31 Jul
31Jul

Ngu Aya Ngubane

EMABOMVINI – Umthombo wethu ubika ukuthi izigodi ezine ezithintenkayo odabeni lokufakwa kwazo ngaphansi kukaMasipala waseMvoti ngohlelo lokusikwa kabusha kwemingcele, phecelezi i-New Dermacation, ziluhlabe zaluhlikiza udaba lokuwela ngaphansi kwesifunda-nkantolo saseMvoti...

IKhansela lika-ANC kuWard 12 uMntwana uKhetheyakhe Ngubane

Lezi zigodi ebezihlanganele kwaNdaya okunguPhakwe, yiNzala, yiNqola noDolo bezimelwe zinduna zazo kulo mhlangano, ezibuzile eKhanseleni eliphethe njengamanje kuWard 12 uKhetheyakhe Ngubane ukuthi akabuzanga ngani abantu kuqala ukuze bazisholo bona ukuthi bayafisa yini ukuba yingxenye ye-New Dermacation.

Kuvele nokuthi kukhona insizwa yakwaDolo ebisanda kulimaza enye insizwa yaseMvoti, zahlangana izigodi zamaBomvu eziseduzane zayikhuza leyo mpi. Bathi babengatshelwa ngani pho  ukuthi bangakhuzi uma kanti bekuxabene abantu baseMvoti bodwa?

Kunezinsolo ezibhekiswe kuKhansela uNgubane nomunye umholi wepolitiki okuthiwa yibona ebebehlela le-New Dermacation ngoba kuthiwa iningi imali eholwa ngamaKhansela angaphansi kukaMasipala waseMvoti kunaleyo eholwa ngamaKhansela angaphansi kukaMasipala waseMsinga.

Lo mholi wepolitiki kuthiwa ugaqele isikhundla sokuphatha uMasipala omkhulu waseMzinyathi.

“Ingcabha nje ukuthi sesicishe salahlekelwa yingxenye ethile yakwaDolo yawela eMakhabeleni ngale New Dermacation.” Kusho umthombo wethu.

Eziphendulela uKhansela uNgubane nalemibiko uthe, “Akumina engidabula imingcele emisha. Kune-Dermacation Board kahulumeni okuyiyona edweba le mingcele emisha. Futhi akulona iqiniso ukuthi akuyiwanga kubantu. Ukhona umhlangano ka-Ward 12 wemingcele owahlala kwaDolo  la abantu bazisholo ngokwabo ukuthi bafuna ukuya eMvoti. Babili kuphela abantu engibakhumbulayo kulowo mhlangano abaphikisana naleso siphakamiso.”

Izindleko zokufika kulabo masipala bobabili azefani. Thina ngapha izinto eziningi sizenza eMdlovane ngoba kushibhile ukuya khona ngezimoto, akufani nokuya oThukela lapho ugibela khona kabili. Nabantu abiningi bangapha kuWard 12 sebehola khona eMdlovane...

UKhansela uNgubane uthe akanalwazi ngendawo okuthiwa isicishe  yawela eMakhabeleni: “Mina anginankinga nokuwela noma yikumuphi uMasipala. Into nje ukuthi kithina esakhele le ngxenye yoMsinga eku-Ward 12 kulula ukufinyelela eMdlovane kunokuya oThukela. Izindleko zokufika kulabo masipala bobabili azifani. Thina ngapha izinto eziningi sizenza eMdlovane ngoba kushibhile ukuya khona ngezimoto, akufani nokuya oThukela lapho ugibela khona kabili. Nabantu abaningi bangapha ku-Ward 12 sebehola khona eMdlovane. Yikho lokho okwenza kube nabantu ababona ukuthi kuzokwenza impilo yabo ibe lula ukuwela kuMasipala waseMvoti oholwa wu-ANC.”

Umhlangano ube sewunquma ukuthi uKhansela uNgubane makahambisane namanye amakhansela amabili ukuyolungisa le nto la yoniwa khona.

Izinduna kuthiwe azibhale izincwadi ukuze uKhansela uNgubane azedlulilisele ebhodini yemingcele.

Kunqunywe ukuthi ngo-September kofanele ube usukhona umbiko mayelana nenqubekela phambili ngalolu daba.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING