26 Jun
26Jun

Noma selubikwe kakhulu udaba lobu ndingasithebeni buka-Itumeleng Khune noMandla Masango, kukhona okukodwa wonke umuntu okhuluma ngalolu daba avumelana ngakho;  ukuthi inkinga edale lesi simo esisilubhojozi ngale ndlela kulaba badlali bebhola yimpande yesono - imali... 

Kona kuba yinhlanhla yanoma yimuphi umdlali ukuphelelwa yinkontraki neqembu olidlalelayo ifomu iphezulu ngoba kuye kuthi uma kuvuleka iwindi lokudayiswa kwabadlali bese ubona ithuba lokwenza itshe lemali. Phela kwasalona iqembu leli olidlalelayo kuye kufanele likuthenge kabusha uma lisakudinga, ngale kwalokho ungagcina ufune amadlelo aluhlaza kwamanye amaqembu afisa ukukuthenga.

Kusobala-ke ukuthi kungenzeka kube yilesi sizathu esidude uKhune noMasango ukuthi bafune itshe lemali yeholo uma iChiefs isabadinga. Phela uma uthengwa uyi 'free agent' leyo mali othengwa ngayo iza kuwe yonke, bese ucozulela i-agent inkoshozana nje engango-10% noma ngaphansana. Umthetho omusha weFiFA ubeke u3% njengenzuzo efanelwe ukutholwa yi-agent.

Abadlali abake bawelwa yile nhlanhla esandleni  yoku 'thengwa' amaqembu abawadlalelayo eTurkey wuJohn 'Shoes' Moseou noAce 'Didi' Khuse. Bobali laba badlali bazitholela izigidi zamarandi ezangena emaphaketheni abo njengoba amakilabhu abo avuselela izinkontraki zabo uma ziphela, ebathenga kabusha.

Inkinga-ke ngalaba badlali; uMasango noKhune, ukuthi bobali abathengwanga ngamali eshisiwe yiChiefs, kunalokho uKhune ukhulele khona eNaturena wazikhandla kanzima wenyuselwa eqenjini elikhulu, kanti uMasango iChiefs imsayine esuka ekilabhini encane yalowo oke waba wumsakazi weSABC Sport uWalter Mokoena - iWalter Stars, ebingadlali nakwiPremiership League. Kungenzeka-ke kube yizona zizathu lezi ezenza iChiefs ibe madolo nzima mhlambe ukubathenga kabusha, njengoba ike yezwakala emithonjeni yezindaba imenenja uBobby Motaung ekhumbuza uKhune ukuthi angakhohlwa njalo ukuthi unjena nje kungenxa yeChiefs.

Bese kuba yilama hlebezi angabambeki okuthi uStuart Baxter ubefuna ukuthatha laba badlali inguyazana ayobadlalisa eqenjini asezoliqeqesha eTurkey iGenclerbirligi.  Uma kuyiqiniso lokhu uBaxter uyohlala ezisola uma kugcina kuphelile ngalaba badlali, futhi umlando uyomkhumbula njengomuntu ohlulekayo ukuhlanganisa u-1 no 1 ngoba iChiefs inobudlelwano namaqembu amaningi eTurkey esike yahwebelana nawo phambilini ngabadlali.

Kwawona lo msebenzi awutholile eTurkey uBaxter kungenzeka ukube uwuthole ngenxa yalobu budlelwano, kwazise enye yamareferences akhe kwiCV yiyo kanye iChiefs.   Manje ukuthi ubengazama kanjani ukuyi 'ntshonsthela' abadlali akucaci kahle.

Indaba yama-agents yinkanankana ephathisa ikhanda noma yimuphi umnikazi weqembu uma sekusondela ukuvuleka kwewindi lokudayiswa kwabadlali.

Iningi lalaba bantu benza ibhizinisi qha, abanandaba nomlando womdlali neqembu alidlalelayo. Obeyimenenja kaBenni McCarthy uRob Moore ube nyamana mbana kakhulu kwiSAFA ngesikhathi esolwa ngokwenqabela lo mdlali ukuthi adlalele iBafana Bafana ezikhathini eziningi esadlala ibhola phesheya kwezilwandle. Kodwa uthe lapho uBenny esebuzwa ngokuzimisela kwakhe ekudlaleleni iqembu lesizwe, wayivikela imenenja yakhe lapho aveza khona isizathu esamenza wagcina ehlukene neqembu ayelidlalela eSpain ngaleso sikathi iCelta Vigo, wagcina edlalelele iPorto yasePortugal.

UBenni uthi wayenza kahle kabi eqenjini lakhe ngaleso sikhathi, esezitholele nendawo yakhe njengomgadli ayengasayibangisani namuntu. Kepha uthi kwamthatha amasontshwana ambalwa nje ebuyile ukuzodlalela iBafana Bafana ukulahlekelwa yindawo yakhe ayeseyisebenzele kanzima kwiCelta Vigo kwazise wathi ebuyela emuva umgadli ayesengene esikhundleni sakhe wayesenyuse izinga, wagcina esekhuhla ibhentshi njalo.  Kwaba sengathi uyedelela uBenni uma esekuveza nokuthi incane kakhulu imali abeyihola kuBafana Bafana kunaleyo abeyithola ekilabhini yakhe eSpain.

Into nje okumele bangayilibali abadlali ukuthi ama-agents ayafana nama-labour broker, izinkampani lezi ezifunela abantu imisebenzi. Uma ufunelwa umuntu umsebenzi, kufanele wazi ukuthi ukufunela wona nje ngoba ebheke inzuzo ngawe. Njengoba nemithetho elawula amaholo awo ama-soccer agents isithanda ukuqina nje, kufanele abadlali baqaphele bangalahlekelwa okukhona ngokungekho ngoba mhlambe i-agent ifisa ukwenza itshe lemali ngesidumo. Uma wena njengomdali ungasawutholi umsebenzi, yona iyaqhubeka i-agent isebenze ngabanye abadlali wena ube ubhadle ekhaya.

uBennet Chenene ngomunye wabadlali okumanje uthungathana neqembu  angalidlalela njengoba esehlukane nje neSupersport , ngayo belu i-agent.   Nokho uThabo Mngomeni oke wagijimela uMthatha Bush Bucs, D'Alberton Callies, Cape Town Spurs, Manning Rangers neHellenic, waphanyeka amakhokho akhe esegijimela Ezimnyama ngenkani i-Orlando Pirates; usephumele obala ngalolu daba, watshela abadlali bebhola ukuthi ukuzibophezela eqenjini yena akumsizanga ngalutho.

Utshele i-Kickoff magazine ukuthi izikhulu zebhola abezidlalela ukhuluma nje ziqhubeka kahle nempilo yazo kodwa yena useyahlupheka.

“Ukufuna imali ekufanele njengomdlali akubona neze ubunqonqela. Mhlawumbe abalandeli kufanele batshelwe amaqiniso ukuthi abadlali empeleni bahola malini, hhayi lelihaba lemiholo engekho abantu abahlala befunda ngayo emaphephandabeni. Sisodwa isikhulu sebholaengisaziyo ukuthi sehlukile ngokukhokhela kahle abadlali baso kuleli, lowo nguMnu Patrice Motsepe.” Kuphetha uMngomeni.


I BUILT MY SITE FOR FREE USING