23 May
23May

Sikhulekela ukuthi muntu omnyama waseMzansi ungashaywa ngenduku efanayo kuze kube kayisithupha. Noma sekuthiwa uhlakaniphe kanjani uSathane, akangakuphindi kayi-6 ngenduku eyodwa. Sicela uMoya OyiNgcwele unikhanyisele bantu abamnyama ukuthi le nto yokuvota ayisoze yanisebenzela nanini eMzansi. 

Ngoba lowo-X ofuna ukuyowuxikiza ephepheni lokuvota yisignesha yokuzifaka kwakho ejele labo eminye iminyaka emihlanu kwengu-30 yalesigwebo senhlupheko osusidonse kusukela ngo-1994. Hlika ebhasini elijekeleza ndawonye, into engasoze yakufikisa la uya khona, ukuvota. Phaphama!!!

Mhla naduba ukuvota bayonihlonipha abelungu nabadayisi ngoba niyobe seniwumhlambi kazalusile, kungasenampholofithi wamanga okuthiwa yikhansela ozonikhohlisa ngoba animkhethanga. 

USathane akaphoqi muntu ukungena esonweni ngoba akanawo lawo mandla. Yingakho nabo bengeke bakuphoqelele ukuthi uvote. Amandla kaSathane asekutheni akuluthe ukuze ungene esonweni bese uba ngaphansi kwesandla sakhe. Akubanqobanga ukufa u-Adam no-Eva eYideni kuze kuba bangena esonweni ngokuvumelana nenyoka ukuba badle isithelo okwakungafanele basidle. Leso sithelo sase-Yideni esingukufa kini bantu abamnyama namhlanje wukuvota. Mhla nonke nayeka ukuvota bayophaphama, zijike izinto, baphoqeleke ukushintsha umshovo.

Aniqondi ukuthi amandla alaboguluva bepolitiki nabanikazi babo okungongxuwa abamhlophe okunixhaphaza asekuvoteni kwenu. Yisivumelwano noSathane leso enisivuselela ngokuvota njalo emuva kweminyaka emihlanu. Yingakho behla benyuka nje bezenza oMsamariya abalungileyo kulezi zinsuku, badayisa ozankosi okumele nizibophe ngabo ukuze nibe sejele labo eminye iminyaka emihlanu futhi. Lo mkhoshosho kumele ume manje. Abeze nesu elisha lokunipxhopha ngoba phela nani anizona izilima ukuthi nizolokhu nishaywa ngenduku eyodwa iminyaka ize ibe ngu-30!!!

Asikhumbuzane: Ningakavoti ngesikhathi sobandlululo bekungadlalwa ngani kanje ngoba benilwa, ningayithathi inonsense evela komunye umuntu noma umlungu. Ngenxa yokuthi beningenalungelo lokuvota, bebeniqokela bona amakhansela azoniphatha, bawakhele amabhiznisi elokishini ukuze ahlonipheke kodwa niwafake induku noma kunjalo. 

Besingazi ukuthi kuzothiwa sisentandweni yeningi kanti sisaqokelwa yibo futhi abelungu amakhansela nabaholi ngomkhonyovu ka-IEC nokukhwabanisa kwawo amavoti. Isibonelo nje: Isikhulu esiphezulu kwa-IEC sikhuluma nje uSy Mamabolo wumholi owaziwayo wepolitiki kwi-ANC eLimpopo. Ingadlliwa kanjani-ke i-ANC okhethweni i-Electoral Commision iphethwe ngumholi wayo? 

Yingakho uCyril Ramaphosa emosha kangaka nje ezweni, yingoba unesiqiniseko sokuthi angeke nimkhiphe ngevoti ngoba u-IEC uzombuyisa kumnyama kubomvu. Yi-dictatorship leyo ezonishaya kuze kubuye iNkosi uJesu Khrestu uma nisakholelwa kulomkhonyovu wokuvota. Lokhu kuchaza ukuthi uRamaphosa unelayisense yokunixhaphaza imihla yenu yonke ngoba akasoze ehluleka okhethweni ngoba u-IEC uphethwe yiqembu lakhe. 

This is a ritual through which all Presidents of South Africa go through before they sit at the Union of South Africa buildings in Pretoria, which is the other Palace of the Queen of England in South Africa built in 1910. After inauguration, they visit the Buckingham Palace where they get dressed like this and dine with the Queen. If you look carefully at this attire, it looks like a wedding suit. Is this how they ritually get married to the Queen's empire? That shield on their heart might mean they are new sheriffs of the British empire. And you don't join Freemasonry and quit.  We are told by reliable sources that at the Queen's dining table is where they are made to swear to represent and protect the interests of the British monarch in South Africa. Applying your common sense, do you think these three men could ever be real opponents in politics, in spite of the glaring evidence here that they all work for the same coloniser. Ever heard of smoke and mirrors?

Ukube ivoti lenu liyasebenza, osopolitiki ngabe abanedeleli ngalendlela abanichwensa ngayo uma senibakhethile. Uziqhelelanisa kanjani nomuntu okuvotele iminyaka emihlanu yonke, kuthi uma sekusele inyanga eyodwa kuyiwe okhethweni umkhumbule, umnake, nogesi ungabe usamcishela, ukuze abone impela naye ukuthi izinkinga omdalela zona ezamabomu. Akungoba kunenkinga kagesi kwa-Eskom, uyamxhaphaza nje, ukuze umkhombise ukuthi ungunkulunkulu wakhe wobumba okumele amsabe. Umuntu omcindezele kumele wenze isiqiniseko ukuthi uhlala enokhwantalala, uthatha uyabeka ngomqondo ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze alale edlile ukuze angabi naso isikhathi sokucabanga isu lokukuketula embusweni. 

Yileyompilo uRamaphosa ayiphilise abantu baseMzansi selo angena ezindlini zombuso ngowezi-2018 ukuze asatshwe. Akuselula phela namhlanje ukusebenzisa amasosha namaphoyisa ukucindezela abantu njengohulumeni wobandlululo. Isu elisha-ke manje lokulawula abantu ngegqudu ukuze bakwesabe sekuwukubabulalisa ngendlala yemisebenzi ukuze bancike ezibonelelweni zikahulumeni, ukubaxina ngendlala yokudla ngokwenyusa upetrolo njalo kungenasidingo ukwenza impilo yabo ibe nzima, ukubancisha amanzi nokubacishela ugesi. 

Zonke lezi zinto esizibalile ziyimigogodla yokuphila komuntu. Ngaphandle kwazo akuphileki. Nangamhla uSathane ecela imvume yokulinga uJobe eBhayibhelini wacela ukumgadla ngendlala ngoba azi kahle ukuthi isisu asikweletwa. Umuntu olambile udayisa nangomzimba wakhe imbala.

Ngakho-ke umuntu okudalela lezi zinkinga esizibale ngenhla ngamabomu ngenhloso yokukulawula ezweni akehlukene noSathane uqobo lwakhe. Ungamvotela kanjani-ke uSathane umbhekile ngoba zonke izinhlangano zepolitiki ziyalazi iqiniso ukuthi akukaze kube nankinga kagesi e-Eskom, kodwa azimphoqelelanga uRamaphosa ukuthi ahlukane nokuhlukumeza abantu abamnyama ngokubacishela wona ngabomu. 

Ugesi ubucishwa kakhulu emalokishini nasemakhaya kunasesilungwini. Nangesikhathi edayisa iCovid nembumbiso yama-vaccine uRamaphosa, akukho noyedwa usopolitiki owaphumela obala walibeka ngembaba ukuthi yitulo longxuwa abamhlophe leliya lokuniphungula ezweni ngoba abasenawo amasu okunidalela amathuba emisebenzi. Naze natshelwa yithi nezishoshovu zeqiniso ezitholakala kuma-Social media. 

Manje nimangazwa yini uma sekuvela ubufakazi ukuthi banihlukumeza kangaka nje bakhokhelwa yibo kanye ongxuwa laba izigidi zamarandi ukuthi badlale ngani. Umsebenzi kasopolitiki munye vo; ukuqhekeza phakathi imiphakathi ezweni ukuze ingamanyani ilwe nengcindezelo yongxuwa. Yingakho bebaxhasa ngezimali ezingaka nje. Amathuluzi asetshenziswayo ukuhlakaza imiphakathi wubuhlanga, umbala wesikhumba somuntu, ubulili, amasiko kanye nenkolo.

Ukhona umthombo wezindaba oveze ukuthi umsakazi okhokhelwa kakhulu eMzansi usebenzela isiteshi esizinze eGoli okuthiwa yiMetro FM. Ibalelwa ku-R400 000 imali okuthiwa lo msakazi uyayihola ngenyanga. Kungekudala nje sizwe kuthiwa ubize owayenguMengameli wezwe uMnu Nelson Mandela ngoNelson Mayndela. Asingabazi ukuthi ubethunyiswe ukujivaza igama likaMandela ngabomu kwazise ukhokhelwa ongxuwa yonke le mali. 

Phela imali ekhokhela abasakazi eSABC ivela ezikhangisini ezifakwa ongxuwa kulenhlangano. Umsebenzi womsakazi wesiteshi esixhaswe ongxuwa, uma ungazi, ufana ncimishi nokasopolitiki; ukufadalalisa izingqondo zomphakathi, phecelezi mental hypnosis. Awusoze wamuzwa umsakazi wakhona egxeka abelungu emoyeni, namahlazo abo afana nokudlwengula awasakazwa nhlobo zintatheli zakhona. Ngokwabo ukubona wumuntu omnyama kuphela odlwengulayo ezweni. Bangasiluma kanjani isandla esibaphakelayo? Yingakho zonke izinsuku behlala bethukana nabantu abamnyama emoyeni bethi bangabadlwenguli, yingoba anibaphakeli njengabelungu. Nenja-ke ayikhonkothi nhlobo emzini engaphakelwa kuwo, iyaphuma iyokhonkothela umakhelwane oyicabisa amathambo.

Abukho ubufakazi ukuthi lezi zibalo ezikhishwa wu-IEC ekugcineni ziqondile. Kunalokho ubufakazi bokuthi u-IEC uyayipheka imiphumela yokuvota bugcwele umhlaba wonke. Iningi lezintatheli ziyakwazi lokhu, ikakhulukazi abaHleli, kodwa azifuni ukukhuluma iqiniso ngoba sezathengwa.

Seniyimiyetheyethe yabo nje namhlanje yingoba banibophe izandla ngalombandela wokuvota, yingakho bengasenesabi nje nabelungu ngoba uma nithi niyakhononda kuvele kuthiwe thula ngoba wavota. Kukhulunywa ngevoti lakho elingenamsebenzi ngoba ekugcineni abaholi abaqokwa yivoti kodwa baqokwa wu-IEC ngezibalo eziphekwa yiwo ngomyalelo ovela kubanikazi bosopolitiki, okungongxuwa, okuyibona abanqumayo ukuthi bafuna bani njengoMengameli wezwe.

Noma yimuphi umholi wepolitiki oqavile ongathi akazi lutho ngalomkhonyovu ungumkhohlisi. Uma umholi wakho engakaze akuhlebele ngale mfihlo ungamethembi nhlobo ngoba uyisigebengu sabelungu. Uma nje usakholelwa kulomkhonyovu okuthiwa wukuvota muntu omnyama khohlwa yinkululeko, uzohlupheka kuze kubuye iNkosi uJesu Khrestu.

Otsotsi abahlakaniphile-ke banele babone ukuthi umkhonyovu wabo usubanjiwe bawuyeke, basungule omusha. Kuwubuthutha-ke nakuwe obulokhu ubanjwe ngomkhonyovu ukuthi uqhubeke ugingqane nedayisi likatsotsi sewulazi kahle ukuthi liwumbombayi, alinazo nhlobo izinombolo ezingakhipha ipopo, uwine.

Onezindlebe makezwe.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING