25 Feb
25Feb

Ngu Sbu Ngubane

Inhlangano elwela amalungelo abaculi eNingizimu Afrika i-Creative Workers Union (CWUSA) isigcine iyihlehlisile imashi ebihlelwele ukuya emahhovisi eLocal Organising Committee (LOC) ukuyokhalaza mayelana nokushiywa ngaphandle kwabaculi bakuleli ekhonsathini elizobe lendlalela imidlalo yeWorld Cup 2010 mhla zili-10 kuJuni e-Orlando Stadium eSoweto. Lombiko wabhalwa ngo-2010...

UMnu Mabutho Kid Sithole weCwusa

UMnu Mabutho Sithole obengumgqugquzeli wale mashi uthi le mashi ebizoba ngomhlaka 15 ku-April ibizosuka khona eSoweto egaraji likaphethrolo iBP eliseZone 5 eDiepkloof ilibhekise emahhovisi eSAFA eNasrec lapho bekuzothulwa khona izikhalazo zabo ezikhulwini zeLOC. 

USithole uthi ohlwini lwezikhalazo zabaculi bakuleli ezikwi-memorandum yabo bathi i-Creative Workers Union akube yiyona eqoka abaculi bakuleli abakufanele ukugiya kuleli khonsathi, hhayi ukuthi kuqhamuke umuntu wakwelinye izwe abatshele ukuthi baculelwe wubani ezweni labo.

Egameni leCWUSA uSithole uthe, “Lesi sinqumo sokumasha besilandela uhide lwemihlangano engabanga nazithelo phakathi kwethu nezinhlaka ezisingethe ezobuciko kuleli. Esikutholayo wukuthi yonke le nto ihlelwe inguyazana abantu abangasazi nokuthi siyini thina ma-Afrika njengoba noNgqongqoshe wezoBuciko namaKhono uLulu Xingwana ethi akatshelwanga lutho ngale nto. Manje-ke sithi thina sifuna leli khonsathi libophele 80% wabaculi bakuleli, kuthi u-20% kube abangaphandle. Ngale kwalokho angeke libe khona.”

USithole uthe leli khonsathi eligquqguzelwa yinkampani yase-USA i-Control Room libophele izihlabani zaphesheya zodwa ezinjengo-Alicia Keys, uJohn Legend nabanye, kanti amathikithi asukela kuR450 kuya ku R1400.

Nokho-ke uSithole uthi njengamanje zikhona izivumelwano asebefinyelele kuzo neFIFA okubalwa kuzo sona lesi senani lika 80% labaculi bakuleli nokubandakanywa kweSAMPA (South African Music Promoters Association) ebingabambile qhaza nayo kulo mcimbi kwazise ibishiywe ngaphandle. Okunye athi kuvunyelwene ngakho ukumeleleka kweCWUSA kwiCongress yeFIFA ngaphansi kohlelo oluqanjwe ngokomthethosisekelo wakuleli zwe i-Black Economic Empowerment (BEE).  

“Lesi sivumelwano asisho ukuthi sekuyethenjwana.” Kusho uSithole. “Usibona nje sibabeke ngaphansi kweso lokhozi ukuthi abazukulala yini namhlanje kuyasa sebesho okunye. Njengoba ubazi nawe, laba bantu bebhola bayajikana.Phela sibabambe oqotsheni sebethi basishaya nge-offside laba bantu.” 

Umculi weKwaito owaziwayo nosezakhele igama kwezokupromotha abaculi kuleli uVictor Bokgopane owaziwa ngelikaDoc Shebeleza, naye ungomunye wabaculi ababhodla ishalati ngalesi senzo salaba bagqugquzeli bamakhonsathi baphesheya kwezilwandle.

UDoc Shebeleza obhodla ishalati ngokubukelwa phansi kwabaculi bengabadi

“Siyasola ukuthi kukhona esebefumbathiswe amantshontsho.” Kubalisa uDoc Shebeleza. "Laphaya kwi-LOC akukho noyedwa ofuna ukuphumela obala ngalo mkhonyovu. Uma ufuna izimpendulo eziqondile bavele bahlafune amanzi nje."

UShebeleza ukhale nangokuthi kunesikhulu seLOC asebezame bancama ukusithola ngalolu daba kodwa siyacasha. “UMnu Rich Mkhondo sesizame sancama ukumthola ukuze acacise ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi enethunga isengelwe phansi. Yingakho-ke bese size safinyelela esinqumeni sokuthi simashele khona ekomkhulu leLOC.” 

UShebeleza uthi kule mashi bebesekwe osondonzima kwezepolitiki, abala kubo uMkhonto we Sizwe Veterans Association, (MKMVA), i-Azanian People’s Liberation Army (APLA) Veterans, yi-ANC Youth League, yiSACP Youth League, iCOSATU kanye neSANCO.

Ozibiza ngenkosi yomculo weKwaito u-Arthur Mafokate uthe naye ubezimisele ukugxoba itoyitoyi kule mashi kodwa wezwa kuthiwa isimisiwe. Uthe izizathu zokumiswa kwayo ubengakaziswa ngazo, wacela le ntatheli ukuthi ikhulume nabagqugquzeli bayo. 

U-Arthur Mafokate ongeneme ngesenzo seLOC

Omunye wabaculi ababhodla ishalati kulo mkhankaso uMzwakhe Mbuli obeke wathi: “Akuyona inhloso yethu ukumisa lo mcimbi. Esikulwelayo wukuthi abagqugquzeli bawo abasubukela phansi amakhono ethu, basibandlulule ngomcimbi okufanele ngabe ubeke thina phambili njengeminsinsi yokuzimilela kuleli zwe. Ngezwi elilodwa nje sithi asisoze sivumele iFIFA ukuba isiphuce iqatha emlonyeni ngento okungeyethu.” 

UMzwakhe uthi bebememe nabashayeli bamatekisi kulemashi, abadayisi basemigwaqeni nabo bonke abangasebenziyo ukuba baphume ngothi lwabo kuzokhuzwa lo mhlola.

“Sithi uma iFIFA ingazifezi izethembizo zayo ngalesi sivumelwano abathandi bomculo baseMzansi bangalinge baleseke leli khonsathi ngenxa yokungabandakanywa kwabaculi bengabadi ukuze iFIFA ifunde isifundo sokuthi nathi singabantu lapha e-Afrika. Ngaleyo ndlela akukho muntu onelungelo lokufika la adwanguze nje azenzele umathanda.” Kusho uMzwakhe ngokunengwa. “Phela lokhu kuwukunyathela amalungelo abantu.” 

Imizamo yokuthola uMnu Rich Mkhondo iphunzile njengoba ucingo lweLOC belukhala lungaphendulwa.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING