28 Nov
28Nov

Ngu Aya Ngubane

Izimpimpi akubona abantu okuthi uma kukhulunywa ngabo kukhulunyelwe phezulu. Uma abantu sebekhuluma ngezimpimpi ubezwa sebehoshozela bekhulumela phansi ngenxa yokuthi kuthiwa zikwazi ngisho ukuhogela izindaba ngomoya, zizithuthe ziziyise kwabangafanele ukuzizwa...

Abese behlakaniphile ngesikhathi sombuso wengcindezelo futhi besemadolobheni bazokuqondisisa kahle ukwesatshwa kwezimpimpi, ikakhulukazi lezi ebezisebenzela umbuso wobandlululo kwipolitiki.

Uma ukhuluma ngophiko lweCCB (Civil Cooperation Bureau), phecelezi iSpecial Branch, bekuqhaqhazela amadolo endodeni ngoba bekwaziwa ukuthi sekukhulunywa ngokufa uqobo lwako. Laba bekungabasocongi abebenelayisense yokubulala labo abalwisana nohulumeni wobandlululo eMzansi.

Kanti uma kukhulunywa ngempimpi yasemsebenzini kuba khona ukunximfa nokutshaka amathe kwabathile ngoba kusuke sekukhulunywa ngenyoka exoshisa abantu emsebenzini ngokubanyundela kwiziphathimandla.

Abadayisi laba bahlukahlukene ngemikhakha yabo yize bona benza umkhuba ofanayo. Nezinhloso nomnyombo wemisebenzi yabo inemisuka engafani. Ake siqale ngokuhlaziya laba basemisebenzini.

Ngesikhathi sokubusa abantu nge-divide and rule emafemini, phecelezi ukuklaya abantu abaningi phakathi ubenze bengezwani bodwa ukuze ukwazi ukubalawula uwedwa, bekusetshenziswa onkomedlayodwa ukwenza la manyala. Ngaleso sikhathi abelungu bebevamise ukuphatha amafemu ngababili, kuthi  lo omunye azenze onomusa lona omunye abe nolaka, angangeneki kubasebenzi. Lolu hlobo lokulawula abantu emsebenzini belubizwa nge-wife and husband approach, phecelezi indlela yabazali yokulawula izingane abazikhulisayo.

Emndenini izingane zikhalela kunina wazo uma kukhona ezikufunayo ngoba zesaba uyise njengomuntu okunguyena ovamise ukuziqondisa izigwegwe uma zonile. Ngobungane bazo zona azazi ukuthi unina lo ezikhuluma naye uzoyocela futhi abonisane ngalokho ezikufunayo noyise. Besekuba sengathi kuzona onina yibona abazithanda kakhulu izingane kunoyise kanti cha, indlela nje le yokuzikhulisa.

Nokho-ke obaba besimanje bahambe bayibona le nto ukuthi ibenza baxwaywe zingane zabo, kwesinye isikhathi zigcine sezibazonda njengoba besekunesisho esithi ubaba uyababa kanti intandane enhle ngumakhothwa ngunina, ngoba kwaziwa ukuthi ubaba uhlala ehlinile nje elinde iphutha elizokwenziwa yingane, ayibhaxabule.

Obaba bamanje abasayingeni eyokubhaxabula izingane. Sezishaywa yibo onina laba ngoba oyise abasafuni uma beqhamuka izingane zabo zihongqobale njengakudala, zingakhululeki.

Nasemsebenzini-ke bekuyiso leso ngesikhathi sombuso wobandlululo kanti namanje kusekhona amafemu asashaya ngonyawo lwakudala. Ubezwe abantu sebethi cha uMnu Smith unomusa impela kunoMnu Odendaal ongangeneki kanti yinto nje le abayihlelile onkabi ukuthi bayenzele ukuthi uma ninezinkinga nina basebenzi nigijimele koyedwa wabo kanti nguyena kanye Smith lowo ozothutha zonke lezo zinto enizishoyo aziyise ngale ku-Odendaal, bapansane esithe nina ningababoni bathi impela isabambe ngako.  

Umlungu ophethe bekuthi uma niselantshini anibukisise kahle endaweni la ningamboni khona, aqaphelisise ukuthi obani abahleka noma baxoxe kakhulu kunabanye.

Aqaphelisise futhi nokuthi obani abayizinkomo ezidla zodwa, abangakuthandisisi ukuncokola nabanye abantu. Sekuzothi inkomo edla yodwa le ayilandelisise umlungu ukuthi ayithandi nje ukuzihlanganisa nabanye abasebenzi ngobani.

Ayixoxaxoxise okungasho lutho kanti useyayisesha ukuthi kungabe idla yodwa nje yingoba ayibathandisisi ngempela yini abantu bakubo noma umthetho wayo yilolu hlobo elingakuthandisisi nje kwanhlobo ukuncokola nabantu.

Isikhathi esiningi inkomedlayodwa yilolu hlobo lwabantu olunomona, olungenza noma yini ukuzithola liqhwakele phezulu ezikhundleni ngokungafanele.

Nomsebenzi wayo uthola ukuthi uyanyantuzwa, idla yodwa nje iyaqanganisa ukuthi uma kungake kugudluke usibanibani emsebenzini mhlawumbe ubuvila bayo angeke busabonakala.

Yibo laba bantu abebejwayele ukuqashwa babe zinduna noma zimfolomane emsebenzini ukuze babe zimpimpi zabaphathi emafemini ngesikhathi sombuso wengcindezelo. Nithi nimazi kahle ukuthi umuntu uyamehlula umsebenzi akhwezwe phezu kwenu, anivuruvaye kube wumhlola. Kuthi zibulaleni nihlezwi emadevini wuvila voco enimazi kahle ukuthi yinwebethoni engenamsebenzi walutho.

Abaqashi bebebathanda kabi laba bantu ngoba yibo ebebebagadela 'nosusuthuli’ bezinyunyana.

Nakwipolitiki bekunjalo. Amagwala abesaba ukufa yiwo abedotshwa kuqala. Njengoba kulula kangaka nje ezitheni zaleli zwe ukuxova uMzansi Afrika yiko ukuthi abelungu bathatha amazwe ayisi-9 bawenza izwe elilodwa, lapho sekunezilimi ezili-11 ezikhulunywa zinhlanga ezahlukahlukene. Lokhu babekwenzela kona ukusilawula kalula njengoba uMzansi Afrika ucebe kakhulu ezimbiweni.

Izwe elingumakhelwane wethu nelinomnotho ozinzile iBotswana izinze nje kungenxa yokuthi ngabeTswana bodwa aliphethe. Ukube kwakuzinhlanga ezahlukahlukene ezilakhele ngabe omaxova kade baliklaya phakathi njengelethu, abantu balwa bodwa ngobuhlanga bebanga umnotho. Ngaleyo ndlela ezweni elifana naleli lethu kulula ukuqembula abantu phakathi usebenzisa ukwehlukana kwabo ngamasiko, ulimi olukhulunywayo nangenkolo abayilandelayo.

Yiko lokhu esikubona kwenzeka ePhalamende njengamanje, kukhona abasikaza uMengameli uJacob Zuma ngejozi ngoba nakhu nje akha umnotho omusha ozogudluza lo waseNtshonalanga osekuphele amakhulu eminyaka wehluleka ukushintsha izimpilo zabantu abansundu.

Umdayisi oyingozi kakhulu yilo ophatha amakhadi amaningi noma kwesinye isikhathi aphathe elilodwa lalenhlangano ayikhohlisayo kanti udlalela isitha sayo.

Bakhuthele kabi laba bantu. Bayihamba yonke imihlangano yeqembu abalikhohlisayo ukuze bacoshele konke. Kuye kuthi lowo ongamboni lo mdayisi amthathe njengomuntu okhuthele nje ngoba ethanda iqembu kanti akunjalo, wenzela ukucoshela yonke into eyenziwayo  ngaphakathi embuthweni ukuze ayidlulisele phambili.

Abenqeni ngisho ukuthela uphethilolo wabo ezimotweni bethi basiza iqembu kanti lowo phethilolo uqhamuka esitheni esibakhokhelayo ukuze bathenge ukwethembeka emalungeni eqembu abalikhohlisayo kanti bayizinyoka.

Obephethe ezobunhloli kwi-African National Congress KwaZulu-Natal nongasekho emhlabeni uMnu Harry Gwala ubengafuni nakuyibona  nje impimpi. Ubala ngisho kuthiwa kushube kanjani endaweni ohlala kuyona, engafuni umuntu aphathe amakhadi amabili ngoba ethi angeke esakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenqindi nesibhakela.

Omunye futhi kwi-ANC obekuthi akabuyise uma ebona impimpi bekunguNkk Winnie Madikizela-Mandela, naye ezingamnike thuba izitha zakhe zombuso wobandlululo kumanje njengoba zilwa nokuthi angatholi ngisho indibilishi le emafeni owayengumyeni wakhe nongasekho emhlabeni uMnu Nelson Mandela, okuyimpindiselo yazo ngokuzithwesa kanzima ngesikhathi somzabalazo wenkululeko.

Injongo yalaba badayisi kusuke kuwukuketula umholi othile isitha esisuke simazi  kahle ukuthi iqembu lethembele kuye futhi uqotho. Umsebenzi wabo ukwakha ifu elimnyama phezu kwalomholi nokutshala intandabuzo ngobuqotho bakhe ukuze ekugcineni alahlakelwe abalandeli, agcine ekhishiwe nasesikhundleni.

Umholi osezanywe kakhulu ngaleli tulo ephunyuka nguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma yilabo ayelwa nabo ngesikhathi sombuso wobandlululo, abasambambele igqubu yena kanye noMnu Chris Hani ongasekho ngoba yibo ababesekhaleni lokubamba izimpimpi zabo nasekudingisweni, bazijezise. Benjalo nje futhi yibo ebebehola izimpi zikaKhongolose ngaphandle kwezwe ezazibhekiswe emasosheni ombuso wengcindezelo ngaphansi kophiko loMkhonto Wesizwe.

Balwe kakhulu noJonas Savimbi we-UNITA e-Angola elekelela abacindezeli ukulwa neMPLA ebiholwa ngosenguMengameli wakhona njengamanje uMnu Jose Eduardo Dos Santos ukukhulula leliyazwe.

Jonas Savimbi and his apartheid regime handlers

Okuthe esebona uDos Santos ukuthi umhlaba usumnciphele uSavimbi nabaxhasi bakhe sebemhlamukile wamnxenxa ukuthi kubuyiswane kodwa wagoloza ubala. Ekugcineni watholakala esebungelwe zimpukane emahlathini ase-Angola, abalandeli bakhe bengasabonwa nangokhalo.

Noma sekuqashwa izimpimpi zobandlululo bekusetshenziswa lona leli nxeba ukwehlukanisa abantu phakathi ngobuhlanga. Phathaphatha uma kuqubuka umsindo ngokunyuselwa amaholo emsebenzini uzwe iphumalimi selithi: “Yeyi nina MaZulu, anoqapha eqolo njengonwabu ngoba abeSuthu abanifuni la efemini.” Uyafika ngale uxovizwe kubeSuthu usho okufanayo ukuze nihlale nigadene nodwa ukuthi ubani ozogadla kuqala.

Ngaleyo ndlela sekuba lula kuye umlungu ukunilawula ngoba anisethembani. Nabaholi laba bezabelo bakhandwa kanjalo ngesikhathi sombuso wobandlululo. Ngaphandle kwabo kwakungeke kube lula ukuthi iqeqebana nje labelungu elibalelwa ezigidini ezi-3 lilawule izigidi ezingama-40 onke abantu abansundu ngaphandle kosizo lwabadayisi abangabantu abamnyama. Abacindezeli babedinga abelekeleli njengoba abaqashi bedinga zona izimpimpi emsebenzini ukulawula abasebenzi abaningi kunabo.

Kwathathwa amakhosi ahlonishwayo agqokiswa iziqu zobuDokotela engafundile, kwathiwa awakhulume isiNgisi esikhulu adide izingqondo zabantu asize anamaBhunu ukuhubha izishoshovu zomzabalazo wenkululeko. Izingane zabo  zathathwa zayofundiswa phesheya kwezilwandle, kodwa lezi zabalandeli babo beziyisa empini yombangazwe. Bethi uma bekhohlisa abalandeli babo bethi ungcono kabi uhhafu wesinkwa esandleni kunokungatholi lutho kodwa uma ubuka izimvuthuluka ababeziphethe ubona nje ukuthi ayifiki ngisho ekoteni lesinkwa lento abaqhosha ngayo.

Ungaziqhenya kanjani ngokushushumbisa abantu okwezinkomo zasemadeleni ubayise emadolobheni nasezimayini, ubatshele ukuthi uma beshaywa ngumlungu bangaviki ngoba kuzofa iwashi lakhe? Ubatshele ukuthi uma abantu basemalokishini betelekile bona bakhwele izitimela nezagila bayofukula umnotho womcindezeli ukuze badle lowo msebenzi wabanye abantu?

Ungaziqhenya kanjani ngokusiza abelungu ukuthi bavalele abantu ezinkomponi ezifana namahostela unyaka wonke umuntu engawazi umndeni wakhe egqilazwe wumqashi wena njengomholi wabo ube unethezeke kamnandi mihla le nonkosikazi wakho emzini wakho kanokusho?

I-half a loaf enjani  le ebihlala igquma abantu emajele ngenxa yokufunwa ipasi nesipesheli, abantu bengavunyelwe ukunyathela emadilobheni ukusukela ehoreni lesishiyagalombili ebusuku kuze kuse. Abantu behlukunyezwa kodwa bethi banabaholi ababalwelayo ngamasudi nothayi. Bengavunyelwe nokubhukuda la bethanda khona emabhishi. Ezitimileni kune-first class yabelungu ne-third class yabantu. Bese kuthiwa abantu abashaye ihlombe babonge le ncumbe yamakhehla utshwala bukhona.

Kwehluke kuphi lokhu emkhubeni onyantisayo owenziwa yinkosi yakwaMandlakazi uZibhebhu kaMaphitha mhlazane eqephula ingxenye ethile yamaZulu eyowadayisela amaNgisi ukuthi avukele umbuso weSilo uCetshwayo ukuze kuphele nya ngombuso wakwaZulu ngoba nakhu nje yona (inkosi yakwaMandlakazi) izazi kahle ukuthi iyisehluleki.

King Cetshwayo

UJininindi Omnyama - okuyizithopho zeSilo uCetshwayo kaMpande, owajijimeza ngeklwa amaNgisi wawehlula empini yaseSandlwana zingama-22 Januwari 1889 ehlome ngezibhamu nangabadayisi abangabantu abansundu ababeholwa yinkosi eyisihlobo sakhe uZibhebhu kaMaphitha owayesephenduke isitha sakhe ngoba egaqele isikhundla sokubusa. Wena owabona isigebengu sonkosikazi waseBhayibhelini esasintshontshe ingane yomunye unkosikazi phambi kwenkosi uSolomoni sikloloda sithi: “Mklaye phakathi Ndabezitha, kungangcono simswele sobabili.”

Zonke izimpimpi zombuso wobandlululo nabadayisi bekuyiminyewu esaba ukufa nehlulwa wumzabalazo ehlathini ibuye isizothi: “Basi wami ngelekelele, nakhu ngehlulwa ontangayethu ekweluseni, ngifisa ukuziphindiselela.”

Asuke uZibhebhu akhohlise abalandeli bakhe athi naye uyiqhawe, ubelwa namaNgisi kodwa esho kade ephethe izibhamu zawo edubula ngazo abafowabo bephethe imikhonto ngenhloso yokuphanisa ngezwe esitheni.

Ngoba nakhu yena uZibhebhu wayesehlulekile ukulwa namaNgisi manje wayesebona ukuthi kungcono wonke umuntu ongumZulu abe yincelebane yawo, lihambe kanjalo-ke elikaMthaniya ukuze neSilo uCetshwayo siphenduke isikhonzi.

Wakhuza ibhadi uJininindi Omnyama waqoma ukufa nokuboshwa wagwaza kwasani wayinqoba leyo impi noma yase isihlome ngabadayisi. Namanje uma bengavuka laba baholi bobabili balwele ivoti, esathunywa ugwayi sabuya neboza esingavotela umdayisi onguZibhebhu. ISilo uCetshwayo singazidlela amahlanga.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING