18 Sep
18Sep

Ngu Sbu Ngubane

Ukwakheka Komuntu...

Umuntu wakhekhe kabili. Noma asithi nje uziqu-zimbili. Udonga lolu olugqokile oluyinyama kanye nomoya onguwe qobo lwakho ngaphakathi kwalo kwakhe umuntu. Cabanga isimo sofudu negobolondo lolu oluhlala ngaphakathi kwalo. Nomuntu wakheke kanjalo-ke ngokwenyama nangokomoya.

Inyama le oyigqokile nekwenza sikubone ngamehlo enyama futhi sikuzwe noma ukhuluma nathi iyehlukana nomphefumulo wakho uma uzunywa ubuthongo, ibe sesimweni esiphakathi kokufa nokuphila. Ebuthongweni awuhambi wonke umphefumulo njengasekufeni, ingxenye ethile yawo ephumayo ivakashe, kusale omunye. Uma ulale uphethwe yizinyo uzokhumbula ukuthi awube usabuzwa ubuhlungu balo ngesikhathi usazumekile.

Ubuthongo buhlobene nokufa, umehluko mncane kakhulu. Usekutheni uma uthathwe wubuthongo bona buyakubuyisela emzimbeni wakho izintatha noma ekuseni noma unyakaziswa wumuntu, kanti ukufa kona kuhamba nomphefumulo wakho amasolokohlo.

Uke wazumeka nje wubuthungo, njengasekufeni, uyaphuma-ke lo muntu onguwe ngaphakathi kwegobolondo lomzimba wakho, azulazule emhlabeni nasemkhathini. Uyakwazi futhi nokuvakashelana nabakini abangasekho, abangani nabantu nje obaziyo abangasekho ngephupho. Akulona iqiniso ukuthi uma uke waphupha umuntu ongasekho efuna ukukuthatha ngemoto nivakashe usuke ekulandile. Yilolu hambo-ke olubizwa ngephupho.

Iphupho lingakuthatha lize likufikise naphesheya kwezilwandle kwesinye isikhathi. Bakhona nje esebazi ko-Dubai bengakaze bafike khona ngokwenyama.

Kwesinye isikhathi uke uziphuphe undiza okwengelosi noma wenza izinto owazi kahle ukuthi esimweni senyama angeke wakwazi ukuzenza. Angithi ephusheni usangelosana engaqede bungelosi. Usesigabeni esiphakathi kokufa nokuphila. Awusekho kumuntu wenyama ngokuphelele, futhi awuqedile bungelosi, okwesikhashana uphakathi nendawo nje.

Mhlawumbe uyazazi nje ukuthi nasekudlaleni ibhola awuphiwanga; uyinkomo yokuzalwa, kodwa uzophupha uqhulula inqwaba yamagoli enkundleni yebhola ngekhono ongalazi nawe ukuthi liqhamukaphi.

Umkhondo okuxhumanisa nomzimba wakho ngesikhathi usohambweni lwamaphupho ukuze ningadukelani ngesikhathi usavakashele kwamoya ushiye isidumbu sakho embhedeni silele, yinkaba yakho.

Yingakho nje uye uzwe umuntu uma esekudeni nekhaya azalelwe kulo, mhlawumbe ngokomsebenzi, esekhumbule ekhaya; umuzwe esethi inkaba yakhe iyambiza. Angithi uma uzalwa inkaba yakho igqitshwa esibayeni ekhaya. Isibhono lesi esisalayo uma isinqanyuliwe akuyona empeleni inkaba. Inkaba yithumbu elide elixhumanisa impilo yakho nekamama wakho esakuthwele esiswini.

Singazi-ke kwenziwa njani ngezinkaba zalabo abazalelwa emalokishini nasezibhedlela. Ngila eGoli nje ngihlala ngiyizwa inkaba yami ingibizela kude le kwaVezokuhle eMsinga la ngazalelwa khona, kwazise yasala khona. Ngisho laphaya emzini kaMsimbula ozala ubaba, phansi kwentaba uMbaphansi, eceleni kwesihosha uSondoda, kwaPhakwe eMabomvini.

Lokhu esiqeda kukuchaza ngenhla wukuthi kuyini ukuphupha. Uma ungumuntu wakwamoya, mhlawumbe usebenza ngemithi yesintu noma ngamadlozi, kufanele ulinakisise iphupho ngoba livamise ukubikezela okuzokwehlela.

Ukufa ulele...

Umuntu ofe elele ubuthongo imvamisa usuke enqanyukelwe wumkhondo wenkaba yakhe kade esavakashele kwamoya, noma kwesinye isikhathi ebanjwe yizilwane zakwamoya, amademoni lawa agcwele imikhathi, akangabe esayibona indlela ebheke emuva eThempelini lakhe.

Uye uzwe abantu bethi umuntu ufe kamnandi uma efe elele, bekhuluma into abangayazi. Kumnandi yini ukuphuma ekhaya uthi uya edilobheni ungabe usabuya uphila ngenxa yengozi mhlawumbe esikuvelele endleleni?

Laba abalanda umuntu ngehlahla uzobabona sebefika esibhedlela nehlamvu lomphafa bethi bazolanda umufi embhedeni abelele kuwo, ngokungaqondi ukuthi umufi akabange esafika nhlobo la kade elele khona.

Uke uphuphe mhlawumbe uhujwa yinunu le esikhuluma ngayo, okuyidemoni. Futhi kuvamise ukuthi uzithole usutabuzela esihlabathini, ulimi seluphumele ngaphandle ukukhathala, okuthi lapho isithi iyakugxavuna inunu le, nawe sewuzitshelile ukuthi uyafa manje, uzithuke usuphunyula, mhlawumbe ngokundiza, kuze kukukhombe ngomunwe okuwufeleba wansondo usundiza, kuthi uyohamba usinda msobh’e etswayini.

Dukuduku uphaphame, mhlawumbe usuhihiza lokhu kwehansi, sewuvuswa wumuntu oseceleni kwakho ekuzwa ukuthi uyacindezeleka. Uphaphama nje sewuthuke uyinqaba. Kwesinye isikhathi uze uzincinze ukuhlonza ukuthi uphunyule ngempela yini emlonyeni wengwenya.

Uma ufe ulele idemoni leli elisuke likuhubha kwelakwamoya lisuke ligcine likugojele, lakhala lemuka nomphefumulo wakho amasolokohlo. Kwesinye isikhathi uhamba kanje emhlabeni awubikanga hlaba nasilungulela, uvele waqhuma nje okweqanda.

Sekuzothiwa uthakathiwe-ke noma mhlawumbe usibanibani okusongele ezinsukwini ukuthwebulile kanti akunjalo, ulahlwe ubuthongo nje wathunjwa wukufa 'usavakashele’ kwamoya.

Isibonakaliso...

Isibonakaliso sona asikufikeli nhlobo ulele. Ososayensi babuye bafake igama okuthiwa uku-hallucinator ukuchaza isibonakaliso, bafanise ukubonakaliswa nokushiywa zingqondo.

Iningi labantu ososayensi abathi baphanjanelwe yikhanda abantu ababoniswayo, abaziphilela saka emakhanda kodwa ngoba ososayensi abaziqondi ezakwamoya, babathathe babavalele emasayilomo.

Uboke uthi uma uvakashele umtapo wolwazi (library), uboleke incwadi yezindatshana ezimfishane ebhalwe wumbhali wodumo nosehlabene kakhulu ngezindondo zobuciko uGrabriel Garcia Marquez esihloko sithi Strange Pilgrims, ubheke indatshana esihloko sithi: “I only came to use the the phone.” Noma le ndatshana ingahlobene nokuboniswa, kodwa ixoxa udaba oludabukisayo ngamaphutha abawenzayo ososayensi ngokuzitshela ukuthi bazi yonke into bebe bengazi lutho, kwesinye isikhathi benza amaphutha aqeda nya ngekusasa lo muntu.

Namanje baningi abakholelwa kalula encwadini yeSambulo ngoba beyifunde isibhalwe eBhayibhelini, kodwa ababengathatha uMpholofithi uJohane owayibhalayo njengohlanya ukube wayekhuluma ngqo kubo siqu, bengafundi ngaye eBhayibhelini.

Ngelinye ilanga abaFarisi babize neNkosi uJesu Khrestu ngohlanya ngenxa yokuthi ulwazi lwakhe belujule kakhulu kunolwabo. Abantu-ke uma uhlakaniphe kakhulu kunabo bajike bakubize ngohlanya. Yiyona ndlela le osolwazi-mbumbulu abazikhotha ngayo amanxeba nxa kuvela ubuthuntu bokuqonda kwabo izinto, baziduduze ngokukuthuka ngezinhlamba wena owembulelwe kakhulu kunabo. Wena owabona isishimane sensizwa emuva kokuchayiswa yintombi ebesiyeshela, usizwe sesithi: "Uyabona yini ukuthi lesi sishwapha sakho siyaqhubeka nokupaqaka?". Ethi bho umuntu amanga aluhlaza cwe. Ubengeke ayeshele le ntombi ukube ibinesishwapha, ukhulunyiswa wukwehluleka.

Nososayensi banjalo-ke uma bengaziqondi izinto, bedelela yona kanye inkolo le yobuKhrestu esibembule izinqe. OkwabaFarisi bekuze kumcoshele amatshe impela uKhrestu, kusho ukumkhanda ngawo, kumdlela umona nje ngolwazi analo olwedlula olwako.

Iningi lezitha zeZazi Team, ikakhulukazi laba abazonda uSbu Ngubane, bamzondela isiphiwo sakhe sokuqonda izinto, okuyisiphiwo esivela kuMdali. Ababaningi abantu abasakhumbula izinto ezabehlela beneminyakana nje emihlanu bezelwe, kodwa ngenxa yesiphiwo sonembe (photographic memory) uSbu asiphiwe wuMdali, usazikhumbula njengoba zinjalo izinto ezenzeka esengumvemve. Akulona igqubu lelo, wukuhlakanipha kwenkosi yakwa-Israyeli eBhayibhelini uSolomoni, okuvela kuMdali...

Angithi uma ungazikhohlwa izimfundiso zikathisha wakho esikolweni kuthiwa uhlakaniphile, manje uma ungazikhohlwa izigameko ezikwehlele empilweni, nazo eziyisifundo, yini kuthiwe unegqubu?

Angithi nempungushe yathi isihluleke yancama ukugxuma ifinyelele emagrebhisini ayeyithi iyawantshotsha, ithinta nje ngezinzipho zayo ezinde, ikhothe izwe kumnandi - ithe isidelile impela ukuthi angeke yakwazi hlobo ukufinyelela kuwo iwamokloze kahle, sezwakala isilwane sikamhlola sesidikila sithi: "Sala kanjalo sihlahla ndini namagrebhisi akho amuncu."

Izimbongi...

Imvamisa yabantu abayizimbongi abantu ababoniswayo, kodwa angeke ubafanise nabapholofithi. Ngaleyo ndlela ukuboniswa kwahlukahlukene kaningi. Kukhona lokhu kokuthi nithi nihamba nomuntu nje endleleni, abone izinto nina enihamba naye eningaziboni nhlobo.
"Mshayeli, ubabonile nje laba bantu ababili abebemisa imoto, sabedlula?"
"Cha, lutho nhlobo. Makuphi nendawo?"
Esho umuntu engazibonanga nhlobo izingelosi zimmisa ngendlela.

Ukuqonda Okuyimfihlakalo (Intution)...

Njengokuthi nje eMzansi iningi labantu abamnyama alikaboni nhlobo nje namanje ukuthi liyabulawa abelungu baseNtshona ngendlala. Abantu laba abasacabanga ukuthi umuntu okubulalayo umbona ngokuhloma ngesikhali esicijile noma ngesibhamu, kanti sesedlulile manje kuleso sikhathi. Sekuyantshontshwana manje. Udliswe ushevu ngokudla okuthenga esuphamakethe noma eresturenti.

Kuthengwe imithombo yezindaba ukuthi ifafaze amanga ukuthi kunobhubhane lwamagciwane abulala abantu. Kulula phela ukucasha ngegciwane ngoba alibonwa ngamehlo enyama.

Yingakho nje kuthe uma befika kulowo owayenguMengameli waseTanzania ongasekho uMnu John Magufuli bemdayisela ubukhona beCovid, wathatha umshini ababewuphethe bethi owokuhlonza igciwane, wahlola ngawo isihlahla sikapopo, nangempela imishini yakhona yahlonza ukuthi isihlahla lesi sineCovid. Wabaxosha kanjalo-ke ezweni laseTanzania abe-World Health Organisation namanxusa eUnited Nations, wathi hambani bathakathi ndini niyoxhopha izimbabala.

Sesingakudalula manje ukuthi uMagufuli nowayenguMengameli waseBurundi uPierre Kurunziza ababulawanga neze yigciwane leCovid njengokuqagula kwezitha zabo zaseNtshona. Babulawa amademoni ake ahlasela uSbu Ngubane eSoweto eDiepkloof ngowezi-2021, awaqoba wawaqeda nya ngomthandazo uBaba Wethu Osezulwini. La mademoni yiwona abesiza ama-Freemason ukucasha ngeCovid uma ebulala izitha zawo ezingama-Afrika, ikakhulukazi lawa angabaholi abaqavile. Awumgengana owodwa nalelidemoni okuthiwa yisifo sokuwa (Epilepsy). Kuqhamuke-ke okuyiJuda-mbumbulu sekuzochoma into engekho kuthi ubulawe yi-Covid, kusho kusizwa wuyise onguSathane ukubulala abantu.

Namhlanje kuvalwa amafemu ngabomu ezweni ukuze abantu baphelelwe yimisebenzi, bese kukhushulwa intengo yokudla ezitolo ukuze abantu behluleke ukuthenga. Angithi usufuna bantshontshe ukuze ubabophe, uma bengacuthelananga bodwa emakhoneni babambana inkunzi babulalana bodwa.

Ngokwehlulela kwethu njengezindlalifa zeZulu, akukho namunye umuntu omnyama osejele sikhuluma nje esiyomthola enecala uma kungukuthi wathathela umlungu waseNtshona into kungavunyelwene kwazise lezi zidalwa azifikanga nalutho kulelizwe, kodwa konke ezinakho sikhuluma nje zikuthathe kumuntu omnyama ngodli. Awunacala kuMdali uma uthathela isela  into ngoba akukona ukuntshontsha lokho kodwa ukukoleka owantshontshelwa kona wumphangi.

Angeke unqamule izilwandle, ufike e-Afrika abantu benethezekile udlwengule abantu, udlule lapho ubathathele izinto zabo ngenkani ngoba nakhu uphethe isikhali esibukhali kunesabo, bese emuva kwalokho wakha imithetho ebolile ukuvikela ubusela bakho. Wakhe nonogada balezinto osuzebile, ubabize ngamaphoyisa noma amasosha, uthi abemukelwe ezweni ngoba bavikele wonke umuntu, uqamba amanga aluhlaza cwe.

Onogada bomnotho wakho wokwebiwa laba obabiza ngamaphoyisa namasosha, bese ucabanga ukuthi thina Zazi sizokuhloniphela ukweba izinto zabantu abaziphiwa wuMdali wabo.  Uyohlonishwa zimbabala ngalowo mkhonyovu wakho, kwazise zimbabala kuphela ezihlonipha amasela ziwahloniphela ukweba nokudlwengula. Asiwahloniphi amasela thina kwazise asiyona imigomfongo.

Lokhu kufana nokubulala umuntu umvale isamuku, ukuze nengalo yomthetho ingakwazi ukubona isandla semfene ekubulaweni kwakhe - phecelezi i-Silent Genocide. Ngaso sonke isikhathi uSathane wakha amasu okubulala abantu buthule, kungaboni muntu. Nathi sibabona nje yingoba sineso lesithathu leli uMdali asiphe lona. Ngakho-ke phaphama ungabi wuSandwaza muntu omnyama! Vuka!!!

Le mpi yomshoshaphansi ibizwa ngokuthi yi-Cold War kodwa abemisakazo, amaphephandaba nabamathelevishini, ngisho nabashumayeli imbala abafuni ukuqwashisa abantu ngayo ngoba sebethengiwe, bavalwe imilomo ngemali ongxuwankulu balemfazwe.

Kunomnikazi nje weklabhu yebhola eMzansi oyisigwili ngemali yesinxephezelo sokucindezelwa kwabantu eMzansi wuhulumeni wobandlululo - phecelezi ngama-BEE deals.

Umsebenzi wakhe okuwukuthenga abaholi abaqavile bamasonto ezweni ukuthi bangathi vu ngalelitulo. Une-Foundation ekhipha izigidi zemali unyaka nonyaka saminikelo yasemasontweni ukuwavala imilomo. Iyo le minikelo-mbumbulu ekhokhela nalemikhovu engamalunga alamasonto esihluphayo ezweni.

Ukubonakaliswa Ngabangasekho Emhlabeni - (Crossing Over)...

Okunye ukubonakaliswa ngabangasekho emhlabeni kuke kwenzeka kwenye intombazane siseyizingane zesikolo sivela emqhudelwanweni womculo wamakwaya eMsinga.

Sithe sizodlula ebhlohweni laseNadi, leli elehlukanisa iGcuma noVezokuhle kwaPhakwe, samiswa yintombazane yakwaNkomo sihamba nayo, ithi asiyiboni yini le ngane ewashayo phansi kwebhloho. Sekuqala ukuhwalala nje ngaleso sikhathi, namehlo aseqala ukuqundeka.

Ngaleso sikhathi thina asinakile lutho, siyampongoloza nje siziculela amaculo, sibuyekeza nendlela umncintiswano ohambe ngayo. Sizama kona njalo nokuziqinisa idolo ngoba siyalazi leli bhloho esiliwelayo ukuthi lidume ngezipoki.

Uma le ntombazane ikhuluma kanje sonke sime khimilili. Kunokuthi sibaleke savele saqunga isibindi sasondela onqenqemeni lwebhloho leli emi kulo le intombazane sibuka la umunwe wayo ukhombe khona. Angithi sibaningi futhi sihamba singamaqoqwana ngokushiyana. Ngenxa yokuthi sekuqala ukuhwalala, akekho ozitshela ukuthi sekungaba nezipoki njalo liqeda ukuthambama nje ilanga.

Laba ebebeza ngemuva kwethu nabo beziculela basifice sesiyiqoqwana phezu kwebhloho, sifuna ukubona le nto esikhonjiswa yona yile ntombazane. Ilokhu ikhombile nje intombazane yakwaMzinya (oNkomo) ngaphansi kwebhloho la amanzi eyisizitshana khona, ithi eyakwabani le ngane ewasha emfuleni ebusuku ngoba naye akayazi.

Ngaleso sikhathi uMaMzinya lo uyambona nje ukuthi akadlali, usewaqhunsule wonke amehlo akhe, ebuka le nto sonke esingayiboni. Kuze kuphubuke omunye phakathi kwethu ethi asambeni, udlala ngathi uBongeliwe, uyasethusa nje.

"Hhayi bo ngiqinisile," Kusho uBongeliwe, "aniyiboni ngempela le ngane ewashayo laphaya eceleni kwesiziba?"

Kuthe uma siqhela simbona engasilandeli, elokhu egqolozele ndawonye, sajika futhi ukuze sibone ukuthi ikhona ngempela yini lento ayibukayo. Sithuke manje uma singaboni lutho.

Uma kanti yisilwane ngempela le nto ayibonayo, mhlawumbe isimkhungathekisile nje uBongeliwe thina singayiboni nje kwakuyibona!!! Kuthe uma enye intombazane imthinta emahlombe imdonsa ngesandla, kwangathi uphaphama kobude ubuthongo lobu! Savele samdonsa sahamba naye. Yila kwacacela noma ubani ukuthi ikhona le nto abebonakaliswa yona kodwa thina singayiboni. Angiphindanga ngadlula ebusuku ngihamba ngedwa kuleliya bhluho.

Omunye futhi oke waba nesibonakaliso sisakhula uSihlaliseni Ngubane, okuthe sizidlalela ibhola njengabafanyana laphaya kwaVezokuhle, sambona esejolozele emkhathini engasacwayizi, okwathi uma ephaphama kuleso sibonakaliso wathi ubebona amadoda ehla elithika emkhathini. Sonke samangala ukuthi ukhuluma ngani ngoba sasingayiboni yonke le nto ayeyigqolozele.

Ukubonakaliswa Ngomantindane...

Sesizwa ngoMa ekhaya sesimxoxela ngalensambatheka ukuthi izilwanyana lezi zakwamoya ziyakwazi ukuziveza komunye umuntu, zizifihle kwabanye. UMa uthi kwake kwabehlela nabo lokhu beseyizingane, behamba nomalume uVulingqondo obewuthunjana kwabo.

UMaShelembe uthi kuthe besengamantombazanyana bevela mcimbini mumbe, bafika ekhaya sekuqala ukuhwalala, behamba naye umalume lo.

Uthi kuthe uma bengena ngesango lomuzi bezwa ngomalume owayehamba emuva kwabo esethi owaphi lomfanyana ohamba phambi kwabo?

UMa uthi baqala bacabanga ukuthi umalume uyazidlalela nje kwazise ababonanga mfanyana owayehamba phambi kwabo, kanti kuzothi uma sebesendlini esephinde umalume exoxela uGogo ngalomfanyana ambone yedwa odadewabo bengamboni, abatshele umuntu omdala ukuthi umalume ubeboniswa utikoloshe. Okwenze ukuthi bangawuboni odadewabo wukuthi base bengamatshitshi ngaleso sikhathi, sebehlosile kanti utikoloshe uziveza kumuntu ongakathombi, yiko umalume ewubone yedwa.

Naso futhi lesi kwakuyisibonakaliso ngokwaso.

Ingane engakathombi ivamise ukusinda yodwa ngisho kugingqike itekisi labulala wonke umuntu obeligibele. Izibonakaliso aziveleli noma ubani njengamaphupho. Wonke umuntu uyaziphuphela nje uma elele kodwa isibonakaliso sikhetha abantu, okuthi uma esenixoxela lo obonakalisiwe, kwesinye isikhathi ningamkholwa, ngoba vele izinto ezibonwa ababoniswayo ziyamangalisa.

Izangoma Nezibonakaliso...

Laba futhi ababhula ngokukhanyisa amakhandlela emsamo nabo bayabonakaliswa. Uye acimeze lo mpholofithi uma ekuhlolela, bese ekutshela izindaba zakho ngaphandle kokulokhu ethi "Vumani bo!". Imvamisa imimoya abasebenza ngayo la bapholofithi eyamadlozi ngoba isikhathi esiningi bakuhlahluba ngesimo sabangasekho, baqagule futhi nangokusazokwenzeka ngokuhamba kwesikhathi.

Uma ungathi asikhethe ukuthi ubani ongcono phakathi kompholofithi wekhandlela nesangoma esichitha amathambo, singakukhomba kumpholofithi wekhandlela. Bayizayoni imvamisa, lezi ezitashayo.

Umpholofithi wakhona umuntu wakini ongasekho uyamboniswa ngale kwelamathongo, futhi amchaze njengoba umazi. Akafuniseli kwazise usuke embona ngesibonakaliso.

Yilo lolu hlobo lwesangoma uSawule aya kuso esexaxekile wumbuso wakwa-Israyeli eThestamenteni elidala. Banesiphiwo sokuxhumanisa abaphilayo nabangasekho.

Ngolimi lwesiNgisi isibonakaliso sibizwa nge-vision, hhayi nge-dream, okuyigama elichaza iphupho. Isibonakaliso asidingi incazelo njengephupho, sidweba isithombe esigqamile okomuntu ebuka ifilimu. Asisuki futhi emqondweni walowo esimfikele, njengephupho okuke kuthi uma kusa kwesinye isikhathi ungasalikhumbuli.

Izanuse...

Omunye futhi obeyisanuse esiboniswayo wumufi uMnu Credo Vusamazulu Mutwa. Uma ungaziphi isikhathi ukulandelisise izipholofitho zakhe, akulula ukuthi uqonde ukuthi liyaphuma noma liyashona yini ilanga eMzansi.

Ufana nezibi zezwe lezi ezisapheshethwa wumoya omubi wosopolitiki uziphonsele nomaphi labethanda khona. Ngamanye amazwi usacimezile, usabuka umhlaba ngehlo lenyama, usavale ihlo lakho lesithathu, usadlala abapholofithi bamanga.

Omana la ngikutshele abafana nosopolitiki basazozitika ngabantu abafana nawe. Awukakhululeki ngokomoya. Ngokwenyama usalandela uthuli othulini, nomlotha emlotheni. Awukaphumi ezintweni zakwanyama ungene empini yakwaMoya ukuze wambulelwe ukuqonda. Udinga uMoya Oyingcwele ukuqonda iqiniso.

Uwuthola Kanjani UMoya Oyingcwele?

Ngokukhuleka kuMdali ukuthi akwehlisele Wona egameni leNkosi uJesu Khrestu, oyinxusa lakhe ukuze Uphile ngaphakathi kuwe. Akunampholofithi wamanga ongakukhohlisa ukhohliseke unoMoya Ongcwele ngaphakathi kuwe. Akuna Mfundisi futhi oshiywe wuKhrestu ukwenza umsebenzi wakhe uma ehamba emhlabeni ebuyela eZulwini ngaphandle kukaMoya Oyingcwele - John 14:26. Lokhu kuchaza ukuthi noma ubani ozibiza ngoMfundisi ngaphansi kwenkolo yobuKhrestu yisigebengu – Matewu 23: 8 – 10.

Lo msindo ohlala uwuzwa emisakazweni nakomabonakude kuthiwa zintshumayelo, kuyakhulekwa, zinsimbi nje zethusi ezishonisa ilanga ukuze zihole. Akuthandazelwa emisakazweni uma uzimisele ngokuthola izimpendulo kuMdali.

Umthandazo Yigunundu Phakathi Kwakho NoMdali...

Okungafanele omunye umuntu azi ngalo - Mathew 6:6. Uthi uKhrestu uma nithandaza makholwa angempela, ningenzeli ukubukwa yizwe lonke njengabaFarisi nabazenzisi, abathandaza kudume izihosha emigwaqeni ukuze babukwe yizwe. Uthi yenza isiqiniseko sokuthi uyahenqa uma ukhuluma noMdali, ngisho umakhelwane wakho imbala angakuzwa nhlobo uma ukhuleka kuNkulunkulu. Futhi ungalokhu uthemeleza, yisho nje uBaba Wethu OseZulwini uphindelela ngokungakhathali. Noma ungasalibekanga ngembaba ukuthi ufunani, yena owazi izinhliziyo zethu uyazi ukuthi uxakwe yini ngaphambi kokuthi uguqe ngedolo, uthandaze kuYe.

UNkulunkulu ophilayo-ke lo esikhuluma ngaYe, hhayi usimende noma isithombe esibaziweyo somlungu esontweni, noma ithambo eselaba mhlophe ethuneni. Asikhulumi ngesithixo la.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING