06 Sep
06Sep

Intatheli yezaseMsinga

“Lena yinto okumnandi ukuba nayo” usho kanjena umqeqeshi weKazier Chiefs uStuart uBaxter emukela umklomelo wakhe wokuba ngumqeqeshi ovelele wesizini ka-2014/15 emcimbini wamaPSL awards obuseGoli…Loludaba lushicilelwe kwezaseMsinga Newspaper ngowezi-2015…

UBaxter oke waqeqesha iBafana Bafana kusukela phakathi kuka-2004/05 emveni kwalokho wafulathela leli ehlulekile ukufaka iqembu lesizwe emqhudelwaneni wendebe yomhlaba ka2006 uthe, “Kukhona ababa nemilomo emide ngokungafezeki kwezinjongo zami ngisaqeqesha iBafana Bafana. Yibo laba bantu ebengifuna bawagwinye amazwi abo ngokubakhombisa ukuthi ukube ngangithole isikhathi esanele sokuhlanganisa iqembu lesizwe, mhlawumbe ngabe sikhuluma okunye. Ukuthatha iligi kabili kumasizini amathathu akulula, kodwa le ndebe ye-ABSA Premiership seyicacisele noma ubani ukuthi uma unginika ithuba elenele lokwakha iqembu, ngingakuthatha ngikubeke esicongweni.”

UMnu Kaizer Motaung onguSihlalo nomnikazi weqembu utuse kakhulu indlela iqembu lamaKhosi elidlale ngayo umdlalo wokugcina neChippa United. Uthi akasazi wayegcine nini ukubona umyoninco webhola alibone eNelson Mandela Bay Stadium.

Nokho uzwakalise ukudumala ngokufa komlandeli weChiefs odubuleke ngengozi ngesikhathi kunobezama ukuhlwitha isibhamu sephoyisa ngenkathi abalandeli bengena enkundleni.

“Umndeni wonke wamaKhosi udlulisa amazwi enduduzo  emndenini olahlekelwe yisihlobo sawo. Ukulahlekelwa kwenu kungukulahlekelwa kwethu. INkosi ibe nani kulesi sikhathi esinzima.”

Ngesikhathi isisezandleni zakhe uBaxter indebe ye-ABSA uthe, “Lolu kube uhambo olude esiluqale nyakenye. Siqalise okwesitimela esingami ndawo, sadlala imidlalo engu-19 yonke singashaywa qembu esidlala nalo.”

Ezinye izicoco esezinqotshwe yilo mqeqeshi elokhu ebuye kwiChiefs eseMTN neseNedbank Cup. UBaxter  okumanje uqeqesha iChiefs ngokubambisana noDoctor Khumalo uthi kulo mdlalo wokugcina obusePort Elizabeth ukuvumele ngamabomu ukukhomika kwabadlali enkundleni ngoba vele ubesiyinqobile indebe.

IChiefs eqale kahle kulo mdlalo negcine iwunqobe ngamagoli amabili eqandeni, ikhombise ukudembesela esiwombeni sokugcina. Amagoli eChiefs ashaywe wuMandla Masango noWillard Katsande.

UBaxter uthi izinto zimhambele njengezifiso nokuqeqesha kwakhe enkundleni, njengoba echaze indlela elingene ngayo igoli lesibili njengento emkhombisile ukuthi abafana bebelandela imiyalelo yakhe yasejimini.

UKapteni wamakhosi uTefu Mashamaite owole kwasani emcimbini wokuklomelisa abadlali bebhola obuseSandton eGoli naye akawuvali umlomo, “Sibe nesizini enhle ngendlela emangalisayo. Umdlalo wethu neChippa United besekuwukuzijabulisa nje.”

UTefu uthi njegabadlali bebenganelisekile ngendlela ebaphunyule ngayo indebe ngesizini edlule, “Bekungathi sarojwa indebe yethu yiMamelodi Sundowns nyakenye. Besilokhu sinesikweletu sokukulungisa lokho.”

Lo mdlali odabuka eLimpopo oseneminyaka engama-30 ubudala uyidlale yonke imidlalo yeChiefs kule sizini, washaya amagoli amabili kanti mabili vo amakhadi aphuzi awatholile, lokhu okusho lukhulu kumuntu odlala emuva njengaye.

USboniso Gaxa ngomunye umdlali weChiefs oyidlale yonke imdlalo yeqembu kule sizini. Ukuqina kwabo njengabadlali basemuva kwenze AmaKhosi angenelwa amagoli ali-14 kuphela emidlalweni engama-30, okuyinto encomekayo.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING