Ngoba ziningi izinganekwane ezixoxwayo ngamandla kaShembe okungekho bufakazi obumbabekayo ukuthi wake waba nawo. Ubebhoxa siphi nje isidwaba ngesikhathi isishingishane sihlukumeza abahlali baseNanda la isonto lakhe likhona uma ake wamisa ulwandle? We siphundu kawuboni...
UShembe waseKenya: Kuthiwa uzibiza ngeNkosi uJesu Khrestu, kodwa kuthe uma sekuthiwa akabethelwe kuliPhasika ngoba uzovuka emuva kwezinsuku ezinthathu, wabiza amaphoyisa. Konje wubani ozibiza ngoMnazaretha eMzansi kodwa ebe ephika uJesu ethi uMose ungumsindisi wakhe?
Kunomculi esimhlonipha kakhulu esingeke simdalule ngegama owadubuleka eGoli ngonyaka wezi-2007 yizigebengu ezazizama ukumthathela imoto kungavunyelwene. Lowo mculi ubeyilunga eliqavile lakwaShembe futhi ehamba ecula ngamandla akhe umhlaba wonke.
Abakhonza kwaShembe bayazi ukuthi bahlala befundekelwa ngemfundiso-ze ewukuthi uma ungena engozini yemoto noma uhlaselwa abantu kuqhamuka uShembe egabavula ngehhashi elimhlophe akwenyule.
Kudlwengulwe isalukazi laphaya oLundi esigamekweni esiqhakambiswe kakhulu wu-SABC, okumanje kunendoda esebenza khona nesonta kwaShembe ehamba ikoleka imali ngebhakede ukuze kwakhelwe lo gogo umuzi ophephile kwazise ukuthi uhlala yedwa kanti enjalo nje unokukhubazeka.
Lo gogo uma bekhuluma naye abemisakazo wathi udlwengulwe ekhuleka kuShembe ethi akemelekelele, ngisho ukuthi avele uShembe wezimanga. Namanje asikholwa nokuthi uke waphonsa esivivaneni sokwelekelela ekwakheleni lo gogo umuzi.
Kufanele uze udlwengulwe kuqala ngaphambi kokuthi umuntu omnyama akusize, ukuze kusetshenziswe ukunukubezeka kwakho ukukhankasela ukhetho kwesinye isikhathi. Kade sasibona abantu besizwa ngoba ihlazo labo selize lanekelwa izwe lonke komathelevishini nasemisakazweni, sebesizwa abantu abafuna ukuthatha izithombe nabo belengise izijumbana zokudla ngezandla, ukuzicoshela ugazi emphakathini.
Thokola themba amathunzi ayewukela...isiyaphela indlu kagogo ngeminikelo yabantu abangathathi ntweni...
Oze uzibuze ukuthi umdlwenguli lo obengathunyiwe nje woSijumbana laba ukuze bathole ithuba lokuziqhakambisa emiphakathini. Ngaphansi kwemibuso yamakhephithali phela iyambiwa nemigodi emigwaqeni ukuze kuphume ithenda lokuyikhonka ngetiyela! Abelungu baseNtshonalanga kade baqala ukudlisa umuntu omnyama ushevu ukuze aphile ngemishanguzo yabo impilo yakhe yonke, bona bacebe! Manje oMlunguwamiwenzeni bangehlulwa yini ukukwenza lokho kwazise okugxabha lapha ekhanda labo abakuncele embeleni wegxagxa.
Siyambonga nokho lo msakazi okhankasela usizo lwalo gogo ngoba akwenzayo akakwenzeli ukuzuza ugazi noma ukudayisa ibhizinisi lakhe, noma ukuzicoshela ivoti engelona ikhansela, kodwa akwenzayo kuphuma ngaphakathi kuye. Sibathandela lokhu-ke abantu abakhulela emakhaya ngoba banemvilapho evuna isilonda uma ikati lilele eziko kwamakhelwane. Phambili Nongalo. Sikuqabuke emadilobheni thina ukuthi umakhelwane uyakwazi ukulala njengosana ebusuku umakhelwane wakhe engadlile, kudlule kungadikizi nanqulu.
Nangokubulawa kwalomculi esikhuluma ngaye owadubuleka ezama ukubaleka ngemoto ayedunwa yona, sinenkolelo ukuthi wayethembele kuye kanye uShembe ndini lo uma ezama ukubaleka ngemoto, ukuthi uzomenyula olakeni lwezigebengu, do ukuvela uShembe ngehhashi lakhe lezimanga. Namanje asiqondi ukuthi kungani lo mculi owayeyisigwili kangaka akhetha ukubeka impilo yakhe engcupheni ngokubaleka nemoto ebe ayenayo yonke imali ongayicabanga emhlabeni ukuthenga enye, uma kungekuthi mhlawumbe wayethembele emandleni kaShembe ukumsindisa. Wamdayisa uShembe.
Namanje kunezimoto la ematekisini oye uthi uma umbuza umshayeli wayo ukuthi yini umsebenzi waleli khanda likaShembe ewindini lemoto yakhe, athi njengoba enamathisele lona nje emotweni yakhe angeke ivelelwe nayingozi emgwaqeni. Omunye wathi ngisho inhlamvu yesibhamu le angeke ingene nhlobo emotweni uma enamathisele isithombe sikaShembe.
Zingaki izimoto ezinesithombe sikaShembe ozithola zishaye amankeyane la ezindleleni, sezitshale nabagibeli onke amaqele lawa?
Sikuphika thina lokhu ngobufakazi esibazi kahle ukuthi buyabambeka. Ngesikhathi kulwa impi yamaBomvu nabakwaMajozi ngowe-1982, kunenkombi eyaziwayo yaseMkhuphula eyasala empini kungafanele. Uma sebesixoxela obaba ababelwa leyampi, bathi le nsizwa iyona eyayifolosa phambili nasempini ezinsizweni zalomunxa wamaBomvu angaphesheya koThukela ukusuka eNhlonga uyovala ngoDolo. Kwaziwa futhi nokuthi iyinkombi engashayi eceleni ngenhlamvu uma isibhekene ngeziqu zamehlo impi.
Kodwa ngelinye ilanga kuthe bezovukela khona empini, yavuka nephupho okwathi uma ilixoxela izinsizwa kwakhungatheka wonke umuntu. Le nsizwa yathi iphuphe itholana phezulu nenhloli yakwaMajozi ngemhlamvu, kulowomzuliswano kwadubuleka yena. Washo nokuthi umzimba wakhe akawuzwa kahle, uyamshiya.
Ngokumazi ukuthi uyishinga, izinsizwa zamnxenxa ukuthi akangayi empini ngalelo langa ngoba iphupho elifana naleli abaxoxela lona kungenzeka ukuthi limhlolela ingozi phambili. Kwaba sengathi bambasela kakhulu-ke uma besho njalo; ekhuza ibhadi ukuthi bamhlolelani nje ngempela, bafuna ahlale ekhaya enzeni engaguli ndawo, ngenxa yephupho nje elibi, sebefuna ahlale ekhaya akikize njengabafazi uma kuphuma impi?
Kwakunebhande ayeligqoka la enkonyaneni, abakhombisa lona wathi akukho nhlamvu yadlalela kuye eligqokile. Njengomuntu obehlonishwa kakhulu zinsizwa, akekho owaphinde waphikisana naye uma esesho kanjalo, kanti ngalo lelo langa kuzothi bephumile becinga izitha, adutshulwe yiyo kanye inhloli yakwaMajozi isemthini icashe ngamahlamvu esihlahla. Akekho emhlabeni sikhuluma nje.
Ngalomzekelo wempi yamaBomvu nabakwaMajozi sizama ukucacisela laba bantu abasakholelwa ezeni eliwukuthi kukhona umuthi okwazi ukuvimba inhlamvu yesibhamu ukuze ungadubuleki. Awukho lowo muthi. Ongawuthola yisulubezi lokuthi abakubophela uzungu baqothane bodwa bengakafiki nakuwe noma bavelelwe yingozi besendleleni. Noma ukuxwayise ngephupho uma kunomshophi ozokuvelela, njengayo nje le nsizwa yaseMkhuphula esikhuluma ngayo la.
Omunye uyethi uma bemgeje kukubi, athi yibhande lakhe. Uma bekugejile ngenhlamvu kukabili, usuke ushaywe zimfundamakhwela noma uma isibhamu abebesiphethe sibanxaphele; usuke ushaywe yivukuvuku lenkabi eleswele izibhamu ezingongqo, efutha umuntu ihlome ngesibhamu esisodwa. Ungqo wenkabi uphatha isibhamu sekhasethi nesesondo, ukuze uma linxapha ikhasethi ikufuthe ngesondo. I-38 Special noma iMagnum ayikaze imnxaphele umuntu. Udoti wesibhamu.
Kafishane nje singageqi wona amagula kungemukwa, amahumusha ayidlile inqwaba yamaZulu kwaZulu egabe ngomqwazo ekhandla nebheshu esinqeni, phecelezi ngesiko.
Ngomunye unyaka kuliwa kakhulu laphaya eMpumalanga yeGoli, ukhona owake wabuza ukhokhovula wenyanga yaseNquthu engasekho emhlabeni uMnu Sosobala Mbatha ukuthi uma isimo sesinjeya yiliphi ikhambi ayengalisebenzisa ukuqeda lokhu kubulalana kwabantu abamnyama ngaleyandlela. USosobala wathi kudingeka ikhubalo elizokwenza noma ubani ohlela ukuyobulala omunye umuntu avukelane nozakwabo endleleni babulalane bodwa.
Kwakuyisifiso sethu-ke thina ukuthi uma uSosobala echela ngaleyontelezi yakhe kuqale kubulalane bona kanye laba ababephehla loluya dlame ePhalamende kodwa kungafi zona izingane zabo empini, ukuthi kubulalane bona kuqala. Baphelile abantu beSilo kwelikaMthaniya beqhathwa yintondolo engakaze iyilwe impi empilweni yayo. Yingakho namanje sisamdabukela nje umuntu eMzansi osagaxele ekuthatheni uhlangothi phakathi kwezimpi-mbumbulu zosopolitiki abazilwa ngemilomo kothelevishini nasemisakazweni, kodwa abalandeli babo beshiselana imizi la ngaphandle.
Ungazenzi inja, okuthi abanikazi bazo bengcweka ngendlela zona zilumane ngempela. Abakaze babe yizitha osopolitiki baseMzansi, bonke basebenzela umndeni owodwa wakwa-Oppenheimer, uMzansi lo okuyipulazi lawo. Abaholi abafa ngodlame lwezepolitiki yilaba ababengayiqondi le mfihlo yepolitiki, ukuthi ipolitiki le yisikhali umlungu asiletha e-Africa ngenhloso yokuphendula umuntu omnyama azonde owakubo, babulalane bodwa bebanga ithambo elingenanyama yena aqhubeke nokudla umnotho wezwe ngokungaphazamiseki.
Namanje njengoba nisabulalana nodwa nje nibanga izimvuthuluka abazishiyela umbuso wentando yeningi ezifana nemisebenzi engakhokheli kahle nengotoho, amathenda kahulumeni nemizila yamatekisi.
Laphaya eMgungundlovu amaNdiya anamatekisi athutha abantu namaNdiya akubo abayise ezindaweni ezifana nawo-Northdale, Bombay nako-Raisethorpe, kodwa size sahamba eMgungundlovu singakaze siwabone ebulalana wodwa ebanga imizila noma ibhizinisi lokuthutha abantu. Kodwa sikhuluma nje isaqhuma inhlamvu emathekisini laphaya koThekwini nakoKapa, omnyama uqotha owakubo ngesibhamu.
Abaholi abasusa imfazwe ezweni bebethengwa ngemali noma kuqolwe ubukhosi uMntwana ozilungele nofanelwe wubukhosi ukuze kungene umdlwembe wabelungu esikhundleni sakhe, kwesinye isikhathi ahujwe lo Mntwana aze ayobhaca ekudingisweni ukuze uQhathabantu lo abekwe esikhundleni sakhe, ukuze asuse imfazwe.
Nizothi nimbona umuntu wakhona usedunga izwe, kanti akazenzi, usefeza isivumelwano asisayinda noSathane, usekhokha isikweletu esingapheli, isikweletu esithi ula ukhona nje galakajana kwakungafanele. Abanikazi bakhe balokhu bemqhukuluze njalo ngomunwe emhlane, bemkhumbuza ukuthi sebenza phela ndoda wavuma, unjenjenje kungenxa yethu, liphi igazi labantu owathi uzolichitha? Wavuma ukuthi uzosisiza uklaye phakathi lesi sizwe ngoba siyasesaba, sinesibindi esesebekayo, sasibona kahle sibhekene naso empini yaseSandlwana ngowe-1879.
Uma ungakukholwa lokhu, funda iNcwadi yamaKhosi Okuqala eBhayibhelini. Funda kusukela evesini lokuqala 1Kings 21: 1-29 ngowayeyiNdlovukazi yamaNgisi uJezebel ngesikhathi somMpholofithi u-Elijah, uzibuze ukuthi akuyona yini imikhuba efanayo nale esenziwa yiNdlovukazi yamaNgisi namhlanje. Buka indlela uJezebel adla ngayo isivande sikaNabhothi, okungumhlaba wabantu abamnyama lo esawuqhoqhobele namanje kwelengabadi iNdlovukazi yamaNgisi.
Isixazululo...
Ake nisitshele webaholi bakaKhongolose esiFundazweni? Umthakathi waseNtshona uzolokhu ecekelana phansi nengqalasizinda yeSilo uSimakade kuze kube nini nilokhu niphiphana naye? Manyala mani lawa esiwezwa ngoNgqongoshe wezokuHlaliswa Kwabantu uMamloko Kubayi uma esola izisulu ngokwakha ezindaweni ezingalungile? Bakhe laphayana ngokuthanda yini abantu noma yingoba imihlaba bengenayo?
Njengoba kade esho nje umholi wabahlali basemjondolo uMnu Sbu Zikode; akunina yini nihlangene nabelungu namaNdiya enifike nisuse abantu abamnyama uma bakha ezindaweni ezikahle ukuze bagcine bekhosele emisebenzi yemifula, ukuze kuthi uma senifuna ukubabulala ngezikhukhula ezakhiwa abelungu baseNtshona ngabomu, nibemukise ngamanzi?
Angithi umholi wenu uCyril Ramaphosa ubesehlangene nabelungu ukuthi kuphungulwe izibalo zethu bantu abamnyama abampofu ezweni ngama-vaccines, ngoba abelungu behluleka ukwakha amathuba emisebenzi ezweni. Sanele saveza i-vidiyo enobufakazi ukuthi bayothi sebeqedile ngathi nani zilima banibulale, kwayima nilumisa lolo hlelo lokusibulala. Angithi sonke lesi sikhathi nidayisa ama-killer vaccines nje, nanizitshela ukuthi kuzobulawa thina bantu abahluphekayo kuphela, nina nezingane zenu ningathintwa. Sanele saveza ubufakazi ukuthi nani nizodliwa yizembe ekugcineni, shintshiyane imiqondo.
Lesi sitsha abasinika u-OR Tambo etafuleni lezingxoxo abelungu, sabulalisa uMnu Chris Hani owayephikisana naso, sasidalewe ukusuthisa idlanzana labelungu abangu-5 million ezweni. Angeke-ke uthathe umancishana omncane kangaka uphuzise ngawo inqwaba ka-53 million yonke yabantu abamnyama ezweni. Nikwazi kahle lokhu, kodwa nilokhu nehla nenyuka nidayisana nalomancishana ongasoze wasisuthisa sonke njengabantu abamnyama, ngoba nje nina niyakleza kuwo.
I-ANC isiholwa amagwala ezweni asaba ukuthatha umnotho emaqoleni akwa-Oppenheimer awunike abanikazi bawo, okungabantu. Uma ningasalungiseki ngokuyalwa ngemilomo, siyakwazi okuzoniqondisa. Qhubekani nje nixhaphaze isizwe seSilo uZondamagwala, nizozisola.