•  2024/03/27 19:22

NGALE-PODCAST KANGIZWE MCHUNU: Sisakhumbula ingqalabutho yomsakazi woKhozi FM osanda kusishiya emhlabeni uBheka Mchunu. Kuningi nathi okusivelele kusukela ngezi-15 kwephezulu, esikholelwa ukuthi inhloso yako, kokunye, bekuwuvimba ukuthi singaphawuli kakhulu ngodaba lokuhamba kukaBeekay emhlabeni. Nizokhumbula ukuthi siphawule kakhulu ngokuhamba kwenkakha yowayengumsakazi kuMhlobo weNene uKCI August ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Sibabaza ukubhuqabhuqeka kwabasakazi abanohlonze kwa-SABC. Kukhona elabababela iqiniso esalikhuluma ngokwesweleka kukaKCI. Kulelizwe kumele kuthulwe nje noma siyibona impi yomshoshaphansi icanda abantu besilisa abamnyama buthule ezweni ngokhwantalala lwezomnotho, ukuxoshwa njalo emisebenzini ngezindlela ezimnyama nalobubhudubhudu bokufaka abesifazane abamnyama ezikhundleni zamadoda ngenhloso yokuqhatha. Siyaphinda fuhi siyasho, kuwubulungiswa ukuthi umuntu aqashwe emsebenzini ngenxa yamava akhe, kodwa kuwukuqhatha abantu ngokobulili ukufaka umutnu emsebenzini ngoba ngokobulili. Yiko lokhu okuyimbangeka yokubulawa kwabantu besifazane kangaka amadoda ezweni ngoba kukhona esebebabona njengamasela antshintsha umsebenzi wendoda emnyama. Sakubalula phambilini ukuthi wumuntu wesifazane lo owasetshenziswa ukuhlukumeza uKCI August kuMhlobo weNene waze wahamba. Laphaya kuMhlobo weNene uyaziwa lo muntu wesifazane. Wavuma ukusetshenziswa njengebhawodi lokukhomba uKCI indlela, into uNgizwe athi akavumanga ukuthi ayenziswe ziphathimandla ngoTshatha. Namanje laphaya oKhozini FM kuhleli isingqongqo sabantu besifazane kwezokuphatha, abanye abangakaze basebenze njengabasakazi empilweni yabo phambilini. Ungaqeqesha kanjani ebholweni ungakaze walikhahlela ibhola? Uma kufanele baphathe abesifazane asali, abahlale ezikhundleni zabo kwaSABC. Kodwa ohleli ekuphatheni ngenxa yalokuhlelo lokhuqhatha abantu abanyamba okuthiwa yi-Women Empowerment, yiphutha lelo. OKhozini selehle kakhulu izinga nesasasa lalomsakazo selo kwaqwashwa abaphathi ngohlelo lweWomen Empowerment. Okushiwo wuNgizwe ngabaphathi beSABC kulePodcast kuyashaqisa ngoba siye sithi uma sigxeka uSABC ngokwakha kuthiwe siqhutshwa amazondo, kodwa namhlanje nangu uNgizwe uyasifakazeka ukuthi uphushwa kanjani umshikashika wokuxoshisa abasebenzi kwaSABC abaphathi bakhona abaqhatha abasakazi okwamabhunu ngesikhathi sobandlululo efemini ayethi abasebenzi abamnyama abagadane bodwa ngokobuhlanga: "Ngoba nina Mathize-thize awanifuni aMathize-thize la efemini." La bathakathi abaqotha abantu ezweni ngendlala basizondela ukuthi sinethoshi esikwazi ukubabona ngalo ebumnyameni uma bendiza ngemishanelo. Ayikho into ebuhlungu njengokubona umuntu omnyama edicilela phansi umuntu omnyama. Kuyanyanyisa ngoba kusihlekanisa nezizwe. Noma engezwani kanjani umlungu nomlungu wakubo, ngisho amaNdiya imbala, awusoze ubabone bekuvezela umuntu omnyama lokho. Kodwa ngaso sonke isikhathi la kuxatshanwa khona kukhalwa ngomuntu omnyama ohlukumeza umuntu wakubo. Enagbe kwakhala nyonini kulesizukulwane sikaJakobe? Noma selilambe kanjani ibhubesi, awusoze walibona lidla ibhubesi lakubo. Ngisho inja imbala le ekhonkothayo, iwudla wonke udoti lo ewuthola esigangeni, kodwa awusoze uhlangane nayo idla ithambo lenja yakubo. Umuntu omnyama kuphela, kuzo zonke izidalwa ezikhona emhlabeni kaYah onesibindi nongenamahloni okuhlafuna umuntu wakubo. Yingakho namanje sibukeleka phansi ukwedlula zonke izidalwa ezihamba ngezinyawo ezimbili emhlabeni ngoba kulula ukusiqhatha sodwa. Namanje kubukwa thina njengoba kuyiwa okhethweni nje. La ezinkundleni zokuxhumana kuniphuzana thina kakhulu kunezinye izizwe. Zonke ezinye iziwe eMzansi zizovotela iqembu elilodwa kakhulu, kodwa angaphezulu kwamashumi amabili amaqembu sikhuluma nje asememfuke njengoqhibukhowe ukuze ahlakaze ivoti lomuntu omnyama. Nathi sikhuluma nje sivikana nomuntu omnyama ongazi ukuthi usifunani ngoba asimtshotshelanga mhlaba wakhe nazinkomo. Wesaba izizwe ezimhlukumezayo uhubhana nomuntu ohlupheka njengaye. Ukugula ngekhanda lokhu. Kwakusidalwa sini nlesi esidla sisdalwa esifana naso kuphela. Yingulube kuphela opkuthiwa kuthi uma nisilambe ngempela idle abantabayo, kodwa nanamhlanje asinabo ubufakazi balesi sisaga. Ubufakazi esinabo kunamanje ukuthi wumuntu omnyama kuphela emhlabeni ongenamahloni okuhubhana nomntu wakubo. Mhlawumbe sikhona isifundo muntu omnyama ongasicoshacosha kulePodcast kaNgizwe, uzizwele ukuthi uma ungu-darkie okhaliphile usetshenziswa kanjani umuntu wakini omnyama ukuthi akudicilele phansi. Nabu ubufakazi... Buya Khrestu uzolanda ibandla lakho ubhubhise zonke izingane zikaSathane lezi esezithe chithi saka umhlaba wonke. Inani lenzalo kaJehovah emhlabeni limi ku-1, 08 billion yabantu. Lokhu kuchanza ukuthi kulo-7 billion okuthiwa yinani lesibalo sabantu abakhona emhlabeni, u-5, 92 billion wonke ngowesende likaSathane. Kuningi nje kuyaphithizela emhlabeni. 72. 08MB

Read More
I BUILT MY SITE FOR FREE USING