08 Sep
08Sep

Kuvele ngokusobala ukuhlukumezeka kwenkosi yaseBaThenjini ngesikhathi ithula inkulumo yayo emcimbini wokunikezelwa kwamaCompu-Projector  eCabangokuhle High School ziyisi-8 kwephezulu eMsinga...

IMeya yaseMsinga uFelinkonsi Sikhakhane, uMEC wezeMfundo eKZN uPeggy Nkonyeni, UMnu Phikamanga Dlamini (ogqoke i-t-shirt e-blue ngemuva) noNdunankulu wesiFundazwe uSenzo Mchunu

Inkosi uSiphamandla Mthembu ikhale ngabantu abavele bangene nje ezweni layo badwanguze benze noma yini bengayibikelile yona njengenkosi.

Side Note: [ezaseMsinga Newspaper ziyaqonda ukuthi inkosi uSiphamandla Mthembu iyilunga eliqavile le nhlangano ebusayo i-ANC, kanti sekunesikhathi ikhala ngokudelewa ngabomu amalunga e-IFP endaweni yayo yaseBaThenjini. Inkosi uMthembu ike yaba yiphoyisa, ngakho-ke iyakuqonda ukusebenza komthetho, kodwa ike yabhozonyelwa yilunga elijwayelekile nje lo mphakathi esidlangalaleni eBaThenjini ngenhloso yokuthi icasuke mhlawumbe idubule lo muntu noma imlimaze ukuze iboshwe. 

Njengoba nenkosi yakwaMabaso ike yachaza kulolu daba, kusetshenziswa umuntukazana nje ukuthi akuqubukushe njengenkosi noma njengoMntwana wasebukhosini ukuze wehlelwe yisithunzi, kwesinye isikhathi uze uthathe izinqumo ezizoba ukwephula umthetho ngalo muntu osetshenziswayo. Inhloso lana ukukuphoqelela ukuthi ube yilunga leNkatha ngenkani ukuze ubuse ngokuthula endaweni njengoba uphenyo lwethu luthole ukuthi kwenziwa nje nangama-School Governing Body ezikolweni uma kuliwa noThishomkhulu ongelona ilunga layo.]

Inkosi yaseBaThenjini income kakhulu uHulumeni wesiFundazwe ngokuyimema kulo mcimbi, njengoba ikhale ngokuthi yona ihlonishwa kuphela uma kunemicimbi efana nalena.

“Nganibikela Ngqonqgoshe ngokungabambisani okukhona phakathi kukaThishomkhulu , iSGB (School Governing Body) ne-staff kulesi sikole. Mina ngiyinkosi uma kukhona nina, uma ningekho akwaziwa nokuthi ngiyini kulesi sikole." Kusho inkosi yaseBaThenjini.

IMeya yaseMsinga uFelinkosi Sikhakhane

Uthe bayathokoza ukuthi uNgqongoshe uPeggy Nkonyeni abenzele lo mcimbi obaluleke kangaka, “Kuyakhomba ukuthi uHulumeni wesiFundazwe uwukhathalele uMsinga ngendaba yemfundo.” Kusho uSikhakhane.

Uqhube wathi kuqala indawo yaseMsinga ibiyaziwa njengendawo yobuqhawe phambilini, kodwa manje seyaziwa njengendawo yentuthuko.

Ukubalulile ukuthi esizukulwaneni sakhe bakhule iSecondary School iyodwa vo eMsinga; obekuyiGordon kwaMajozi, kwase kulandela uMsinga High kwaMabaso, “Kodwa namhlanje sezithe chithi saka izikole ezingamaHigh School njengayo nje iCabangokuhle le, lokho okusho kona ukuthuthuka kwendawo yaseMsinga. Lokhu enikwenzeyo sikulangazelele kakhulu Ngqongqoshe. Sengathi konke kungahamba kahle.” Kuphetha uSikhakhane.

UMEC WezeMfundo uPeggy Nkonyeni

UNkonyeni uthe bake bafika eMzinyathi nePortfolio Committee bezohlola izikole. Uthe umhloli uMajola wakhala ngokuthi ziningi izikole okumele zigcwalise izikhala zoThisha eMsinga: “Sisheshe sakusukumela lokho njengoba namhlanje sekunoMhloli oMkhulu.”

“Zonke izikhala zoThisha ebezingakagcwaliswa sezigcwalisiwe.” Kusho uNkonyeni.

Uqhube wathi bayababonga nabazali abasahlalise oThisha emizini yabo. Ucele oThishomkhulu ukuthi bazibophezele ekutheni baqonde ngokusebenza kwalemishini abanikezelwe yona nangalokho obekwenziwa ngayo abakwaMTN, “Ngoba uma ungafuni ukuqeqesheka abantwana bazokuhambela phambili. Uma siqala ukubuka imiphumela ka-2016 siyoqala ukubuka zona lezi zikole ezili-16 ezinamaCompu-projectors.” Kusho uNkonyeni.

Uthe njengoba izinga lokuphasa belehle ngo-7% nyakenye, ucele kusetshenzwe kanzima ukuze lenyuselwe esibalweni esincomekayo.

“Sibonge abakwaMTN ngalo mnikelo.” Kuphetha uNkonyeni.

AbakwaMTN babe sebekhombisa ukusetshenziswa kwalamaCompu-projector, amandla kakhulu ekucaciseleni abafundi emikhakheni yakwa Life Science neMathematics, okuyizifundo ezithathwa njengezithanda ukuba nzinyana kwabanye abafundi.

Lama-Compu-projector akwazi ukubonisa ukuguduza kwegazi emithanjeni yomuntu, ukubala ama-angle ezifundweni zezibalo nokunye.

UNdunankulu wesiFundazwe uSenzo Mchunu

Uvule ngokuqinisekisa amakhosi ukuthi uHulumeni wesiFundazwe uyasebenzisana nawo. Uthe inkosi yaseBathenjini ineziphakamiso ezibekile ezithebeni abasazicubugula njengoHulumeni.

“Inxushunxushu ephakathi komphakathi waseBaThenjni nesikole isisezithebeni, siyayicubungula.” Kusho uNdunankulu.

“Akukho namunye kubafundi okumele akhale ngokuthi ulahlekelwe wusuku lwakhe lokufunda namhlanje. Kufanele sikuthathe lokhu njengengxenye yokufunda ukubambisana nokusebenzisana ngaphansi kwezimo ezifana nalezi esibhekene nazo.”

UMchunu uthe uthanda ukukhumbuza umphakathi waseMsinga ukuthi imfundo isohlelweni oluphezulu kuHulumeni.

“UMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma uthe kumele wonke umuntu abambe iqhaza ekufukuleni ezemfundo.” Kusho uMchunu.

UMchunu uqhube wathi kumele kwabelwane ngamaqhaza angabanjwa wumphakathi kwezemfundo, “Isibonelo nje. Njengomzali yithi uma ubona ingane yakwamakhelwane ichanasa laphaya ngaphandle ukhuze ibhadi, ufune incazelo ukuthi kungani ingekho esikoleni ngesikhathi sokufunda.”

Uthe iNingizimu Afrika nayo isiyabonela manje kwamanye amazwe ukukhuphula izinga kwezemfundo. Ucele ukuthi abantu bazifundise ukusungula kunokusebenzisa lokho osekukhona.

Ukhale kakhulu ngokulahleka kwamaCompyutha angama-22 esikoleni iCabangokuhle, wathi lokhu kuhlehlisela emuva intuthuko abayilethayo emphakathini.

“Uma kunesidingo sokuthi uThishomkhulu athathe lezi zinsiza esizilethile ziyolala kwakhe ukuze ziphephe ebuseleni, ayikho nencane inkinga lapho.” Kusho uNdunankulu.

Ucele umphakathi ukuthi ulekelele ekuvikelelni amaCompu-projector.

Bonke oThishomkhulu abebekhona bahambe namaCompu-projector asezikoleni zabo.

Ube esedlulisela umyalezo kubafundi abebesethendeni othi: “Baningi abanye abafundi kwezinye izindawo abalangezelela leli thuba eliyingqayizivele lokulethelwa lobu buxhakaxhaka ezikoleni zenu. Kungayihlazo-ke wena mfundi ukuthi ubonge yonke le nto ngokukhulelwa noma ngokuhuqa insangu newunga.” Kuphetha uMchunu.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING