31 Jul
31Jul

Ngu Sbu Ngubane

Noma sesiside isikhathi uMzansi Afrika uzithokozisa ngomculo we-Afro-Jazz, lo mkhakha usuguquguquke kaningana kusukela uLetta Mbulu noMirriam Makeba bawuqopha eminyakeni yama- ‘60’s kuya kuma- 70s. Lolu daba lubhalwe ngowezi-2014…

                             ULungile 'Naima K' Khumalo

OkaMakeba uze wazizuzela iGrammy Award ngawo ngowe-1965 esehlala e-USA.

Kuthe ekuqaleni kwama-’80s uBrenda Fassie ehambisana neqembu lama-Big Dudes wakhipha ingqophamlando ye-albhamu i-Weekend Special, okwathi labo ababewubukela phansi lomculo bawubiza ngebubblegum. Noma abanye bawuklelisa njengomculo we-disco lona, kodwa oka-Fassie wayesahamba khona ezinyathelweni zawo-Letta Mbulu noMirriam Makeba.

Noma kukhona labo abathi ngokuwuhlonipha bawubiza ngePop lo mculo, kepha uma usukhuluma nezazi kwezomculo wase-Afrika ezinjengo Mnu Koloi Lebona bezikutshela ekhaleni ukuthi lo mculo kahle-hle bekuyi-Afro-Jazz.

Ngokufika komculo we-kwaito ekupheleni kwama-‘80s nensizwa yaseTembisa uJames Skhosana weqembu i-J.E. Movement owasheshe walendulela nokho leli (hhayi uMdu no-Arthur, laba bayigibele emuva kakhulu inqola yekwaito) owaduma ngengoma ethi Ujola noJack, naye okaFassie ugcine exebukile ezimpandeni zakhe ze-Afro-Jazz wazama lo mkhakha obususemfashinini kodwa akwangalunga.

Kuze kwathi ngokubuyisana kwakhwe nenkakha kaprojuza uSello 'Chicco' Twala maphakathi kweminyaka yama-90’s ngecwecwe iVul’indlela; lwaphinde lwabaseleka futhi ugazi lwalo mculo, yize abaningi kuthe usubuya ngalendlela bawuqamba igama elisha bathi yi-Afro-Pop.

Kuthe noma sebebuya kuleli oHugh Masekela noBusi Mhlongo wodumo lwe-Urban Zulu bathola ibhodwe selifudumele, base bewujiyisa lo mculo ngesiqgi sasenhla ne-Afrika, wagcina sewubizwa ngokusemthethweni njenge-Afro-Jazz futhi.

                                   Busi Mhlongo

Nokho-ke lapho elele khona uBusi uyaziqhenya ngoNaima K. Lo mculi osezakhele igama emkhakheni we-Afro-Jazz uthi okaNjomane nguyena obeyi-role model yakhe. Omunye umculi ongaconsi phansi kuNaima wuZonke Dikana. Ave eziqhenya ngabaculi besifazane abazibhalela izingoma baziprojuzele nama-albhamu abo kwazise naye ungumqambi wamaculo.

Njengoba kade egubha iminyaka  engama-25 azalwa kwi-Birthday Bash yekhonsathi eyayiseMargate nyakenye, usedlulise ukubonga igalelo intombi endala engugogo wakhe elidlalile empilweni yakhe.

“UMaSithole nguyena ongikhulise kanzima nezingane zakithi ezine sesiyizintandane kulandela ukwedlula emhlabeni kwabazali bethu ngiseneminyakana eyisithupha vo ubudala.” Kusho uNaima K ngokudabuka, “Ugogo ubesidonsa ngendlebe esixwayisa ngengozi yokuphila impilo yobudlwembe, ethi isala kutshelwa sibona ngomopho. Izimfundiso zakhe ziyitholile indawo kithina njengabazukulu bakhe ngoba ngikhuluma nje akukho namunye ezinganeni zakithi one-criminal record, kwazise ababili babazukulu bakhe benza kahle njengamanje emkhakheni womculo.”

Lapha ukhuluma ngaye uqobo kanye noprojusa wakhe ongumfowabo nongumdidiyeli weHouse Music uDJ Sammy K.

Ekhuluma nezaseMsinga uSammy K uthe lolu hambo lwempumelelo kadadewabo luqale ngonyaka wezi-2003 emva kukuhlanganisa kwakhe i-recording studio ekhaya kubo ePort Shepstone, okuthe ngenxa yokuthi ungumxavathi wo-piano kwabalula ukuthi baqambe izingoma ezigcine ziphume kule-albhamu entsha kadadewabo.

“Noma besingabantu abaziwayo ngokucula kuma-School Choir sidlale nama-demo ethu kuma-Beauty Contest ngasekhaya, akekho owayezitshela ukuthi uNaima uyogcina ekuleli zinga akulo.  Engikutusayo ngodadewethu yintshisekelo aba nayo kunoma yini afisa ukuphumelela kuyo. Kulo mkhakha kulula ukudikibala uma ungumuntu wesifazane ngoba indlela eya empumelelweni ingumqansa. Besekunesikhathi sizama kungalungi.”

Ukube ubengaculi i-Afro-Jazz uNaima K uthi ngabe waqopha i-albhamu yeHouse  njengoba kungumculo awukhonze kakhulu lona. Useke wabhalela abaculi abangosaziwayo  izingoma njengo-DJ Happy Girl noDJ Bongs. Umculi amhlonipha kakhulu kulomkhakha uBucie wodumo lwengoma i-Get Over It.

Udlulisa ukubonga nasenkonzweni akhulele ngaphansi kwayo i-Assembles of God ngokumfaka emgqeni nokumgqugquzela ekubeni yilo muntu anguye namhlanje.

“Ukusindiswa kwami yikona okwangenza ngahlanganisa le ngoma ethi “Leli Langa”. Kuningi engidlule kukhona njengomuntu wesifazane osemncane emva kokushona kwabazali bami okungenze ngaba nelukuluku lokuphokophelela impumelelo kwengikwenzayo.”

Uthi ukusebenza kwakhe kwaPost Office njengo-teller uma eqeda umatikuletsheni kumfundise lukhulu ngokuzithoba, okusengumgomo wakhe noma esengusaziwayo, “Uma ngisekhaya ngiyenqaba ukuthi umphakathi engikhulele kuwona ungibuke njenge-celebrity.” Kusho uNaima K. “Angiyena umuntu onezithupha nothanda ukutatazelelwa. Ngihlala ngibakhumbuza ukuthi kubona ngiseyilowa Lungile Khumalo abamaziyo.”

Le-albhamu eqoshwe yinkampani i-Touch Afrika kaMdu Ngcobo ezinze eThekwini iphekwe yathululwa yizinkakha ekukhiqizweni kwamanoni e-Afro-Jazz uRobby Malinga noMojalefa Mashego bodumo lukaZahara.

Lo mculi ozithokozisa ngokubuka ithelevishini uma engazikhiphile nabangani bakhe uthi uyazifela ngohlelo lwethelevishini iZaziwa kanti i-celebrity crash yakhe wuDrake, athi uthatheke kakhulu yindlela agqoka ngayo njengosaziwayo. Kumanje akanamuntu ahlekisana naye (kubhalwa lolu daba ngowezi-2014) enjalo nje akanasizungu sikamaqondana ngoba: “Okwamanje isithandwa senhliziyo yami yi-mic le engiyiphatha esiteji kanye nabalandeli bami.”  Esho ehleka.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING