By Aya Ngubane
Bayede Hlanga Lezwe! Bayede Hlanga lo Mhlabathi! Bayede Sithuli sika Ndaba…Sesikhathele manje…
Ngikubhalela le ncwadi njengesakhamuzi sesiFundazwe sakho Ndabezitha esikhathazeke kakhulu ngendlela izinto ezenzeka ngayo esizweni sikaMthaniya. Yebo, isiFundazwe sakho Ngangenzwe Lakhe sesabizwa ngeKwaZulu-Natal, yize sonke sazi ukuthi akubona ubulungiswa lobo.
Lokho kwenzeka ngenxa yabathile ababefisa ukujabulisa abelungu namaNdiya ngenhloso yokuthi kubuyiswane. Mhla sidayiselwa isizwe esesiwuthingo lwenkosazana wuMbhishobhi uDesmond Tutu, nokho osekuhlaluka kumanje ukuthi kwakuyiphupho nje leli elihle likaMnu Nelson Mandela elingabange lisafezeka. AmaNdiya, Ndabezitha, yiwona asekhaleni kumanje kulesi siFundazwe sakho lokufenyisa leli phupho elihle kangaka lokubuyisana kwezinhlanga. Awafuni ukwehlukana nalomkhuba wawo owenyanyisayo wokusidayisa kubelungu ukuze alale edlile.
Ndabezitha, uzokhumbula ukuthi uma kusikelwana amantshontsho ngesiFundazwe sakho kwathathwa ingxenye enkulu yomhlaba wawokhokho waphiwa amaBhunu, kwathiwa awalime amapulazi ahambise umkhiqizo wawo emaNdiyeni adayisele thina bantu abansudu ukudla. Umkhuba oselo kwathi nhlo ongubulwane esasingakaze sibubone kulelizwekazi lase-Afrika; ukuthi abantu bathathelwe umhlaba wabo ngenhloso yokuthi badayiselwe ukudla! Sasingazi ukuthi bathatha umhlaba wethu nje akungoba befuna ukusenza izigqila zabo nje kuphela emafemini nasemapulazini; kodwa bafuna nokusidlisa ushevu.
Inqwaba yezinsizwa namakhosazana akho Mdlokombane ilele ezibhedlela ngenxa yobuthi ababucosha ekudleni abadayiselwa kona emasuphamakethe, kudayiswa abelungu namaNdiya sengathi isizwe sakithi sikhubazekile, asikwazi ukuzilimela umhlaba siziphilise. Singekukhumbuze-ke Ndabezitha ngokuzidela kokhokho bethu beholwa amakhosi ohlanga ekufeleni ubunikazi balomhlaba njengoba inqwaba yezimpi ezaliwayo kubangwa wona zingumlando osuwaziwa ngisho nayingane encane.
Bhejane Phuma Esiqiwini, inhlangano ye-ANC yasungulwa amakhosi, phakathi kwawo okwakukhona ukhokho wakho iSilo uDinuzulu. Ngaleso sikhathi amankengane ayesengene agamanxa kwelikaMthaniya nasezindaweni zamakhosi ohlanga abelana ngomhlaba wethu. ISilo uCetshwayo saze sayobingelela indlovukazi yamaNgisi ngayo belu impi yaseSandlwana yowe-1879, kubangwa wona lo mhlaba osudlala abelungu namaNdiya.
Umlando usitshela ukuthi amakhosi abeka i-ANC esihlalweni sombangazwe nje ngowe-1912 ukuze idudule umzabalazo wokubuyiswa komhlaba yingoba kwase kufike lolu bhubhane olusixake sonke kumanje okuthiwa yipolitiki, okwathi uma elubuka amakhosi anquma ukungabi yingxenye yalo.
Into eyayibalulekile kuwona iyodwa, ukugcina umhlaba wabantu. Ngenxa yokuthi ayeseke aba neziwombe ezingaginyisi mathe nabelungu phambilini, njengempi yaseSandlwana nje, amakhosi abona ukuthi akusungulwe inhlangano yezepolitiki kuqokwe abantu abayizifundiswa ababezodlala lomdlalo omusha wepolitiki njengezithunywa zawo. Omunye wabaholi bakaKhongolose abaqokwa ukuhola leli thimba lepolitiki kwaba nguMnu Langalibalele Dube, uMafukuzela. I-ANC yayizoba ngumlomo wamakhosi kulawomatafula okwazoxoxiswana kuwo. Yingakho kuyiwo nakhipha izimali ukufundisa abanye balaba baholi bepolitiki ukuze bakwazi ukukhuluma nolimi lwezifikanamthwalo lezi ezaseziqala ukuhonga nomhlaba okungewona owazo.
Dr JL Dube
Kwakunethemba Ndabezitha ukuthi izifundiswa zizokwazi ukufikisana ndawanathile nonyelendlini egameni lamakhosi ayengabanikazi bezwe. Ngamanye amazwi i-ANC yasungulelwa ukubuyisa umhlaba kubelungu ngaphandle kokuthi kuze kufikwe ekuthini kuthathelwane izikhali futhi.
Maningi amakhosi ayefisa kubuyelwe enkundleni kudutshulwane kugwazwane ngemikhonto namankengane, kodwa kwafumaniseka ukuthi ingxenye ethile yawo yabona kunesidingo sokuthi kuke kuxoxiswane kuqala nezifikanamthwalo ngazo izifundiswa lezi kubonakale ukuthi asizuvela yini isixazululo.
Kodwa akuphelanga neminyaka emibili kusungulwe i-ANC amankengane adweba umthetho osuwaziwa nge-Land Act we-1913, eyayemuka abampisholo cishe wonke amalungelo ngomhlaba wabo, ishiya abantu abamnyama nesiqintana nje esingamaphesenti ali-13 kuphela, naso siqeshana leso kungesingalimeki yize sasiyizigidi ezibalwelwa ema-40 abantu ukuqhathaniswa nabo njengoba bona babeyiqeqebana nje elibalelwa ezigidini ezingaphansana kwezintathu ngaleso sikhathi. Lokhu kwaba wukuqala komzabalazo wenkululeko yomuntu omnyama wokubuyiswa komhlaba, ogcine usuhamba ibanga eliyiminyaka eli-108 yonke. Uqala ngezingxoxo ngowe-1912 ufinyelela kwangqingetshe ngowe-1961, lapho uKhongolose wabona kungcono ukuthatha izikhali ulwele izwe lamakhosi.
I-108 leminyaka leli yizizukulwane ezintathu zonke uma sibala sisebenzisa iminyaka engama-33 yokuzalwa kwesizukulwane ngesizukulwane esisha kanje: 33 x 3 = 99. Amakotshana ezindlu lezi amankengane agcina ezakhele abantu emalokishini abazosebenzela wona emafemini abebizwa nge-99 year lease, (okwakuchaza ukuthi iminyaka izocishe ibe yikhulu yonke ukhokhela ikopi lendlu yabo ofihle kulo ikhanda). Okuchaza ukuthi ngokwezifiso zabo kwakuyothatha izizukulwane ezintathu zonke ukukhokhela ikopi. Yijoka-ke leli Silo sikaNdaba okwakumele abantu abansundu balithwale emahlombe ngaphandle kokuthimula ezweni lawo yisemkhulu. Wathimula nje nalo ijele.
Kuleyo minyaka enzima ngaphakathi ezweni i-ANC izamile ukuphebeza izitha ngamatshe nezitina ziphethe izinhlokohlela zezibhamu. Yangena yaphuma ngale kwempi yokuQala neyesiBili Yomhlaba. Okuthe ngonyaka we-1944 yaqamba uphiko lwentsha olwaziwa nge-ANC Youth League, lapho kwaqhasha khona abaholi kuyo abafana noMengameli wayo wokuqala ongowokudabuka khona la kwelikaMthaniya uMnu Anton Lembede; owakhuza ibhadi ngomhlola wabaholi abathile abasebemnkantshubomvu enhlanganweni, ebasola ngokuvumela amankengane abaphulule izimpandla bengamadoda amadala.
UMnu Anton Lembede, UMnu Nelson Mandela noMnu Walter Sisulu yibona njengabaholi bentsha abafaka umqondo wePan Africanism kwi-ANC, (owagcina usuphume nabaholi be-PAC ngowe-1959) eyayisiphenduke isimakwana sabelungu idonswa yikhala amaJuda-mbumbulu ayehola i-SACP ngaleso sikhathi, engena ngenxeba lobudlelwano i-ANC eyayinabo nenqubomgomo yeSocialism. Namhlanje sesiyayazi le-SACP yaseMzansi ukuthi yayingumbombayi, ivala i-ANC amehlo ngeSocialism ababengayiphili futhi bengayiphefumuli.
Abaholi bokuqala bombutho wentsha kaKhongolose i-ANC Youth League uMnu Walter Sisulu, uMnu Nelson Mandela noMnu Anton Lembede bedla igunundu
ISACP ize yabuyiswa emgqeni nguMnu Chris Hani ukubuya kwakhe ekudingisweni. Sonke sesiyazi ukuthi uHani washesha kanjani ukugudluzwa yiwo kanye amaJuda-mbumbulu lawa (uJanus Walusz osadonsa isigwebo ngalesi senzo, yiJudambumbulu lokudabuka ePoland) ngoba ezama ukubuyisa isithunzi samaKhomanisi. Namhlanje isikhundla sakhe siphethwe yinkunzimalanga yeKhomanisi-mbumbulu umlando walo emzabalazweni wenkululeko ongacacile neze neze kahle, uBlade Nzimande, osethathe le nhlangano wayidayisela ongxuwankululu babelungu nogombelakwesakhe bamakhephithali ngokudayisa ngoZuma.
Nawo-ke uKhongolose kumanje ukhala esifanayo wena kaNdaba ngomshopi owehlele eNasrec ngowezi-2017, ingede eyaziwayo yempimpi yombuso wobandlululo intshontsha ukhetho. Isizindalwazi sethu (website) sinobufakazi bezithunywa ezikuveza ngokusobala ukuthi abantu ababezovotela uCyril Ramaphosa eNasrec akubona abe-ANC, nobulunga babo kwakungobomkokotelo: Nabu ubufakazi.
Lokhu kufakazelwa ukuthi izithunywa zamagatsha kaKhongolse zafika eNasrec zemukela ngo-elethu imanifesto yalowo owayesengxenyeni ehambisana nemikhankanso yalowo obenguMengameli wezwe ngaleso sikhathi uMnu Jacob Zuma; uDkt. Nkosazane Dlamini-Zuma ngokubuyiswa komhlaba, yiBhangengodla, nokwethulwa kwemfundo yamahhala ezikhungweni eziphakeme zemfundo. Kodwa ekugcineni isizwe sashaqeka sekumenyezelwa imiphumela evuna uRamaphosa yize izithunywa zingaphasisanga nowodwa umkhankaso wemigomo yakhe evuna ongxuwankulu. Lokhu kuchaza ngokusobala ukuthi loluyakhetho Ndabezitha lwakhwatshaniswa, njengoba kwavela kwabezindaba ukuthi lwalusingethwe yinkampani yentombi kazakwabo kaRamaphosa noyisitha esaziwayo sikaMsholozi; uPaul Mashatile.
Emuva kancane nje kwalenhlekelele, uZuma wenza isifundo ngesimemo se-SASCO eNyuvesi i-Water Sisulu eMpuma Koloni, lapho atshela abantu abasha ukuthi iPhalamende akuseyona indawo la inhlangano ebusayo isenza khona izinqumo ezingijuqu njengokwenqubo yentando yeningi ngoba iNkantolo Yomthethosisekelo iyona esiphethe izwe. Isibonelo nje yimizamo yakhe eyachithwa zinkantolo yokuletha amandla eNunzi (Nuclear Energy) eMzansi, (okuyiyona ebishibhe kakhulu kunalama-IPP alethwa uRamaphosa) okuyisiphakamiso esaphasa ngamalengiso ePhalamende kodwa safike savinjwa yizinkantolo, osekuyizona ezithatha izinqumo zokugcina ngezwe zibe zingelona ngisho neqembu elibusayo futhi zingakhethiwe ngabantu ukulawula izwe ngokwentando yeningi. Lokhu kusho ukuthi abelungu sebedle umbuso ngezinkantolo lezi ezenza intando yabo.
Uzokhumbula Ndabezitha ukuthi naseNasrec kwabizwa wona lamaJaji uma kuhlaluka ukuthi uRamaphosa angeke awuphonse umbalane, avimba izithunywa ezithile zikaKhongolose ukuthi zingavoti; njengamalunga e-PEC aseFree State nawaseKZN, okwakwaziwa ukuthi ayeyovotela uDr Dlamini-Zuma. Asetshenziswa amaJaji njengonompempe nabadlali bepolitiki abayizikhohlakali ukupheka imiphumela yekusasa lokuphathwa kwezwe. Ngonyaka ozayo i-ANC ingahle ilahlekelwe yibo bonke omasipala okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya ngenxa yemikhuba yokwedelelwa kwenqubo mgomo yayo (policy) ethathwe amagatsha eNasrec ngomnotho wezwe okumanje uRamaphosa akafuni ukuyifeza.
UJaji Dayalin Chetty, uJaji Sharmaine Balton noJaji Stephen J Koen abavimba ukuthi i-PEC yaseKZN ingavoti eNasrec
Namhlanje uphenyo loMvikeli wo Mphakathi uAdv. Busisiwe Mkhwebane selibuveze ngokusobala bonke ubufakazi bokuthengwa kwezithunywa namaJaji ngaphambi kweNkomfa ukuze kuhlale lobu buholi bukaKhongolose obungekho emthethweni nosebufake izwe ezinxushunxushwini ezingapheli zokuhamba kwamanzi nokucisha kukagesi ukuze kusuke imfazwe.
Mhla amagatsha ka-ANC enquma ukuthi umhlaba awubuyele kubanikazi bawo kwawacacela bha amasela angabelungu ukuthi asefike kwangqingetshe namaqhinga awo aphelile, manje sebezama ukugovuza impi phakathi komnyama nomnyama ukuze benze lokhu asebekwenze kwamanye amazwe asenhla ne-Afrika uma kufika lesi sikhathi sokushenxa ukuze bafake ngenkani undlovukayiphikiswa wabo. Lowo ndlovukayiphikiswa nguCyril Ramaphosa, izinkantolo yizikhali zakhe kanti amasosha akhe amaJaji lawa akhohlakele asewathenge ngemali.
Udaba kabanzi ngalomshophi, nansi ilink...
Ngalesendlalelo Sithuli sika Ndaba ngifisa kukucacele ukuthi singabantu abamnyama siboshelwa amanqina enyathi ubusuku nemini abelungu, amaNdiya kanye nezimpimpi zombuso wobandlululo ezingabantu abamnyama, sakhelwa imigoga yokusivimba ukuthi singasaphumi kuleligoqo lobubha esivalelwe kulo.
Sihlala sitshelwa ukuthi le nkululeko esikuyo ingumphumela wokuxoxisana nokubuyisana, kodwa Ndabezitha siyazi sonke ukuthi lokhu akulona nakancane iqiniso. Ukube abelungu babefisa ukubuyisana nomuntu omnyama, babengeke bayidingise i-ANC ize ingene emzabalazweni wezikhali emuva kweminyaka engama-49 ibancenga.
Lokhu kuchaza ukuthi baphakamisa iflegi elimhlophe nje e-Angola wukuthi base behluliwe empini, behlulwa yi-ANC namadlela ndawonye ayo empini eyaziwa ngeBattle of Cuito Canavale ngonyaka we-1988. Inqwaba yamaBhunu ophiko lwezokuvikela kuleli iSADF (South African Defense Force) abuya kuleyampi eyizidumbu. Akubikwanga nhlobo ngalokhu abezindaba zakuleli ngoba babecheme nabelungu, kodwa kugcine kuvelile ukuthi owayenguMphathiswa wezangaPhandle ngaleso sikhathi kuhulumeni wobandlululo uPik Botha wamangaza inqwaba yamaBhunu uma eseyivuma induku, kwaze kwaquleka nowayenguMengamelio wezwe le ngcindezelo ngaleso sikhathi eMzansi uP.W Botha, owashaywa wunhlangothi.
Le mpi kaKhongolose namaBhunu eyayihlanganise namanye amazwe angama-Frontline States, kubandakanya nezwe laseCuba nelaseRussia ayelekelela i-ANC neMPLA yase-Angola, yaphoqelela owayephethe ezangaphandle ezweni ngaleso sikhathi uPik Botha emva komhlangano ayebe nawo nohulumeni waseMelika (owawuqeqesha amaBhunu futhi uwathengela nezikhali) ukuthi adalulelele ozwakwabo kwiNational Party ukuthi bethanda bengathandi uMandela uyaphuma ejele, enjalo nje futhi usezobusa izwe. Ufe eseyiklabishi nje ngonyaka wezi-2006 uP.W Botha yingoba uze wayongena egodini engakakholwa ukuthi i-ANC seyibusa izwe ngempela. Uzondwa kangaka nje uZuma ukuthi wayekuleyompi eyabulala inqwaba yabacindezeli, edlala enkulu indima le ekuletheni le nkululeko yezwe.
Yingakho nje abelungu bephansi phezulu bemfuna ejele, yingoba wawisa umbuso wabo wengcindezelo ababemanfuza kuwo. Okucika kakhulu ukuthi baholela i-ANC ophathe nje nge ”Peace and Reconciliation” engekho bafuna ukusebenzisa izimpimpi zobandlululo ebese bezithukuse kwi-UDF iminyaka ukuze uma kufika izingxoxo kube yizona ezibhala lo mthethosisekelo oyinxemu ngoba kuthiwa zifundiswa, bafake ne-ANC ogibeni lomgomo wobukhephithali ukuze zonke izinto zenziwe ngamathenda, kudleke izimali zabakhokhi bentela ukuze bakhombe yona futhi i-ANC ngenjumbane. Ucwaningo lwethu luthola ukuthi ingxenye eningi yezimali ezilahleka kuhulumeni zilahlwa ukungaqeqesheki ngendlela kwabantu abamnyama amanyuvesi abelungu lawa abafaka ushevu emakhanda. Afunde agogode umuntu aphume enyuvesi ehambela phezulu kanti akazi lutho.
UZuma wayengeke aphume ayoxoxisana namazwe eBRICS ukuze kutholakale izingcupabuchopho ezifana nezalamani zakwaGupta ukube zazikhona izifundiswa eMzansi. Laba bantu okuthiwa zifundiswa i-ANC ibitshala nje ezinkampanini ngohlelo lwama-BEE ngoba kumele bafunde ukuthi izinto zenziwa kanjani emafemini, baqale ezabo izinkampani kudaleke namathuba emisebenzi kodwa kunalokho laboma-BEE bansondo abakasunguli neyodwa inkampani ethi bona nesezingeni lo mhlaba engakleliswa nasohlwini lokuhwebelana nngamasheya umhlaba jikelele e-JSE.
Kunalokho onkabi bathatha izimali zeziNyunyana abasuka kuzona, noma baboleke izimali enkampanini esingethe izimali zempesheni yabasebenzi bakwahulumeni i-PIC bathenge ngazo amasheya ezinkampanini zabelungu, ukuzivusa uma ziwa. Sithi sinezifundiswa nje ezweni siyazikhohlisa, umqondo wala bantu uhlanekezelwe ngamabomu ngemfundo-mbumbulu yasemanyuvesi asafundisa imfundisoze yeBantu Education kubantu abamnyama. Yingakho nje kunezinkinga ezingaka ezweni ezidalwa yizifundiswa. Imiphumela le yokwethekela imfundisoze evela esitheni sakho.
Ngobunyoka bawo lamankengane athe uma ebona ukuthi asehluliwe empini aphakamisa iflegi elimhlophe ezenza abantu abacela umaluju, athi akuhlalwe phansi kuxoxiswane, kubuyiswane. Kanti wumgoga nje lo wokudobela i-ANC ngaphakathi ezweni ukuze izungezwe kusocongwe labo baholi abebeyinkinga kuhulumeni wengcindezelo ekudingisweni njengoMnu Chris Hani we-SACP noMnu Sabelo Phama owayengumkhuzi wezempi kwi-PAC ophikweni lwe-APLA.
Abanye abanjengoMnu Victor Moche badliswa oshevu kwathiwa babulawe wumdlavuza. NoZuma uze wasizwa abaseRussia sebemdlisile. Lokhu kuhlonza wona amazwi nezexwayiso zamakhosi afana neSilo uDinuzulu uma sixwayisa i-ANC isingulwa ngowe-1912 ukuthi ayibogawula ibheke etafuleni ngoba amankengane awethembekile. Akwenzile lokhu Ndabezitha ezenza abantu abafuna ukudala uxolo phakathi kwawo nenkosi uMatshana, lokhu kwenziwa umfowabo kaTheophelus Shepstone uJohn, owabiza umhlangano mbumbulu nenkosi yakwa-Sithole kanti ufuna ukuyizuma ngesibhamu ayibulale. Inkosi yakwaSithole yasinda ngokulambisa kulolo zungu isocongwa.
Sikhuluma nje Ndabezitha uZuma usethengelwe amaNdiya ukumgweba, (nabu ubufakazi ezithombeni ngenhla) ngamacala owaziyo nawe ukuthi awokwakhiwa. Mina ngibuza umbuzo owodwa-ke Hlanga Lezwe; ukuthi uzothula kuze kube nini amankengane ehlangene namaNdiya edlala ngathi singabantu bakho kwelikaMthaniya elalwelwa lafelwa okhokho bethu? Lo mhlaba uZuma ayekhankasela ukuthi ubuyiselwe kubanikazi bawo eNasrec yiwona kanye lo asewufela kumanje. Lowo mhlaba, ingxenye enkulu yawo ngowakho Sithuli sikaNdaba lapha kwelikaMthaniya. Akuzona yini izitha zikaMsholozi kwi-ANC ezinjengoKgalema Mothlanthe esezisikaza lo mhlaba wakwaZulu ongaphansi kweNgonyama Trust ngamahalavu?
Laba bantu abazibiza ngeCR 17 Ndabezitha sonke siyabazi, akuwona amalunga kaKhongolose lawa. Baqhamuka ezihlanganweni ezinomlando ongacacile kahle enkululekweni yezwe, okuyilamaqembu aphikisayo ePhalamende. Lana Ndabezitha sikhuluma ngesizukulwane sikaZibhebhu ka Maphitha, owaqembula isizwe sikaZulu phakathi kuzoliwa namaNgisi, wathatha ingxenye ethile yamaZulu wayenza imikhovu yabelungu ngethemba lokuthi amaNgisi ayomupha isihlalo seSilo uCetshwayo.
Yiko lokhu esakubona kwenzeka eNasrec Ndabezitha ngowezi-2017. Sinobufakazi esibuchicilele khona la kuBasiki Bebunda online ngalaba bantu. Yingakho beqhunselela ukuthi uZuma akaye enkantolo, yingoba bayazi ukuthi lezizi gebengu zamaJaji abo sebezithengile ukuze zilahle uMsholozi ngecala, nesigwebo azosithola kade siphumile, sanqunywa yibo. Ubufakazi bokusimama kwe-randi uma kuphuma incwadi yokumbopha enkantolo ingubufakazi balokhu.
Lolu zungu Ndabezitha lufolose ngamaNdiya phambili anezinhliziyo ezilukhuni nangamaJaji ezinkantolo, okuyiwona namanje emaJajini amabili kwamathathu (okwakuyiBhunu elilodwa) athatha isinqumo sokuhlakaza ubuholi bukaKhongolose esiFundazweni obabuqokwe ngokusemthethweni ngowezi-2015 buvuna lowo owayesethikithini likaMsholozi nosenguNdunankulu wesiFundazwe kumanje uSihle Zikalala.
Lwaphindwa futhi lolo khetho ngowezi-2018 wadla umhlanganiso uZikalala ngogazi lukaMsholozi. La maJaji awajezanga ngalesi senzo Ndabezitha ngoba imithetho yabelungu iwavikele, akukho kwasigungu esizimele ukubhekelela ukuziphatha kwawo, angondlovukayiphikiswa ezweni. Yingakho sekunabathile emasosheni ombutho woMkhonto we Sizwe nawe-APLA asebecabanga ukuzijezisela wona. Kusobala ukuthi lamaJuda-mbumbulu aphethe lelizwe adiliza amaBhunu embusweni aqasha wona lamaJaji akhohlakele njengohulumeni omusha ozocindezela abantu abamnyama ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi ukuze umhlaba ungasiboni kalula lesi sihlava.
AmaNdiya Ndabezitha asekhombise okukhulu ukusenyanya njengabantu abamnyama eMzansi kusukela efika kuleli zwe ngeminyaka yama-1840 ezobhusha umoba njengezigqila zamaNgisi. Izinkulumo zomholi wawo uMahatma Ghandi eziqoshwe phansi esibiza ngamakhafula ziyaziwa. Namanje axhaphaza abantu kangaka nje Sithuli sikaNdaba emisebenzini esiFundazweni sakho yingenxa yegqubu asenalo ngempi ahlulwa kuyo amaZulu ngowe-1949. Njengoba usuke wezwa nangezigameko ezinyantisayo zokudlwengulwa kwabesifazane abampisholo yiwo, ebakhothisa nezitho zawo zangasese ukuze angabaxoshi emsebenzini.
Sithuli sikaNdaba sesikhathele manje ukuxhashazwa. Kade abafo besifaka umunwe esweni. Izandla seziyaluma. Siyacela-ke Ndabezitha usidedele isizwe sakho sizivikele. Vele umnotho wesiFundazwe sikaMthaniya awusoze ubuyele kubantu abamnyama kusenamaNdiya angumgoqo. Kade asiqala mgokwelekela abelungu ezimpini zabo nathi.
Namanje bawakhela amadilobha lapho kwakuyizigodlo zamakhosi akwaZulu njengophawu lokusikhafulela ebusweni ngamathe; “ungqongqongqo mfana ngiyakwehlula, ubongibekela udengezi emva kwendlu kwenu.” Laphaya eMgungundlovu ku-Church Street yingakho nje namanje kusaqhothe umbazomuntu kaGandhi, oweSilo uDingane leliyadolobha elakhiwe enxiweni lesigodlo saso ungabonwa nangokhalo. Yingoba kade amaNdiya azibandakanya nabelungu ukushiphela isizwe samaZulu ekhanda. Azibuye emasiswemi manje Bayede. Sekwenele.
Ukuboshwa kukaZuma kuyoba inhlamba enkulu ezweni. Uma singabavumela abelungu namaNdiya abo bamvalele bayogcina besibophe sonke njengesizwe uma uke wathi nje nx kubo. Kwawena Ndabezitha awusaphephile, bayokuvusela amacala angathi shu ngelinye ilanga bakugqume ejele ukuze badle lo mhlaba wakho abawuhalelayo. Futhi siyobe sibanike ilayisense yokusicindezela ngaphansi kwale nkululeko eyafelwa amashanhliziyo omzabalazo. Bayohlala bekloloda bethi uma bengabopha uZuma kudlule kucwebe iziziba ubani osangabathinta. Baboshwa kanjani abaholi abalwele inkululeko amasela aziwayo antshontsha umhlaba wobabankhulu ecanasa la ngaphandle? Angeke izinyane lemvubu lidliwe yingwenya kudlule kucwebe iziziba Ndabezitha.
Uma sekuboshwa abaholi bethu ngoba nje nakhu bethi umhlaba awubuyiselwe kithina yizifikamthwalo lokho kuchaza ukuthi sebeyiphakile abafo. Bathi uZuma akayokwenzani enkantolo esazi kahle ukuthi icala selithengiwe. Sebesiphuze inyongo, futhi sabayeka la sesiyoba yimisubelo yabo kuze kubuye iNkosi uJesu Khrestu. Akuqhume hlamvana ukuze kuwe leliranjana labo, sifake umnotho ozovuna wonke umuntu. Ngale kwalokho sizophelela ogwadule okwama-Israyeli avukela uMose ehlane sivinjwa yidlanzana lamaNdiya nabelungu ukuwelela eZweni leseThembiso.
Uma lamafinyilana anguDonald Trump engake azame ukuyingena le nto sinamazwe avivayo kumanje ukuselekelela sixoshe lamasela eba imihlaba neminotho yabantu. Izwe laseNorth Korea kade libahalela. ICuba ithi ilindele ukuthi bagxambukele nje ikuphinde lokho eyakwenza e-Angola. Ngokunjalo neRussia imi ngomumo. Baxoshiwe eSyria, bakhiswa ngesamagundane eVenezuela, zolo lokhu i-Iran ibakhiphile e-Iraq. Ngakho-ke asiwesabi lamankengane. Lokhu abafuna ukukwenza bayokwenza sifile.
Vele kwakuyiphutha kwalona nje lelo ukuthi singene entandweni yeningi nomnotho owawukhokhela abacindezeli bethu ukuthi basihlukumeze. Ukuzama ukugudluza umnotho kaSathane owagxingxelwa kithi ngenkani ngentando yeningi bekuyiphutha elikhulu. Alenziwa njalo isela elangena emzini wakho ngenkani yexoxo lashaya amanhlakomuzi. Iselesele likhishwa ngenkani. Miningi iminotho Ndabezitha efisa ukuza neno isebenzisane nathi njengabantu, hhayi lezi zinto ezisenza izicelankobe ezweni lethu uNkulunkulu esibusise ngomnotho ongaka!
Sithi-ke Ndabezitha siyacela kuwe Hlanga lo Mhlabathi, sidedele sizibuyise manje izinkomo zawobabamkhulu emasisweni khona kuzoba mnandi ezweni. Akusona isifiso sethu ukubophela lezi zigilamkhuba esangweni lesibaya okukaGcugcwa. Kodwa uma kuphoqa zizohamba phezu kwabo lezi zinkomo abazeba kobabamkhulu njengoba lasho iLembe ligweba uGcugcwa, lathi: “Mbopheleni esangweni lesibaya ukuze zihambe phezu kwakhe lezi izinkomo abezeba.”
Ngale kwalokho kuyoze kubuye uJesu sidlala amankengane namaNdiya bengenalo nevoti, siboshelwa ukuthi nje sithe nx kubona. Angeke abantu abamnyama badlale abelungu kwelaseMelika la beyingcosana khona, baphinde futhi bazosixhapaza la lasibaningi khona kunabo!
I-Iran nayo iyaviva ukuyingena eyaseMzansi ukuze ifundise uDonald Trump isifundo ngalokho akwenze kuGeneral Saqeem Suleimani imzuma ngesikhathi bekhipha amasosha aseMelika e-Iraq. Sikhuluma nje labotsotsi bamaJuda-mbumbulu abasayuphinde bawunuke lowa oyela wase-Iraq. Nathi-ke sithi sebezintshontshe kakhulu izimbiwa zethu, abahlukane nazo manje. Nombuso kaNebukhadnezar wafinyelela esiphethweni, yimigodi enjani le engagcwali?
Bayede! Wena we Ndlovu! Ndabezitha!