29 Nov
29Nov

Ngu-Aya Ngubane

UKhongolose ubhekene nempi yangaphakathi, lapho kunzima ukuxosha abaholi abadlebelekayo ngoba bahamba nabalandeli futhi kungelula ukubagcina ngoba baklaya phakathi umbutho...

Qaphela intshozi: UMnu Paul Mashatile (ophakathi nendawo) Isit: Elizabeth Sejake

Nasemsebenzini akuvamisile ukuthi athi umuntu ekhushulelwa izimendlela athi cha mina ngiyabonga, ngikhetha ukwehlela ngezansi ngihole kancane. Pho ngabe kusuke sekukhale nyonini uma umholi eseqhenyela esobukhosi ekhetha esokuba yinduna?

Okuyindida ngalezi zinqumo ezingajwayelekile uma zenzeka kwipolitiki ukuthi zigcina zidale uqhekeko embuthweni, njengoba kugcine kwenzekile esifundazweni saKwaZulu-Natal ku-ANC, kukhona ababona ukushenxa esikhundleni kwalowo obenguNdunankulu wesiFundazwe phambilini uMnu Senzo Mchunu njengento obekungafanele yenzeke, base bevula ikhempu yakhe eqenjini.

Akuwona wodwa umbutho kaKhongolose ohlaselwe yilesi sihlava. Namanje akukacaci kahle ngekusasa likaNkk Helen Zille eqenjini leDemocratic Alliance njengoba bekukhona abathi akehliswe esikhundleni sokuphatha isiFundazwe saseWestern Cape. Abanye bethi akaxoshwe naseqenjini ngokulifaka ehlazweni ngenkulumo yakhe ayenza ku-twitter lapho athi kuningi okuhle umbuso wengcindezelo owakwenzela leli zwe.

Noma lesi sitatimende esenziwe nguZille sivuse okuningi ukuhhumuzela ezweni kodwa kubonakala sengathi ngalenkulumo ubengaqonde kona ukwehlukanisa iqembu leDA phakathi njengoba abanye beqagula, kodwa ubenza isiqinisekiso sokuthi abacwasi abamhlophe abasalivotela leli qembu nabo bazizwe beseyingxenye yalo. Bangadidwa wubuso bomuntu omnyama oliholayo njengamanje onguMnu Mmusi Maimane ngoba uyisichuse.

Uma uZille egcina engathathelwanga zinyathelo zokuqondiswa izigwegwe ngalesi sitamende asenze ku-twitter ngoMashi; kukhona abazokuhumusha lokhu abekusho njengomyalezo ocashile obubhekiswe kwabamhlophe eqenjini leDA ukuthi bangethuki, uMaimane akalutho eqenjini kodwa yisichuse nje sokuheha abantu abamnyama ukuze badideke babuyisele umbuso wabelungu ekubuseni izwe ngevoti.

Ngowezi-2009 kumangaze abaningi uma lowo osenguSihlalo kaKhongolose esiFundazweni saseGauteng uMnu Paul Mashatile ekhala ngaphansi ngesikhathi obengena kwesobuMengameli bezwe uMnu Jacob Zuma eqoka uNkk Nomvula Mokonyane ekubeni nguNdunankulu waso.

Kuthe wonke umuntu esamangele eGauteng ukuthi kazi unaziphi izinhlelo uMengameli uZuma ngentandokazi yabo enguMashatile, wavele wawehlisa amaphaphu ngokumkhuphulela phezulu wamenza uMphathiswa wezobuCiko namaSiko kuzwelonke.

Kanti uMengameli akabuzanga elangeni, uMashatile akazukufihla ukuthi akakwenamele ukukhushulelwa kulesi sikhundla ngokungena kulomnyango afike angakhombisi mdlandla wokuwusebenzela njengoba emva kweminyakana emithathu egcine ehoxisiwe kuso. Kumanje uphethe isikhundla esingaphansi kwaleso ayesiphethe phambilini njengoba esengu-MEC weZokuhlaliswa Kwabantu khona eGauteng.

Umbuzo onqala-ke othi ngabe yini le eyenza laba baholi bobabili bangakuthakaseli ukukhushulelwa ezikhundleni eziphezulu kuzwelonke njengoba noMnu Senzo Mchunu eke wanikwa esokuba yinxusa lakuleli emazweni angaphandle nesokuba yilunga lephalamende kuzwelonke, wenqaba.

UMnu Senzo Mchunu - Isit: Network 24

Abalandeli bakhe kumanje kwaZulu-Natal bavunwe yisinqumo senkantolo yaseMgungundlovu ecaleni ebelisingethwe amaJaji amabili omdabu waseNdiya nelilodwa lomlungu, sethulwa yiJaji elingumuntu omnyama uJerome Ngwenya.

AmaJaji uDayalin Chetty, uSharmaine Balton no Stephen J. Koen isinqumo sabo esathena i-PEC ka-ANC ukuthi ingavoti eNasrec

Uzokhumbula ukuthi kungaphansi kobuholi bakhe uMashatile la i-ANC ilahlekelwe khona ngoMasipala ababili abakhulu eGauteng okunguMasipala waseGoli nowaseTshwane, bathathwa yiDA namadlelandawonye ayo okhethweni lwanyakenye lohulumeni basekhaya. Lokhu bekuqala ngqa ukwenzeka selokhu i-ANC yaqala ukubusa kungena intando yeningi ngowe-1994.

Imibono ngembangela yalokhu ibe miningi, kodwa kugqame lo wokuthi abaholi benhlangano ebusayo babeqokele abantu abaholi abangabafuni ukungenela imikhankaso yokhetho. Kodwa noma kunjalo, kwi-ANC kuyaziwa ukuthi uSihlalo weSifundazwe nguyena okusemahlombe akhe ukuthi ashayele umkhumbi wombutho ngendlela efanele. Ngakho-ke ukube uKhongolose uke wathatha isinqumo sokujezisa abaholi abathile ngalomshophi eGauteng, uMashatile ubeyoba ngowokuqala ukufakwa amasondo. Njengoba i-ANC ingaphunyulwanga nje kuphela yilabo masipala abakhulu kuzwelonke, lo mshophi uphinde welelesa naseNelson Mandela Bay Metro eBhayi, nawo ogcine usuthathwa yiDA namadlelandawonye.

NaKwaZulu-Natal i-ANC ilahlekelwe omasipala abambalwa kulokho okwahunyushwa njengokwakubangelwe ukwesula kukaMnu Senzo Mchunu isigubhukane esikhundleni. UMchunu wesula esikhundleni sekusele kancane kuyiwe okhethweni lohulumeni basekhaya kulandela udaba olwedusayo olwalubhalwe wumhlaziyi wezepolitiki uNhlanhla Mtaka ongalithandisisi kahle iqembu likaKhongolose ephephandabeni lesiZulu iBayede.

Lo mhlaziyi wadweba isithombe esiwukuthi uma lungasukunyelwa ngokushesha udaba lukaMchunu, luyothi lufika ukhetho lo hulumeni basekhaya uyobe esedlondlobele kakhulu ngogazi embuthweni. Lo mbono walo mhlaziyi wawedukisa kakhulu uKhongolose ngoba iningi lomasipala namawadi awulahlekele okhethweni lwanyakenye lohulumeni basekhaya kwabangelwa ukuduba kwabalandeli bakaMchunu emuva kokwesula isigubhukane komholi abamthandayo esikhundleni.

Maningi amathuba okuthi uKhongolose wawungabagcina omasipala namawadi athile ukube awuyanga okhethweni usuhlukene phakathi, walinda kwadlula ukhetho lohulumeni basekhaya wase wehlisa uMchunu esikhundleni.

Nokho ucwaningo lwethu luthole ezinye izinkinga ezibanga ukudungeka kombutho kaKhongolose. Inkinga ekhona kumanje ukuthi kusenamalunga awo asazwelana nalowo owayenguMengameli wezwe phambilini uMnu Thabo Mbeki, angaqembukelanga eqenjini leCOPE uma lisungulwa ngowezi-2008. Aqubisa nje ngabomu ukulinda ithuba lokuziphindiselela uma livela ngokuhamba kwesikhathi. 

Iningi lalaba bantu, ikakhulukazi laba base-KZN, sithola ukuthi batshalwe yiqembu le-IFP kwi-ANC. Beseka uMbeki noRamaphosa nje yingoba umholi wabo, inkosi uMangosuthu Buthelezi naye ukholelwa ekuvikeleni umnotho wombuso wobandlululo nengcindezelo waseNtshonalanga, wona kanye lo osuwehluleke wancama ukudala amathuba omsebenzi selo sangena entandweni yeningi.

UMnu Thabo Mbeki noNobhala ka-ANC esiFundazweni  sase-KZN (kwesokudla) uMdumiseni Ntuli, umlando wakhe ku-ANC ongacacile kahle

Yibo laba namhlanje asebesongela umbutho ukuthi uma lo mholi abamthandayo engakhethwa kwesokwengamela izwe ngoDisemba bazoqembuka basungule iqembu labo elisha. Lo mkhankaso uholwa uMakhosi Khoza. Okubembula izinqe ukuthi lo mholi abafuna ukumkhetha, uMnu Cyril Ramaphosa, akehlukile nakancane kuMbeki ngemigomo akholelwa kuyo ngomnotho wezwe, naye ufuna ukugcina umnotho usezandleni zegcunswana labelungu.

I-ANC iyabazi laba bantu, namanje umsindo ngegama i-White Monopoly Capital usubaveze obala njengoba bephika ibhasi ibhaliwe ngokuba khona kwalo bubuthakathi. Abanye basahleli embuthweni ngoba bazi ukuthi kuyabanda ngaphandle kwawo, benjalo nje abafuni ukulahlekelwa yizikhundla nemisebenzi abaziphilisa ngayo kumanje kuhulumeni.

Abanye abangomafikizolo bavele bafike embuthweni bazikhandle kanzima ukuze benyuselwe nasezikhundleni eziphezulu, bathole nabalandeli ngoba sebengabaholi abahlonishwayo eqenjini, okuthi uma sebebona ukuthi sebenabantu abazwelana nabo embuthweni baqale badlebeleke, baphume eceleni okukajosaka uma umbutho ubafaka emgqeni.

Angithi sebeyazi ukuthi uma bexoshwa bazophuma namalunga athile embuthweni. Laba yilomkhumbi otshalwe yizitha zikaKhongolose ungena entandweni yeningi ukuze bawusebenze kancane kancane ngaphakathi okomuhlwa udla izimpande zesigxobo ukuze bagcine bewuqumbe phansi.

Noma ejoyine umbutho ebuncaneni bakhe lowo obengumholi wentsha ku-ANC phambilini uJulius Malema, ukwenzile lokhu ngokuqala umsindo ayewazi kahle ukuthi umbutho angeke wawubekezelela ngaleso sikhathi kwazise izimfuno zakhe zazingawisa irandi kanti nomnotho weBRICS wawungakazinziswa kahle, kwaBhangengodla layo lingakaqalisi nokusebenza.

Kanti ukwenza nje lokhu inhloso yakhe ukuthatha abalandeli be-ANC, isigidi sonke nokudliwayo, ikakhulukazi abentsha ukuqamaba iqembu elisha ukuze asebenzise ivoti layo ukusiza iqembu leDA ukuthatha omasipala abaphethwe ngu-ANC njengowaseTshwane nowaseGoli. Esebenzisana nalabo abamxoshayo embuthweni oMnu Cyril Ramaphosa noMnu Derek Hanekom ngoba kusoshwe lelitulo lokuqumba phansi uKhongolose ukuze izwe ligcine libuswe yiDA.

Kusobala ukuthi ozakwabo abashiye ngaphakathi embuthweni bahlose ukuqhubeka la egcine khona ngoDisemba uma behlulwa ukhetho ukuze baphungule umbutho ka-ANC ukukhulisa izibalo zamaqembu aphikisayo ukulungiselela ukubusa kweDA ngokubambisana nawo ngowezi-2024.

Baningi abakuhumushe ngenye indlela uma uMengameli uJacob Zuma ebeka umbono wokuthi umuntu ohlulwe esobuMengameli okhethweni lobuholi lwangoDisemba luka-ANC enziwe uSekela Mongameli. Abezindaba zombuso wengcindezelo bawuhumushe ngokwedusayo lo mbono uma bethi uMsholozi usho kanje ngoba esenokuthandabuza ukuthi uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma uyodla umhlanganiso, kanti kucacela noma ubani ukuthi ubenzela ukuthi kugwemeke ukusungulwa kweqembu elisha uma ekhala ngaphansi uSekela Mengameli wezwe uCyril Ramaphosa.

Kwesinye isikhathi laba bantu abayimihlwa embuthweni bavele baphenduke ovilavoco uma besebenzela uhulumeni, umnyango awuphethe umuntu angawusebenzeli ngokwenelisayo ukuze kuqubuke izinkinga zokungalethwa kwezidingo zabantu kubhikishelwe uhulumeni walo kanye leli qembu asazenza ilunga lalo kanti akaselona, usehlalele ukuqhumisa uhulumeni walo ngaphakathi njengesandla sesithathu. Lokhu ekwenzela ukunika amaqembu aphikisayo izagile zokugadla enhlanganweni ebusayo ukuzizuzela amaphuzu kwipolitiki.

Yingakho kungelula ukuthola ilunga lika-ANC lisebenza koMasipala abaphethwe amaqembu aphikisayo, kodwa i-ANC ayikugqizi qakala ukuqasha noma ubani koMasipala abaphethwe yiyo ngoba ifisa ukujabulisa labo abagxeka ukuqashwa kwabantu ngobuqotho babo emaqenjini abo, yize abagxeki bayo bekwenza lokhu emikhandlwini ephethwe yibo.

Noma lokhu kuyibeka esithombeni esihle (politically correct) i-ANC ukuqasha noma ubani oqeqesheke ngokufanele ngokwemisebenzi kwahulumeni ngaphandle kokubheka ifayela labo emzabalazweni wenkululeko, nokho lezi zinyoka zigcina ziwufake ehlazweni uhulumeni, kuchaphazeleke nesithunzi senhlangano ebusayo. Ucwaningo lwethu luthola ukuthi iningi lalabantu abantshontsha izimali kuhulumeni, ikakhulukazi ama-Municipal Managers, yilaba abavela emaqenjini aphikisayo.

I-ANC kungangcono ithole abantu abaqeqeshekile kodwa abanomlando omuhle womzabalazo engabaqasha kuhulumeni ngoba akulula ukuthi umuntu owazabalazela inkululeko waboshwa, noma waya ekudingisweni, abuye azohlukumeza bona kanye laba bantu ayebalwela ngokungahambisi izidingo zabo nokuntshontsha izimali zabakhokhi bentela. La bantu abantshontshayo kuhulumeni, ngokuthola kocwaningo lwethu, yilaba abangayizabalazelanga inkululeko.

UMashatile kumanje ungomunye wabaholi ku-ANC asebephumele obala bakuphika ukuba khona kwe-White Monopoly Capital, phecelezi umnotho olawulwa ongxuwa abamhlophe. Into eshaqise izwe lonke njengoba lokhu kungahlukene nolimi olwalukhulunywa ngabaholi bezabelo besavikela abacindezeli, bevakashela amazwe aphesheya ukuwatshela amanga awukuthi ingcindezelo eyayikhona ngaleso sikhathi kwakuyinganekwane, nakhu nje bona banezimvume zokuhambela amanye amazwe futhi bapolitika ngokukhululeka ezweni futhi ababoshwa muntu. Lezi zichuse zazinelayisense ngisho yokuthuka abelungu ukuze zidayise lamanga azo, zisho zonke izinto lezi ngohulumeni wengcindezelo, okwakuthi uma zishiwo amalunga kaKhongolse noma we-PAC aboshwe noma abulawe.

Kwakungathi uMnu Steve Biko owayengumholi weBlack Consciousness Movement uyaboniswa ngokuvuka kwabo kulesi sikhathi esiphila kuso uma ekhuza umhlola ethi: “Chabo bo, abantu abamnyama abashaye phansi ngonyawo benqabe ukuba yibhola labelungu lomnqakiswano.

                                              UMnu Steve Biko

“Lolu hlobo lwepolitiki lusimema sonke njengabantu abamnyama ukuthi simanyane silwe izimpi zethu ngendlela ethandwa yithi kunokuthi sivumele bona basitshele ukuthi izinkinga zethu zingaxazululwa kanjani.

“Akekho umholi wezabelo ongangitshela ukuthi wenza okuphuma ngaphakathi kuye uma ezifaka kwipolitiki yokujabulisa abelungu. Uma uvumelana nabamhlophe kuleli zwe ungumuntu omnyama ohloniphekile, obona kuyisibusiso ukuholwa ngabelungu...abezindaba baseMzansi bahlala besakaza uhide lwezindaba ezinhle ngawe nokushoyo ngoba wakha isithombe esihlanekezelwe emhlabeni sokuthi yonke into iqondile kulelizwe kube kungenjalo.” Ekhuluma ngalaba baholi asebezibiza nge-CR17 namhlanje.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING