Ngu Thobeka Malinga
Njengengxenye yohlelo Iwe-INkululeko Development Project uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Senzo Mchunu nethimba loNgqongqoshe bahambele eCwaka kuMasipala waseMsinga...
Kulokhu inhloso bekuwukwethula ngokusemthethweni uhlelo okuhloswe ngalo ukuthuthukisa izindawo ezisemakhaya njengalokhu kungezinye zezinhlelo ezimqoka zikaHulumeni. Lokhu kulandela uhlelo olufanayo oluqhubekayo njengamanje endaweni yaseNdumo, ngaphansi koMkhandlu waseMkhanyakude.
UHulumeni wesiFundazwe ubonakala umagange impela ekuphuculeni indlela oletha ngayo izinhlelo zentuthuko, osekwenziwa ngokudidiyela iyona yonke iminyango.
UMacingwane uqale uhambo Iwakhe ngokuvakashela izikole iSakhiseni kanye neBhekabantu High lapho ebeyozizwela ukuthi kungani imiphumela yebanga likamatikuletsheni yehle kangaka eMsinga nyakenye.
Nabanye oNgqongqoshe bahambele ezinye izikole futhi. Ezinye zezinto ezigqamile ukuthi kunokuphazamiseka kokufunda kulendawo ngenxa yezizathu ezihlukene.
Emva kwalokho ubesehlaba isoyi lapho kuzokwakhiwa khona indawo yokuhlatshwa nokulungisa inyama yembuzi ukuze idayiselwe izitolo. Uhambo lwakhe nethimba loNgqongqoshe lugcine endaweni yaseCwaka lapho abantu bebenyathelana khona ukuzozizwela ukuthi zinhlelo zini lezi uHulumeni eza nazo ukwenza indawo yabo ithuthuke.
Akungabazeki ukuthi lolu hlelo luzokwakha idolobha elisha futhi lizoba isisekelo esihle sokuheha labo abangosozimboni nosomabhizinisi ukuthi nabo bafake isandla ekutshalweni kwezimali kule ndawo ukuze kwakheke amathuba emisebeni. ONgqongqoshe ngokuhlukana kwabo bamemezele ukuthi yini iminyango yabo ezoyenza ngalolu hlelo.
Phela lolu uhlelo olusungulwe uHulumeni wesiFundazwe ka-ANC olwaziwa ngokuthi iNkululeko Development Programme lapho yonke iminyango eyahlukene iya kumasipala osilele emuva ngentuthuko.
UNdunankulu uMchunu ukubeke kwacaca ukuthi indawo yaseMsinga ingeyesibili ukuba uHulumeni wesiFundazwe ulethe izinhlelo zentuthuko kuyo ngokubambisana ngaphansi kweNkululeko Development Programme futhi akugcinwa ngawo - okusho ukuthi lesitimela asimile.
Uhlelo lokuqala luseMkhanyakude eNdumo lapho kwakhiwe khona isikole sohlobo oluphambili, maqede kwavuselelwa nezinye, kwanwetshwa uMtholampilo (Clinic), kwakhiwa uMtapo Wezincwadi (Library), inkundla yezemidlalo kanye nokwakhiwa komgwaqo osezingeni eliphezului ukuze ukuhamba nokuhlanganisa uMkhanyakude nezindawo owakhelene nazo kube lula.
Nakhona eMsinga izinto sezizoshintsha kakhulu ngoba kuzoba khona idolobha kanye nezimboni ezintsha ezilethwa nguHulumeni wesiFundazwe. UNdunankulu uMacingwane uthe, “Inkululeko kufanele niyibone ngamehlo ningayizwa nje ngendaba. Lokhu kithina kusho ukuletha isithunzi kubantu.Thina njengoHulumeni sesiqoke ukuba lendawo eyaziwa ngemfuyo yayo enhle nezimbuzi kube yiyona ezokhiqiza inyama yembuzi eyodayiswa emadolobheni ukuze abakhiqizi bakwazi ukususa ikati eziko babuye bondle nemindeni.” - Ushicilelo lukaSimama