini-Zulu
Lokhu kokuthi kuthiwe ubulewe wushevu uNdlunkulu uShiyiwe asikukholelwa nakancane, uNdlunkulu, ngokubona kwethu, ushaywe wumbani ofanayo nalo oshaye iSilo. Kufunwa lo mhlaba kaZulu.
Siyakholewa ukuthi lomjamo osukhona ngokuqokwa kozolandela iSilo kumanje yingoba kusathungathwana nesichuse esizofeza intando yamaNgisi ngomhlaba wakwaZulu. Izitha zikaZulu sezethembele ebudedengwini babameli baso iSilo namaJaji lawa athengekayo.
Ubabona abaNtwana beshaya phansi ngonyawo nje abazenzi. Bayayibona le nhlese. Ngakho-ke sithi kufanele ngabe ikhona i-video eyaqoshwa yiSilo ngefa laso. Ayivele obala le-video. Ifihlelweni? Yingoba mhlawumbe ubukhosi ibukhomba eMntwaneni ongeyona incelebane yamankengane?
Ingonyama Trust
Ngenxa yokuwuqondisisa kahle umnyombo wepolitiki yakho Shenge, ngalezi zimfuno zeNgonyama Trust besilokhu sizibuza ukuthi wawuhola lowa mbhikisho wazo nje eminyakeni eminingi edlule yingoba wawukhathazeke ngempela yini ngomhlaba wakwaZulu noma wawusetshenziswa abelungu laba ababengafisi kuphume usuku lokhetho lwentando yeningi ezweni.
Becabanga ukuthi ngalezi zimfuno mhlawumbe uKhongolse wawuzohonga ukuzisayinda ukuze ukhetho luhlehle undendende, lugcine lungabi bikho nhlobo mhlawumbe., kuqhubeke izimpi zepolitiki ezazidlangile ngaleso sikhathi ukuze uhulumeni wobandlululo ungawi.
Kuyaziwa phela Shenge ukuthi wangena okhethweni sekusele amasonto amabili kukhethwe uMengameki wentando yeningi. Lokhu sikushiso ukuthi selokhu kwathi nhlo kusungulwa iqembu lakho ngowe-1975, siyiqonda kahle ipolitiki ye-IFP ukuthi ithi icashiswe ngokuvikela umbuso wakwaZulu ibe ingeyokujabulisa abelungu futhi kwelinye icala. Bona kanye laba belungu oselo kwathi nhlo balabalabela lomhlaba kaZulu, abafuni ukusuka kuwo namanje noma abantu sebefaka izicelo zokuthi ubuyiselwe kubo.
Sibuka nje indlela izinto ezenzeka ngayo namhlanje, osekusikhanyela ukuthi kumanje awusekho nhlobo Shenge ekuvikeleni umbuso kaZulu kodwa usuhlangene nezitha ezifisa ukuwubona ushabalala. Ngokungayiqophi i-video yefa leSilo sisaphila njengoNdunankulu kaZulu bewazi kahle ukuthi kuzovuka imibango engenasidingo eNdlunkulu, kuhanjiswane izinkantolo ukuze udaba lugcine lusingethwe yilezi zigebengu zamaJaji athengwayo, kodwa awangakugwema lokhu ngokuqopha i-video ngamabomu.
Shenge, ukwazi kahle ukuthi bekufanele, njengoNdunankulu kaZulu wenze isiqiniseko sokuthi iSilo uZwelithini asikhothami singaliqophanga nge-video ifa laso, ikakhulukazi ukuqagula ngozongena esihlalweni saso uma sikhothama. Ukwazi kahle lokhu ukuthi uma bekungenzekanga bekuzosusa lomsindo osukhona kumanje eNdlunkulu, ngokuthi ubani okumele angene esihlalweni sobukhosi.
Ukube ubune-video owasiqopha kuyo iSilo siqagula ukuthi uma sikhothama kuyongena bani ngabe awukho wonke lo msindo okhona kumanje ngozolandela emva kwaso.
Isisombululo se-Technology namhlanje ngokwabiwa kwamafa
Ngaleyo ndlela yisijingi nje lesi osusibonde wasibeka Shenge ngethemba lokuthi kuzolalelwa wena namaphepha abameli ngozongena esihlalweni, sonke esiwaziyo ukuthi amaphepha efa akubameli kwesinye isikhathi asusa umsindo ngoba ayakokoteleka.
Futhi kulezi zikhathi ze-technology sekunzima ngempela ukwamukela ubuqotho bamaphepha abameli njengobufakazi obugcwele ukuthi yiwo ngempela achaza ngefa elabiwe ongasekho. Siphila kwi-21st century manje Shenge, wonke umuntu useyazi ukuthi ukuze kube nokuthula emndenini ngefa longasekho; kufanele kube ne-video eqoshiwe ngoba kulula kabi ukuthenga ummeli ukuthi akokotele izincwadi zokwabiwa kwefa.
Ukube labo bameli abasingethe izindaba zefa leSilo nabo bebeqotho yinto nabo le, njengawe Shenge obekumele bayiqikelele ukuthi iSilo siyayenza ngaphambi kokuthi sikhothame; ukuqopha i-video. Sikhuluma ngokuqokwa komholi wesizwe esikhulu nesihlonishwa umhlaba wonke la, hhayi ubukhosi nje obujwayelekile. Ngakho-ke abuvele ubufakazi be-video ngoba kungenzeka ukuba bukhona kodwa ngoba bukhomba umuntu noma indlu engafunwa; bufihliwe.
Inkosi uma isayinda ngefa layo kulesi sikhathi esiphila kuso kumele ikhiphe amagama noma aze mathathu ukuze uma kwenzeka kulimala lo oseqokiwe, njengoba kwenzekile nje ngomNtwana uLethukuthula eGoli, kucace ukuthi ubani olele isibili ohlwini labangabekwa. Kusuke kugwenywa izimo ezifana nalezi ezibhekene noNdlunkulu kaZulu kumanje; umbango. Lowo wumsebenzi kaNdunankulu ukwenza isiqiniseko sokuthi konke kumi ngomumo ngefa leSilo ngokuhlala enobufakazi obuqanda ikhanda ngezifiso zaso uma sesikhotheme.
Manje-ke bathukelwani abaNtwana baseNdlunkulu uma benuka santungwna ngomkhonyovu wezincwadi zefa likamnewabo ngenxa yokungabibikho kobufakazi obubambekayo. Ama-signature afojwa mihla le, nezinkantolo kwesinye sikhathi zivumelane nabamangali ukuthi umkhonyovu ukhona. Umbuzo-ke uthi iphi i-video yefa leSilo Shenge okwakufanele njengoNdunankulu kaZulu uyiqophe sisaphila uma bekuyisifiso sakho ukuthi kungabi nambango oqubukayo emva kokukhothama kwaso, futhi uyingxenye yezixazululo ngezindaba zaseNdlunkulu?
Bungase bujame isikhathi eside ubuholi bukaZulu
Uma ungakaboni Shenge ukuthi lelijika okumiwe kulo kumanje ngombango wobukhosi baKwaZulu lubucayi kangakanani nokuthi kungenzeka ukuthi lijamise amandla kaZulu isikhathi eside uma ungasenaNgonyama ewuholayo, yishwa lelo.
Ubani ozohola isizwe kulesi sikhathi esinzima kangaka njengoba amanqe ezulazulela umhlaba kaZulu njengoba ingxenye enkulu yamaZulu akuKhongolose engakwakwemukeli njengoNdubankulu wawo angemethemba njengoba uneqembu lakho lezepolitiki eliphikisna ne-ANC nelaziwayo ukuthi linobudlelwano obuqinile nalamankengane anqwahe nomhlaba?
Ukugxambukela
Umlando Shenge ngokugxambukela kwakho ngisho ekubekweni kwamakhosi oselwa angaphansi kobukhosi bakwaZulu ukwahlulela njengomuntu othandayo ukuthi izinto zihambe ngohlelo lwakho lwezepolitiki, esiyaziyo sonke ukuthi ingeyokujabulisa amankengane.
Namanje ngale eMsinga emaBomvini kusakhalwa ngawe ngokugxambukela njengoba inkosi eyaqokwa yiKhomishana kaNhlapho uSenzani Ngubane engakabekwa namanje, kanti nesizwe esalahlekelwa ubukhosi eMbumbulu bawela esibongweni sakwaHlengwa sisakhala ezimathonsi namanje, sisola wena njengomholi wohulumeni wakwaZulu owawubusa ngaleso sikhathi belahlekelwa yikho konke.
Kuthangana nje lokhu ngaphambi kokuba kukhothame uNdlunkulu uMaDlamini, uzwakale emsakazweni ukhuluma budedengu kabi ngokukhothama kweSilo, usebenzisa igama elithi ‘sife’, kunokuthi uthi sikhothame. Kuze kwalumela ngisho kuzakwenu eniseqenjini linye naye uSolwazi u-Otty Nxumalo othe ekhuluma emsakazweni uKhozi FM ngamazwi asetshenziswayo uma kuvele umuga onjengalo ebukhosini, wathi akushiwo ukuthi iSilo ‘sifile’ kodwa kuthiwa sikhotheme.
NjengoMntwana wasebukhosini Shenge ulwazi kahle ulimi olukhulunywayo uma kuhlonishwa umuga ovelile ebukhosini bakwaZulu kodwa ngezizathu ezithile ubuhamba uhambe ezinkulumweni zakho emsakazweni ‘ulukhohlwe’ ngamabomu, ukhulume ngokukhothama kweSilo uthi sifile sengathi kusithele umfokazana. Kithina lokhu kuveze ukuthi iSilo sikhothame usasibambele amagqubu kanti namanje noma sesithule awukasixoleli ngalokho ocabanga ukuthi mhlawumbe sasikone ngakho. Kuyishwa-ke ukubambela umuntu igqubu noma esethule.
Inkosi yaseMabomvini aseMsinga engakabekwa namanje uSenzani Ngubane, evinjwe wuHulumeni wakwaZulu-Natal ngaphansi kobuholi bukaMnu Sihle Zikalala
Ngokubuka kwethu-ke Shenge asisabuboni ubudlelwano obusekhona phakathi kwakho neNdlunkulu kaZulu. Uma bengakutsheli abasondelene nawe yishwa lelo ngoba umfantu woqhekeko usugqame kakhulu okwenza ubukeke njengesicefe manje eNdlunkulu kaZulu. Lokhu esesikubale ngenhla kuyizinkomba zokuthi isikhohlisana ihlomelene phakathi kwakho nabaNtwana. Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi iNdlunkulu ihlale phansi manje iqoke uNdunankulu omusha, ikuphumuze Shenge, kade wayihamba le ndlela.
NoMnumzane uNelson Mandela kuleminyaka osukuyo engama-93 amakhokho wayesewaphanyeke ethala kwezobuholi, esedla endala. Neminyaka isiyakhuluma manje Shenge, umqondo awusebukhali ebunkondeni bakho njengoba wawunjalo ebusheni bakho. Lokhu nje kokuthi ungayiqophi i-video echaza ngefa leSilo kuwubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi lesi sikhundla sobuNdunankulu kaZulu asisakufanele, ngakho-ke shenxa udedele omunye angene.
Lezi zinhlamba ozibhekise kubaNtwana baseNdlunkulu kaZulu esitatimendeni sakho azizintsha neze weShenge. Bonke asebeke baphakamisa isandla beshaya amakhala ngobuholi bakho kwaZulu-Natal bagcina sebechashwe ngazo, kuthiwa bangamavezandlebe kwabo.
Kwesinye isikhathi kuthungathwa amalunga noma ilunga nje elithile lomndeni elingumlandeli weqembu lakho kwezepolitiki nelingadlelani nalo muntu osecokofulwa, libe naye shaqa, kuthiwe alifafaze yonke inhlobo yamampunge le ngaye. Angithi sekuzanywa ukufakwa lo muntu isigcwagcwa emndenini ukumnqinda amandla ngokumbeka amabala ngoba nakhu eshaya amakhala ngontabakayikhonjwa onguwe.
Lana usuke usuzama ukuthi ukhombise abantu ukuthi usibanibani akalutho ngempela, buka ngoba ngisho ilunga noma amalunga athile omndeni wakhe awamthandisisi. Awube usasho ukuthi lo muntu osumcokofula yingoba engelona ilunga leNkatha, esakwehlula mhlambe uthi uyamthenga ukuba ajoyine. Uzozwa sekuthiwa umuntu wabantu uyihlongandlebe, akaleli enjalo nje. Ngolimu lwasemgwaqeni kwi-CIA lokhu kuthiwa yi: “Isolate the enemy before destroying him.”
Kunamalunga nje eqembu lakho esiwaziyo thina ngale eMsinga umsebenzi wawo okungukuhamba behlwanyela lembewu yamanga ngabantu ongabathandisisi, ikakhuluzi uma kukhulunywa ngezindaba zobukhosi ezisuke zifaka wena phakathi ngokuxova.
Asobala amagama ethu ngoba akukho soka lingenasici
Asazi-ke ngoba kunamahlebezi nawe Shenge athi awuyena owakwaButhelezi ngokuzalwa kodwa ungowakwaSibiya. Ngaphi futhi kwalemibiko enuka wena Shenge njengomuntu owaba nesandla ekukhothameni kweSilo uCyprian Bhekuzulu, la kuthiwa wena wamthatha ngenhloso yokuyomsayinisa maphepha thizeni ePitoli ngomhlaba wakwaZulu, athi uma ewafunda okaNdaba wawabona engukudayisa ngezwe lakhe emaBhunwini, wenqaba ukuwasayina. Kanti usezofakelwa ushevu etiyeni kuwo lowo mhlangano, wadunguzela waze wakhothama emva kwalokho.
Zulu King Cyprian Bhekuzulu
Kaze ubuyozizwa kanjani ukube abaNtwana baseNdlunkulu bazibuyisile lezi zinduku obashaya ngazo ngokudalula lamanyundululu.