16 Nov
16Nov

UMnyango wezeMpilo kwaZulu-Natal ubuphume umkhankaso uqwashisa intsha ngezinkinga zokukhulelwa kwayo isesezikolweni...

Intsha ixwayisiwe nangokuzifaka ebudlelwaneni nabantu abadala kunayo, omfulengashi, lokhu okubuye kubizwe ngama-blesser ngenxa yobuhlwempu.

Amantombazane adonswe ngendlebe ngengozi yokuphunza komuntu osemusha uma ekhulelwe, kwakhuthazwa nezinhlaka zemiphakathi ukuthi zibambe iqhaza ekwakheni intsha enekusasasa eliqhakazile…

Isibhedlela i-Church of Scotland besisemkhankasweni waso wokuqwashisa intsha ngengozi yokukhulelwa kwayo isesemabangeni aphansi ezemfundo.

Kulo mcimbi bekumenywe abazali, amalunga omphakathi aphethe izikole (SGB), abaholi bentsha, osonhlalakahle, amakhansela endawo, zinduna nabezindaba ukuba balekelele ekusabalaliseni umkhankaso wokuqwashisa intsha ngengozi yokukhulelwa usemncane.

Isikhulumi sosuku bekungu-Nkk P.C Mbatha oyi-District Clinical Specialist: Advanced Midwife obezocacisa kabanzi ngezindlela zokugwema ukukhulelwa kwentsha. UNkk Mbatha uthi inhloso yalo mkhankaso ukubandakanya zonke izinhlaka zomphakathi ukusebenzisana nokuba ngumzali wanoma iyiphi ingane edlebelekayo ukunqanda lesi sihlava.

Babalelwa emakhulwini ayisi-900 abantu bendawo abathamele le mikhankaso, ikakhulukazi abafundi base-Zenzele nabase-Mbonja High njengoba uMnyango wezeMpilo.bewethula ngeminyango ngeminyango izinhlelo zawo ezahlukahlukene zokuqwashisa intsha.

Bekuxwayiswa intsha ukuthi ukukhulelwa usemusha kungaholela ekuphunzeni nokufa komuntu imbala.

UMnyango wezeMpilo uhlomise intsha ngamasu amaningi wayazisa nangezinsiza ezinqala onazo ezitholakala emitholampilo yawo okumahhala ukugwema ukukhulelwa okungahleliwe.

Umkhankaso okuthiwa yi'Happy Hour' wasungulelwa kona ukubhekana nezinselelo zentsha. Ukwenza isiqiniseko sokuthi umyalezo woMnyango uyezwakala entsheni bekubuzwa imibuzo kubafundi ngaleso naleso sihloko okukhulunywe ngaso, kuthi labo abaphendula ngokufanele banikwe izipho ngokulalela kwabo.

Intsha idonswe ngendlebe ukuthi isikhali sayo esikhulu ukulalela uma ifundiswa bese ilandela iziyalo zabadala ukuze ibe nekusasa eliqhakazile.

Baxwayiswe kabanzi ngokukhulelwa okungahleliwe base bexwayiswa futhi nangokungavumeli ukuhlupheka kubafake ebudlelwaneni nabantu abadala kunabo, phecelezi omfulengashi (labo sikhotheni okuthiwa amablesser)


I BUILT MY SITE FOR FREE USING