22 May
22May

Uma usinde kwiCovid, kulinyanzwa ubuchopho bakho ngokhwantalala. Kuthiwa uKlova FM uyayikazela zindondo ezivela kubelungu ngokwenza isiqiniseko njengomthombo wokusakaza onabalaleli abaningi ukuthi abantu ezweni balahlekelwa yimiqondo ngokufafaza imfundisoze, amanga aluhlaza cwe njengeqiniso, nangokuxoxa ngezihloko ezingathi shu ezinhlelweni zomsakazo.

Uma uhlohla abalaleli bakho ngezindaba zokudlwengulana, yibhola, wukudla kuni okumnandi ezitolo, nazo zonke izindaba ezingakhi isizwe lezi, inhloso yakho yini uma kugekona ukuthunta izingqondo zabantu? Kuthiwa ziyathoswa izingqondo zabantu kulowa msakazo, uthoswa ubuchopho lobu uze uxegelwe yikhanda njengempukane, uhambe njengenkomo.

Isibonelo nje: Kubulawa abantu abamnyama ezweni sikhuluma nje ngokhwantalala lokwesweleka kwemisebenzi, ukukhushulwa njalo kwentengo yokudla ezitolo nopethrolo, yibo belu abelungu laba abavala uSABC umlomo ngemali yezikhangisi, kodwa imisakazo yakhona ayithi vu ngalemfazwe. Hhayi njalo ngoba bengazi ukuthi kunemfazwe eqhubekayo ezweni, bazi kahle, kodwa abathi vu ngoba imali yezikhangisi zongxuwa le ihamba phambili kulenhlangano kunempilo yomuntu omnyama.

Yingakho nje nifuqwa ngezindaba zokudlwengulana zonke izinsuku, yibhola, nemisangano yezingoma ezenemiyalezo engathi shu eziqanjwa abelungu, ziqanjelwa abaculi bakhona abadumile ngenhloso yokukubulala umqondo njengomuntu omnyama.

Nalezo zindaba zokudlwengula uma senza ucwaningo, sithola ukuthi iningi lazo ziphekiwe, azikaze zenzeke nhlobo, kwenzelwa nje ukuqhakambisa ukudlwengulana ezweni njengosiko okumele lwenzeke mihla le emiphakathini yabantu abamnyama nokududula imikhankaso yabo yeminyaka yokwehlisa isithunzi indoda emnyama. Ngikwazi kahle lokhu ngoba ukulwa nako okwangikhipha kwa-maistream media njengentatheli.

Labo othola ukuthi badlwengule ngempela sithola ukuthi imvamisa basuke bethengiwe yibo ongxuwa laba ukwenza le mikhuba ukuze uSABC usilibazise ngokubabaza izindaba zokudlwengula ezweni bebe besibulala buthule ngasese. UThabo Bester lo bekuwumdlwenguli okhokhelwayo. Ngokunjalo noThozamile Taki noMoses Sithole wodumo lwase-Cleveland. Bobathathu abakaze badlwengule noyedwa umlungu, babehlukumezana nabantu abamnyama qha.

Kwa-SABC kungamane kuxoxwe ngokushisa kwelanga usuku lonke emisakazweni yakhona kunokuthi kukhulunywe ngokulandwa komhlaba emaseleni njengoba ongxuwa beyibulale bayiqeda nya nje imisebenzi ngowezi-2020 becasha nge-Covid. Bese nithotshwa izinhliziyo ngezingoma zakhona eziletha ithemba elingekho kuthiwa bekezelani kuzolunga ngelinye ilanga, inhloso yalemfazwe kwaziwa kahle ukuthi ingukuphungula izibalo zabantu abamnyama ezweni.

Sizwa kuthiwa namanje bayazibuza ongxuwa ukuthi aniphunguki ngani ezweni ngalendlela abafisa ngayo njengabantu abamnyama njengoba bebavale bonke nje ompompi bokuziphilisa kwenu kusukela ngowezi-2020.

Nidayiswa nayilaba abacela ivoti kini ngoba laba abasemazingeni aphezulu kwipolitiki balazi kahle iqiniso kodwa abanihlebeli. Ukuncishwa kwenu amanzi nokucishwa kukagesi yi-Agenda 2021 leyo. Into eyahlelwa kudalo ngawo-2005, njengoba kuliwa ngayo eMzansi namhlanje. Bonke laba abake baba oMengameli bezwe phambilini bayazi kahle le mfihlo kodwa abanitsheli iqiniso ngoba bayingxenye yaleli tulo lokuphungulwa kwezibalo zenu.

Lokhu esiqale ukukhuluma ngakho, ukukhuphuka kwentengo yokudla nopethrolo yi-Agenda 2030. Lezi zithutha ezinidayisayo zijabulela ukuthi ziyofa ekugcineni kwazise uma sebeqedile ngani i-Agenda 2030 izozibulala nazo. 

Kuzona le-Agenda, ngoba abelungu sebazifunda kahle ukuthi zixhopheka kalula kunamakhosi, idayiswe njengento ihloso yayo okungukuphungula izibalo zenu njengabantu abampofu ezweni ukuze ongxuwa nohulumeni bavike ihlazo lokwehluleka kwe-Industrilisation ukwakha amathuba emisebenzi. Kodwa inhloso yale-Agenda yangempela ukuqeda nya ngawo wonke umuntu omnyama ezweni.

I BUILT MY SITE FOR FREE USING