02 Jul
02Jul

Izazi Team

Akukho ngxabano ekhona la phakathi kukaMntwana uMisuzulu nenkosi yakwaButhelezi uMangosuthu. Kusaqhutshwa wona nje umkhankaso wokuqhekeza uZulu phakathi...

Kumanje umyalelo ophuma eNdlovukazini yamaNgisi uthi uButhelezi akaqhekeze uZulu abe zicucu ezintathu njengoba aqala ukuwuqhekeza ngempumelelo kusukela ngowe-1975 ngokusungula iqembu leNkatha, waphinde wawuqhekeza futhi okwesibili nyakenye ngokubeka uMntwana uMisuzulu engakhonjiwe yiNdlunkulu kaZulu esiHlalweni sikaMdlokombane ngokungekho emthethweni.

Manje-ke sekuthiwe akaqede nya ngoZulu ngokuwuqhekeza okwesithathu ngokwenza sengathi yena noMntwana uMisuzulu abasaboni ngaso linye kube kungenjalo. Ngalomkhuba useqhekeza ngisho i-IFP imbala phakathi. Amanga aluhlaza cwe ukuthi baxabene. Ayikho into engabahlukanisa. Abahlanganiswe yindandatho yobu-Freemason bahlukaniswa wukufa kuphela, manje bathi benza bani isilima?

Inkosi yakwaMzimela le uButhelezi athi angeke yakwazi ukusingatha Ingonyama Trust ngoba isemfishane, izalwa owayeyinsila yakhe yokuqina, inkosi uMpiyezintombi Mzimela. Akasoze uMisuzulu enze into angayitshelwanga wuButhelezi ngokuqoka inkosi yakwaMzimela engashongo, kwazise uShenge wuye oyingonyama yamaZulu sikhuluma nje. UMisuzulu lo wubuso nje baseNdlunkulu kaZulu acashe ngabo.

Uma ekuphika lokhu uShenge akamehlise phela uMisuzulu esiHlalweni njengoba ethi useyadlebeleka nje, angithi wabekwa wuye? Angithi wuyena obehla enyuka edansela amakhamera abezindaba, ethuka namalungu aqavile aseNdlunkulu kaZulu ngezinhlamba ngenhloso yokugxingxela yena loMisuzulu wezimanga esiHlalweni ngenkani.

Indandatho eyisitembu sesivumelwano noSathane egqokwa ama-Freemason

Inkinga enkulu ebhekene noButhelezi ukuthi abanikazi bakhe sebenqume ukuthi asihlakazwe siphele nya isizwe sikaZulu manje, kodwa akufanele kubonakale ukuthi isandla abasisebenzisayo wuye, ngakho-ke sekumele kwakheke isithombe okungesiso sokuthi yena noMntwana uMisuzulu sebeyinkukhu nempaka kanti bobabili babambisene ekushabalaliseni isizwe sikaZulu.

Njengoba sike sasho ekuhlaziyeni kwethu phambilini ukuthi Ingonyama Trust le yayingasungulelwanga neze ukuvikela umhlaba kaZulu, kodwa kwakuyiyelenqe nje lokuvimba ukufika kokhetho lokuqala lwentando yeningi abanikazi bakhe uShenge, kusetshenziswa yena.

Ngenhlanhla wawubamba lo mqondo uMadiba, wayisayinda. Ukube akayisandanga, lwaluzoqhubeka udlame nokubulawa kwabantu ezitimeleni kwaZulu-Natal nase-Gauteng, into uMnu Thabo Mbeki athi yayihlelwe wuhulumeni wobandlululo nezincelebana zawo ukuze kusetshenziswe ukubulawa kwabantu abamnyama ezweni ukufakela i-ANC ingcindezi yokuthi isayinde nezivumelwano ezibhedayo ngaphambi kokhetho lukazwelonke.

Ikhohlisana ihlomile ngowe-1994: Inkosi uMangosuthu Buthelezi ixhawulana noMandela emva kokusayindwa kwesivumelwano se-Ingonyama Trust

Efilimi lika-Jihan al Tahri elisihloko sithi; “Towards the Rainbow”, uMbeki uthi ukube abasheshanga ukusayinda lezo zivumelwano ezithile ababenqikaza ukuzisayinda njenge-ANC, kubandakanya naso lesi seNgonyama Trust, kwakuzobhebhezeleka ukubulawa kwabantu ezweni wuhulumeni wobandlululo nezincelebana zawo.

Uma usiphikisa kulokhu, sichazele phela ukuthi ubekushiso yini uButhelezi ukuthi i-ANC ayibuyisele uRamaphosa ekwengameleni izwe ihlandla lesibili, kodwa uRamaphosa ebe engakufihli ukuthi ufuna ukuthatha lo mhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ube ngaphansi kukaHulumeni. Kuthi abawakhele banikwe amatayitela ukuze babambise ngawo uma befuna ukweboleka izimali emabhange. Sonke siyazi ukuthi leli yiyelenqe lokuholela abantu ezikweletini abazohluleka ukuzikhokha, ukuze amabhange adle lo mhlaba obungaphansi kwe-Ingonyama Trust kubantu, imihlaba yabo ibuyele ebelungwini.

Simuzwile nje uShenge exhopha amakhosi emhlanganweni abe nawo ngeledlule eMpangeni, la ayezama ngazo zonke izindlela ukukhipha uRamaphosa kuleli tulo lokuthathwa komhlaba kaZulu ongaphansi kwe-Ingonyama Trust, enza sengathi uRamaphosa akahlangene nhlobo nombono walowo onguSihlalo weKomiti lokubuyiswa kwemihlaba kuhulumeni uMnu Kgalema Montlate, owavusa imihlwenga kuZulu uma ethi sekufike isikhathi lapho kumele kuqedwe nya nge-Ingonyama Trust ngoba isiphelelwe yisikhathi; umhlaba udliwe wuhulumeni.

Kwakuphume nesinedolo mhla kuvotelwa uhulumeni 'wentando yeningi' ngowe-1994

Angithi uMontlante useKomitini lePhalamende elasungulwa wuye kanye uRamaphosa wezimanga lo, elihlaziya izindaba zokubuyiswa komhlaba? Konje kungenzeka yini isandla sakho sokunxele singazani nhlobo nokwenziwa yisandla sakho sokudla njengoba sazi sonke ukuthi izandla ziyagezana? Manje kwenziwa bani isilima la ngoba sonke siyazi ukuthi la mazwi ayephuma emlonyeni kaMontlante ayevela kuye qobo umthakathi wezindaba, uRamaphosa? Lokhu kuchazani ngezinhloso ezifihlakele zikaButhelezi kulesi sikhathi esiphila kuso nge-Ingonyama Trust?

Uma abanikazi bakhe okungamaNgisi esewufuna lo mhlaba kaZulu, ucabanga ukuthi uButhelezi angaphikisana nabo? Iyiphi-ke enye indlela angayisebenzisa ukuphisana ngalomhlaba kaZulu kubelungu ngaphandle kokuvusa izinsolo? Ukuthi enze sengathi uxabana noMntwana uMisuzulu kube kungenjalo, bese kuba sengathi kwaba wubudedengu bukaMisuzulu ngokuqoka imfundamakhwela eyinkosi yakwaMzimela ukuphatha i-Ingonyama Trust, wahamba kanjalo-ke umhlaba kaZulu.

Ukubuya kwesandla sikaPilatu mhla enikela ngeNkosi uJesu Khrestu emankentshaneni

UButhelezi usegeza izandla zakhe njengoPilatu manje ekuphaniseni kwakhe ngefa lesizwe sikaZulu. Ufuna ukukhunjulwa njengomuntu owaba msulwa kuyo yonke le nto, ukuze izithutha zisole isiyingayinga saseNdlunkulu lesi esakhiwe wuye uMisuzulu, kuthiwe yiNdlunkulu kaZulu eyaphanisa ngomhlaba wesizwe, sibe sazi sonke ukuthi ipolitiki yakhe vele ibeke abelungu phambili kunabantu abamnyama.

Uma usazibuza ukuthi kungani uZulu uyiva kangaka ebelungwini baseNtshona, usukhohliwe ukuthi yacishe yamelwa yinhliziyo iNdlovukazi yamaNgisi ngowe-1879 ihlulwa yiSilo uCetshwayo eSandlwana. Uma kunesizwe esingaxaka amaNgisi njengoba ezitshela ukuthi aseqedile nje ngoKhongolose embhidlangweni wawo wokuginga wonke uMzansi, leso sizwe wuZulu. UZulu yisitha sabo sokugcina ekuqedeni ngoMzansi njengoba bezitshela ukuthi sebeqedile nje ngoKhongolose ngesandla sikaCyril Ramaphosa.

Manje uButhelezi noMisuzulu sebethole umyalelo othi abazenze izitha bengezona ukuze nalamaZulu eNkatha asathatha noma yini uButhelezi abafunza yona ngaphandle kwemibuzo, agcine eseyinkatha yenkangala okokugcina, engasazi ukuthi alandele bani phakathi kwalamasongo eNdlovukazi yaseNgilandi asezishaya into engakhali ngokufana.

Inhlosongqangi la…

Ukucakaza isizwe sikaZulu sibe zicucu. Namakhosi ezizwe ezingaphansi kobukhosi bukaZulu imbala awasazi kwasibhakela nanqindi uma sekunje, kwazise uShenge useqale adume ngazo, ukuyiqoba ayidide. Ufuna ethi endela koyise mkhulu isizwe sikaZulu asishiye sesiyisijingi esingabondiwe, into engasazazi noma iyinhlama noma iyibhece yini.

Sahlakazwa kanje nesizwe samaJuda wuSathane ngabapholifithi bamanga abanobuchule bokuzidayisa kubantu njengezethenjwa zombuso kanti babekelwe isikhathi esithile, okuthi uma sesifikile, bayihoshe induku emqubeni babhonye isizwe siphele nya.

AmaNgisi awasoze akuthola ukuphumula emhlabeni isizwe esinguZulu singakashabalali eMzansi noma okungenani singakahlakazeki sigcwale izinkalo njengamaJuda angempela akwa-Israeli lawa esikhuluma nje nawo agcwele amathafa umhlaba jikelele. Namanje omashayabhuqe bezifo zemfazwe (biological diseases) ezikhandwe yiwo amaNgisi/Judambumbulu lawa ukubhuqabhuqa abantu abamnyama njengengculazi ne-Extra-Drug Resistant Tubercolusis (XDRTB), enze isiqiniseko ukuthi zibulala amaZulu kakhulu kwelikaMthaniya kunakwezinye izifundazwe.

Khumbula isaga esithi: “Imbuzi ichitha impilo yayo yonke yesaba ukudliwa yimpisi yasendle, kanti ekugcineni izodliwa wumelusi wayo emethembayo.”
Yisiko-mpilo leSatanism nobu-mafiya leli, la ekugcineni indlovu igcina igitshwe abasondezeli bayo. Kulomzekelo indlovu enamandla yini Zulu, sebeniphendukezele idlozi lenu ebenilethemba, selinifulathele, ligwaza ekhaya.

Naye njalo akazenzi, ukhokha isikweletu samaNgisi asithatha mhla ziyisi-6 ku-Septhemba ngowe-1957, mhla iNgisi ogama lalo lingu A. Turton limbeka esihlalweni sobukhosi bakwaButhelezi kungesona esakhe, kugudluzwa uMntwana uMceleli esihlalweni sikayise uMathole, owahujwa waze wayobhaca le enhla nezwe likaSoshangane; kwaSibasa.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING