Ngu Sbu Ngubane
Uziphoxile uSolwazi u-Otty Nxumalo ezama ukuvikela umlungu osolwa ngokuhlukumeza amalungelo abantu uMnu Erlo Stegen laphaya eKranskop ehlazweni elisanda kuvela emithonjeni yezindaba ngofakazi asebedalulele i-Commission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural, Religious and Linguistic Communities (CRL), ngokuhlukumezeka kwabantu abamnyama abahlala nabasebenza kuleliya pulazi elibizwa nge-Mission yakwaSizabantu. Kuze kwavela nokuthi indawo yakwaSizabantu iyi-cult (umhume wabaphangi) ozishaya sankonzo esiza abantu abampofu ukufihla imikhuba kaSathane...
Umhlaba wawokhokho kwaSizabantu: Isibonelo esiqanda ikhanda ukuthi inkolo isetshenziswa kanjani ukuqola abantu imihlaba yabo o'Msamariya' abangalungile
Ngokwazi kwami njengomuntu ozalelwe emaBomvini, budebuduze neKranskop, okuyindawo eyakhelene nenkosi yakwaDlomo eMakhabeleni, amahlazo akwaSizabantu kade aba yigunundu elixoxelwa phansi kuleya ndawo ngoba abantu bakhona bakhuliswe ngenkololoze yokukhwingcela abelungu imisila.
Le ndawo incikene kakhulu namaBomvu akithi aseKranskop, angaphansi kwesiFunda-nkantolo saseMvoti nabuye aziwe ngabakwaMambulu noma phecelezi kwesikaKhomba. Esinye isizwe esincikene nalendawo futhi oNgcolosi, abakwaBhengu. Inkosi yokuqala ukubusa kuleya ndawo yakwaMambulu wukhokho wami inkosi uSibindi Ngubane oke wabambela inkosi uNyoniyezwe isakhula emaBomvini aseMsinga ngesikhathi sempi yenkosi yakwaZondi uBhambatha eminyakeni yawo-1906.
USibindi ka Nduluzana ungowokudabuka eSiphindeleni khona eMabomvini phansi kwentaba uMbizana laphaya eMsinga esigodini sakwaPhakwe, kodwa owagcina esenomhlaba olimekayo laphaya ngaseKranskop, lona osubizwa ngendawo yakwaMambulu namhlanje.
Le ndawo yamaBomvu izungeza idolobha iKranskop, igudlane neyakwaMaphumulo ize iyofika eNjengabantu ngaseDalton, uma usuqonde eMshwathi. Kanti iciko elaziwayo elicula uMaskandi elidabuka kulendawo uMjikijelwa Ngubane ongasekho. Lo wamhlaba akhe kuwo uStekeni (Stegen) ungowabantu, ngakho-ke kumele ubuyiselwe kubanikazi bawo. USolwazi uNxumalo akehlukane nalomkhuba weNkatha wokuhlobisa ihlazo lo mlungu noma selibonwa nayingane encane.
UMnu Erlo Stegen: Izinyembezi zabantu aziweli phansi - ukububula kwabo kuzwakele eZulwini
Ngithe ngihambele imbizo kahulumeni we-ANC obuvakashele oThukela ulethe intuthuko ngowezi-2007 ngiphelekezele uKhansela ka-ANC ku-Ward- 12 ebenginguNobhala wakhe uMntwana uKhetheyakhe Ngubane ngahlangana noMnu Blessing Sincuba, obengumphathi weKhwezi FM emkhakheni wokusakazwa kwezindaba ngaleso sikhathi, okuwumsakazo obusakazela khona laphaya epulazini lakwaSizabantu.
Ngabe sengimncoma uSincuba ukuthi muhle kakhulu lo msebenzi abawenzela umphakathi wasemakhaya, ukuwulethela umsakazo oqondene nawo ngqo. Ngabe sengimxoxela nokuthi ngiyintatheli nami esimnkantshubomvu esohlelweni lokusungula iphephandaba ezaseMsinga ngokuhamba kwesikhathi, kodwa okuwumkhakha ebengisawu-researcher ngaleso sikhathi. Kwamthokozisa kakhulu lokhu uSincuba, owabe esengicela ukuthi njengoba ngingakaqali nje kunganjani uma nginesikhathi ngike ngibasize ngibacoshelele izindaba endaweni yaseMsinga ngoba abanayo i-correspondent ngakhona.
Akuphelanga sikhathi ngathola imibiko ivela emithonjeni eyahlukene ukuthi iqembu leNkatha lishaya amakhala ngoku-freelancer kwami ngoba “IKhwezi FM ngelabo”. Ngabuzisisa emithonjeni yami ukuthi basho ukuthini ngokuthi lesiya siteshi esabo? Kwathiwa bachaza ukuthi isiteshi se-IFP lesiya. Ngaqala ngakuphenyisisa lokhu.
Engakuthola ukuthi uMasipala waseMsinga ufaka ezishisiwe izimali ukhangisa laphaya, kodwa lokho kukodwa kungachazi ukuthi isiteshi sekungesabo ngoba imali ababekhangisa ngayo izinhlelo zikahulumeni eMsinga ibingaveli eqenjini labo kodwa ibivela kwibhajethi kaMasipala, okuyimali esuka kuhulumeni wesiFundazwe ka-ANC.
Ngaze ngenza ihlaya ngalokhu ngitshela omunye owayekhona kuncokolwa ngalolu daba, ngibuza ukuthi iNkatha ingayiqomisa kanjani intombi ngemoto yenkampani ishaya sengathi eyayo? Ngichaza ukuthi iNkatha iyazikhohlisa uma icabanga ukuthi ngezikhangisi nje ezikhokhelwa ngemali kahulumeni we-ANC isingenza isiteshi kube esayo. Kanti angibuzanga elangeni, ngizothi uma ngiphenyisisa ngithole ukuthi nomnikazi wesiteshi uStekeni uyiNkatha. Ngaziqhelelanisa lapho-ke neKhwezi FM.
Okunye osekuphinde kwavela futhi ukuthi isiFundazwe saKwaZulu-Natal sekunesikhathi siholwa amalunga eNkatha atshalwe ngaphakathi embuthweni njengezinhloli ngevoti lika-ANC.
Qaphela lokhu-ke. Eminyakeni edlule kuke kwavela isikhala somuntu ozosakaza uhlelo ‘UNkulunkulu nomuntu omusha’ oKhozini FM. Lowo owabe ephethe ezenkolo emsakazweni nowayethungathana nekhono kwabe kungu ‘Mfundisi’ uVusumuzi Zulu. Ngokwazi kwami uZulu lo ungomunye wabaphathi siteshi onobudlelwane obujululie neqembu leNkatha.
Ekuthungatheni kwakhe ikhono lomsakazi omusha ka ‘Nkulunkulu nomuntu omusha’ wagcina lelo ‘khono’ elivumbulule khona laphaya kwaSizabantu, waqasha ilunga lesonto lakhona elaziwayo u-Irvin Sihlophe. Yena kanye lo ogcine esebizwa ngo-DJ Amen, okumanje usekwezemidlalo. Kukhona umlaleli woKhozi FM obhalele iphephandaba iSolezwe ezinsukwini nje ekhala ngaye ukuthi uyabalalisa. Namhlanje seniyazi nonke ukuthi kungani uKhozi FM selwaziwa njengesiteshi seNkatha.
Laphaya eTugela Ferry leli sonto linegatsha elizibiza nge-Rock of Life Church engigcine liphethwe ngozibiza ngo ‘Mfundisi’; uMnu Barney Mabaso. Ngithi ngozibiza ‘uMfundisi’ ngoba angibubonanga nhlobo ubukholwa mina kuleya ndoda.
UMabaso ungumnikazi weSpar esibizwa ngokuthi wuKhonzinkosi khona laphaya eTugela Ferry. Ungomunye wosomabhizinisi abancikene kakhulu neqembu leNkatha nowenqaba waphetha ukukhangisa ephephandabeni ezaseMsinga Newspaper ngoba lenqabile ukuba wugubhu lwe-IFP yize indodakazi yakhe engumphathi kulesiyasitolo yayingenankinga.
UMnu Barney Mabaso noMnu Zwakushiwo Ngubane oyiKhansela le-IFP ku-Ward 13
Njengephephandaba ezaseMsinga sike sathola imibiko ethi leli ziko likaMabaso elisoThukela lingo ’dlozikalikho’, phecelezi liphikisana nabantu abahlabela amadlozi kanti ngale eKranskop uStekeni yena kuthiwa uthi bamukelekile nabantu abahlabela bakhonze namadlozi ‘ngoba uNkulunkulu ungowababonke abantu’. Kuyindida lokhu kuphikisana kwalamadoda ngomgomo wenkonzo akuyo.
Lokhu kuphambana kwezinkulumo zalaba ‘befundisi’ baleli bandla elilodwa kufakazelwa yinqwaba yabantu abanolwazi olunzulu ngemikhuba yakhona. Kunamahlebezi athi uMnu Stegen noMnu Mabaso abasakhulumisani kwanhlobo ngenxa yokungaboni ngaso linye kodwa uma ufuna imbangela yalokhu awuzitholisisi izimpendulo eziqondile. Uma ungena kwiFacebook page yendodakazi yakhe uNkk. Maphi Sibiya kubhalwe ukuthi ifunde khona laphaya esikolweni sakwaStegen eKranskop iDomino Servite School, okukushiya nombuzo-ke ukuthi ifunde kanjani laphaya indodakazi uma uyise engasazwani noMnu Stegen.
Inkosi uMangosuthu Buthelezi nomngane wayo omkhulu uMnu Erlo Stegen
Imvamisa osomabhizinisi abavamise ukushaya ngalolu nyawo, ikakhulukazi uma kukhona umkhuba abaphezu kwawo ukudidisa amakhasimende abo bezenza izimbangi bengezona. Umkhuba lo osudlalwe ama-Democrats nama-Republicans eMelika iminyaka kushaywa abantu bakhona ngemfe iphindiwe. Bethi beyiqembu elilodwa bazihlukanise phakathi bazenze izimbangi ezingabhekani ukuze kudideke abalandeli babo.
Inhloso kulokhu kusuke kuwukushintshisana ngombuso sengathi kunentando yeningi ezweni kanti akunjalo. Yingakho nje ngaso sonke isikhathi makudlalwa lo mdlalo wedemokhrasi yaseNtshonalanga kuhlala kunamaqembu amabili amakhulu aqophisanayo ezweni kodwa okuthi uma usubukisisa imigomo yawo yepolitiki uthole ukuthi iyefana, omabili lamaqembu akhuza isiqubulo esisodwa sobuKhephithali. Senizogendwa-ke nina bavoti phambi kwamakhamera kwenziwa sengathi inkulu impi eliwayo yempikiswano kanti cha, kuthiwa “khethomthandayo phakathi kwethu ngoba wena awazi ukuthi siyinto eyodwa.”
Uma nibhedelwa yilo nizobalekela kuloya enicabanga ukuthi akezwani nalo enisuka kuye, kanti nisuka epanini niyongena dlwa emlilweni. Kwesinye isikhathi nididwa umehluko wegama nje lo mkhoshosho olisebenzisayo ukunifaka ebhodleleni noma ibala lesikhumba esiwubuso walomshikashika.
Sebefile abantu baseMsinga yisomiso becindezelwe yiBhunu elimnyama abalethembayo ngoba nje lazalwa linesiqu esifana nesabo. Abaliboni nhlobo ukuthi iBhunu elimnyama leliya. Lidlala lo mdlalo wokukhulisa abantwana. La ingane ivele icebe uyise kunina kanti uyise ubeyishaya nje yona ayazi ukuthi ubethunywe uye kanye unina lo ozogcina eseyishushuzela.
Siqale lapho-ke ukulunakisisa uhambo lwakwa Rock of Life Ministries. Sithe sisuka sathola imibiko ethi uMabaso uchitha amadlozi nje ngezintshumayelo zakhe enkozweni umthetho wakhe uyasigqoka yena isiphandla, kodwa usifihla ngehembe elinemikhono emide.
Omunye wazifikela mathupha la sisebenzela khona eFerry wathi kuthiwa ebusuku bangayizolo (umthombo uzofika kithina) uMabaso ubehamba eboleka izingqoko (iziqwembe lezi zokuqobela inyama ngokwemisebenzi yesintu), ngenhloso yokwenza itiyana lokubonga amadlozi isinyenyela.
Konke lokhu besivele sikuhleke nje ngoba abantu bebesilethela lezi zindaba bengazi kuthi thina asizishicileli izindaba ezingobuka: ‘sihlobe ngehlazo okwembuzi’. Ngamanye amazwi asikona lokhu okuthiwa ama-‘tabloids’, phecelelzi oshwashwi. Sigxile ezintweni ezakha isizwe nomphakathi qha. Besize simtshele umuntu osilethela lezi zindaba ukuthi yimaphi amaphephandaba aqondene nalezo zindaba.
Kanti nangale kwalokho, akuyona into esiyibeke eqhulwini ukugxeka amanye amakholwa noma abantu, ngaphandle uma usuyilesi sisende ngale kwaNongoma okuthiwa yisikhuxu, into engasanabukeliseki.
Kuyathokozisa nje ukuthi no Mnu uStekeni ugcine edalulwe wumlungu wakubo ngenkohlakalo yakwaSizabantu ngoba ukube bekungumuntu omnyama lona ompetule izinqe ubuzozwa ngazo kuqala izinkothangqoko zabelungu sezithi nango-ke umuntu omnyama esedakwa wumbuso, eseluma isandla esimphayo. Umangale nje ukuthi umuntu angakwemuka kanjani umhlaba wakho bese kuthiwa uyisandla esikuphayo.
Nango-ke esebadayisa uSolwazi uNxumalo ngokuzama ukugeza umnsinsila weJudambumbulu iphunga selishise izikhotha kwaze kwayohanguka neziseDlebe, kwasho isisho sesiZulu.
Abanye abantu bayoze befe bethandaza umlungu: uProf. Otty Nxumalo
USolwazi uNxumalo yilunga nesikhulu esiqavile se-IFP esike sasebenza ngaphansi kukaHulumeni wesiFundazwe usaphethwe yileli qembu. Waphuma kwaHulumeni elandelwa elimnyama ifu kulahleke izimali ngaphansi koMnyango ayewusingethe. Manje uma esevela kwabemithombo yezindaba ezama ukufulela indlu okudala inethela abengabadi usezithele ngehlazo.
Noma kuthiwani, kukhona okushaya idadamu laphaya kwaSizabantu. Awuzifuthi ngesibulalaphunga ikhwapha linganuki.