Intatheli yezaseMsinga
Kulula ukubona umuntu ocebile etshweza ngezimoto zikanokusho, evakashela nezindawo eziphambili phesheya kwezilwandle eyongcebeleka nomndeni wakhe…
UChuck Blazer (kwesokudla) okuthiwa wuyena obesika amantshontsho kwiFIFA
Wena ongaze ufunge uthi babusisekile abanye abantu la ngaphandle kanti uyazikhohlisa. Unkabi lo (Mr Ten Percent) uhlafuna nje uyajeqeza. Ongakwazi wena ukuthi leyo mali atshweza ngayo eyakhe ngempela na noma ngeyomkhokhi wentela, eyegazi noma mhlawumbe eyokuntshontswa.
Mina nje esengikubone konke nge-fake bling, phecelezi ingcebo-mbumbulu, sengadela ukuhlonipha abantu abayizicebi ngoba iningi labo liyazenzisa, kwazimotshwana lezo okuchonywa ngazo ezama-lease (zibolekiwe). Bona laba abazishintsha-shintsha okwamavesti bayimpambankwinci kakhulu.
Phela imoto ye-lease inesisindo semali kuphela uma ingakawashayi amakhilomitha ali-100 000, okwedlula leyo-warranty sekuwukushibha ngendlela ethusayo kwaleyo moto. Yingakho unkabi kumele asheshe ayibuyisele emuva ingakahambi kakhulu.
Kithina nje-ke esiyizintatheli kulula kabi ukukuthola lokhu. Ngamangala nje abanye bebamba ongezansi uma kuvela amahlazo ngobuhlwempu be njingambumbulu yaseGoli ehlala idla amasushi eziswini zamantombazane anqunu. Kanjalo nangomunye umculi owusaziwayo waseThekwini oyinyanga okuvele ukuthi ushintshashintsha izimoto kangaka nje uyazeboleka.
Uma ungaqondisisi kahle ngo Mr Ten Percent ubobuza thina zintatheli, sibazi kahle ukuthi baphusha muphi umshikashika laba bantu. Engingakucebisa ngakho nje ukuthi ungakholwa noma yini oyibona ngamehlo, mbula ibheshu leli uzoyibona inqaba.
Laphaya encwadini ka-Deutoromy uNkulunkulu ukubeka kucace bha ukuthi akuyona inhloso yakhe ukuthi uma abaNtwana bakwa-Israel kade benesivuno bese kuba khona ovune kakhulu kunomunye. Uthi lokho kuzodala umona nenzondo phakathi kwabo. Ngakho-ke kungangcono abavune kakhulu bacezulele abavune kancane ukuze ekugcineni bonke abaNtwana baKhe bavune ngokulinganayo.
Ngenxa yobuthakathaka, iningi labaNtwana bakwa-Israel lehluleka wukufeza lo mgomo kaMdali wokulingana njengoba namhlanje kungasecala ukuthi uvele ucebe kakhulu kunabanye abantu. Kodwa iqiniso elingephikiswe ukuthi lapho kungekho khona isicebi azikho nhlobo izichaka.
Inkinga-ke ngokuceba kakhulu kunabanye abantu ukuthi uba yisicebi nje ngoba eduze kwakho uzungezwe yinqwaba yoPhuya baseMshwathi, okuthi le mali okufanele iye kubo igcine seyiphelele esiswini sakho gombelakwesakhe, ngezindlela ezimnyama. Kwesinye isikhathi uthandaza uSathane, uyamhlabela, uyathwala.
Njengoba sengike ngasho ngenhla, phela kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi lapho kungekho khona abantu abampofu asikho nhlobo isicebi, yingakho-ke nje uma uzoceba kumele wakhe ukuhlupheka kuqala.
Namhlanje baningi-ke abahlekela nxanye njengoba uChuck Blazer obeyisikhulu esiqavile kwiFIFA esekulolu bishi akulo njengamanje ngamantshontsho okuthiwa yena nabathile bawasikelana ngomqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2010 owadlalelwa kuleli. Okuthuse wonke umuntu ukuthi uBlazer uthi kudala aqala ukuwahlafuna la mantshontsho.
Uthi ifika nje indebe yaseFrance ngowe-1998 wayesevele esesesibayeni, ebalabala amaqatha. Ukuthi uze abanjwe manje ngoba indebe seyidlalelwe la e-Afrika ngoba sekwenzenjani? Mhlawumbe ngelinye ilanga izimpendulo ziyovela.
UBlazer kuthiwa wenze cishe $200m (R2 Billion!!!) wemali engaqondakali kahle hle elokhu eqalile esebenzela iFIFA eminyakeni engama-20 edlule, kanti ubesebizwa ngo ‘Mr 10 Percent’ yilabo abesikelana nabo amantshontsho.
Nokho-ke idamu elikhulu kangaka lemali alikaze libe nofishi owodwa omkhulu phakathi. Ukubanjwa kwakhe abeFBI ngowezi-2011 bamphendula impimpi yabo sekuholele ohideni lokuboshwa kwezikhulu okuthiwa bezikleza naye.
Sicela uqaphele isithombe sikaJack Warner (ngenhla) obeyiphini likaMengameli weFIFA uSepp Blatter esisishicilele nencazelo yaso ukuze uzihluzele ngokwakho ukuthi kungabe lo msindo ongaka owamagqubu, owokwakhiwa noma owobulungiswa ngempela yini. UWarner kuthiwa wuyena obekuthi uma isihlatshiwe inkomo ayihlinze, ayibenge, bese eyaba ngamasoso
I-New York Daily News ithi uBlazer waba yingxenye yama-London Olympics egqoke umgexo oyisiqophi mazwi njengoba ebesesebenzela iFBI empimpa ozakwabo.
"Wadla mgexo wami...phakamisa izwi angikuzwa..."
Into ehlala idida bonke ochwepheshe babakhwabanisi bemali ukuthi kungani imali layihamba khona ishiya omkhulu kangaka umsizi ongacisheki. Ungayisusa manje ebhange uyoyibeka kulezi ziqhingana okuthiwa ngama-tax haven ngoba ucabanga ukuthi uma sebeyilandela abakwasidlodldo ngeke bayinuke, kanti ushaye phansi. Balinde isikhathi esikahle nje sokukugxavuna. Kube yiso leso-ke nakumfoka Blazer obecabanga ukuthi izinkomo zakhe zama 'lobolo' uzisise kahle koBahamas kanti phinde.
Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ubani lo Chuck Blazer? UBlazer ubengubuso be-North American Soccer iminyaka. Akuseyona-ke imfihlo ukuthi iMelika, njengeBrithani, isihluleke yancama iminyaka ifaka izicelo zokudlalisa iSoccer World Cup kwiFIFA ingaphumeleli.
Kusukela ngowe-1990 kuya kowezi-2011 uBlazer ubenguNobhala weCONCACAF, kunguyena obhekelele ukusebenza kwale nhlangano ekoMkhulu layo eMiami, Florida. Kusukela ngowe-1997 kuya kowezi-2013 besekunguye kuphela omele iMelika kwisigungu esiphezulu seFIFA.
NjengoMxhumanisi wezebhola we-US neFIFA ubehamba ngebhanoyi lakhe likanokusho, enezindawo zokuhlala ezimbili zikanokusho ezibiza izigidigidi zama-dollar aseMelika eNew York, eyodwa okuthiwa bekungeyamakati akhe, nenye indlu esiqhingini iBahamas nohide lwabangani abadumile.
Kuthiwa uBlazer ubethenjiswe $1 million wentshontsho ngoku dayisela iSouth Africa iWorld Cup ka-2010 kepha wagcina ethole $750000.
UBlazer njengoba ebesekhuluphele lokhu okweqile, utshele inkantolo yaseMelika ukuthi unomdlavuza kapopopo, yisifo sikashukela nemithambo evimbene okuyizifo ezivamise ukudalwa ukudla kakhulu izibiliboco.
Njengoba esebhekene nesigwebo seminyaka engama-20 ebhadla ejele, inhlanzi ibukeka isishelwe ngamanzi manje kumfoka-Blazer, okuthiwa ubeke abonakale ethatha izithombe noMnu Nelson Mandela noMnu Vladimir Putin onguMengameli waseRussia ngezikhathi zakhe.
Sikhuluma nje ungomunye wabane ebebekulomshikashika oselivumile icala. Zili-14 ezinye izikhulu zeFIFA esikhuluma nje zikhalelwe amasongo kaSigonyela.
Ngokwemibiko yeBuzzfeed News website kuthiwa uBlazer ufumbathe ngaphezu kwezigidi ezingama-$21 million (R210 million) ebholeni, iningi lalemali ebelikhokhelwa ezinkampanini-ngodla zakwamanye amazwe. Ngokubona ukuthi kungenzeka awathwale yedwa la macala, umane wanquma ukudayisa ngozakwabo kuFIFA okuholele ekutheni obenguMengameli wayo uSepp Blatter agcine esulile esikhundleni.
UMzansi Afrika usuziqhelelanisile nezinsolo zomkhonyovu mayelana nokusingathwa kwendebe yomhlaba kuleli ngowezi-2010. UNgqongqoshe wezeMidlalo kuleli uMnu Fikile Mbalula uthe, “Sisamile ekutheni uhulumeni wakuleli neLocal Organising Committee abakhokhanga ntshontsho ukuze kudlalelwe indebe yomhlaba kuleli zwe.”
UMbalula uqhube wathi uMnyango wakhe awufuni ukuzifaka empini eqhubekayo phakathi kweMelika neFIFA, “Kungakuhle iFIFA izikhulumele yona.” Kuphetha uMbalula.
Umshushisi omkhulu waseMelika uLoretta Lynch walile ukuphawula mayelana nophenyo lukaBlatter.
Eminye imibiko icashunwe kwi-Agence France Presse nakwiBizNews.com